Ukuphayona Kuyindlela Eya Epharadesi
NGOSUKU lwangoMarch olwalucwathile eNew Jersey, kwakuhlangene abantu ababecishe babe yizi-4 300 eHholo loMhlangano loFakazi BakaJehova eliseDolobheni laseNew Jersey. Babevela kulo lonke elase-United States nakwamanye amazwe amaningi. Lomhlangano okhethekile wabangelwa izenzakalo ezenzeka eminyakeni engama-43 edlule ngesikhathi kumiswa isikole esikhethekile sokuqeqesha izithunywa zevangeli ngaphansi kokuqondisa komongameli weWatch Tower Bible and Tract Society owayekhona ngalesosikhathi, uNathan H. Knorr.
Kulomhlangano wangoMarch kwakwethweswa iziqu ikilasi lama-80 lesikole saseGileyadi seWatch Tower. Kodwa yini eyabangela isixuku esingaka ukuba size kulomkhosi wokuthweswa kweziqu? Kwakungenxa yesimiso esihle esasilindelekile.
Imibono Yezithunywa Zevangeli—Isihluthulelo Sempumelelo
Usihlalo wesimiso kwakunguKarl Klein, ilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Wethula isikhulumi sokuqala, esasiyisithunywa sevangeli eJapane, uLloyd Barry, futhi manje oseyilungu leNdikimba Ebusayo, owakhuluma ngesihloko esithi, “Okholweni Lwakho Yenezela Imisebenzi.” Wayala: ‘Ngemva kwezinyanga eziyisihlanu zokuqeqeshwa kwaseGileyadi okunamandla, uthando nokholo lwenu kumelwe ukuba kuseqophelweni eliphezulu. Manje, njengoba niphuma niya ezabelweni zenu, kumelwe nenezele imisebenzi.’ (Jakobe 2:22, 23) Wathi njengoJehova kumelwe ‘bavuke ekuseni’ futhi lonke usuku balisebenzise kahle enkonzweni yakhe.—Jeremiya 7:25, NW.
Elinye ilungu leNdikimba Ebusayo, uDaniel Sydlik, wanikeza iseluleko esikhuthazayo ngesihloko esithi “Ungawuhlakulela Umbono Ofanelekile.” Wathi, kuzo zonke izimo, ungase ube nombono oqondile noma ophambene. Esekele ukukhulumela kwakhe kuMalaki 3:15, 16, wabonisa indlela okulula ngayo ukuthola amaphutha ezweni elisha. “Ungasheshi uthole amaphutha,” eqhubeka. “Yiba nombono omuhle uNkulunkulu ayowubusisa.”
Ezinye izikhulumi, kuhlanganise u-Ulysses Glass, umabhalane wesikole, waqokomisa isidingo sokubekezela, sokwaneliseka ngokufezile, nesibindi. UJack Redford, owayeyisithunywa sevangeli nongomunye wabafundisi besikole, wanikeza iseluleko esiwusizo ngokuba nomqondo ovulekile. Wathi bakhumbule ukuthi, “abantu abahlakaniphile bashintsha imiqondo yabo, kodwa iziwula aziyishintshi!” Ngakho wacebisa izithunywa zevangeli ezintsha ukuba zivumelane nezimo njengomphostoli uPawulu, owayecaphuna ngisho izimbongi zendawo. (IzEnzo 17:28) Waphetha ngokuthi, “Qhakazani lapho nitshalwe khona. . . . Gcinani ingqondo nenhliziyo ivulekile.”
Inkulumo eyinhloko yokwethweswa kweziqu yanikezwa umongameli weWatch Tower Society. uFrederick W. Franz, manje eseneminyaka engama-92. Ngaphansi kwesihloko esithi “Ukuphayona Kuyindlela Eya Epharadesi Elisemhlabeni,” walandisa ngokusunguleka kwesikole saseGileyadi, “umntwana wempi nengane yokholo” esaqala phakathi neMpi Yezwe II. Esebenzisa uIsaya 62:10 njengombhalo oyinhloko enkulumweni yakhe, wabonisa indlela lezithunywa zevangeli ezizohlanganyela ngayo emsebenzini omkhulu wokwakha kabanzi, indlela eyodwa leyo abasha ekukhulekeleni kweqiniso abangahamba kuyo baye ePharadesi elibuyiselwe. Ekuphetheni kwesimiso sasekuseni, iziqu zathweswa abafundi abangama-24.
Isimiso santambama sahlanganisa ukubuyekeza okujabulisayo okwenziwa ababethweswa iziqu kwezinto ababezifunde esikoleni, kanye nezingxoxo zezinselele ababezobhekana nazo esikhathini esizayo. Isimiso saphetha ngedrama yeBhayibheli eyayigqokelwe ngokugcwele eyayicacisa indlela uRahabi, futhi kamuva abaseGibeyoni, ababonisa ngayo ukholo oluholela ensindisweni—Joshuwa, izahluko 2 kuya ku-6 no-9.
Ingqikithi yezithunywa zevangeli eziyi-6 234 kuhlanganise nabangama-24 ababethweswa iziqu balelikilasi lama-80 lesikole saseGileyadi, iye yaphumela kuwo wonke umhlaba ukuba ihole emsebenzini wokushumayela ogcwalisa uMathewu 24:14.