Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 11/15 k. 21
  • Ukuqondisisa Izindaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqondisisa Izindaba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushumayela KuTV—Ingabe Kuyindlela KaNkulunkulu?
  • Ubuholi Obungathembekile
  • Lapho Kungekho Ukuthula
  • Ingabe Ithelevishini Ikushintshile?
    I-Phaphama!—1991
  • Amahlazo Okuziphatha Okubi Kobulili Adalula Amavangeli E-TV
    I-Phaphama!—1988
  • Lawula Ithelevishini Ngaphambi Kokuba Ilawule Wena
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Ngibuka Kakhulu ITV?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 11/15 k. 21

Ukuqondisisa Izindaba

Ukushumayela KuTV—Ingabe Kuyindlela KaNkulunkulu?

Umshumayeli wakwaTV uJim Bakker wagomela ngokuthi, uma uJesu Kristu ubesemhlabeni namuhla “kwakuyomelwe abe kwaTV.” Kungani kwakuyomelwe abe kwathelevishini? Ngoba, ngokukaBakker, “bekuyoba ukuphela kwendlela ayengafinyelela ngayo abantu abathandayo.” NjengoBakker, inani elikhulayo labashumayeli abathatha iBhayibheli njengoba linjalo eUnited States banomuzwa wokuthi ithelevishini iyindlela engcono kakhulu yokusakaza iZwi likaNkulunkulu. Nokho, ukuhlola kwango-1984 kwabonisa ukuthi, ngokwengxenye enkulu, abashumayeli bakwaTV “baqinisa abantu asebehilelekile kakade enkolweni yabashumayeli.”

Ngokuthakazelisayo, kwenye incwadi eya kumhleli kamagazini iMinistry, omunye umfundi waloba: “Wathi [amathelevishini] angamathuluzi esonto anamandla amakhulu kakhulu okuhlwanyela imbewu yevangeli, kanti uNkulunkulu uthi umsebenzi obaluleke kakhulu uwukuhamba indlu ngendlu—kufunwe abantu. . . . UMsindisi wethu wayethanda ukushiya isixuku, futhi wayeya endlini ngendlu—afune abantu. Kwakumjabulisa ukuba nomuntu oyedwa oyisilaleli. . . . Ingabe nathi asinakwenza okufanayo?”

NgokukaJesu Kristu, injongo yenkonzo yobuKristu kwakungekhona nje ‘ukusakaza iZwi’ kodwa ‘ukwenza abafundi.’ (Mathewu 28:19, 20) Waqondisa abalandeli bakhe ukuba baye emakhaya abantu. (Mathewu 10:7, 11-13) Umphostoli uPawulu wayamukela lendlela yokushumayela futhi ngokuqondene nenkonzo yakhe wathi: “Angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.” Inkonzo yendlu ngendlu engokomuntu siqu yabafundi yavuna imiphumela emihle.—IzEnzo 5:42; 20:20.

Uma uJesu ayigcizelela kangaka lendlela yokushumayela ukuze kwenziwe abafundi, kungani abashumayeli abaningi bekhetha iTV njengendlela yabo abangayisebenzisa? IThe Courier-Mail yaseBrisbane, eAustralia, iphawula ukuthi abashumayeli bakwaTV “benza imali engaphezu kwezigidi eziyi-180 zamaRandi ngonyaka bethengisa insindiso. Bavela besebukhazikhazini nasenkazimulweni eyenziwe ngogesi eziteshini zakwaTV ezingama-300, futhi bakhulekelwa njengezithixo eziyizilomo. . . . Ngawo wonke amacebo abo, labantu abathi baxhaphaza ngisho noNkulunkulu, bagcina sebenza ibhizinisi ngokuqondile. Bathumelele [u-R15] bayokuthumela ezulwini.”

Ubuholi Obungathembekile

UJesu Kristu wathi: “Mina ngingukuvuka nokuphila.” (Johane 11:25) Nokho, “abefundisi abaningi bamaKatolika abasebenza emayunivesithi nasemakoliji ezenkolo abanakuziphoqelela ukuba bathi bayamkholelwa, noma okungenani balukholelwa ngokoqobo, uvuko,” kubika umagazini wezindaba i-Insight.

AmaRoma Katolika afuna ngobuqotho ukulandela izimfundiso zeBhayibheli angaqiniswa kanjani ukholo lwawo ngabafundisi abanjalo? Ngeke, ngoba umphostoli uPawulu wabhala: “Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu. Kepha uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize.”—1 Korinte 15:13, 14.

Lapho Kungekho Ukuthula

Ngo-October 24, 1985, isishayamthetho SeZizwe Ezihlangene Samemezela u-1986 njengoNyaka Wokuthula WeZizwe Zonke. Isinqumo sathi lonyaka “wawuzonikelwa ekugxiliseni imizamo yeZizwe Ezihlangene namaZwe angamalungu ekuthuthukiseni nasekuphumeleliseni imigomo yokuthula ngazo zonke izindlela okungenzeka ngazo.” Baye bathemba ukukufeza kanjani lokhu? “Ngezenzo eziqhubekayo neziqondile zeMibuso nabantu abahlose ukuvimbela impi.”

Manje njengoba sesifinyelela ekupheleni konyaka “Wokuthula,” yini esiyitholayo? Izimpi eziqhubeka zanda emhlabeni wonke ziye zazibhuntshisa ngokuphelele izinhloso ezinhle kanjalo. “Izimpi zabashokobezi, iziphithiphithi zezifundazwe, ukwahlukana ngemibono nangobuzwe nezimpi ‘ezingcwele’ kwenza okungenani izimpi eziyinhloko eziyi-19, neziningi ezincane,” kuphawula iThe West Australian. Isihloko sephephandaba saphawula ukuthi amasosha acishe abe yisigidi kwamanje ahileleke ezimpini ezilwiwa ngezikhali emhlabeni wonke. Ngokusobala, akukho ukuthula ngezigidi eziba yizisulu zezimpi ezinjalo.

Ingabe abaholi babantu bangathemba ikhambi loqobo ngezimemezelo zokuthula zesikhathi esizayo? Cha, ngoba uJeremiya 10:23 uthi: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Qhathanisa noJeremiya 6:14.) Ngempela, ukuthula kweqiniso kuyoza kuphela kuvela kuNkulunkulu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela