“Konke Okudaliweyo Kuyabubula”—Kungani?
INDODA nowesifazane bokuqala bamfulathela uNkulunkulu. Kodwa sebekutholile “ukukhululeka” ababekufuna, manje kwafuneka baphathe izindaba ngendlela engcono kakhulu ababengakwazi ngayo. Ngokushesha bathola ukuthi okungcono kakhulu kwabo kwakukude kakhulu kokuhle. Ukuntula okuhlangenwe nakho nolwazi olulinganiselwe kwaholela ezinkingeni.
Kungakho iningi lethu liye laba izisulu zobandlululo noma ukuphathwa kabi. Kungakho sonke siye saba sebugqilini bokungapheleli kobuntu, kungakho sigula, siphathwa izinhlungu ezingavamile ezingokomzwelo nezingokwengqondo, futhi sikhala izinyembezi zosizi. Noma, njengoba kubekwe ngokolimi lweBhayibheli, kungakho “konke okudaliweyo kububula kanyekanye kunezinseka kuze kube-manje.”—Roma 8:22.
Ngakho umzamo wokukhululeka wokuqala womuntu waphenduka wamenza isigqila. Sekuyiminyaka engamakhulu angama-60 manje, ezama ukuzikhulula emiphumeleni yawo emibi. Kodwa kube nayiphi imiphumela?
Ukukhululeka Ngokombangazwe
Umuntu uye wazama zonke izinhlobo zohulumeni. Labo abacindezelayo noma abangalungile, noma labo abahlulekile ukuhlangabezana nezidingo zamanje zabantu, baye basuswa noma bagumbuqelwa ngisho nangobudlova futhi indawo yabo yathathwa abanye.—Kodwa kwaba nemiphumela engabazisayo.
Intatheli uLance Morrow, ekhuluma ngezinguquko zezombangazwe, uyaphawula: “Phakathi nomlando kuye kwaba nezinguquko eziningi kakhulu ezicatshangelwayo eziye zaphetha ngokuba imibuso yomashiqela, nebulala njengaleyomibuso eye yagumbuqelwa yizo—kuye kwabusa intshiseko edlulele kunokufunda kokuhlangenwe nakho kwabanye.”
Ukumisa uhulumeni ongaphelele esikhundleni somunye ongaphelele akuyona neze indlela enhle yokuletha ukukhululeka okungokoqobo. Kungakho, iNkosi ehlakaniphile uSolomoni yaphefumlelwa ngokwaphezulu ukuba ibhale: “Lapho umuntu ebusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.” (UmShumayeli 8:9) Ngokusobala, ‘konke okudaliweyo [kuyoqhubeka] kububula kanyekanye kunezinseka’ kuze kube yilapho uhulumeni ophelele wenza ukuba ukukhululeka ekubuseni okungaphelele kube okoqobo.
Ukukhululeka Obandlululweni Lobuzwe Nolobuhlanga
Ubandlululo lobuhlanga noma lobuzwe luphikisana ngokuphelele namaqiniso eBhayibheli okuthi uNkulunkulu “wazenza izizwe zonke ngagazi linye” nokuthi “uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 17:26; 10:34, 35) Kodwa labo abafuna ukuphatha okulinganayo ngokuvamile baye bahluleka ukukuthola, ngisho nasezizweni ezithi zingezobuKristu.
Ngokwesibonelo, cabangela uhlanga olumnyama. Abanye okuthiwa bangamaKristu bathi ibala elimnyama lesikhumba liwumphumela wesiqalekiso saphezulu esabekwa phezu kukaKhanani nenzalo yakhe, sibaguqulela esimweni sobugqila. Kulokhu benza iphutha. Uhlanga olumnyama aludabukanga kuKhanani kodwa kuKushe, kungenzeka futhi nakuPhuthi. Futhi asikho isiqalekiso esabekwa phezu kwanoma yimuphi wabo.—Genesise 9:24, 25; 10:6.
Naphezu kwalokhu, abamnyama ngokuvamile baye bazithola becindezelwe ngokwezenhlalo nangokomnotho ngisho nangabanye abamnyama. Baye balangazelela ukukhululeka. Kodwa izinhlangano zabo zenkululeko, naphezu kwemihlangano nokubhikisha, aziyilethanga impumelelo ephelele. Ngenxa yokwehluleka akushintsha izinhliziyo ngokugcwele, ziye zahluleka ukuqeda ubandlululo lobuhlanga, ukungazi okungokwenkolo, nokuntuleka kothando lukamakhelwane.
Ngakho ‘konke okudaliweyo [kuyoqhubeka] kububula kanyekanye kunezinseka’ kuze kube yilapho uMbuso kaNkulunkulu ngoKristu usuluqedile ubandlululo lobuzwe.
Inkululeko Yabesifazane
Kuwo wonke amakhulu eminyaka, abesifazane baye baphathwa kabi futhi ngokuvamile babhekwa njengabantu abasezingeni lesibili. Leli akulona iphutha loMdali wabo. Akamdalanga owesifazane ukuze indoda imbheke kuphela njengento yobulili. Ayikaze futhi indoda iyalwe ukuba imcindezele. Njengomfazi wendoda, wayezoba “umsizi” wayo, wayezosebenza “njengomphelelisi wayo,” abe “nyamanye” nayo.—Genesise 1:26-28; 2:18-24, qhathanisa ne-NW.
Isifiso sikaEva sokukhululeka egunyeni likaNkulunkulu lothando asiphumelanga enkululekweni kodwa ebugqilini obunzima. Ekubona lokhu kusengaphambili, uNkulunkulu wabikezela: “Ukunxanela kwakho kuyakuba-sendodeni yakho; yona iyakukubusa.” (Genesise 3:16) Kwabesifazane abaningi, ukubuswa owesilisa ongaphelele kuye kwaba okungajabulisi neze, futhi izinhlangano eziningi zamalungelo abesifazane ziye zazama ukukuchitha.
Kodwa lapho iNhlangano Yenkululeko Yabesifazane yenza izinguquko ezithile zokungcono, iye yahluleka ngoba iphambene nokukhululeka okuhlelekile okuthenjiswa uNkulunkulu. ‘Konke okudaliweyo [kuyoqhubeka] kububula kanyekanye kunezinseka’ kuze kube yilapho uMbuso kaNkulunkulu ufundisa wonke amadoda ukuba ‘athande omkawo njengemizimba yawo’ futhi aphathe ‘abesifazane abadala njengawonina, nabesifazane abasha njengawodadewabo ngenhlanzeko epheleleyo.’—Efesu 5:28; 1 Thimothewu 5:2.
Ngaphambi kokuchaza ukuthi lolosuku luyofika kanjani, kumelwe sisingathe omunye umbuzo obalulekile. AmaKristu kumelwe azibheke kanjani izinhlangano zokukhululeka zanamuhla?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Ukumisa uhulumeni ongaphelele esikhundleni somunye ongaphelele akulona ikhambi lokuletha ukukhululeka koqobo
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Ukungalaleli komphakathi, imihlangano, nokubhikisha akuzishintshi izinhliziyo
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
INhlangano Yenkululeko Yabesifazane iye yahluleka ngoba iphambene nokukhululeka okuhlelekile okuthenjiswa uNkulunkulu