Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 11/15 kk. 22-25
  • Abantu Abakhubazekile Abangabashumayeli Abanekhono

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abantu Abakhubazekile Abangabashumayeli Abanekhono
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okhubazeke Kwesingezansi Onokuphila Okujabulisayo
  • Ufuna Indlebe Ezwayo
  • Izelamani Ezintathu Ezinengxenye
  • Bakhubazekile Kodwa Bazimisele
  • Izibusiso Zenkonzo Yobuphayona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • UJehova Uyayisekela Impi Yakhe Yezikhonzi Zesikhathi Esigcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Amaphayona Ayapha Futhi Athola Izibusiso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 11/15 kk. 22-25

Abantu Abakhubazekile Abangabashumayeli Abanekhono

INSIZWA enhle ehamba ngezinduku ikhubazekile kwesingezansi. Lona wesifazane onamehlo ajabulayo uyisithulu nesimungulu. Izinsizwa ezintathu ezimamathekayo ziyizisulu zesifo semisipha. Yini efanayo abanayo? Ingabe ukukhubazeka kwabo? Mhlawumbe. Amakhono abo? Ngempela! Bonke bangabashumayeli abanekhono—izikhonzi zesikhathi esigcwele ezingamaphayona.

Labantu bathi zintathu izinto abazibongayo ngokuphumelela kwabo njengezikhonzi ezingamaphayona: (1) isiqondiso esihle esivela kuJehova uNkulunkulu ngenhlangano yakhe enothando; (2) usizo olungantengantengi oluvela emikhayeni yabo nasemalungwini ebandla lobuKristu; kanye (3) nesifiso esisuka enhliziyweni sokwandisa amalungelo abo enkonzo. Ake sibone ukuthi kungani futhi kukanjani labantu abakhubazekile bebonakala bengabashumayeli abanekhono.

Okhubazeke Kwesingezansi Onokuphila Okujabulisayo

Ngisho noma engayisebenzisi imilenze yakhe, uMasashi Tokitsu oneminyaka engama-35 useneminyaka eyisihlanu eyiphayona elivamile. Wakhula enezifiso zokuba uthisha wezokuzivivinya umzimba. Kodwa lezozifiso zaphela lapho eneminyaka eyi-15 ngokuwa ensimbini evundle kabili. Lapho ethola lokho okuhlangenwe nakho okudabukisayo, waba nomuzwa wokuthi izibani zokuphila kwakhe zase zicishile. Kodwa zaqala ukukhanya njengoba ayetadisha iBhayibheli. Kodwa, manje zase ziyizibani zeqiniso. (Qhathanisa noJohane 1:5.) Phakathi nezinyanga eziyishumi, uMasashi wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Lalela njengoba esitshela ukuthi kungani futhi kukanjani aba yiphayona.

“Cishe kusukela ekuqaleni, ngaba nomuzwa wokuthi injongo yokutadisha kwami iBhayibheli kwakuwukushumayela kwabanye. Ngakho ngasebenzisa ithuba lokuxoxa nanoma ubani owayefika ekhaya. Kimi, amaphayona ayengabantu ababefiseleka kakhulu kunabo bonke. Yeka indlela engangilangazelela ngayo ukuphuma ngishumayele kubantu nsuku zonke! Abakhubazeke kwesingezansi baba nezilonda ezibangelwa ukulala kakhulu, futhi nganginesibi kakhulu enqulwini esasikhipha ubovu, okusamanzi, negazi. Ukushintsha nje izingubo izikhathi eziningi ngosuku kwakudla isikhathi esiningi! Njengoba ngangicabanga ukuthi ngangingenakuba yiphayona kulesimiso sezinto, kwathi mangikhale izinyembezi lapho ngifunda ezincwadini zeWatch Tower amazwi omusa, afudumele ayeqondiswe kulabo abangenakukwazi ukuphayona.

