Qaphela Amandla Athuntubezayo Esono!
ABAFOWABO nodadewabo abangamaKristu babemthanda kakhulu. Yena nendodakazi yakhe encane ehlakaniphile babenobungane, bezwana, behamba ndawonye njalo enkonzweni yasensimini nasemihlanganweni. Kodwa abadala bebandla bathola imibiko yokuthi wayebhema ngokukhululekile emsebenzini—phambi koFakazi akanye nabo! Ebhekene nalokhu kumangalelwa, wavuma kokubili ukubhema kanye nokuphinga, esho ngokupholile ethi: “Angiboni ukuthi ngiyakuthanda ukuba seqinisweni njengamanje.” Isono sase simthuntubezile.
KumaHeberu 3:13 umphostoli uPawulu waxwayisa ngokuthi umuntu ‘angenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono.’ Lokhu kwabonakala kunjalo ngabazali bethu bokuqala, uAdamu noEva. Egwetshwa ngenxa yokungalaleli kwakhe, uAdamu wabeka lezizaba: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe-nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.” Yeka indlela uAdamu ayeseshintshe ngayo kulolosuku lapho ukumbona kwakhe okokuqala umakoti wakhe othandekayo kwakumshukumisele ukuba athi: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami.” Manje uEva ‘wayesengowesifazane, owangipha yena ukuba abe-nami.’ Ngobuthakathaka uEva wasola inyoka.—Genesise 2:23; 3:1-13.
Omunye umuntu owayesethuntubezwe yisono ngokungasenakulungiswa kwakunguJuda Iskariyothe. Kumelwe ukuthi ekuqaleni wayenenhliziyo enhle, ngoba uJesu wayengenakumkhetha njengomphostoli. Kodwa ngemva kokusolwa uJesu ngesinye isikhathi, uJuda ngokucasuka wabopha uzungu lokukhaphela iNkosi yakhe. (Mathewu 26:6-16) Lapho uJesu embula ukuthi omunye wabayi-12 wayeyomkhaphela, uJuda, yena kanye owayebonakala engenacala, wabuza: ‘Kungaba yimina?’ (Mathewu 26:25) Yisoni sangamabomu kuphela esingalondoloza ukuzenzisa okunjalo kwesibindi. Futhi lapho amasosha efika ezobopha uJesu, uJuda wakhetha, ezintweni zonke, isibonakaliso sasendulo sothando nobungane—ukwanga—njengophawu lokumbonakalisa. “Juda,” kubuza uJesu, “uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?”—Luka 22:48.
Indlela Isono Esithuntubeza Ngayo
Isono sikuthola kanjani ukumlawula okunjalo umuntu? KumaHeberu 3:7-11 uPawulu ubonisa indlela isono sokuntula ukholo esathonya ngayo isizwe sakwaIsrayeli. Ecaphuna iHubo 95:7-11, uPawulu lapho uthi: “Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi: Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi-lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane, lapho oyihlo bangilinga bengihlola, noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane; ngalokho nganengwa yilesosizukulwane, ngathi: Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazazanga izindlela zami, ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: Abayikungena ekuphumuleni kwami.”
‘Ukucunula’ kwenzeka endaweni ebizwa ngokuthi iMeriba nangokuthi iMasa. (IHubo 95:8) Lapho, ngokushesha ngemva kokukhululwa kwabo okuyisimangaliso eGibithe, “abantu baphikisana noMose, bathi: Siphe amanzi, siphuze.” (Eksodusi 17:2) Khumbula, base bezibonile kakade izishayo eziyishumi ezibhubhisayo eGibithe, amanzi oLwandle Olubomvu ehlukana phakathi, nemana lehla livela ezulwini. Nokho ‘baduka ezinhliziyweni zabo.’ Babegxile kakhulu ezinkanukweni zabo zobugovu kangangokuthi babengenakuyikhumbula imisebenzi kaJehova. Ngakho “abazazanga izindlela [zikaNkulunkulu]” futhi abazange bahlakulele ithemba lokuthi uJehova wayengabanakekela ngaphansi kwanoma iziphi izimo. “Siphe amanzi!” befuna ngenkani, njengokungathi uNkulunkulu owayehlukanise ulwandle wayengenamandla. Akumangalisi-ke, ukuthi kamuva bakhetha ukukholelwa umbiko omubi wezinhloli eziyishumi ezesabayo ezahlola iZwe Lesithembiso. (Numeri 13:32–14:4) Ngenxa yokungabi nalukholo okunjalo, uJehova wathi: “Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”—IHubo 95:11.
Ethatha isifundo kulokhu, uPawulu waxwayisa: “Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho-nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo; kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa-lukhuni ngokukhohlisa kwesono.” (Heberu 3:12, 13) “Isono” samaIsrayeli sasiwukuntula ukholo. (Bheka amaHeberu 3:19; qhathanisa no-Heb 12:1.) Lokho kwawenza ‘ahlubuka kuNkulunkulu ophilayo,’ alahlekelwa yikho konke ukwethembela kuJehova, naphezu kwazo zonke izimangaliso azenza. Ayengenakukugwema ukuwela ekuziphatheni okubi.
Ngokufanayo ukuntuleka kokholo kungabangela ukuba umKristu namuhla ‘aduke enhliziyweni yakhe,’ anqotshwe ukuthambekela kwenhliziyo okungokwemvelo. “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?” (Jeremiya 17:9, 10) Imicabango nezifiso ezimbi kuqala ukugcwalisa inhliziyo, kuvuse izinyathelo ezibulalayo eziyiketanga. “Kepha yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe sizala ukufa.”—Jakobe 1:14, 15.
Lapho Isono Sithuntubeza Umuntu
Enye indoda yayijabulela amalungelo amakhulu njengomdala, nakuba yayifihla ngokuhlakanipha icala layo lokuba yisiphingi. Ngisho nangemva kokushada, yaqhubeka nokuziphatha okubi. Nokho, yayingenayo inkinga ngokuzigcina ibonakala njengengenacala, ikhonza ngisho nasemakomitini okwahlulela yahlulela abanye. Isono sase siqale ukuyithuntubeza. Ngokushesha yaqala ukungabaza ngisho nezimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Lapho ekugcineni iphoqeleka ukuba ivume ububi bayo, yamane yaqhikiza amahlombe yathi, “Kwenza mehluko muni manje?”
Inkambo yokuzenzisa ingabulala unembeza womuntu njengokungathi ushiswe “uphawu.” (1 Thimothewu 4:2) IzAga zikubonisa lokhu ngokuthi: “Inje indlela yowesifazane ophingayo: uyadla, abesesula umlomo wakhe, athi: Angenzanga isono.” (IzAga 30:20) Isoni esesithuntubezekile size sicabange ngisho nokuthi: “UNkulunkulu ukhohliwe, ubusithezile ubuso bakhe.” (IHubo 10:11) Futhi lapho umuntu eqhubeka esonweni, kulapho inhliziyo yakhe iba sengozini ngokwengeziwe yokuba “njengamafutha ingezwa lutho.” (IHubo 119:70) Omunye osemusha wavuma: “Lapho ngihlobonga okokuqala, kwamane kwangidla ngaphakathi. Kodwa isikhathi ngasinye ngemva kwalokho, kwakuba ngcono, kwaze kwaba yilapho kungasangihluphi nakancane.”
