Imibuzo Evela Kubafundi
◼ KuJohane 6:53, ingabe uJesu wayebhekisele kumaKristu agcotshiwe kuphela lapho ethi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu”?
Eminyakeni eminingi siye sachaza lamazwi njengabhekisele kuphela kumaKristu agcotshiwe azoyiswa ezulwini ukuyobusa noJesu Kristu. Nokho, ukuhlolisiswa okuqhubekayo kwalendaba kunikeza ukusebenza okubanzi kukaJohane 6:53.
Eminyakeni edlule siye sabheka lombhalo ngokucabangela amanye amavesi asebenzisa amazwi afanayo. Ngokwesibonelo, umusho othi ‘ninokuphila phakathi kwenu’ uyafana namazwi kaJesu akuJohane 5:26, ayekhuluma ngoJehova noJesu kuphela. Nokho, njengoba kuchazwe emakhasini 11 no-12 alomagazini, umongo wendaba ekuJohane 5:26 unikeza isisekelo sokuqonda amazwi athi “enokuphila ngokwakhe” kulelovesi. Kodwa uJohane 6:53 washiwo ngonyaka olandelayo futhi unomongo wendaba owehlukile.
Okunye okwathonya umbono wethu wesikhathi esidlule ngoJohane 6:53 kwakungamazwi kaJesu ‘ngokudla inyama yakhe nokuphuza igazi lakhe.’ Kwakukhona ukufana kulokhu nakulokho uKristu akusho lapho emisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Ngesikhathi emisa lokho, wakhuluma ngenyama yakhe negazi, futhi wayala ukuba izifanekiselo zalokho (isinkwa esingenamvubelo newayini) zidliwe abalandeli bakhe ababezongeniswa esivumelwaneni esisha nasesivumelwaneni sombuso. (Luka 22:14-22, 28-30) Nokho, nalapha kumelwe uqashelwe umongo wendaba ekuJohane 6:53.
Lapho uJesu esho lokho okubhalwe kuJohane 6:53, ukumisa kwakhe iSidlo SeNkosi Sakusihlwa kwakusekude ngonyaka. Akukho noyedwa kwabezwa uJesu owayenomqondo ngokugujwa komkhosi waminyaka yonke ngezifanekiselo ezingokoqobo ezimelela inyama negazi likaKristu. Kunalokho, umongo wendaba kaJesu, noma iphuzu lakhe kulendaba, kuJohane isahluko 6 umayelana nokufaniswa kwenyama yakhe nemana. Nokho, umehluko wawukhona. Inyama yakhe (futhi, wenezela, negazi lakhe) yayingaphezulu kwemana elingokoqobo ngokuthi inyama yakhe yanikelwa ngenxa yokuphila kwezwe, wenza ukuphila okuphakade kwaba nokwenzeka.—Johane 6:48-51.
Ngokomphumela, ukucwaninga okwengeziwe kuye kwaqokomisa muva nje ukuthi kwakunomehluko wesikhathi esingangonyaka phakathi kwamazwi kaJesu akuJohane 5:26 nenkulumo yakhe ekuJohane isahluko 6; khona-ke kwase kuba omunye unyaka ngaphambi kokuba amise iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Futhi kuye kwalethwa ukunakekela okukhulu emongweni wendaba elandelayo ekuJohane 6:53. Kanjalo, isihloko esisemakhasini 15-20 sinikeza ukusebenza okubanzi kukaJohane 6:53, kuhlanganise kokubili labo abangeniswa esivumelwaneni esisha sokuphila kwasezulwini nalabo abanethemba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi.
◼ Izindaba zamaVangeli nemithombo yokwaziswa kubonakala kwehluka ngokuthi kunini lapho uJesu adla endlini kaSimoni onochoko eBethaniya futhi wagcotshwa ngamafutha anamakha. Kwakunini?
Kubonakala sengathi lezenzakalo zenzeka ngoNisan 9 (ngokwekhalenda lamaJuda) ka-33 C.E. Kodwa njengoba kuphawulwe ngezansi lapho kulotshwe khona izizathu zalesiphetho, uzobona ukuthi kungani ukutadisha ngokuqhubekayo iZwi likaNkulunkulu kungaletha intuthuko olwazini nasekuqondeni kwakho.
