Gcina Umbono Oqondile
“KWAKUSEHLOBO ekuseni. Kodwa ilanga laseMpumalanga ePhakathi lase liphumile kakade lapho ubaba emukela izindaba ezidabukisayo. Indodana yakhe eyizibulo, eneminyaka engama-22, yayife engozini yemoto phakathi nobusuku.
Wawungasabela kanjani kulezozindaba? Ngenxa yokuthi amalungu omkhaya ayesondelene kakhulu, njengoba injalo imikhaya yaseMpumalanga ePhakathi, abazali babesangene ngempela. Kwakungase kubonakale kungokwemvelo ngabo ukuba babe ngabadabuke kakhulu ngenxa yalesisehlakalo esibuhlungu esizumayo. Nokho, okwamangalisa umphakathi, ukuthi baba nombono oqondile, ngisho nakulolosuku lokuqala. Nakuba babedabuke kakhulu, babethembele ngokugcwele emandleni kaJehova okuvusa indodana yabo ngesikhathi saKhe asimisile. Babebheke phambili esimisweni esisha sikaNkulunkulu elithenjisiwe lapho ‘ukufa kungasayikubakhona.’ (IsAmbulo 21:4) Eminyakeni eminingi kamuva, abantu abawaziyo lowomkhaya, ngisho nanamuhla basakhuluma ngesimo sabazali nangesibonelo sabo sokholo.
Kusho ukuthini ukuba nombono oqondile? Umuntu onombono oqondile uzigcina enokulinganisela naphezu kwezimo eziguquguqukayo. Ngisho nangaphansi kwezimo ezivivinyayo akaphazami, avumele imibono ephambene ukuba imbuse. Kwenzeka kanjani lokhu? Ukuze sithole izimpendulo, ake sicabangele izibonelo ezithile ezingokweBhayibheli.
Lapho Ubhekene Nokwesaba Abantu
Ngonyaka ka-1512 B.C.E., ngesikhathi isizwe sakwaIsrayeli sisehlane laseParan, uMose wathumela izinhloli eziyi-12 ukuba ziyohlola iZwe Elithenjisiwe. (Numeri 13:17-20) Zonke izinhloli zaziyizinduna ezizweni zakubo—amadoda anethonya okwakumelwe abe isibonelo esihle. (Numeri 13:1, 2) Kodwa yeka ihlazo! Ngemva kwezinsuku ezingama-40, abayishumi babo banikeza umbiko ongemuhle kangangokuba amaIsrayeli aze ahlubuka ukuqondisa kukaJehova futhi afuna ukuphindela eGibithe! “Abantu abakhe ezweni banamandla,” kusho izinhloli. “Asinakwenyuka, sihlasele labobantu.”—Numeri 13:28, 31.
Yeka umbono ophambene! Futhi yeka umahluko owabonakala embonweni oqondile kaJoshuwa noKalebi, izinhloli ezimbili ezase zisele: “Izwe esalidabula ukulihlola liyizwe elihle kakhulu. Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelozwe, asinike lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.” (Numeri 14:7, 8; 13:30) Omabili amaqembu abona izinto ezifanayo ngesikhathi ehlola izwe. Kodwa yeka umahluko owaba khona embonweni! Umbono ophambene wezinhloli eziyishumi wathinta sonke isizwe, futhi saqala ukukhononda. Lokhu kwaphumela ekubeni bonke abaneminyaka engaphezu kwengama-20 bafele ehlane. UJoshuwa noKalebi kuphela ababa nelungelo lokungena eZweni Elithenjisiwe ngenxa yokuba nethemba eliqinile kuJehova. (Numeri 14:22-30) Isibonelo sabo kumelwe sisikhuthaze namuhla ukuba sihlale sithembekile futhi sigcine umbono oqondile lapho kufika noma kwanda ushushiso noma ukuphikiswa.
