Ingabe Umntanakho Omncane ‘Ukhulela Ensindisweni’?
BONKE abazali abangamaKristu bafuna ukubona abantwana babo bekhulela ekubeni abantu abadala abavuthiwe, abangamaKristu. Ngeshwa, lokhu akwenzeki ngaso sonke isikhathi. Akukhona neze okuzenzekelayo ukuthi umntwana womzali ongumKristu yena ngokwakhe uyokhula abe ngumKristu. Kungani?
Esinye isizathu singasibona emazwini kaPetru: “Njengezingane ezisand’ ukuzalwa langazelelani [“yakhani ukulangazelela,” NW] ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube-ngukusindiswa.” (1 Petru 2:2, 3) Isikhuthazo esithi “yakhani ukulangazelela” sisikisela ukuthi abantwana bethu ngeke babe nokulangazelela izinto ezingokomoya ngokwemvelo. Kungase kudingeke ukuba sakhe, noma sihlakulele, ukulangazelela okunjalo kubo. Nokho, njengoba umongo futhi ubonisa, insindiso ihilelekile. Njengoba nje abantwana kumelwe bafunde ukuthanda ukudla okunempilo uma bezokhula babe abantu abadala abanempilo, kanjalo kumelwe bafunde ukujabulela ukudla okungokomoya uma ‘bezokhulela ensindisweni.’
Bazali—ingabe ninabo abantwana abangakevi eminyakeni eyishumi nambili? Ingabe isimiso senu sokukhulisa abantwana nesokweluleka siye sanisiza kuze kube manje? Uma kunjalo, kuhle. Nokho, izinto zingase zishintshe phakathi neminyaka eyeve eshumini elinambili. Eqinisweni, nakuba ngezinye izikhathi izinkinga zentsha esanda kuthomba zeqiswa, abazali abanokuhlangenwe nakho baxwayisa ngokuthi kumelwe balindele izikhathi ezithile zokukhathazeka phakathi nalesosikhathi. Ungazilungiselela yini manje, lapho umntwana wakho esemncane? Yebo, kunezinyathelo eziqondile ongazithatha. Ngokwesibonelo, kumelwe sibasize bahlakulele . . .
Ubuhlobo Obuseduze NoJehova
USamuweli osemncane, okuzalwa kwakhe kwakuyimpendulo yomthandazo kaHana, unina, “wakhula noJehova.” (1 Samuweli 2:20, 21) Yeka ukukhulisa okumangalisayo! Khumbula, futhi, ukuthi ngesinye isikhathi abazali baletha abantwana babo abancane kuJesu. Ekuqaleni, abafundi babakhuza, kodwa “uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.” UJesu wakuvumela ukuletha kwabazali abantwana babo kuye. Wagona abantwana futhi wababusisa.—Marku 10:13-16.
Ingabe abazali namuhla bangabasiza abantwana babo ukuba ‘bakhule noJehova’ futhi babalethe kuJesu Kristu, kanjalo bebasiza ukuba bahlakulele ubuhlobo noJehova noJesu? Bangakwenza, kodwa kuthatha isikhathi. UJesu wayekuthanda ukusebenzisa isikhathi enabantwana babanye abantu, ngakho ngokuqinisekile singasebenzisa isikhathi sinabethu siqu. Uma kunokwenzeka, kumelwe siqale beseyizinsana, njengoba kwenza unina kaThimothewu. (2 Thimothewu 3:15, qhathanisa ne-NW.) Kumelwe sikhulume ngoJehova noJesu njengabantu abangokoqobo, sifundise abancane bethu ukuba bazise eminye yemisebenzi emangalisayo yendalo. Lapho siya nabo epaki, endaweni yezilwane, noma sidabula nabo izwe, singabasiza ukuba babone isandla sikaJehova ezimangalisweni abazibonayo. Ngengxoxo yethu, singahlakulela kubo isifiso sokwenza okulungile ngoba lokhu kuthokozisa uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. (Qhathanisa noDuteronomi 6:7.) Ungakuyeki ukwenza lokhu. Isikhathi abantwana bethu ababancane ngaso sifushane kakhulu. Bakhula ngokushesha, ngakho siyigugu isikhathi esisetshenziswe nabo.—Mathewu 19:13-15.
