UNisan 14—Usuku LweSikhumbuzo
“Lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.”—1 KORINTE 11:24.
1. UJesu walinqoba kanjani izwe?
“YIMANI isibindi, mina ngilinqobile izwe.” Ngalamazwi enduduzo nesikhuthazo, uJesu waqinisa abaphostoli bakhe abathembekile abayi-11 ngaphambi kokufa kwakhe ngalobobusuku. UJesu wayezibonakalise njengomnqobi wezwe! Wayemelane ngokuphumelelayo nayo yonke imizamo yesitha sakhe, uSathane uDeveli, yokuphula ubuqotho bakhe kuJehova. Futhi manje, njengoba ayezobhekana nokufa esigxotsheni sokuhlushwa emahoreni ambalwa, wayeqiniseka ngokulondoloza inkambo yakhe yokwethembeka kuze kube sekugcineni.—Johane 16:33; Heberu 12:2.
2. Kungani uJesu amisa ‘isidlo seNkosi sakusihlwa’?
2 Lesisehlakalo esibaluleke endaweni yonke senzeka eminyakeni engamakhulu ayishumi nesishiyagalolunye namashumi amahlanu nambili edlule ngolwe-14 luka-Nisan, inyanga yokuqala yekhalenda elingcwele lamaJuda. Abalandeli bakho abazinikezele babengenakulukhohlwa neze lolusuku. Ukuze aqiniseke ukuthi abalandeli bakhe abathembekile babengenakukubukela phansi ukubaluleka okwakuzokwenzeka ngalesosikhathi uJesu wamisa isidlo sakusihlwa esasikhethekile sesikhumbuzo, esichazwa umphostoli uPawulu ngokuthi “isidlo seNkosi.” Ngaphansi kokuphefumlelwa kwaphezulu uPawulu ulandisa ukuthi kulowomkhosi uJesu wayala abafundi bakhe ababekhona ngalesosikhathi: “Lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.” (1 Korinte 11:20, 24) Uma unendaba ngokuba omunye wabalandeli bakaJesu, ingabe, uyasiqaphela isizathu sokuyala kwakhe ngalokho, ukuthi kufuna ukuba wenzeni, nokuthi kungasho ukuthini ngekusasa lakho?
USuku Olukhumbulekayo
3. Kungani, futhi kungaphansi kwaziphi izimo, uNisan 14 ekuqaleni enziwa waba usuku lwesikhumbuzo?
3 Lokhu kwakungaqali emlandweni wo-muntu ukuba uNisan 14 abekwe eceleni njengosuku lwesikhumbuzo. Ngo-1513 B.C.E., uJehova, ngenceku yakhe uMose, wayala amaIsrayeli: “Lolosuku [Nisan 14] luyakuba-yisikhumbuzo kini, nilugcine lube-ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane.” Yini eyabangela kube nalowomkhosi emuva ngalesosikhathi? UJehova ngokwakhe waphendula: “Kungumhlatshelo wephasika likaJehova owadlula kuzo izindlu zabantwana bakwaIsrayeli mhla ebulala abaseGibithe.”—Eksodusi 12:14, 27.
4. Iziphi izimpikiswano ezibalulekile ezazihilelekile ekukhululweni kukaIsrayeli eGibithe?
4 Lokhokukhululwa okumangalisayo kwawo wonke amazibulo amaIsrayeli eGibithe, kuhilela kokubili abantu nezilwane, kwenzeka ngalobobusuku bukaNisan 14. Kwakusekupheleni kwezishayo eziyisishiyagalolunye ezingaphambili konkulunkulu bamademoni ababekhulekelwa abaseGibithe, kugcizelela injongo kaJehova eyayishiwo ngaphambili kuFaro oziphakamisayo: “Kepha ngikumisé ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.” Ezinsukwini ezimbalwa kamuva igama namandla kaJehova kwabonakaliswa ngokwengeziwe lapho ekhulula izigidi zamaIsrayeli nengxubevange yabantu oLwandle Olubomvu, kuyilapho eminzisa amabutho ekhethelo kaFaro. Akumangalisi ukuthi uMose nabantwana bakwaIsrayeli bacula: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu”!—Eksodusi 9:16; 15:1.
