Ihubo Elisha ‘Emfuleni Wezinyoni’
AMANDIYA ayewubiza ngokuthi uMfula Wezinyoni. Nanamuhla, ogwini lwalo mfula umuntu usezwa ingoma emnandi yenqomfi, ukukhala kwejuba, ukucula okumnandi kweChincol, okuyizinhlobo eziyisihlanu nokunanela kweBenteveo enesisu esiphuzi. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, izwe elisempumalanga yomfula nalo laziwa ngegama elithi uMfula Wezinyoni, noma iURUGUAY ngokolimi lwesigodi lwamaNdiya angamaTupí.
Nokho, manje sekuhlatshelelwa “ihubo elisha” eMfuleni Wezinyoni. UIsaya wakubikezela kudala lokhu, ethi: “Mhubeleni uJehova ihubo elisha, nodumo lwakhe, kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela elwandle nakho konke okukulo, nina-ziqhingi nabakhileyo kuzo.” (Isaya 42:10) Nokho, ‘lelihubo elisha’ ngokumiswa koMbuso kaNkulunkulu lafinyelela kanjani eUruguay?
Ukufika ‘Kwehubo Elisha’
Isigijimi soMbuso esinamandla saqala ukuzwakala kancane eUruguay ngo-1923. Ngalowo nyaka omunye woFakazi BakaJehova wadlula kulelozwe futhi wahambisa izincwajana eziyikhulu. NgoSeptember ka-1924 uJuan Muñiz wafika. Wayekade engumpristi ongumKatolika eSpain owayibheka ngamanye amehlo inkolo yakhe futhi wayishiya. Nokho, ngemva kokuthuthela eUnited States, ngo-1916 uthando lwakhe ngeBhayibheli lwavuselelwa isigijimi soMbuso asizwa ngabantu abaziwa manje njengoFakazi BakaJehova. UMuñiz wabuyela eSpain ukuyohlanganyela nabanye lokho ayekufundile. Kodwa wahlangabezana nokuphikiswa okunamandla kangangokuthi waze wathuthela eNingizimu Melika, njengokusikisela kukamongameli weWatchtower Society. UJuan Muñiz wabekwa ukuba anakekele umsebenzi wokushumayela ngoMbuso eArgentina, eParaguay, naseUruguay.
UMzalwane uMuñiz wayeyisikhulumi esinekhono eliphawulekayo. Kuthiwa wayengathumba izinhliziyo zezilaleli amahora amaningi, esebenzisa iBhayibheli kuphela, ngaphandle kokubhalwe phansi noma uhlaka lwenkulumo. Lapho ebona ukuthi abantu baseUruguay babesabela ngesithakazelo esikhulu, uJuan Muñiz wacela ukuba iNhlangano ithumele usizo olwengeziwe.
Esabela kulokho uCarlos Ott wayishiya iJalimane ngo-1925, ngemva kwesikhashana kamuva wafika eUruguay. Imizamo yakhe wayigxilisa lapho iminyaka eyisishiyagalombili elandelayo. Esiqaphela isidingo sokufinyelela abantu abaningi ngangokunokwenzeka, uMzalwane uOtt wawusebenzisa ngangokunokwenzeka umsakazo, esinye isiteshi savuma ngisho nokusakaza izintshumayelo ezirekhodiwe mahhala. Kusukela kulesiqalo esincane, umsebenzi waqhubekela kuzo zonke izifundazwe eziyi-19 zaseUruguay.
Enye imbewu yeqiniso yawela kwabangebona abomdabu baseUruguay. Ngokwesibonelo, enyakatho Uruguay kwakunemikhaya eminingi yaseRashiya izwe lokuzalwa phakathi nesiyaluyalu seMpi Yezwe I. Omunye wabo, uNikifor Tkachenco, wathola incwajana ethi “Where Are the Dead?” futhi walibona iqiniso elisobala. Ngokungangabazi walwela ukuhlanganyela inkolo yakhe entsha namanye amaRashiya. Abaningana balamukela iqiniso, baba izisekelo zamabandla aseSalto nasePaysandú, amanye amadolobha amabili amakhulu.
Ngo-1939 amaphayona ayisithupha angamaJalimane abelwa ukuya eUruguay. Nokho, kwawathatha iminyaka eyisithupha ukuba afinyelele isabelo sawo; abashushisi bobuNazi babebenze izisulu zokuzingelwa isikhathi eside kulo lonke elaseYurophu. Nokho, lapho ekugcineni befika eUruguay, ngokushesha baqala ukusebenza. Okokuqala bazama ukuthola imikhaya engamaJalimane futhi bashumayela kuyo. Khona-ke, lapho besafunda ulimi lwendawo, babephatha “ikhadi lobufakazi” lesiPanishi elalichaza kafushane ukuthunywa kwabo.
Leliqenjana lahlanganisa ngenkuthalo lonke izwe ligibela amabhayisikili, izincwadi lizishintshanisa ngokudla futhi lilala ematendeni amancane ngasemigwaqweni uma kungekho muntu olamukelile. Amabhayisikili abo ayethwele izingubo ezanele zenkathi yonyaka, isitofu sokupheka esincane sikaphalafini, izitsha zasekhishini, negilamafoni eyayinezintshumayelo ezirekhodiwe zeBhayibheli. Bamelana namakhaza, ukushisa, umoya, nezikhukhula. Kodwa ngalendlela imbewu yeqiniso yagcwala lonke lelozwe. Ngesikhashana nabanye bafaka amazwi abo eqenjini lalabo ababehlabelela “ihubo elisha.”
Izithunywa Zevangeli Zibangela Ukwanda
NgoMarch 1945, uN. H. Knorr noF. W. Franz, abaqondisi beWatch Tower Society, bavakashela iUruguay okokuqala ngqá. Ngaphandle kokunikeza iseluleko esakhayo, banikeza iUruguay umfundi wayo wokuqala oneziqu zasesikoleni saseGileyadi, uRussell S. Cornelius. Nakuba ekuqaleni ayekhuluma amazwi ambalwa kuphela esiPanishi, ngemva kwenyanga nengxenye kuphela, wayesekwazi ukunikeza inkulumo yeningi. Waqhubeka ethuthuka futhi wayewusizo olukhulu ekuqondiseni umsebenzi woMbuso. Ngokushesha, izithunywa zevangeli ezengeziwe ezisencane zafika, kwaze kwaba nezingama-27—izithunywa zevangeli ezicishe zilingane nabamemezeli ngenani—ezaziminyene ekhaya legatsha lezithunywa zevangeli elaliqashiwe. Ngokusobala, ukuba khona kwezithunywa zevangeli ezingamantombazane akwamanye amazwe kwaba nethonya emphakathini. Elinye iphephandaba laze lantela lathi “izingelosi ezikhanyayo” zihlasele elaseMontevideo!
UMabel Jones wayengonjalo. Lapho esemhlanganweni eSalto ngo-1950, wahlanganyela ithemba loMbuso noCarola Beltramelli noCatalina Pomponi, omakhelwane bakhe ababili abanomusa. Bobabili beza kulowo mhlangano futhi, ngemva kwenyanga, bahamba amakhilomitha angama-500 ukuze babe khona komunye owawuseMontevideo. Bathuthuka ngokushesha ngokomoya. Amadodana kaCarola nawo asabela eqinisweni. Omunye walawomadodana, uDelfos, wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele futhi ngo-1965 wathola iziqu esikoleni saseGileyadi. Manje ukhonza njengomqondisi weKomiti Legatsha. Indodana encane, uLuis, ingumdala webandla. Udade Pomponi wangenela inkonzo yobuphayona ngo-1953 futhi usesize abantu abangaphezu kwama-80 banikezela ukuphila kwabo kuJehova.
Sekukonke kunabafundi abaneziqu zaseGileyadi abangama-82 abakhonza eUruguay. Nakuba abanye bekubone kudingekile ukubuyela emakhaya ngenxa yezizathu ezithile, bashiye umbhalo ogciniwe womsebenzi onezithelo. Ngisho namanje ungezwa omakadebona phakathi kwabazalwane baseUruguay bethi, “Izingane zami zazincane kunabazukulu bami manje ngesikhathi uMary Batko efika ezongifundisa iBhayibheli” noma, “Ngangisesesikoleni esiphansi lapho uJack noJane Powers bengithatha njalo ngeSonto ukuba siyoshumayela.”
Ukukhula Nokwanda
“Ihubo Elisha” lawela ezindlebeni eziningi ezisabelayo. Ngo-1949 uGerardo Escribano, osemusha owayengakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, wamenyelwa emhlanganweni weBhayibheli. Wavuma ngaphansi kombandela wokuthi uma kukhona izithombe noma uma kufanele asho ngekhanda imithandazo engokwenkolo, wayengeke aphinde abuye. Lokho akuzwa kwamhlaba umxhwele ngemva kwalokho wabhapathizwa, futhi manje ukhonza njengombonisi wesigodi nelunga lekomiti legatsha.
Umbukiso othi The New World Society in Action, owenziwa ngo-1956 wayiswa cishe kuwo wonke amadolobha amakhulu namancane. UMzalwane uLiber Berrueta lombukiso wawubonisa izikhathi ezingamakhulu emaHholo OMbuso, emakhaya abantu, emapaki kawonk’ uwonke, nasemahholo alungiswe kahle. Waba nengxenye enkulu futhi ekumisweni okungokomthetho kweNhlangano eUruguay, ekhonza njengomongameli wayo wokuqala kwaze kwaba sekufeni kwakhe.
Ekupheleni kuka-1961, lapho kunoFakazi abayi-1 570 kulelo zwe, ukunikezelwa kweKhaya elisha laseBethel kwakuyisinyathelo esibalulekile. Ngemva kokuqedwa kwalo, umdwebi wamapulani uJustino Apolo, washukunyiselwa ukubonisa ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu ngobhapathizo. Kamuva waba ngumdala futhi wasiza ngomusa ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso cishe angama-40 eUruguay.