Ngempela, inhliziyo ifuna izindlela zokululaza ububi. Enye insizwa, ngemva kokuhlobonga nentombi yayo, yayikhuza ekuyeni kwabadala iyofuna usizo ngokuthi: “Sizoshada! Futhi uyazi, iBhayibheli liyasho ukuthi lapho abantu ababili bezinqumela bona ukuthi bangowomunye nomunye, khona-ke emehlweni kaJehova bafana nasebeshadile.” Yeka umqondo wobugovu, okhohlisayo! Ngokudabukisayo, umkhuba wesono wathuthuka kangangokuthi waholela ekubulaleni—ukukhipha isisu! Lentombi kamuva yavuma: “Ngempela uqala ngokufelwa unembeza, futhi uqala ukuba nomuzwa wokuthi ungazikhuza.” Insizwa eyawela ngokufanayo emkhubeni wokuphinga yavuma: “Kufana nokuba umlutha wotshwala othi, ‘Ngingayeka noma nini uma ngithanda. Ake ngiphuze futhi.’ Ngakho ulokhu ukuziba ukutshela abadala.” Isoni siba yingcweti kakhulu ekukhohliseni abanye kangangokuthi siqala ukuzikhohlisa sona. “Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe, ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho.”—IHubo 36:2.
Ukugwema Ugibe Lwesono
Njengoba “umuntu ukholwa ngenhliziyo,” umKristu kumelwe enze konke okusemandleni ukuze ayilonde. (Roma 10:10; IzAga 4:23) Umthandazo, imihlangano, nesifundo somuntu siqu kusisiza ukuba sigcwalise izinhliziyo zethu ngemicabango eyakhayo. Kuyiqiniso, ngezikhathi ezithile imiqondo emibi iyangena ezingqondweni zethu. Kodwa lapho ingena, singamane sinqabe ukugxila kuyo. Kumelwe siye kuJehova ngomthandazo ngokushesha noma nini lapho sizithola silingelwa ekwenzeni okubi. (IHubo 55:22) Futhi ‘ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwethu, njengoba kufanele abangcwele.’ (Efesu 5:3) Ngaleyondlela isinyathelo esiyiketanga ‘esibeletha isono’ nokufa simiswa ngaphambi kokuba siqale.
Khumbula, futhi, ukuthi injabulo yesono imane ‘ingeyesikhashana.’ (Heberu 11:25) Ngokushesha “isono senu siyakunifumana,” futhi kuyodingeka ukuba nibhekane nemiphumela edumazayo. (Numeri 32:23) Zibuze: ‘Ingabe ngempela ngifuna ukuba isono singithuntubeze? Nakuba lokhu kungase kube okujabulisayo manje, lokhu kuyongithinta kanjani isikhathi eside?’
Nokho, kuthiwani uma umuntu njengamanje ezithola ebambeke enkambweni yobubi? Ungaphethi ngokuthi umuntu ‘angasihlawulela’ isono ngokwandisa ngokushesha umsebenzi wobuKristu. “Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo,” kusho iNkosi uDavide ophendukile. (IHubo 51:17) Nasi iseluleko seBhayibheli kwabagulayo ngokomoya: Yiya kubadala! (Jakobe 5:14, 15) Lamadoda avuthiwe ayokwenza konke okusemandleni awo ukuba asize ogulayo abuyele empilweni engokomoya. Kunjengoba iBhayibheli lisho: “Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.” (IzAga 28:13) Ekugcineni ngemva kokuba enye indoda ivume isono sayo kubadala yathi: “Kwakunjengokungathi umthwalo osindayo wawususiwe emahlombe ami.”—Qhathanisa neHubo 32:1-5.
Njengoba lelizwe liya liba libi, kuyoba yinselele ngisho nangokwengeziwe ngomKristu ukuba agcine ubuqotho bakhe. Nokho, khumbula: “Nakuba isoni singenza okubi izikhathi eziyikhulu futhi siqhubeke isikhathi eside njengokuthanda kwaso, . . . kuyoba kuhle kulabo abesaba uNkulunkulu weqiniso.” (UmShumayeli 8:12, NW) Ngakho yesaba uJehova uNkulunkulu! Uyokunikeza isivikelo emandleni athuntubezayo esono.
[Isithombe ekhasini 24]
AmaIsrayeli abonisa isimo sengqondo esilukhuni lapho efuna ngenkani amanzi kuMose