5. Iyiphi injongo eyafezwa ukugujwa kwePhasika?
5 Ngemva kokuba amaIsrayeli esezinzile ezweni elalithenjiswe ukhokho wawo uAbrahama, iPhasika lalizogujwa isizwe sonke kanye ngonyaka eJerusalema, ngokulalela umyalo okuDuteronomi 16:1-8. Kanjalo uJehova wahlela ukuba uNisan 14 akhumbuleke njalo kubantu bakhe bakudala. Lokhu kwakuyofeza yiphi injongo? Kwakumelwe kube usuku lokudumisa igama likaJehova, lokukhumbula izenzo zakhe ezinkulu zokukhulula. Ngakho emakhulwini eminyaka kamuva ukubaluleka kwePhasika kwakuyoba semqoka ezinhliziyweni nasemicabangweni yabazali bakaJesu, esitsheIwa ngabo ukuthi ‘babeya eJerusalema minyaka yonke ngomkhosi wePhasika.’ Ngokwesiko lamaJuda, indodana yabo uJesu kwakumelwe ihambe nabo.—Luka 2:41, 42.
6. Kungenxa yaziphi izizathu uJesu ashisekela ukugcina iPhasika lika-33 C.E. nabaphostoli bakhe abathembekile?
6 Ngemva kokubhapathizwa kukaJesu eJordani nokuqala kwenkonzo yakhe, cishe wayeyoqhubeka egubha iPhasika noMariya, unina wasemhlabeni, namadodana akhe, abafowabo ngamzali munye. Nokho, ngoNisan 14, 33 C.E., uJesu wahlela ukugubha lomkhosi nabaphostoli bakhe abayi-12. Indaba kaLuka isitshela indlela uJesu azizwa ngaye ngalomkhosi: “Nginxanela nokunxanela ukudla nani leliphasika ngingakuhlupheki.” (Luka 22:15) Kungani uJesu ayenesifiso esikhulu kangaka? Kungoba wayekwazi ukubaluleka kwezehlakalo ezazizokwenzeka ngokushesha ngalolosuku olungakhohlakali olwase luqalile ekushoneni kwelanga. UJesu wayazi futhi ukuthi izenzakalo ezinjalo zaziyozidlula kude lé lezo ezenzeka emuva ngo-1513 B.C.E. Zaziyophakamisa igama likaJehova ngaphezulu kunanini ngaphambili futhi zaziyobeka isisekelo sokubusiswa kwayo yonke imikhaya yomhlaba ekugcineni. Futhi, wayenokuningi ayezokutshela abafundi bakhe ngaphambi kokuba afe, ebamisa isibindi ukuze bahlale bengabalandeli bakhe abathembekile. Izindaba eziningiliziwe zamaVangeli zisivumela ukuba sizwe lokho uJesu akusho nakwenza.—Johane 12:31; 17:26.
Yini Eyenzeka? Kwakusho Ukuthini?
7. (a) Iziphi izenzakalo phakathi nesidlo sokugcina sePhasika likaJesu ezaholela ekumiseni kwakhe iSikhumbuzo sokufa kwakhe? (Johane 13:1-30) (b) Chaza inqubo kaJesu ekumiseni iSidlo SeNkosi Sakusihlwa.
7 Besadla, uJesu wasukuma futhi wageza izinyawo zabafundi bakhe, kanjalo ebeka isibonelo esiphelele sokuzithoba. Khona uJesu wathi: “Omunye wenu uyakungikhaphela.” Ngokushesha kamuva, waphendukela kuJuda wathi, “Okwenzayo kwenze masinyane.” Indaba kaJohane iyalandisa: “Waphuma masinyane; kwakusebusuku.” (Johane 13:21, 27, 30) Kwakungemva kwalokhu-ke lapho uJesu amisa iSikhumbuzo sokufa kwakhe. Ake sizwe indlela ufakazi wokuzibonela uMathewu achaza ngayo okwenzeka: “Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami. Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesisithelo somvini, kuze kufike lolosuku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba. Kwathi sebehlabelele igama lokubonga, baphuma, bava eNtabeni yemiNqumo.”—Mathewu 26:26-30; bheka futhi uMarku 14:22-26, Luka 22:19, 20, neyoku-1 Korinte 11:23-26.