“Ngenxa yezilonda kuzo zombili izinqulu, ngaba nomkhuhlane othatha kancane. Ngokumangalisayo, lesimo sasiba ngcono lapho ngiya emihlanganweni yobuKristu. Khona-ke ngihambisana nokusikisela kokuqonda komzalwane ongudokotela, lezilonda zahlinzwa. Ukuhlinzwa kwesibili kwakuyimpumelelo ngokuphelele, kangangokuthi ngemva kwezinyanga eziyisihlanu zokwelulama, ngaqala ukukhonza njengephayona elisizayo. Nokho, ngalesosikhathi ngacabanga ukuthi lalinakekela ngokufanele umthwalo wami wemfanelo njengomdala webandla, kwakuyongenza ngingakwazi ukuba yiphayona elivamile. Kwakusanda kumiswa ibandla, futhi kwakuyimi kuphela engingumdala.

“Ngesikhathi esifanayo, nganginesithakazelo sokushada nodade othile, kodwa yena wayengenaso. Ngidabuke kakhulu, ngacabanga ukuthi lomphumela kumelwe kube yintando kaJehova, futhi sasingekho isikhathi sokuvumela imizwelo lapho kwakunokuningi kangaka kokukunakekela ebandleni. Ngaba nomuzwa wokuthi ikhambi elingcono kakhulu ngami kwakuwukuba ngihileleke ngisho nangokwengeziwe emsebenzini ongokwasezulwini. Ezinyangeni ezimbili kamuva, ngabhalisa njengephayona elivamile. Ukuze umuntu okhubazeke kwesingezansi aphayone, ushintsho ebuntwini lubaluleke kakhulu kunolungokomzimba. Udinga usizo olukhulu kakhulu oluvela kwabanye ukuze ufeze lokho ofuna ukukwenza, ngakho kumelwe nakanjani ufunde indlela enhle yokuthola lokho kubambisana. Njengoba ngikwazi ukushayela imoto enkonzweni yasensimini, lapho kunokwenzeka ngima eduze nendlela engena emakhaya. Ngaso sonke isikhathi ngisebenza nomunye ummemezeli woMbuso ohlala esihlalweni esiseduze nesami. Umsizi wami uphatha isikhwama sami futhi akhumbule lokho engikudinga kuso, nokuthi ngikudinga kulandelana kanjani.

“Njengoba sihamba emigwaqweni emincane, ngezinye izikhathi ngimane ngime esangweni futhi ngimemeze ngezwi elikhulu ukuze ngenze umninikhaya anginake. Uma kunezitebhisi, umsizi wami uya emnyango ayobonisa umninikhaya iBhayibheli lapho ngikhuluma ngezansi. Uma kulowomgwaqo kunezindlu ezifinyeleleka kalula, noma kunabahlala ngaphansi esakhiweni esinezindlu eziningi, abangane bami bazishiyela mina lezo. Emsebenzini kamagazini, ngenza umthwalo womsizi wami ube lula ngokuphatha isikhwama esinomagazini nezincwajana kuphela.

“Njengombonisi wenkonzo, ngithanda ukuba khona ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya. Ngakho siba nezifundo ekhaya lommemezeli woMbuso elifinyeleleka kalula, noma beza kwelami. Ngakho ungabona ukuthi ngidinga usizo lwabazalwane. Akukhona nje kuphela ukuthi kubalulekile ukuba abangane bami bayayiqonda indlela yokungisiza kodwa futhi nokuthi ngiyayazi indlela yokwamukela usizo lwabo ngokwazisa.

“Lapho ngiqala ukuphayona okokuqala, ngafakaza kakhulu ngokubhala izincwadi. Njengoba manje sengingafaka izinsimbi emilenzeni lonke usuku ngaphandle kwemiphumela yokugula, cishe konke ukushumayela kwami ngikwenza namanye amaphayona nabamemezeli. Enye yezinzuzo zosuku olugcwele enkonzweni engizithola ngokushesha, ubuthongo obumnandi ubusuku bonke. Ukusebenzisa iBhayibheli usuku ngalunye kujulisa ukholo lwami siqu lokuthi ngineqiniso. Ukuba nengxenye ngokuqondile ekuphileni kwansuku zonke nokubona indlela abantu abadinga ngayo iqiniso kujulisa uthando lwami ngabo. Ukusebenza kwami njalo nomunye kunginikeza futhi amathuba omsebenzi wokwalusa futhi kungisiza ukuba ngiwazi kangcono umhlambi.

