Sebenzisa Ukukhululeka KobuKristu Ngokufanelekile
AMAKRISTU aye ‘abizelwa ekukhululekeni,’ kodwa axwayiswa ukuba ‘angakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni.’ (Galathiya 5:13; 1 Petru 2:16) Yeka indlela obekungadabukisa ngayo uma umKristu ubengasebenzisa ukukhululeka kobuKristu ngokungeyikho ukuze agqilazwe kabusha! Ake sithathe isibonelo.
Abantu abaningi benkolo baye bafundiswa ukuthi ukuphuza uphuzo oludakayo kuyisono. Ulwazi oluqondile lweBhayibheli luyomkhulula kulombono oyiphutha, njengoba kungekhona ukuphuza kodwa kuwukudakwa iBhayibheli elikulahlayo. (Qhathanisa iHubo 104:14, 15 neyoku-1 Korinte 6:10 kanye neyoku-1 Petru 4:3.) Ngakho umKristu okhululeke kanjalo angase azizwe ekhululekile ukujabulela ukuphuza ngezikhathi ezithile. Kodwa uma eqala ‘ukwenza ukukhululeka kube yithuba enyameni,’ angakwenza ngokweqile, ehlakulela ukwethembela okuthile ophuzweni oludakayo, aze abe yisigqila salo.
Kanjalo, ngemva kokukhululeka emibonweni engamanga ngokuzilibazisa, ukugqoka nokuzilungisa, noma ukuziphatha, umKristu akalokothi aphendukele kokunye ukweqisa: echitha isikhathi esiningi noma imali ezintweni ebezinqatshelwe ngaphambili kodwa esezivunyelwe manje. Lokhu bekungaba ukukusebenzisa kabi ukukhululeka kobuKristu. Bekungaba nemiphumela engathi sína.
Shumayela Ithemba Lokukhululeka
Ikakhulukazi kusukela ekumisweni koMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya ngo-1914, isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi “nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqilini bokubhubha kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu” besiqhubekela ngokushesha ekugcwalisekeni kwaso. (Roma 8:21) UKristu useye wawakhulula kakade amazulu ethonyeni likaSathane. (IsAmbulo 12:7-12) Ngokushesha uzobhubhisa iBabiloni Elikhulu, eliye lagqilaza umuntu ngephutha elingokwenkolo. Khona-ke empini kaNkulunkulu yeArmagedoni, uyokhulula isintu kohulumeni babantu abangaphelele ngokubachoboza bangabe besababikho. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 18:21; 19:11-21) Uyokhulula abantu ngisho nasembangeleni eyinhloko yobugqila lapho uSathane eqedwa amandla, engasakwazi ‘ukudukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane.’—IsAmbulo 20:2, 3.
Ekupheleni kokuBusa kwakhe kweMinyaka Eyinkulungwane, uKristu uyobe esemkhulula ngokuphelele umuntu kuwo wonke amathonya amabi aba umphumela wenhlangano yokuqala yokukhululeka emuva e-Edene. Izinhlanga eziphethwe kabi ziyobe sezikhululiwe ekuphathweni okungalungile noma kokubandlulula. Abesifazane bayobe sebekhululiwe ekubuseni okucindezelayo kwabesilisa. Abantu abagulayo bayobe sebekhululiwe ezifweni. Abantu abadala bayobe sebekhululiwe emiphumeleni yokuguga eyenza buthakathaka. Futhi, okumangalisa ngaphezu kwakho konke, abantu abadumele ngenxa yokufelwa bayobe sebekhululiwe ekudabukeni, ngokuba abafileyo babo abathandekayo bayobe sebekhululiwe ethuneni!—IsAmbulo 20:13–21:5; bheka futhi iHubo 146:5-10.
Ngokushumayela lesigijimi saphezulu sokukhululeka, oFakazi BakaJehova namuhla basebenzisa ukukhululeka kwabo siqu kobuKristu ngendlela enenzuzo. Yeka ukuthi bekungaba umbono olinganiselwe kangakanani ngabo ukusekela izinhlangano zabantu zokukhululeka, ezingase ngokusemandleni azo, zilethe kuphela ukukhululeka okuncane futhi lezo eqinisweni, ezifiphaza ithemba eliyiqiniso lokukhululeka.
Cabanga ngakho: Unethuba lokuphila ukuze uthole inkululeko enhle kakhulu kunokukhululeka uPatrick Henry akhuluma ngakho. Ngaphezu kwalokho, unethuba lokujabulela izibusiso zako ngemva kweArmagedoni, kuze kube-phakade!