Ngokufanayo, ngemva kokuphela kwesakhiwo, uAvelino Filipponi, umakhi oyingcweti, wathatha inkonzo yesikhathi esigcwele nomkakhe. Manje usengumbonisi wesifunda. Naye futhi, uye wasiza kakhulu ngamaHholo OMbuso amaningi. Muva nje, wahlanganyela ekuqondiseni ukwakhiwa kwesakhiwo esenezelwe eBethel yaseUruguay.
Isakhiwo Esisha Segatsha
Isakhiwo esenezelwe esiyizitezi ezimbili sinendawo yangaphansi ebanzi. Njengoba sinendawo yaphansi engamamitha skwele angama-790, eqinisweni sikhulu kunesakhiwo sokuqala. Isakhiwo esenezelwe sinendawo yokunyathelisa, umnyango wezokuthumela nowomagazini, indawo yokugcina izincwadi, igalaji, neHholo LoMbuso elihle. Eziningi zezinto zokwakha zanikelwa ngabazalwane, futhi wonke umsebenzi wenziwa yizisebenzi zokuzithandela ezingaba ngama-500. OFakazi abayizingcweti ekubazeni amatshe, emsebenzini wensimbi, ekubazeni amapulangwe, nakweminye imisebenzi banikela ngesikhathi sabo namakhono ekuklameni, ekwakheni, ekuhlobiseni, nasekufakeni okudingekayo kuso sonke isakhiwo.
NgoFebruary 4, 1985, ukunikezelwa kwesakhiwo esenezelwe kwaqala lapho uGrant Miller, ilunga leKomiti Legatsha, enikeza umlando omfushane ngeUruguay nokukhula komsebenzi woMbuso ezweni loMfula Wezinyoni. Lokhu kwalandelwa okuhlangenwe nakho okujabulisayo nemininingwane ngesakhiwo esisha. Ekugcineni, izilaleli ezingama-250 zayazisa inkulumo yokunikezela ethi, “Abantu Abathokozayo Abanenjongo” eyanikezwa nguDelfos Beltramelli. Kwakuwusuku olungenakukhohlakala ngempela!
Ukubheka Phambili
Kodwa ikusasa liwuphatheleni umsebenzi eUruguay? Cabangela ukwanda okusheshayo esiye sakujabulela. Ngo-1964 sasinoFakazi abayizi-2 000. Ngo-1974 lelinani laphindwa kabili. Phakathi no-1985 safinyelela inani eliphakeme labayizi-5 329. Ukuthi kusengase kube nokwanda okwengeziwe kwabonakala ngokushesha lapho abangama-15 243—cishe oyedwa kubantu abangama-190 kulelozwe—beza eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu ngo-1985.
Kodwa imfanelo yobuKristu eboniswa abazalwane bethu eUruguay ivusa amadlingozi ngisho nangokwengeziwe. Ngokwesibonelo, eminyakeni eminingi kwakufanele baye eBrazil ukuze bathole imihlangano yabo yaminyaka yonke ngoba uhulumeni waseUruguay wenqaba ukubanika imvume yokuqhuba imihlangano. Ngo-1982 uhulumeni wamemezela ukuthi zonke izakhamuzi ezazishiya lelizwe kumelwe zikhokhe intela. Lokhu kwabeka umthwalo onzima ngokwezimali kubazalwane abaningi. Nokho, abazalwane ababenokuningi basiza imikhaya empofu. Elinye iqembu laze lenza ngisho nomsebenzi wokukhanda izinto zasendlini phakathi nesikhathi salo sokuphumula ukuze linikele ezindlekweni zabanye. Ngakho cishe abantu baseUruguay abayizi-3 500 baphumelela ukuya emhlanganweni eBrazil!
Khona-ke, ngokushintsha kwezenzakalo kungalindelekile, abazalwane bathola imvume yokuqhuba umhlangano eMontevideo ngesonto elandulela ukunikezelwa kwesakhiwo esenezelwe segatsha. Wonke amalungiselelo kwakufanele enziwe ngezinsuku ezingama-20 kuphela, kuhlanganise ukwabiwa kwezinkulumo, ukuhlela iminyango ehlukene, nokulungisa futhi kuhlanzwe lendawo yokuzijabulisa eyayidilika futhi ingasasetshenziswa. Kodwa yeka injabulo okwaba yiyo ukuhlangana kwabayizi-6 245!
Ngakho singaqiniseka ngokuthi uJehova uyoqhubeka ebusisa imizamo yabafowethu njengoba besebenza ngobunye ekuhlabeleleni isigijimi esikhazimulayo soMbuso kaNkulunkulu eMfuleni Wezinyoni iUruguay!
[Amabalazwe/Isithombe ekhasini 27]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani bheka encwadini)
URUGUAY
Salto
Paysandú
Montevideo
[Ibalazwe]
South America
[Isithombe ekhasini 29]
IHholo LoMbuso lesakhiwo esisha sekhaya legatsha eUruguay