Indlela AmaKristu Okumelwe Azizwe Ngayo Ngokukhululeka
AMAKRISTU amelene ‘nokukhululeka’ okwenqaba igunya elisetshenziswa ngokufanele. Ngani? Ngoba eqinisweni akukhululi—kuyagqilaza. Isibonelo esilula singasiza ekuchazeni lokhu.
Osemusha ucasulwa igunya labazali bakhe, abamenqabela ukuba abheme futhi aphuze iziphuzo ezidakayo. Engaqapheli ukuthi igunya labo balisebenzisela inzuzo yakhe, ulangazelela ukukhululeka. Ngemva kokufinyelela iminyaka ethile yobudala futhi eshiya ikhaya, ekugcineni uzuza ukukhululeka abelokhu ekufuna. Kodwa ngemva kweminyaka eminingi, ngemva kokuba esebe umlutha kagwayi futhi ephuza ngokweqile, udokotela wakhe umtshela ukuthi ngenxa yezizathu zempilo kumelwe ayeke kokubili ukubhema nokuphuza. Lokhu ukuthola kunzima ukukwenza. Ukukhululeka kwakhe kuye kwamholela ekubeni umlutha, nasebugqilini.
Ukukhululeka Egunyeni Eliphelele
Igunya likaNkulunkulu liphelele futhi lisekelwe ekubeni kwakhe uMdali. Lokhu kumnika ilungelo lokunqumela izidalwa zakhe lokho okuyinkambo efanele, lokho okuwukuziphatha okuhle nalokho okuwukuziphatha okubi. Lezi zindinganiso, ezimiselwe inhlalakahle yesintu, zibekwe ngokucacile eBhayibhelini. Lithi, “ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:9, 10.
Ikakhulukazi kukulelikhulu lama-20 elihlakaniphile ngokwezwe lapho umuntu eye wazama ukuzikhulula eziqondisweni ezinjalo zokuziphatha okuhle. Nokho naphezu kwanoma yikuphi okwaziwa ngokuthi ukukhululeka, akanakuzikhulula emiphumeleni yokwenza lokho uNkulunkulu akubiza ngesono. Kunokuba bakhululeke, abantu abanjalo baye baba izigqila zezifiso zabo siqu, izinkanuko, nokuhuheka, njengoba uJesu abonisa ngokusobala ngokuthi: “Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.”—Johane 8:34; bheka futhi eyabaseRoma 6:16.
Ukukhululeka Egunyeni Elilinganiselwe
Iziphathimandla zikahulumeni zinelungelo lokusebenzisa igunya embusweni, abazali emkhayeni, othisha esikoleni, nabadala abangamaKristu ebandleni. Yebo, leligunya limane lilinganiselwe. Ngokwesibonelo, igunya eliphelele likaJehova, oyala ukuba izinceku zakhe zifunde iZwi lakhe futhi zizihlanganise namaKristu ezikanye nawo, belingeza kuqala kunegunya elilinganiselwe lendoda engase inqabele umkayo ukwenza noma iziphi zalezinto.—IzEnzo 5:29.
Nokho, eqaphela igunya elilinganiselwe lombuso, amaKristu awanakuhlanganyela ezinhlanganweni zokukhululeka ukuze kugumbuqelwe igunya elinjalo. Ngeke angakunaki ukwenqaba ukuthobela uhulumeni ngoba nje engavumelani nenqubo yawo, ngeke futhi akhuthaze ukungakhokhwa kwentela njengendlela yokumelana nezinqubo ezithile. “Omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulunkulu,” kusho umphostoli uPawulu, enezela: “Kepha abamelana nakho bayakwamukeliswa ukulahlwa.”—Roma 13:1-4.
Kodwa kuthiwani uma isiphathimandla sikahulumeni singenakho ukulunga futhi sisebenzisa igunya laso ngokungeyikho? Kuthiwani uma sibandlulula abantu ngabanye noma ingxenye yomphakathi evamile? Nasi iseluleko seBhayibheli: “Uma ubona noma ikuphi ukucindezelwa kompofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga endaweni yemithetho, kungakumangalisi lokho, ngoba omkhulu kunomkhulu uyabona.” (UmShumayeli 5:8, NW) Kungaba okunokwenzeka ukudlulisela udaba esiphathimandleni esiphakeme sikahulumeni noma enkantolo. Kodwa ngisho noma ukwahlulela ngokulunga kungatholakali ngalelosu, izinceku zikaJehova zingaqiniseka ngokuthi, “amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe-namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IziKronike 16:9.
Kuyisimo esifanayo ngomkhaya. Uma amadoda noma obaba besebenzisa igunya labo ngokungeyikho, singaqiniseka ngokuthi ekugcineni uNkulunkulu uzozilungisa izindaba ezinjalo, engavumeli ukuba kube khona noma yikuphi ukwahlulela ngokungalungi esimisweni sakhe esisha sokulunga. Okwamanje, abesifazane nezingane ezingamaKristu baqhubeka behlonipha isimiso sobunhloko sobuKristu, ngisho noma ngezinye izikhathi sisetshenziswa kabi. Bayaqaphela ukuthi asenzelwanga ukululaza kodwa siklanyelwe ukuqinisekisa ukuthula nobunye kukho kokubili umkhaya nebandla lobuKristu.—1 Korinte 11:3.
“Ukukhululeka” Egunyeni Lasebandleni
Ngokuphathelene nobunhloko ebandleni lobuKristu, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngoba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandisa ngayo.” (Heberu 13:17) Nakuba leligunya labadala lilinganiselwe, nokho liye ladluliselwa kubo nguNkulunkulu ngomoya wakhe ongcwele. Kanjalo baye balinikwa ngendlela eqonde ngokwengeziwe kunegunya elilinganiselwe, ngokwesibonelo, elinikwe iziphathimandla zikahulumeni.—IzEnzo 20:28.
Abanye baye baba nomuzwa wokuthi imithetho neziyalezo ezikhishwa inhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo zingezivimbelayo, aziyivumeli inkululeko eyanele yomuntu ngamunye. Lokhu kuye kwababangela ukuba bayeke ukuhlanganyela noFakazi BakaJehova; bengasafuni ukuzithoba kulabo abalinda imiphefumulo yabo. Nakuba lababantu ngokunokwenzeka bazicabangela njengabakhululekile, eqinisweni, “ukukhululeka” kwabo kuye kwaphinda kwabagqilaza ezinkolelweni nasemikhubeni engokwenkolo engamanga.
AmaKristu eqiniso ahlonipha igunya, kokubili igunya eliphelele likaNkulunkulu negunya elilinganiselwe labantu. Lombono oqondile wegunya uwavimbela ekusebenziseni ngokungeyikho inkululeko yobuKristu ayinikwe ulwazi lweqiniso.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Igunya likaNkulunkulu liphelele futhi lisekelwe ekubeni kwakhe uMdali
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
AmaKristu awamukeli umbuso ngenxa yezinqubo okuyomelwe aphendule ngazo kuNkulunkulu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
AmaKristu eqiniso ahlonipha igunya, kokubili igunya eliphelele likaNkulunkulu negunya elilinganiselwe labantu
[Izithombe ekhasini 7]
Ukunika igunya lezwe lokho okulifanele
Ukuqaphela igunya elilinganiselwe ebandleni
Ukuqaphela Igunya Eliphakeme, uJehova uNkulunkulu