8. Kungani kubalulekile ukuqonda incazelo yamazwi kaJesu nezenzo ekumiseni iSikhumbuzo?
8 Yayiyini incazelo ephelele yalokho uJesu akusho nakwenza kulowomkhosi? UPawulu ugcizelela indlela okubaluleke ngayo ngabo bonke abalandeli bakaKristu abagcotshiwe ukuba bakuqaphele lokhu, ethi: “Ngakho-ke lowo odla lesisinkwa, aphuze lesisitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi.” Ngokuqinisekile akekho kwabagcotshiwe oyofuna ‘ukungafaneleki’ emehlweni kaJehova, okuyophumela ekwahlulelweni kwakhe kabuhlungu. Ngokungaphezulu, “isixuku esikhulu” kumelwe sifune ukufaneleka njengabangane bensali egcotshiwe. Ngakho, njengoba kusondela esinye iSikhumbuzo ngoLwesine, ngoApril 4, 1985, kuyisikhathi esifanele ngathi sonke ukuba sihlole lendaba ndawonye ngokuningiliziwe.—1 Korinte 11:27.
9 (a) Kungani ukuhunyushwa kwamazwi kaJesu ngokuthi, “Lokhu kusho umzimba wami” kungokuqonde kakhulu kunokuthi, “Lona umzimba wami”? (Bheka amazwi angezansi.) (b) Ikuphi ukubaluleka okukhethekile uJesu akuhlanganisa nesinkwa? (c) Newayini?
9 UJesu wathi, “Lokhu kusho umzimba wami.”a (NW) Ngokusho lamazwi, uJesu wayebonisa ukubaluleka okukhethekile kwesinkwa—sasifanekisela umzimba wakhe siqu wenyama ongenasono awunikela “ngenxa yokuphila kwezwe.” (Johane 6:51) Ngokufanayo, uma ethi ngokuqondene nesitsha sewayini, “Lokhu kusho igazi lami lesivumelwano, . . . elithululelwa . . . ukuthethelelwa kwezono,” wayesebenzisa iwayini elingenambiliso eIisesitsheni njengesifanekiselo segazi lakhe siqu. Leligazi lalizoba yisisekelo sokuqalisa ukusebenza ‘kwesivumelwano esisha.’ Igazi lakhe elathululwa lalizoba yindlela futhi yokulungiselela “ukuthethelelwa kwezono.”—Mathewu 26:28, NW; Jeremiya 31:31-33; Heberu 9:22.
10. Kusikiselani ukudla isinkwa newayini?
10 Khona-ke, kusikiselani lokhu kulabo abadla isinkwa newayini phakathi nokugujwa kweSikhumbuzo? Isenzo ngokwaso sibonisa ukuthi abadlayo, nababukelayo, sebezuzile kakade emhlatshelweni wesihlengo kaKristu Jesu, kodwa ngendlela ekhethekile nangenjongo ekhethekile. Lokhu kusebenza kanjani? Ngesisekelo sokholo lwabo emhlatshelweni kaKristu nokuzinikezela kwabo kuJehova, uNkulunkulu ubanikeza umvuzo womhlatshelo kaJesu wobuntu. Ngenxa yayiphi injongo? Ukuze bafanelekele ukuphelela kobuntu futhi kanjalo babe nokuma okuhle phambi kukaNkulunkulu. Khona-ke uJehova ubazala ngomoya wakhe ongcwele babe amadodana akhe angokomoya. Manje basesimweni sokudela ilungelo labo lokuphila emhlabeni ukuze badle ifa lasezulwini. Konke lokhu kuye kwenzeka ngaphambi kokuba bahlanganyele esidlweni SeNkosi Sakusihlwa.—Roma 5:1, 2, 8; 8:15-17; Jakobe 1:18.
11, 12. (a) Yiziphi izinto ezimbili ezengeziwe eziboniswa ukuphuza iwayini? (b) Chaza isivumelwano uJesu asenza nalabo abadlayo.
11 Cabangela manje okunye okusikiselwa ukuphuza iwayini. Nakuba uJehova eye wabheka amadodana akhe angokomoya njengalungile futhi wawamukela njengamadodana, asesenyameni engaphelele. Asathambekele esonweni futhi ayakuqaphela lokhu. Ekuphuzeni iwayini, ngalokho aqaphela ukuthembeka kwawo nsuku zonke egazini likaKristu Jesu eliye “lathululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.”—1 Johane 1:9, 10; 2:1.
12 Nokho, kusenokuthile okunye okusikiselwa ukuphuza iwayini. Abadlayo bafakazela ukuthi baye balethwa “esivumelwaneni esisha” uJehova asibikezela kudala ngomprofethi uJeremiya. Lesivumelwano senziwa sasebenza ngegazi likaJesu. Abakulesivumelwano uJehova uNkulunkulu namadodana akhe angokomoya, lawo esewonke enza uIsrayeli ongokomoya. Ilungu ngalinye likhethwa uNkulunkulu. UJesu unguMlamuleli wesivumelwano, asiza ngaso lawomalungu ayizi-144 000 esivumelwano ukuba abe yingxenye yenzalo ka-Abrahama. (Jeremiya 31:31-34; 2 Thesalonika 2:13; Heberu 8:10, 12; 12:22-24; Galathiya 3:29) Laba futhi bayilabo abangenisa ‘esivumelwaneni sombuso.’ Ngenxa yalokho, ekugcineni bayosetshenziswa kanye neNkosi yabo uJesu Kristu ekudluliseleni izibusiso zikaJehova kuyo yonke imikhaya yomhlaba.—Luka 22:28-30; Johane 6:53; IsAmbulo 5:9, 10; Genesise 22:15-18.
13. Iziphi izinto manje okumelwe zikhunjulwe ngoNisan 14?
13 Ngokuqinisekile, njengoba sihlola incazelo egcwele yamazwi kaJesu akhulunywa ngalolusuku lwesikhumbuzo, sikhunjuzwa ngamandla ngothando lukaJehova ekwenzeni ilungiselelo leNdodana yakhe ethandekayo. Sikhunjuzwa futhi ngothando lukaJesu ekunikezeleni ukuphila kwakhe njengomhlatshelo waso sonke isintu esikholwayo. (Johane 3:16; Roma 5:8; 1 Thimothewu 2:5, 6) Nokho, kunamanye amaqiniso ayigugu uJesu awaxoxa nabalandeli bakhe ngalokhokuhlwa. Kubabhali beBhayibheli, umphostoli uJohane kuphela oloba lengxoxo ebaluleke kakhulu.
Inkazimulo, Uthando, Nobunye
14. (a) UJehova ukhazinyuliswa kanjani ngokugujwa kweSikhumbuzo ngasinye? (b) Iyiphi ingxenye efezwa uthando ekukhumbuleni uJesu, futhi ikuphi ukuzihlola lokhu okumelwe kukushukumise ezingqondweni zabo bonke abahlanganyelayo?
14 UJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimulisiwe kuyo.” (Johane 13:31) Kusukela ekukhululweni kwamaIsrayeli eGibithe, uNisan 14 uye wahlanganiswa nokulwelwa kwegama likaNkulunkulu, ubukhosi bakhe, namandla akhe. Manje, ngokuthembeka kukaJesu kuze kube sekufeni nokuvuswa kwakhe okukhazimulayo ngamandla kaNkulunkulu okwalandela, kwakuzoletha udumo olukhulu nenkazimulo egameni likaNkulunkulu. (Qhathanisa nezAga 27:11.) UJesu watshela abafundi bakhe ukuthi babeyonikela ubufakazi bokuba abafundi ngokugcina “umyalo omusha,” ‘wokuthandana njengoba ayebathandile.’ (Johane 13:34, 35) Ukujula kothando lwethu lobuzalwane kuwukubonakaliswa kokwazisa kwethu ngothando uJesu asibonisa lona ngalesosikhathi.—1 Johane 4:19.
15. (a) Iliphi ithemba lokuphila elibekwe ngaphambi kwabo bonke abadla ngokufanele? (b) Uthando lukaJesu luboniswa kanjani?
15 Ithemba lokuphila ngolunye usuku ekhaya lasezulwini yingxenye yenjabulo ebekwe phambi kwalabo abakhethelwe ukuba ngababusi kanye noKristu. (IsAmbulo 20:6) UJesu uveza lelithemba, ngokuthi: “Ngiya ukunilungisela indawo. . . . Ngobuye ngize, nginibuyisele kimi.” (Johane 14:2-4) Yeka ukwamukela ekhaya okulindele bonke abahlala bethembekile kuze kube sekupheleni! Ngakho uJesu uyeluleka: “Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.” Lokhu kusho yonke imiyalo yakhe, kuhlanganise nomyalo wokufundisa nokwenza abafundi.—Johane 14:15, 21; Mathewu 28:19, 20.
16. (a) UJesu wasigcizelela kanjani isidingo sobunye phakathi kwabalandeli bakhe, futhi kungani lobunye bubaluleke kakhulu? (b) Yini bonke abalandeli bakaJesu okumelwe babhekane nayo, kodwa yini ebasiza ukuba benze lokhu?
16 Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ngabalandeli bakaJesu, ukuba babe munye naye kanye nabanye! UJesu usebenzisa imifanekiso womvini namagatsha awo ukugcizelela leliqiniso. Ubunye buvezwa ukuthela izithelo futhi lokhu, kudumisa uYise. (1 Korinte 1:10; Johane 15:1, 5, 8) Ukushushiswa nokuphikiswa kubhekene nabo bonke abalandeli bakaJesu. Kodwa yeka indlela okuqinisa ukholo ngayo ukwazi ukuthi uJesu wagcina ubuqotho bakhe njengomnqobi wezwe naphezu kwakho konke ukuhlasela kukaSathane!—Johane 15:18-20; 16:2, 33.
17. Xoxa ngezinye zezicelo zikaJesu emthandazweni wakhe olotshwe kuJohane isahluko 17.
17 UJesu uphetha lesikhathi sakusihlwa ngomthandazo wobuqotho kuYise. Ukukhazinyuliswa kukaYise kuyinto yokuqala esicelweni sakhe. Uthandazela ukuba abalandeli bakhe bavikelwe komubi, uSathane, njengoba behlala behlukile ezweni. Futhi uthandazela ukuba ubunye obufanayo bothando obukhona phakathi kwakhe noYise buqhubeke bukhula nakubalandeli bakhe abaqhubeka banda ngenani.—Johane isahluko 17.
18. Ngokucabangela ingqikithi yababekhona eSikhumbuzweni ngo-1984, kungani bembalwa abadla izifanekiselo?
18 Siye sacabangela ambalwa nje amaqiniso ayigugu nemibono uJesu ayihlanganyela nabafundi bakhe ngalobobusuku cishe eminyakeni eyi-1 952 edlule, kodwa ngokuqinisekile lokhu kusisiza ukuba siqondisise isizathu sokuba uNisan 14 abe usuku lwesikhumbuzo ngempela. Khona-ke akumangalisi ukuthi ngonyaka odlule izi-7 416 974 zoFakazi BakaJehova nabangane babo zakubona ukubaluleka kokuhlangana ndawonye ukuze zigubhe iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Kodwa, kulesixuku esikhulu, kwakunabangama-9 081 kuphela abadla izifanekiselo. Ngani? Ngoba iningi loFakazi BakaJehova namuhla lizibona liyingxenye ‘yesixuku esikhulu’ esimi “phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu.” Laba babheke phambili ekuphileni embulungeni ewuMhlaba njengekhaya labo laphakade, hhayi ukuphila emazulwini lapho izi-144 000 ‘ziyobusa njangamakhosi kanye [noKristu] iminyaka eyinkulungwane.’—IsAmbulo 7:9; 20:6; IHubo 37:11.
19. Yini eyisisekelo sesifundo sesonto elizayo, futhi kungani kubalulekile ukuba sonke sibe khona?
19 Nokho, kuye kwaphakama eminye imibuzo ngokuqondene nobuhlobo phakathi kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa ‘nesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu.’ (Johane 10:16) Khona-ke, kubonakala kufaneleka ukuba lokhu kukhulunyelwe esihlokweni esilandelayo, ukuze kungabi nokudideka kunoma ubani njengoba omunye umkhosi weSikhumbuzo usondela.—1 Thesalonika 5:21.
[Imibhalo yaphansi]
a Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zifundeka kanje: “Lokhu kungumzimba wami.” (King James Version, iDouay Version yamaKatolika, The New English Bible, nezinye izinguqulo zanamuhla.) Nokho, igama lesiGreki elisetshenziswe engxenyeni ethi “kungu” ue·stin, ngomqondo wokufanekisela, wokubhekisela, wokumelela. (Bheka amazwi angezansi kuMathewu 26:26, eBhayibhelini elinezikhombo leNW) Igama elifanayo lesiGreki liyavela futhi kuMathewu 9:13 naku-Math 12:7 futhi kuzo zombili izindawo lihunyushwe ngokuthi “kusho” (KJ, NE nakwezinye izinguqulo zanamuhla).
Ungakhumbula—
◻ Obani abadla izifanekiselo zeSikhumbuzo?
◻ Iziphi izinto ezibalulekile iSikhumbuzo okumelwe sisikhumbuze zona?
◻ Ukukhunjulwa nsuku zonke kukaJesu kuboniswa kanjani?
◻ Iyiphi impikiswano ebalulekile ehlanganiswa njalo noNisan 14?