Ezweni elalingaphansi kokuvinjelwa eminyakeni eminingi, iphayona elikhethekile lagqunywa ejele futhi laphathwa kabi. Liyakhumbula: “Lapho izikhulu zaziba nonya olukhulu, ngangizizwa ngisondelana kakhulu noJehova. Ngangicula izingoma zoMbuso. Ngakhumbula yonke imiBhalo engangiyazi. Ngaqaphela ukuthi, nakuba uJehova ayevumela lokhu ukuba kwenzeke, wayenamandla—noma nini—okungikhulula. Konke lokhu kwangisiza ukuba ngibe nombono oqondile. Njengabaphostoli, liyakujabulela ukushayelwa igama eliphakeme likaJehova. Ngangithandazela njalo usizo lukaJehova ukuba lungiqinise. Wayengisiza, kangangokuba kwakuba umvimbo wokuqala kuphela owawungilimaza. Ngasebenzisa wonke amathuba okushumayela kwezinye iziboshwa.”
Ngemva kokukhululwa kwakhe ejele, lomKristu wathi: “Njengoba siye sanikezela ukuphila kwethu kuJehova futhi sathembisa ukuhlala sithembekile kuye, kumelwe siqhubeke simkhonza naphezu kwanoma ibuphi ubunzima. Ufanelwe ukukhulekela kwethu nokuzinikela okuphelele.”
Nathi, singabhekana nokuphikiswa okufanayo esikhathini esizayo. Masizimisele ngokufanayo ukungabesabi abantu. Masigcine umbono oqondile, futhi njengoba kwakunjalo ngoJoshuwa nangoKalebi, siyonikezwa izibusiso nemivuzo eminingi.
Lapho Silahlekelwa Amalungelo Enkonzo
UMose, njengomholi wesizwe sakwa Israyeli, uyena owayethume izinhloli eziyi-12. Wayekhiphe isizwe eGibithe futhi ngokungangabazeki wayelindele ukuthi abe yilowo oyosingenisa eZweni Elithenjisiwe. Nokho, uMose walahlekelwa yilelolungelo ngesikhathi ehluleka ukuphakamisa igama likaJehova, lapho ayecasukile. (Numeri 20:2-13) Khona-ke uMose wasabela kanjani? Eculweni aliqamba kamuva, wathi: “Ngiyakumemezela igama likaJehova . . . Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.” (Duteromoni 32:3, 4) Yeka umbono oqondile uMose ayenawo, nakuba ayeselahlekelwe ilungelo elibalulekile lenkonzo!
Uma kwenzeka kudingeka ukuba sibhekane nesimo esifanayo, kuyosisiza ukukhumbula lokho okuhlangenwe nakho kukaMose. Kungase kwenzeke ukuba indikimba yabadala ebandleni ituse ukugudlulwa komdala noma kwenceku ekhonzayo, mhlawumbe ngenxa yokuthi uye wantula eyodwa noma ezengeziwe izimfanelo ezingokomBhalo ezidingekile kulelilungelo lenkonzo. Umzalwane angase abe nomuzwa wokuthi ubengafanele ukugudluzwa, acasuke, futhi abangele ukuphazamiseka okungadingekile. Enombono ophambene, angase aqale ukukhononda, athole amaphutha kwabanye, aze ngisho ahlebe. Ekugcineni, angase ayeke ukuya emihlanganweni nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela. Yeka ukuzifaka esimweni esibi! Bekungaba okungcono kakhulu ngaye ukulondoloza umbono oqondile nokubheka ukugudluzwa njengeseluleko noma ukuqeqeshelwa ukuba inceku engcono kaJehova. Angase asebenzise ngokunenzuzo lelithuba ukuba atadishe futhi azindle ngeZwi likaNkulunkulu ukuze aphinde azuze izimfanelo ezidingekile zokuMkhonza ngokugcwele. Abaningi abaye benza kanjalo baye babusiswa ngisho nangamalungelo amakhulu kakhulu enkonzo.—Heberu 12:11.
Lapho Kwenzeka Ushintsho Olungalindelekile
Ukuphila ngokuvamile kugcwaliswe ushintsho olungalindelekile olungase lubangele abanye ukuba badumazeke futhi babe nombono ophambene. Uye wasabela kanjani esikhathini esidlule lapho okuthile kungenzeki njengoba ukulindele? Ngisho nezinto ezincane uma sizivumela zingasidumaza. Kodwa ungakhohlwa: Ukugcina umbono oqondile kuyokusiza ukuba ubhekane kangcono nesimo esishintshile.