Yebo, indlela eyinhloko esifundisa ngayo abantwana bethu iqiniso nesibasiza ngayo ukuba bazuze ukuba seduze noJehova iyisifundo seBhayibheli somkhaya. Nokho, lokhu kuyophumelela kakhulu, uma thina . . .
Sikwenza Kujabulise
Umama ofuna ukuba umntwana wakhe ajabulele ukudla okunempilo akamphoqeleli ukuba agwinye okuningi. Kunalokho, uyokulungiselela kube mnandi futhi amkhuthaze ukuba akudle kancane kancane, ngaleyondlela enza ukuba akuthande. Kudingeka okufanayo nangokudla okungokomoya. Kungakhathaliseki ukuthi uqalisa isimiso sokutadisha okokuqala ngqá noma ufuna ukwenza okuthile ngesimiso sakho ngoba umntwana wakho esibona siyisicefe, kunemfuneko efanayo. Zama ukwenza isimiso sithakazelise.
Ebantwaneni abancane akudingeki ukuba unamathele endleleni yemibuzo nezimpendulo, futhi akudingeki ukuba wenze isifundo ngasinye sithathe ihora lonke. Fanelanisa isifundo nomntwana wakho. Mxoxele izindaba ngabantu beBhayibheli. Makadwebe imifanekiso yezigcawu zeBhayibheli. Vumela abantwana badlale izenzakalo zeBhayibheli namadrama. Banikeze umsebenzi okumelwe bawulungiselele. Senze siphile futhi sihlukahluke. Ufuna ukuba umntwana wakho ‘akhe ukulangazelela’ izwi, ngakho lenze linambitheke ngokusemandleni akho kuye.—1 Petru 2:2, 3, qhathanisa neNW.
Imiphumela iwufanele umzamo ngoba ingehlala njalo. Uma umntwana wakho ejabulela izinto ezingokomoya esemncane, angasizwa ukuba ahlakulele ubuhlobo obuseduze noJehova obuyohlala sonke isikhathi sokuphila kwakhe. “Qalisa umfana endleleni eqondile, futhi ngisho nalapho esegugile ngeke ayishiye.” (IzAga 22:6, The New English Bible) Kodwa kunokuthile futhi okuyosiza umntwana wakho ahlakulele uthando lwezinto ezingokomoya. Kuyini?
Umkhaya Ojabulayo, Olinganiselayo
Yebo, njengoba nje isitshalo sikhula kahle kakhulu lapho umhlabathi ucebile futhi umoya umuhle, kanjalo nomntwana uyochuma ngokomoya emkhayeni ojabulayo. Nokho, ukuze kube nomoya onjalo, amalungu omkhaya kumelwe abe nesikhathi endawonye. Bazali, ingabe niyaqikelela ukuthi amalungu omkhaya wenu ayaba nesikhathi endawonye futhi exoxa? Ingabe ninazo izimiso zomkhaya ngokubuka iTV? ngokuzilibazisa? ngokukhethwa komculo? ngesifundo somkhaya? nangeminye imisebenzi engokomoya? Unjani umoya womkhaya ngesikhathi sokudla kwakusihlwa? Emakhaya amaningi ukudla kwakusihlwa kuyisikhathi esingcono kakhulu ngomkhaya ukuba ube ndawonye. Kunikeza ithuba lokuxoxa ngalokho okwenzeke phakathi nosuku, ukuhlanganyela amahlaya ambalwa nokuxoxa kuphunyuliwe. Wonke umuntu angakujabulela.
Khumbula, futhi, ukuthi nakuba abantwana bedinga imisebenzi engokomoya futhi kumelwe bafeze imithwalo yabo yemfanelo ekhaya, bayasidinga futhi isikhathi sokudlala. UCharles R. Foster, encwadini yakhe ethi Psychology for Life Today, wathi: “Beqaphela ukubaluleka kokuzilibazisa ekuphileni kwabantwana babo, abazali kumelwe benze ilungiselelo lokuba abantwana bajabulele lokhu okuhlangenwe nakho. . . . Abantwana, njengoba bekhula futhi bevuthwa, kumelwe babone ukuhlangana phakathi kwalokhu nezindleko zomkhaya kanye nemithwalo yemfanelo yasekhaya. Uma bekuqaphela lokuhlangana, futhi bengasebenzisi ukuzilibazisa njengokubalekela imisebenzi nemithwalo yemfanelo yasekhaya, kuyoba nomoya wenjabulo ekhaya.”
Abazali abasiza umntwana wabo ukuba ahlakulele umbono olinganiselwe ngokuzilibazisa, umsebenzi, nezindaba ezingokomoya banikela okuningi ekujabuleleni kwakhe izinto ezingokomoya nokuba kwakhe seduze noJehova. (Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 3:4b; Thithu 3:3.) Intuthuko enjalo iyobalethela injabulo enkulu. Futhi kunokuthile abangaqala ukukwenza ukuze bakhe ukwazisa komntwana wabo izinto ezingokomoya esemncane:
Basize Babeke Imigomo Ebalulekile
INkosi ehlakaniphile uSolomoni yanikeza iseluleko esihle ngokukhuliswa komntwana lapho ithi: “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba-ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.” (IzAga 22:6) Ukuthi “ngendlela eyakuba-ngeyakhe” kungachaza ukuthi ngokwamandla akhe, noma, ngokunokwenzeka, ngokwengeziwe, ngendlela yokuphila, umgomo ekuphileni, ongathanda ukuba azikhethele wona. Ngakho, enye yezindlela ezibaluleke kakhulu umzali anganikela ngazo enjabulweni nasesimweni esingokomoya somntwana wakhe iwukumsiza ukuba abeke imigomo enenjongo. Lemigomo kumelwe kube ngebalulekile nengokoqobo. Kumelwe futhi ifinyeleleke phakathi nesikhathi esifanele. Khona-ke, lapho eminye imigomo ifinyelelwa, lokhu kuyokhuthaza umntwana ukuba abeke eminye ephakeme.
Kuyiphutha elivamile ukulindela ukuba umntwana azibekele imigomo yakhe siqu ekuphileni. Okuhlangenwe nakho komntwana kulinganiselwe kakhulu. Uma abazali bengamsizi ukuba abeke imigomo, omunye uyokwenza—mhlawumbe abantwana esikoleni noma abeluleki besikole. Abazali abangamaKristu bangasiza umntwana ukuba abeke imigomo evumelana nokwazisa kwabo izinto ezingokomoya. Abantwana abancane bangakwenza kube umgomo wabo ukufanelekela ukuhlanganyela eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Enkonzweni yasensimini, imigomo emihle okumelwe ifinyelelwe ngamunye kungaba ukuhambisa ipheshana ezindlini, ukunikela intshumayelo kamagazini, bese kuba, ukunikela intshumayelo elula. Kungabekwa imigomo yokutadisha. Kancane kancane abantwana bangafunda uhlelo lwezincwadi zeBhayibheli futhi bazi ngekhanda imibhalo ethile eyisihluthulelo. Kumelwe kuxoxwe kusenesikhathi ngemigomo yokuphila yesikhathi esizayo. Nakuba abeluleki besikole beyosikisela uhlobo olulodwa lomsebenzi wesikhathi esizayo, abazali abangamaKristu bangagcizelela imigomo eyokwanelisa isithakazelo esikhulayo somntwana ekukhonzeni uJehova, njengenkonzo yokuphayona, yaseBethel, nenkonzo yezithunywa zevangeli.
Abazali futhi bafuna ukuba umntwana wabo ahlakulele umqondo womthwalo wemfanelo. Bangamsiza ukuba aqeqeshe unembeza wakhe ngesisekelo sezimiso zeBhayibheli. Njengoba evuthwa, kumelwe bamenze azi ukuthi bayamethemba ekwenzeni into eqondile. Ngezinye izikhathi bangase bamnikeze inkululeko elinganiselwe, futhi uma umntwana enza iphutha, bangamsiza ukuba afunde kulo, kunokuba bamgxeke kanzima. Ukwaziwa njengabanokwethenjelwa kungokuthile abantwana abayoziqhenya ngakho, futhi kuyonikela ‘ekukhuleleni kwabo ensindisweni.’
