Ukuzimisela Ukuphila Ngezindinganiso Zokuziphatha ZikaJehova
IBHAYIBHELI likwenza kukhanye ukuthi uma indoda nomfazi behlala ndawonye ngaphandle kwelungiselelo lomshado ongokomthetho, benza ubufebe futhi, esimweni esinjalo, abayikulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu. (1 Korinte 6:9, 10) Okuhlangenwe nakho okuvela eziqhingini zamaNgisi eziseNtshonalanga kusitshela ngowesifazane osemusha owathola leliqiniso.
ESt. Lucia, oFakazi BakaJehova ababili, baya kowesifazane osemusha, futhi wabonisa isithakazelo eBhayibhelini. Ngenxa yalokho, kwaqaliswa isifundo seBhayibheli naye. Njengoba ayethuthuka ekufundeni kwakhe, wabona isidingo sokwenza ushintsho oluthile lokuziphatha. Nakuba ayengumama wabantwana abane, wayengashadile kodwa wayehlala nendoda. Bobabili yena nendoda babesebenze kanzima bakha indlu encane bonke abayisithupha ababehlala kuyo.
Eqaphela ukuthi ukuphila kwakhe kwakungavumelani nezindinganiso zokulunga zikaNkulunkulu, owesifazane osemusha wazimisela ukwenza ushintsho. Kwakungaba ukuthi uyashada nendoda ayehlala nayo noma uyazehlukanisa nayo. Waxoxa nayo ngendaba, kodwa yayingenasifiso sokushada. Babuyenelisa kahle ubuhlobo besivumelwano sabo bobabili. Ukholo lowesifazane lwaluyomshukumisela ukuba enzeni? Kwakumelwe enze isinqumo uma ayefuna ukuthokozisa uJehova, futhi ngemva kokukucabangela ngomthandazo, wanquma ukuzehlukanisa nalendoda. Kodwa wayezohlalaphi nabantwana bakhe abane?
Ngemva kokuxoxa nendoda ngalendaba, kwafinyelelwa elungiselelweni elihle—ngamunye wayezothola ingxenye yendlu! Ngosizo lothando lwabazalwane, kanye nolwendoda ayehlala nayo, indlu yahlukaniswa, enye ingxenye kwaba eyakhe enye ingxenye kwaba eyendoda. Ngalolosuku ingxenye yakhe yendlu yathuthelwa kwelinye ilokishi eliqhele ngamakhilomitha ayisishiyagalombili. Phakathi nesonto, yase yakhiwe kabusha yenziwa yaba indlu enamakamelo amabili okulala.
Esezithathile izinyathelo ezidingekile ukuze alethe ukuphila kwakhe ekuvumelaneni nezindinganiso zikaJehova, ngokushesha waqala ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini, ehamba nabantwana bakhe abane. Wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi ngokushesha ngemva kwalokho wabhapathizwa. Ejabulela lesenzakalo, wabhalisa njengephayona elisizayo. Manje usebusiswe ngokwengeziwe ngoba ikhaya lakhe elisha lisetshenziswa njengendawo yeSifundo Sencwadi Sebandla, esinesilinganiso sababa khona abayi-17. Ngempela, uJehova wakubusisa ukuzimisela kwakhe kokuba abe umkhulekeli wakhe ohlanzekile.