Isibonelo esihle sokusikhumbula yileso sikaRuthe. Efelwe indoda yakhe esemncane, wabuyela kwaIsrayeli noninazala wakhe, uNawomi, ngesikhathi isiphelile indlala. Engenandoda yokulungiselela ngisho izidingo ezincane, uRuthe naphezu kwalokho wagcina umbono oqondile. Ngenjabulo, waya kokhothoza emasimini ngemva kwabavuni ukuze yena noninazala wakhe bathole ukudla. Akazange adunyazwe umsebenzi onzima. Akazange abe nombono ophambene, adangaliswe iqiniso lokuthi wayeshonelwe indoda yakhe futhi manje wayeseqhelele kude nomkhaya wakhe nabangane. Futhi njengoba umlando ubonisa, uJehova wamvuza ngokucebile ngenxa yenkambo yakhe enhle.—Ruthe 4:13-17.
Indlela Yokugcina Umbono Oqondile
Ukugcina umbono oqondile kuyinkinga kwabanye. Izinkathazo zokuphila. ikakhulukazi kulezikhathi ezinzima esiphila kuzo, zingaphuca umuntu injabulo yakhe—ikakhulukazi lapho izinkinga ezihluphayo ziphikelela. Nokho, ngisho nasezimweni ezingezinhle, umuntu angawulondoloza umbono oqondile. Abanye baye benza kanjalo ezimweni ezinzima kakhulu. Singakwenza kanjani okufanayo?
Zama ukungazindli ngezinto eziphambene. Ngisho nangesikhathi sezinkinga ezinkulu, zingaba khona izici ezinhle. Abaphostoli babevame ukushushiswa noma ukuboshwa, nokho babekujabulela ukuba namandla okudumisa uJehova. (IzEnzo 13:50-52; 11:19-22; 16:22-25) Singazindla ngalokho bona nezinye izinceku ezithembekile zikaJehova abakwenza ngesikhathi sovivinyo futhi sithole izifundo ekuphileni kwethu. Kungani babejabula futhi benombono oqondile? Ngoba babenethemba ngokuphelele futhi benokholo kuJehova. Babewathemba amandla akhe okubavusa nokubanikeza umvuzo. (IsAmbulo 2:10) Ngokufanayo, gcina ithemba lakho ngesimiso esisha sokulunga sikaJehova likhanya engqondweni yakho.—Qhathanisa namaHeberu 12:2.
Futhi kumelwe sihlale sizihlolisisa, hleze ukucabanga okuphambene kusingene futhi kugxile ezinhliziyweni zethu. Yeka ukuthi kunenzuzo engakanani ukuhlala siseduze noJehova futhi sithandazela usizo lwakhe uma sidumazeka! (IHubo 62:8) Usizo olwakhayo lungatholakala futhi kubadala. Hlakulela umoya wokuthobeka nokulalela. (IHubo 119:69, 70) Zibekele imigomo emihle, nongayifinyelela ekuphileni. Konke lokhu kusikisela kuyosisiza ukuba sigcine umbono oqondile futhi sibe ‘nokuthula kukaNkulunkulu okuyolondoloza izinhliziyo zethu nemicabango.’—Filipi 4:6, 7.
Kuyiqiniso, akulula ngaso sonke isikhathi ukuba nombono oqondile. Nokho, ngomzamo wenkuthalo nangokushukunyiswa ukholo oluqinile, umbono onjalo ungahlakulelwa. Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi ziyini izimo zethu, sonke masizimisele ukugcina umbono oqondile. Akunakusenza neze silahlekelwe, kodwa kunalokho, kuyosenza sithole imivuzo eminingi ejabulisayo kokubili manje nasesikhathini esizayo.
[Isithombe ekhasini 29]
Gcina umbono oqondile, futhi uyothola izibusiso nemivuzo eminingi