Imininingwane yalelidili inikezwe emaVangelini amathathu kwamane. (Mathewu 26:6-13; Marku 14:3-9; Johane 12:2-8) UMathewu noMarku bakhuluma ngalelodili ngemva kokuba sebesitshele ngokungena ngokunqoba kukaJesu eJerusalema, ukuqalekisa kwakhe umkhiwane ongatheli, nempendulo yakhe embuzweni wabaphostoli ngokuphela kwesimiso sezinto. Bobabili uMathewu noMarku balandelisa indaba yedili ngokuvumelana kukaJuda nabaholi bamaJuda ekukhapheleni uJesu. Ukubekwa kwesidlo kulezindaba ezimbili kungasikisela ukuthi kwenzeka ngoNisan 12, izinsuku ezimbili nje kuphela ngaphambi kokukhashelwa nokubulawa kukaJesu ngoNisan 14. Ngakho idili labekwa osukwini lukaNisan 12 emashadini amaningi abonisa izenzakalo zokuphila kukaJesu, kuhlanganise namanye asezincwadini zethu zakudala.
KuJohane isahluko 12 isidlo endlini kaSimoni sihlelwe ngokwehlukile. UJohane 12:1 ubika ukuthi uJesu wafika eBethaniya elingaseJerusalema “izinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika,” okunguNisan 8. Khona-ke Joh 12 amavesi 2 kuya ku-8 achaza isidlo sakusihlwa eBethaniya, futhi Joh 12 amavesi 9-11 asitshela ukuthi amaJuda ayezwile ukuthi uJesu wayelapho aphuma ukuyombona. Joh 12 Amavesi 12-15 athi “ngangomuso” uKristu wangena eJerusalema engonqobayo. (Qhathanisa nezEnzo 20:7-11.) Ngakho-ke, uJohane 12:1-15 ubonisa ukuthi isidlo endlini kaSimoni sasingoNisan 9 kusihlwa, lokho okwakungaphawula ukuqalisa kosuku olusha ngokwekhalenda lamaJuda, olulandelwa ukungena kukaJesu eJerusalema emini ngalolosuku (Nisan 9).
Kulezinsuku ezimbili, lolu lwesibili lubonakala lungoluqondile. Ngani? Nokho, ake siqhathanise izindaba nomongo wazo. Bobabili uMathewu noMarku abalunikezi usuku lwedili elalisendlini kaSimoni. Nokho, bayabonisa ukuthi kulelodili kwaphakama ukukhononda ngokusebenzisa kukaMariya amafutha anenani elikhulu, ukukhononda uJohane akubonisayo kwakuholwa nguJuda ohahayo. (Mathewu 26:8, 9; Marku 14:4, 5; Johane 12:4-6) Njengoba siphawulile, bobabili uMathewu noMarku balandelisa isigigaba sedili ngokubonana kukaJuda nabapristi ukuze azi ukuthi angakhokhelwa malini ngokukhaphela uKristu. Kanjalo kungenzeka ukuthi kwakuwumongo wendaba owenza uMathewu noMarku bakhulume lapha ngedili, behlanganisa obunye ubufakazi bokuhaha kukaJuda nokubonakaliswa kwakho kokugcina.
Nokho, uJohane uyalunikeza usuku oluqondile lwedili, ekuboniseni lokhu wakhuluma ngalo esimweni salo sokulandelana kwezenzakalo. Lokhu kusekela isiphetho sokuthi isidlo sakusihlwa endlini kaSimoni salandela ukufika kukaJesu eBethaniya ngoNisan 8, 33 C.E. Futhi, khumbula ukwaziswa kukaJohane kokuthi amaJuda ‘ayezwe ukuthi uJesu wayeseBethaniya’ asuka eJerusalema ukuzobona yena noLazaru, naye owayehlala eBethaniya futhi odadewabo ababekhona edilini. Lokhu kuhambela kwamaJuda ayezwile ngokuba khona kukaJesu eBethaniya kufanele ukuba kwenzeka ngaphambi kokungena kwakhe eJerusalema, futhi ngokunokwenzeka kwaba nengxenye ekwamukelweni okunomdlandla kukaKristu phakathi nokungena kwakhe emzini “ngangomuso,” emini ngo-Nisan 9.
Ukuhlola okwengeziwe ngokucophelela okuholela kulesiphetho kuboniswe emibhalweni yamuva yeshadi elithi “Izenzakalo Ezibalulekile Zokuphila KukaJesu Kwasemhlabeni,” njengakuThe Kingdom Interlinear Translation of the Greek Scriptures enyatheliswe ngo-1985. Nakuba lokhu kungase kubonakale kuyiphuzu elincane, elifuna ukucutshungulwa, kubonisa indlela sonke esingaqhubeka sikhula ngayo olwazini nasekuqondeni imininingwane emihle eseZwini likaNkulunkulu.