Njengoba umntwana ekhula, abazali babheka izinguquko futhi ngokuqapha bafanelanisa ukuqeqesha neseluleko nezimo ezintsha. Baqotho futhi bakhululeke ngokuphelele kuye. Baxoxa ngendlela abazizwa ngayo ngezenzo zakhe nezinguquko. Ngokuba qotho nokukhululeka, bathemba ukumsiza ukuba axoxe nabo ngokukhululekile—ngeke abe isihambi ekhaya lakubo.
UDavide osemncane wahlakulela ukulangazelela izinto ezingokomoya. Amahubo awaloba embula ukwazisa okujulile ngothando lukaJehova. (IHubo 23:1-6) Lokhu kuthembela kuJehova kwambeka esimweni esihle lapho kumelwe abhekane nebhere, ibhubesi, futhi ekugcineni neqhawe lamaFilisti uGoliyati owayefake ukwesaba ezinhliziyweni zawo wonke amabutho akwaIsrayeli. Cabanga ngendlela uJese, uyise kaDavide, okumelwe ukuba wayeziqhenya ngayo ngokholo lukaDavide! UDavide wahlakulela ubungane noJehova obahlala konke ukuphila kwakhe. (1 Samuweli 17:32-37, 45-50; IHubo 19:9, 10, 14; 15:1, 2; 24:3, 4) Abantwana bethu nabo bangakha ubungane obufanayo futhi nathi ngokufanayo basenza siziqhenye—ngosizo lwethu. Kodwa asinakukwenza sisodwa.
Thandazela Usizo
Lapho uManowa ezwa ukuthi wayezoba ubaba, wacela isiqondiso ngendlela yokukhulisa umntwana nangendlela yokumqeqesha. UJehova wawuphendula umthandazo wakhe. (AbAhluleli 13:8, 12, 24) Ngokufanayo nanamuhla, abazali akumelwe bangakunaki ukuthandaza kuJehova ngabantwana babo, benxusa kuye ukuhlakanipha njengoba bezama ukubaqondisa endleleni yokuphila. USamuweli, umprofethi kaJehova, wakubheka ‘njengokuwukona kuJehova’ uma wayengakunaki ukukhulekela abantu bakaJehova. (1 Samuweli 12:23; qhathanisa nezAga 1:24, 25.) Kumelwe sibe nomuzwa ofanayo wokuba nomthwalo wemfanelo ngakubantwana bethu. Sifuna ukuba bahlakulele isimo esingokomoya. Ukuthandazela njalo usizo kudingekile.
Ungadikibali
Ingabe kukhona okulula kulokhu? Lutho neze. Kuyavuza kodwa akulula. Lapho umntwana wethu eva eshumini elinambili, nakanjani izinkinga nosizi kuyophakama. Lapho kuvela obala, ungatatazeli. Kusingathe ngakunye futhi ungalindeli izimangaliso. Ungagunci kodwa ungeqisi; gwema ukusho izinkulumo ezihlabayo kodwa bhekana nenkinga ngokubekezela. Uma silondoloza isimo sethu ngalendlela, ngokuvamile usizi luyadlula, futhi singabuye sijabulele ukusondelana nomntwana wethu.
Bonke abazali abesaba uNkulunkulu bafunela abantwana babo okungcono kakhulu. Sifuna ukuba ‘bazise izinto ezingcwele,’ bakhe ukulangazelela izwi likaNkulunkulu, ukuze ngalo ‘bakhulele ensindisweni.’ Kuyiqiniso, ngezinye izikhathi, naphezu komsebenzi omningi onzima, abazali abangamaKristu babona abantwana babo bekhula bese beshiya iqiniso. Nokho, ukusebenza kanzima kwethu kuyonciphisa ukuba nokwenzeka kwalesi senzakalo. Ngosizo lukaJehova siyosebenza kanzima siqeqesha abantwana bethu ngendlela eyakuba ngeyabo. Kwangathi umvuzo wethu kungaba ukubabona bekhuthazela endleleni yeqiniso kukho konke ukuphila kwabo.—Heberu 12:16, NW; 1 Petru 2:2; IzAga 22:6.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 28]
UJesu wayekuthanda ukusebenzisa isikhathi enabantwana babanye abantu. Ngokuqinisekile nathi singasebenzisa isikhathi sinabethu siqu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
Uma ufuna ukuba umntwana wakho “akhe ukulangazelela izwi,’ lenze linambitheke ngangokunokwenzeka kuye