Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 5/15 kk. 15-20
  • Ukulalela UJehova Njengoba Ukuphela Kusondela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulalela UJehova Njengoba Ukuphela Kusondela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Esenza Imizamo Yomuntu Ingaphumeleli
  • Isidingo Esikhulu Sokulalela Manje
  • Lapho Bememezela “Ukuthula Nokulondeka!”
  • Sinethemba Lokusinda
  • ‘Ukugijimela’ KuJehova
  • “Ukuthula KukaNkulunkulu” Makulondoloze Inhliziyo Yakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukuthula Okuvela KuNkulunkulu—Nini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • “Ukuthula Nokulondeka!”—Khona “Ukubhujiswa Kuyabazuma”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ukuthula Kweqiniso—Kuvela Kumuphi Umthombo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 5/15 kk. 15-20

Ukulalela UJehova Njengoba Ukuphela Kusondela

“Ubusisiwe umuntu ongizwayo . . . Ngokuba ongifumanayo ufumana ukuphila.”—IZAGA 8:34, 35.

1, 2. (a) Naphezu kokuntuleka kokuthula kuwo wonke umlando womuntu, yini abanye abayishoyo manje? (b) Kungani ukuthula kweqiniso ngemizamo yabantu kungenzeka?

NAPHEZU kokuntuleka kokuthula kuwo wonke umlando, ikakhulukazi kulelikhulu lama-20 leminyaka, abanye bathi izizwe zithatha izinyathelo zokuxazulula izinkinga zazo. Bakhomba iqiniso lokuthi abaholi bomhlaba benza imihlangano emikhulu ukuze baxoxe ngokuthula futhi basayine izivumelwano ezihlukahlukene. Phela, iZizwe Ezihlangene zaze zamemezela ngisho nokuthi unyaka odlule “Unyaka Wokuthula Wezizwe Zonke”! Kwakucatshangwa ukuthi wawuzoba nokuqaliswa komzamo owengeziwe wezizwe wokukhuthaza ukuthula, mhlawumbe kube nempumelelo esikhathini esiseduze esizayo.

2 Nokho, kuwo wonke umlando, ingabe imizamo efanayo iye yakuletha ukuthula okuhlala njalo? Ukuba lokho bekungenzeka ngemizamo yabantu, ngabe kade kwaba nokuthula—esikhathini eside ngaphambi kokuba kube nabantu abayizigidi eziyinkulungwane eziyisihlanu abahlukaniswe baba izizwe ezingaphezu kwe-160, ezinezinhlobo ezingenakubalwa zamafilosofi ezombangazwe, ezomnotho, nawezenkolo. Kodwa akuzange kube nokuthula; futhi ukuthula akusoze kwavela emizamweni yabaholi balomhlaba. Ngani? Phakathi kokunye, ngoba izinkinga zesintu manje sezidlondlobele kangangokuthi azinakuxazululwa ngemizamo yabantu kuphela. Njengoba uJeremiya 10:23 esho ngokuyiqiniso: “Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.”

Isizathu Esenza Imizamo Yomuntu Ingaphumeleli

3. Kungasiphi esinye isizathu abantu nezizwe beI!genakukuletha ukuthula kweqiniso?

3 Kunesinye isizathu sokuthi kungani imizamo yabantu nezizwe ingenakukuletha ukuthula kweqiniso. IBhayibheli libhekisela kuso kweyoku-1 Johane 5:19, NW, lithi: “Izwe lonke lisemandleni omubi.” IsAmbulo 12:9 sibonisa lowo “omubi” ngokuthi “uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke.” EyabaseKorinte besiBili 4:4 imbiza ngokuthi “unkulunkulu walelizwe. ” Ngakho, sonke isimiso samanje sokubusa okungokwezombangazwe, okungokwezomnotho, nokungokwenkolo okuye kwakhiqiza ubudlova obungaka siwumkhiqizo wokubusa kukaSathane, hhayi ukubusa kukaNkulunkulu. Kungakho, lapho ikhuluma ngokuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, eyoku-1 Korinte 2:8, NW ithi: “Lokhu kuhlakanipha akukho namunye wababusi balesimiso sezinto okwaziyo.”—Luka 4:5, 6.