“Yebo, ngilangazelela isimiso esisha sezinto nenkonzo eya kuJehova nginomzimba onempilo. Kodwa akudingekile ukulinda kuze kube yilesosikhathi. Ukumkhonza manje, nginemingcele noma ngingenayo, kuyithuba elihle kakhulu labasha nabadala ngokufanayo.”

Ufuna Indlebe Ezwayo

“Iminyaka yami yokukhula yayigcwele ukukhala,” kusho uKatsuko Yamamoto. Ngemva komkhuhlane onamandla owawuhlangene nesimungumungwane, uKatsuko waba yisithulu eneminyaka emibili. Ukhumbula usizi lokuya esikoleni nolokubekezelela ukuphathwa kabuhlungu ngabanye abantwana. Ejabula ngokuba yiphayona kusukela ngo-1981, uKatsuko usitshela indlela akwenza ngayo.

“Ngoba angikwazi ukukhuluma, enkonzweni yasensimini ngisebenzisa lokho engikubhale phansi futhi ngikubonise umninikhaya. Ngokuvamile ngicela udade ozwayo ukuba akubheke ukuze ngiqiniseke ukuthi kuyaqondakala. Ngezinye izikhathi ngizenzela mina impindelo okokuqala bese ngicela udade ozwayo ukuba ahambe nami ekuhambeleni kwesibili. Ngiye ngakwazi ukuqalisa izifundo zeBhayibheli ngaleyondlela. Kungenza ngijabule kakhulu ukubonisa ukwazisa ngomusa kaJehova ngalendlela.”

Manje sezidlulile “izinsuku zokukhala” zikaKatsuko. Namuhla, lona wesifazane othandekayo ongumKristu uthola injabulo yangempela ekuphileni kwakhe okumatasa njengesikhonzi esiyiphayona.

Izelamani Ezintathu Ezinengxenye

Izelamani ezintathu zakwaTanizono zineminyaka eyevile kwengama-40 futhi zinesifo semisipha esazikhubaza imilenze. Ngaphambi kokufunda iqiniso, ukuphila kwazo zazikugxilise emsebenzini wokuziphilisa, zithemba ukuthi zazizokhohlwa ukuwohloka kancane kancane nokufa zisencane okuwumphumela walesifo. Ngamunye wazo waqala ukufundelwa iBhayibheli ngokwehlukile futhi wazi iqiniso. Ukuze zibonise ukwazisa kwazo kuJehova, yini ezazingayenza ukuze zandise inkonzo yazo? Umfowabo omncane, uToshimi, uyasitshela:

“Ngangihlala nomfowethu omdala, uAkimi, nomkakhe kwaze kwaba u-1979. Lapho ngingasakwazi ukuzinakekela, ngaya esikhungweni sabakhubazekile esasinomfowethu uYoshito. Lapho ngaqala ukukhonza njengephayona elisizayo futhi phakathi neminyaka eyisihlanu eyalandela ngatadisha iBhayibheli nabantwana abangaba yi-12 kulelogumbi. Omunye walabobantwana waphoqelelwa ukuba ayeke ukutadisha lapho eshushiswa ngabazali bakhe, kodwa bamyeka lapho ebancenga ukuba bamvumele aphinde atadishe. Wafa eneminyaka eyi-16 enethemba eliqinisekile lovuko. Cishe esikhathini esingangonyaka kamuva, ngathola ucingo olwaluvela kubazali ababekade bephikisa. Babenezinkinga ezithile ngendodakazi yabo encane futhi babenomuzwa wokuthi isifundo sasingayisiza.

“Mina nomfowethu uYoshito safuna ukuba ngamaphayona avamile. Kodwa ingabe sasiyowufinyelela umgomo waminyaka yonke wamahora ayi-1 000? Yiqiniso, kwakudingeka sandise isikhathi sethu esasisisebenzisela enkonzweni ngamahora angama-30 kuphela inyanga ngayinye. Kodwa ingabe imizimba yethu yayiyohambisana nalokho? Saphinde futhi sacabanga, ‘Uma singakwenzi manje, kuyofika isikhathi lapho sesingenakukwenza khona.’ Amazwi kaPawulu kweyoku-1 Korinte 9:16 ayevela njalo ezingxoxweni zethu. ‘Ngempela, maye kimi uma ngingazimemezeli izindaba ezinhle!’ Ngokuqinisekile, sinesibopho sokushumayela izindaba ezinhle kungakhathaliseki ukuthi sinempilo enhle noma cha. Ngakho sahambisa izicelo zethu futhi saqala ukuba ngamaphayona avamile ngoSeptember 1, 1984.”

UYoshito uyanezela: “Lapho ngizama ubuphayona ‘besikhashana’ ngoJanuary 1976, ngalimaza impilo yami futhi kwadingeka ukuba ngilale embhedeni izinyanga ezimbili. Ukwesaba kwami okukhulu kakhulu kwakuwukuthi inkonzo yamaphayona avamile yayiyongigulisa futhi ingenze ngilahlekelwe imihlangano. Ngokujabulisayo, ngoAugust 1985 ngakwazi ukufinyelela umgomo wami wamahora onyaka, futhi akukho nowodwa umhlangano owangiphuthela ngenxa yokuphayona kwami!”

UToshimi uthi: “Indlela yethu eyinhloko yokufeza inkonzo yethu iwukubhala izincwadi. Sibhalela abangekho emakhaya, abangane, izihlobo, amalungu omkhaya angakholwa alabo abasebandleni, nezakhamuzi zensimu esentabeni ehlanganiswa kabili kuphela ngonyaka ngenkonzo yendlu ngendlu. Sishumayela ngokwethukela kodokotela, abahlengikazi, izisebenzi ezingabalindi, nezinye iziguli. Kuze kube manje, iziguli eziyisithupha ziye zafunda iqiniso. Ezintathu zazo zaba abamemezeli boMbuso futhi zazilindele ukubhapathizwa lapho zifa. Sijabulela izinzuzo ezingokomzimba ngokuzigcina simatasa, ukwaneliseka okungokwengqondo ngokwazi ukuthi senza umsebenzi wokushumayela, nenjabulo esuka enhliziyweni iwukukhuthaza abanye.”

UYoshito uyanezela: “Njengabadala bebandla, sobabili singakhuluma sisusela kokuhlangenwe nakho kulabo abasebenzela inkonzo yamaphayona. Lapho sihambisa izicelo zokuba amaphayona, odade ababili abadala ebandleni nabo bashukunyiselwa ukuhlanganyela kulezinhlu. Ngijabula ngokukhethekile ukusho ngomoya wamaHubo 119:71 ukuthi, indlela yami engalungile engangikade nginayo yokucabanga iye yashintshela endleleni kaJehova. Yebo, ‘Kuhle ngami ukuthi ngiye ngahlupheka, ukuze ngifunde imithetho kaNkulunkulu.’”

Manje, umfowabo omdala uyakhuluma. UAkimi uthi: “Kungomusa wabazalwane nomkami onothando, osekelayo ukuthi ngingenza engikwenzayo ngendlela engokwasezulwini. Angikwazi nakancane ukuhamba. Sekuyiminyaka eyi-14 manje abazalwane bengisiza ngokungakhathali ukuba ngibe khona kuyo yonke imihlangano yebandla nasemihlanganweni emikhulu. Kusukela lapho ngiqala ukutadisha, okuhlangenwe nakho kwamaphayona kwakuyisisekelo sengxoxo lapho intsha ihlangene ndawonye. Njengoba kwasikiselwa kuNkonzo Yethu YoMbuso, nganquma ukuzama ukuphayona unyaka owodwa. Ngingabaza ngenxa yesimo sami esingokomzimba, ngathembisa uJehova ngomthandazo, futhi ngiye ngasivuselela lesosithembiso unyaka ngamunye kwaze kwaphela iminyaka eyisihlanu. Enkonzweni yasensimini, ngisebenzisa isithuthuthu esinamasondo amathathu esiklanyelwe abantu abakhubazekile. Uma ngigibele sona ngingasondela eminyango yezindlu eziningi. Ngokuvamile ngihlala ezindaweni ezinabantu abaningi abahamba ngezinyawo. Uma kudlula abambalwa kuphela, ngithandaza khona lapho ukuba ngithole umuntu engingafakaza kuye, bese kuza umuntu onendlebe ezwayo. Engifunda nabo iBhayibheli beza ekhaya lami bezotadisha, futhi ngiye ngakwazi ukusiza abantu abayisishiyagalombili bathuthukela ekubhapathizweni.

“Njengombonisi owengamele nombonisi weSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini, ngifika kusenesikhathi emihlanganweni ukuze ngikwazi ukubingelela abazalwane. Ngenxa yokuthi anginakuvakashela emakhaya abo ngokukhululekile, ukusebenzisa ngokuphumelelayo isikhathi sangaphambi nangemva kwemihlangano kubaluleke kakhulu. Ngokuvamile ngisebenzisa futhi ucingo ukuze ngenze umsebenzi wokwalusa.

“Eminyakeni emine noma eyisihlanu edlule, amandla emisipha yami aye ancipha ngokuphawulekayo. Ebusuku, angikwazi ngokuphelele ukunyakazisa imisipha, futhi ukucindezeleka kuye kwakhela kangangokuthi ngiba nomuzwa wokuthi kukhona okukhulu okungicindezelayo lapho ngilele. Umkami ugudluza ngesineke imilenze yami ukuze ngikwazi ukuthola ukuphumula. Kungezikhathi ezifana nalezi lapho amazwi afudumele nawothando abazalwane engisiza ukuba ngizigcine nginobuso obumamathekayo engethemba ukuthi bubonisa isimo senhliziyo yami hhayi somzimba wami.”

Ukuqhubeka kwalesifo akunakumiswa manje. Kodwa izelamani zakwaTanizono zinomuzwa wokuthi ukugcina imizimba yazo imatasa enkonzweni yasensimini, ukuqaphela umninikhaya nezidingo zakhe, ukusebenza eduze nabakholwa kanye nazo, nokuba nokuhlangenwe nakho komuzwa wenjabulo ovela enkonzweni eya kuNkulunkulu njengamaphayona kuye kwasiza ekunciphiseni izinga lokuqhubeka kwalesifo. Yeka indlela ezibonga ngayo kuJehova!

Bakhubazekile Kodwa Bazimisele

Ukukhubazeka okungokomzimba akuzange kudambise uthando nentshiseko labashumayeli abanekhono abanakho ngenkonzo yesikhathi esigcwele. Ukuzimisela kwabo kuyefana nalokho kukamphostoli uPawulu, owabhala: “Asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa-musha imihla ngemihla.”—2 Korinte 4:16.

Yebo, akubona bonke abamemezeli boMbuso abakhubazekile abangaba abashumayeli besikhathi esigcwele. Izimo ziyehlukahluka kubantu ngabanye. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi yini labobantu abangayenza ukuze badumise oPhezukonke futhi basize abanye ngokomoya kuyoletha injabulo enkulu, ukwaneliseka komuntu siqu, nesibusiso sikaNkulunkulu wethu onothando, uJehova.

[Izithombe ekhasini 23]

UMasashi Tokitsu

UKatsuko Yamamoto

UAkimi Tanizono

UYoshito Tanizono

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela