Abamemezeli Bombuso Bayabika
Ukuqoqa “Ezinye Izimvu” ZeNkosi EAustralia
EMINYAKENI engaphezu kwezi-2 500, umprofethi uHagayi wabhala, “Ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe.” (Hagayi 2:7) Namuhla, abantu abanjalo abanxanelekayo ngempela bebelokhu betheleka endlini kaJehova yokukhulekela. Nokho, ngezinye izikhathi bangase okokuqala bangabonakali benxaneleka kangako ngaphandle, njengoba kuboniswa yilokhu okuhlangenwe nakho kwaseAustralia:
◻ Umzalwane owayehamba ngemoto yakhe eya emhlanganweni ngelinye iSonto wenza okuthile ayengakaze akwenze ngaphambili. Wema ukuze athathe owayebonakala efuna izinto zokuhamba. Umzalwane wayengazi ukuthi ukwenzelani lokhu, njengoba lensizwa yayinezinwele ezinde, ezingalungisiwe futhi inentshebe, igqoke kabi, futhi ayizange icele ngisho nokugitsheliswa. Waba nje nomuzwa wokuthi kumelwe ame ayigibelise. Lapho insizwa ingena emotweni, yathi: “Uya esontweni, akunjalo?” Emangele, umzalwane waphendula: “Nokho, yebo, ngiya eHholo LoMbuso.” “Ngihamba nawe,” kusho lensizwa.
Ngenxa yokubonakala kwayo, umzalwane wazama ukuyisusa kulowomqondo. Kodwa insizwa yaphikelela nokufuna ukuhamba futhi yamxoxela lendaba: Yashiya ikhaya ineminyaka eyi-16 futhi kusukela lapho iye yahileleka ngamandla emilalisweni nasekuziphatheni okubi. Yayikade ihlala endlini kaseyili engaphansi kwezindunduma zesihlabathi ngasolwandle. Ngesikhathi ilapho, yaqala ukucabanga ngokungathi sína ngenjongo yokuphila. Yayingakuthandi lokho eyase iyikho, ngakho yathandaza kuNkulunkulu icela usizo. Yathi yatshela uNkulunkulu ukuthi yayizoya emgwaqweni futhi yathandazela ukuthi yena aqondise othile ukuba ayigibelise futhi ayiyise esontweni okuyilo. Aziziningi izimoto ezihamba ngalomgwaqo osehlane. Emahoreni amaningi kwaba nezintathu kuphela ezadlula, futhi akukho neyodwa eyayimela. Yayisizoyeka lapho umzalwane wethu eqhamuka futhi eyigibelisa.
Ngalelosonto yaba khona kuyo yonke imihlangano futhi yaqala ukuzilungisa kahle. Yakhipha ngisho nesiphambano eyayisifake entanyeni. Yanquma ukubuyela kubo eTasmania, lapho yaqeda khona inyanga ifunda iBhayibheli futhi ithandaza. Ibona ukuthi idinga usizo lomunye umuntu ukuze iqhubekele phambili, yaya ehhovisi legatsha leWatch Tower Society eAustralia. Amanye amaphayona athunyelwa ukuba ayofunda nayo, futhi yathuthuka ngokushesha. Iqiniso elivela eBhayibhelini lenza ukuphila kwayo kwaba nenjongo nethemba ngekusasa. (IzAga 10:28) Phakathi nezinyanga eziyisikhombisa yabhapathizwa futhi yaba iphayona elisizayo, manje ikhonza njengephayona elivamile eSydney.
◻ ‘Singasihlobisa isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu,’ ngokunamathela ezimisweni zeBhayibheli ekuziphatheni kwethu. (Thithu 2:10) Lokhu kwabonakaliswa endabeni yomzalwane owayeqashwe embonini lapho kwaphakama khona impikiswano yomsebenzi ngokuthunyelwa kwezimvu nezinkomo kwamanye amazwe. Isisebenzi ngasinye sacelwa ukuba sikhokhe amarandi amabili ukuba sisize ekusekeleni impikiswano. Lapho umzalwane enqaba, umphathi wenhlangano yezisebenzi wamesabisa ngokuthi wayezophelelwa umsebenzi. Umzalwane wachaza ukuthi, ngenxa kanembeza, wayengeke asisekele isiphithiphithi esasihlelwa. Umphathi wenhlangano yezisebenzi wamnikeza ihora ukuba acabangisise.
Umzalwane ngalesosikhathi waphenduka inhlekisa kwayesebenza nabo. Wabachazela ukuthi kwakungesikho ukuthi wayengenawo amarandi amabili, kodwa kwakungenxa yokuthi njengoba abanye balabo ababehileleke empikiswaneni babehlome ngezibhamu nezagila, wayezoba necala legazi ukuba wayebasekela futhi othile alimale noma afe. Esinye isisebenzi sathi sasingakaze siwuzwe lowombono ngaphambili futhi safuna ukwazi okwengeziwe. Ngesikhathi esifanele, umzalwane wakwazi ukuqalisa isifundo seBhayibheli nalesosisebenzi, futhi naphezu kokuphikisa komkayo, lendoda ngokushesha yaqala ukuba khona emihlanganweni. Namuhla isingomunye wabazalwane bethu abazinikezele. Umphathi wenhlangano yezisebenzi, akabange esabuya ukuzobuza umzalwane.
Ngempela, labo abathanda uNkulunkulu nokulunga, ngandlela-thile, bayokwambulelwa iqiniso futhi bayolibona. UJesu wathi: “Nezinye izimvu nginazo . . . ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami.” (Johane 10:16) Ezingaphezu kwezi-42 000 zalezi “ezinye izimvu” eAustralia seziye zalilalela kakade iphimbo likaMalusi Omuhle, futhi nsuku zonke ezengeziwe ziqoqelwa ohlangothini olungakwesokunene lomusa kaJesu.—Mathewu 25:31-34.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]
‘Singasihlobisa isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu’ ngokuziphatha kwethu okuhle