4. Waba yini umphumela ngemva kokuba abazali bethu bokuqala beyekile ukulalela uJehova?

4 Lapho uSathane ehlubuka kuNkulunkulu, wayengela abazali bethu bokuqala ekulaleleni yena kunokulalela uNkulunkulu. Ngenxa yalokho, abamlalelanga uNkulunkulu futhi baletha emkhayeni wesintu cishe iminyaka eyizi-6 000 yosizi. IBhayibheli lisitshela ngokucacile ukuthi uSathane wayengela abantu ekukholelweni ukuthi babengaphumelela ngokungamlaleli uMdali wabo. (Genesise 3:1-5) Ngokuhlakanipha kwakhe, uJehova uye wavumela izwe lesintu ukuba liqhubeke lizenzela, ngaphandle kokuqondisa kwakhe, kuze kube yilesikhathi samanje. Futhi ngokuqinisekile, kuwo wonke lamakhulu eminyaka, kuye kwaboniswa ngokusobala ngokwanele ukuthi ukubusa komuntu kwehlulekile.—Duteronomi 32:5; UmShumayeli 8:9.

5. Ngisho noma ukuthula bekungalethwa ngemizamo yabantu, yini ebesayolokhu ikhona?

5 Ngaphezu kwalokho, lapho uAdamu noEva beyeka ukulalela uJehova, uMthombo wokuphila okuphelele, baba abangaphelele futhi ekugcineni bafa. Ngakho, yonke inzalo yabo yazalwa ingaphelele. Ukugula, ukuguga, nokufa kwabusa isintu. (Roma 5:12) Ngakho-ke, ngisho noma abantu bebengaphumelela ekuletheni ukuthula, bebesayolokhu bengeke bakwelaphe ukungapheleli okwazuzwa njengefa. Besisazoqhubeka sigula, siguga, futhi sifa. Njengoba kunguSathane owabangela lokhu, uJesu wathi ngaye: “Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni.” (Johane 8:44) Ngempela, lapho ucabanga ngezigidi zezinkulungwane eziye zaphila futhi zafa esikhathini esidlule, kunjengokungathi uSathane wababulala bonke.

6. Obani abangabachithi bokuthula, futhi yini okumelwe yenzeke kubo?

6 USathane wayengela futhi ezinye izidalwa zomoya ukuba zihlanganyele naye ekuhlubukeni, futhi zonke lezidalwa ezimbi zenqaba ukulalela lapho uJehova ekhuluma. Ngakho uSathane, amademoni akhe, nabantu abahlubukayo abalethe lomhlaba esimweni sawo samanje. Bonke kumelwe basuswe, kuqedwe lokhu okuhlangenwe nakho okuwusizi kweminyaka eyizi-6 000 kwenkululeko ekubusweni uNkulunkulu. AbaseRoma 16:20 bayaqinisekisa: “UNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane,” kanye namademoni akhe nabo bonke abantu abenqaba ukulalela lapho uNkulunkulu ekhuluma.—Mathewu 25:41.

Isidingo Esikhulu Sokulalela Manje

7. Kungani kumelwe siyandise manje imizamo yethu yokukhonza uJehova?

7 Manje se singene shí engxenyeni yokugcina yalezi ‘zinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Ngenxa yalokho, kunesidingo esikhulu kunanini sokulalela lokho uJehova asitshela khona. Kunesidingo esifanayo futhi sokwandisa ukuzimisela kwethu ukuzidela ukuze simkhonze. Kungani kumelwe sandise imizamo yethu? Ngoba uSathane uyazi ukuthi umane “unesikhathi esifushane” esisele. (IsAmbulo 12:12) Ngakho ngokuqinisekile uzokwandisa imizamo yakhe yokonakalisa nokucekela phansi.

8. (a) Kungani umsebenzi wokushumayela ungenakumiswa yizitha zawo? (b) Yini okumelwe siyenze ukuze silondoloze ukusekela kwaphezulu?

8 USathane uyothanda kakhulukazi ukuvimbela oFakazi BakaJehova ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso. Kodwa ngeke, ngoba uJehova ubathembisile: “Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela.” (Isaya 54:17) Labo abaphikisa izinceku zakhe ‘bayakufunyanwa bengabalwa noNkulunkulu.’ (IzEnzo 5:38, 39) Ngakho, ngokusekela okunamandla komoya kaJehova, uKristu Jesu, namabutho amaningi ayizingelosi, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso ukhula ngamandla unyaka ngamunye. Ukuze zilondoloze lokho kusekela kwaphezulu, izinceku zikaJehova ziyaqikelela ukulalela iseluleko esikuJakobe 4:7, 8: “Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela; sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina.”

9. Kungani kungamelwe simedelele uSathane?

9 Ungawadeleli amandla kaSathane okudukisa nokulimaza. IZwi likaNkulunkulu liyaxwayisa: “Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya; melanani naye niqinile ekukholweni.” (1 Petru 5:8, 9) Uma wazi ukuthi ibhubesi elinolaka ligqashulile endaweni eseduze, ubungathatha izixwayisa zokuzivikela wena nomkhaya wakho. Lapho kunguSathane ohilelekile, kumelwe siqaphe ngisho nangokwengeziwe, njengoba engasilimaza phakade. Ngokudabukisayo, abantu abaningi abanasivikelo ngoba abazi ngisho nokuthi uSathane ukhona. Kungani? Ngoba bakhetha ukungalilaleli iZwi likaJehova. Futhi lokho kukhetha okubi kuyozalani? “Lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.”—Galathiya 6:7.

Lapho Bememezela “Ukuthula Nokulondeka!”

10, 11. (a) Yini okumelwe siyikhumbule ngokumayelana nanoma iyiphi impumelelo izizwe ezingaba nayo ekuletheni ukuthula? (b) Yisiphi isiprofetho seBhayibheli esiphathelene nokufuna kwezizwe ukuthula esikhathini sethu? (e) Lokho kuthula kuyohlala isikhathi eside kangakanani?

10 Ungaphanjwa yimpumelelo izizwe ezingase zibe nayo ekuletheni ukuthula. Ngaso sonke isikhathi khumbula ukuthi awekho amanxusa alomhlaba uJehova awasebenzisela leyonjongo. UJehova unendlela yakhe yokuletha ukuthula kweqiniso, futhi leyo ingoMbuso wakhe kuphela ngaphansi kukaKristu. Ngakho noma iyiphi impumelelo izizwe ezingase zibe nayo ekumiseni ukuthula, iyobe ingeyesikhashana futhi iwulaza nje. Akukho lutho oluyobe lushintshe ngempela. Ubugebengu, ubudlova, impi, indlala, ubumpofu, ukwahlukana kwemikhaya, ukuziphatha okubi, ukugula, ukufa, noSathane namademoni akhe kuyobe kusekhona kuze kube yilapho uJehova ekususa konke. “Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo.”—IHubo 127:1.

11 Isiprofetho seBhayibheli siyabonisa ukuthi izizwe ziyozama ngobunye ukuthola ukuthula esikhathini sethu. Lithi: “Nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. Nxa bethi: Ngukuthula nokuhlala kahle [“nokulondeka,” NW] khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.” (1 Thesalonika 5:2, 3) Leso simemezelo esithi “ukuthula nokulondeka!” siyobe singachazi ukuthi lomhlaba awusonakele. UThimothewu wesiBili 3:13 uthi “abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.” Iqiniso liyoba lisenjengoba umongameli wezindaba zomphakathi asho: “Inkinga eyinhloko umphakathi obhekene nayo iwukuthi awusalawuleki.”

12. Yini izinceku zikaJehova eziyaziyo ngencazelo yangempela yesimemezelo esizayo ‘sokuthula nokulondeka’?

12 Abaningi emhlabeni bayokhohliswa amathemba ayize phakathi nesimemezelo esizayo esithi “Ukuthula nokulondeka!” Kodwa izinceku zikaJehova ngeke, ngoba ziyalalela lapho uNkulunkulu ekhuluma. Ngakho zazi ngokusuka eZwini lakhe ukuthi isimemezelo esinjalo ngeke sikulethe ukuthula kweqiniso nokulondeka. Kunalokho, eqinisweni siyoba uphawu lokugcina lokuthi “ukubhujiswa kuyabazuma.” Siyomemezela ukuqala okuseduze ‘kosizi olukhulu’ uJesu alubikezelela isikhathi sethu. Wathi: “Ngokuba lapho kuyakuba-khona usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikubakhona.”—Mathewu 24:21.

13. IBhayibheli likuchaza kanjani ukuphela kokubusa komuntu?

13 Phakathi “nosizi olukhulu,” ukubusa komuntu kuyopheliswa. IHubo 2:2-6 lithi: “Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi: Masigqabule izibopho zabo, silahle izintambo zabo, zisuke kithina. Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela. Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo, ibethuse ngolaka lwayo, ithi: “Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni [lasezulwini], intaba yami engcwele.” IHubo 110:5, 6 liyanezela: “INkosi [uJehova] . . . iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo. Iyakwahlulela phakathi kwabezizwe.” Wonke amacebo ezombangazwe ayophela, ngoba uIsaya 8:9, 10 uthi: “Zibhinceni, kepha niyakudangala, yebo, zibhinceni, niyakuphela amandla nokho. Lulekanani nokululekana, kepha kuyakuchithwa; khulumani izwi, kodwa aliyikuma, ngokuba uNkulunkulu unathi.”

Sinethemba Lokusinda

14. Kungani sinethemba lokuthi kuyoba nabasindayo ekupheleni kwalelizwe?

14 Sinethemba lokuthi uJehova uyogcina abantu bakhe benokwaziswa ukuze bakwazi ukuthatha izinyathelo ezifanelekile zokusinda “osizini olukhulu” oluzayo. Singaqiniseka kanjani? Ngoba isiprofetho esikusAmbulo 7:9, 14 sibonisa ukuthi ngempela “isixuku esikhulu” siyasinda. Ngani? Ngenxa yokulalela lapho uJehova ekhuluma futhi sifundiswa ngokufanelekile. Ngalendlela labo besixuku esikhulu bayakwazi ukwenza lokho isAmbulo 7:15 esikushoyo: “Bemkhonza imini nobusuku.” Ngakho senza intando kaNkulunkulu, sithola ukuvunyelwa nguye, futhi siyavikelwa ukuze sisinde ekupheleni kwalelizwe.—1 Johane 2:15-17.

15. UJoweli ukuchaza kanjani ukuqedwa kwalesimiso, futhi uyoba yini umphumela ezincekwini zikaNkulunkulu?

15 UJoweli 3:13-16 ubhekisela futhi ekusindeni kwezinceku zikaNkulunkulu lapho lesimiso siqedwa njengamahlukuzo omvini esikhamweni sewayini. Uthi: “Fakani isikela, ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe; . . . nezikhongozelo ziyachichima, ngokuba ububi babo bukhulu. Yizixuku ngezixuku esigodini sokwahlulela, ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela. Ilanga nenyanga kuba-mnyama, izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo. UJehova uyaduma eseSiyoni [lasezulwini] . . . izulu nomhlaba kuyazamazama, kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe.”

16. Yiziphi ezinye iziprofetho ezibonisa ukuthi uJehova uyolondoloza abantu bakhe ekubhujisweni kwezwe?

16 Ngokufanayo, kuIsaya 26:20, 21, uJehova uthi ngalesosikhathi esizayo: “Wozani, bantu bami, ningene emakamelweni enu, nizivalele iminyango, nicashe ngokuphazima kweso, kuze kudlule ulaka. Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni.” Ngakho-ke, uZefaniya 2:2,3 uyakhuthaza: “Lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova. Funani uJehova nina nonke-bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.”

‘Ukugijimela’ KuJehova

17. (a) Yini okumelwe yenziwe ukuze kutholakale isivikelo sikaJehova? (b) Yini abantu bezwe langaphambi kukaZamcolo ababeyenza eyayingalungile?

17 IzAga 18:10 zithi: “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.” Ingabe “ugijimela” kuJehova? Khumbula lokho uJesu akusho ngabantu bosuku lukaNowa. “Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke.” (Mathewu 24:38, 39) Okwakungalungile ngabo kwakuwukuba matasa ngokunye ngaphandle kokulalela uNkulunkulu lapho ekhuluma ngenceku yakhe uNowa, “umshumayeli wokulunga.” (2 Petru 2:5) Ngenxa yokuthi abazange balalele, lapho uZamcolo ufika “wabakhukhulela bonke” baya ekubhujisweni.

18. Kungani ukuba kwabo abantu “abakahle” nje kuphela kungabasindisanga labo ababhujiswa kuZamcolo?

18 Akungabazeki ukuthi abaningi balabo abafa ngoZamcolo babezibheka njengabantu “abakahle, ” bengahilelekile ebudloveni obabugcwele emphakathini wangalezozinsuku. Kodwa ukuba “abakahle” nje akuzange kubasindise. Ngokungabi nandaba kwabo bathalalisa ububi bosuku lwabo. Into emqoka ukuthi abazange ‘bagijimele’ kuJehova; abazange balalele lapho inceku kaNkulunkulu ikhuluma. Ngakho abazange bathathe izinyathelo ezifanelekile ukuze basinde. Ngakolunye uhlangothi, labo abalalela basinda.

19. Iyiphi inzuzo emangalisayo izinceku zikaJehova eziyivunayo ngisho kwamanje, futhi ngani?

19 Namuhla uNkulunkulu umemezela ukuthula kulabo abamlalelayo. Kuba namuphi umphumela kubo? UIsaya 54:13 uthi: “Bonke abantwana bakho bayakuba-ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba-kukhulu.” Yebo, “uJehova uzakubusisa abantu bakhe ngokuthula.” (IHubo 29:11) Ngakho, phakathi kwalomhlaba onobudlova, oFakazi BakaJehova banokuthula kweqiniso, okungenakwehlukana phakathi kwabo. Banobuzalwane bothando bezizwe zonke ababusi bomhlaba, izizwe zabo, nezinkolo zabo abangenakubulingisa. Ngani? Ngoba laba eqinisweni abalaleli lapho uNkulunkulu ekhuluma. Ngakho abenzi ngokuvumelana nalokho akushoyo. Kodwa oFakazi BakaJehova bayamlalela uNkulunkulu. Bawathatha ngokungathi sína amazwi akumShumayeli 12:13: “Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.”

20. Yini wonke umuntu okumelwe ayenze ukuze asindele ezweni elisha likaNkulunkulu?

20 Lokho yilokho bonke abantu—yebo, bonke abafuna ukuphila ezweni elisha likaNkulunkulu—okumelwe bakwenze. Kumelwe ‘bagijimele’ kuJehova ngaphandle kokulibala. Ngempela, kumelwe baqondiswe ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu okwenziwe samuntu njengokuthi: “Ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami. Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi. Ubusisiwe umuntu ongizwayo . . . Ngokuba ongifumanayo ufumana ukuphila.”—IzAga 8:32-35.

Ubungaphendula Kanjani?

◻ Kungani imizamo yomuntu ingeke iphumelele ekuletheni ukuthula?

◻ Kungani manje kunesidingo esikhulu sokulalela uJehova?

◻ Siyosho ukuthini ngempela isimemezelo esizayo esithi “ukuthula nokulondeka!”?

◻ Yini okumelwe siyenze uma sifuna ukusindela esimisweni esisha sikaNkulunkulu?

[Isithombe ekhasini 17]

Njengebhubesi elibhodlayo, uSathane wandisa imizamo yakhe yokonakalisa nokucekela phansi

[Isithombe ekhasini 18]

Lapho lesimiso sinyathelwa njengamahlukuzo esikhamweni somvini, ‘uJehova uyoba isiphephelo sabantu bakhe’

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela