Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 11/15 kk. 6-8
  • Kungani Kumelwe Sembathe Ubumnene?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kumelwe Sembathe Ubumnene?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Sokubaluleka Kwakho
  • Indlela Obungenziwa Ngayo
  • Ubumnene Buwusizo
  • Indlela Ubumnene Obusiza Ngayo Ekuphileni Kwansuku Zonke
  • Qhubeka Uphishekela Ubumnene
  • Ubumnene​—⁠Kungani Kuzuzisa Ukuba Mnene?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Ubumnene—Imfanelo YobuKristu Ebaluleke Kakhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Yembathani Ubumnene!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Bonisa “Bonke Ubumnene Kubantu Bonke”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 11/15 kk. 6-8

Kungani Kumelwe Sembathe Ubumnene?

BUYANCOMEKA futhi buyaziswa. Busisiza ukuba sigweme ukuphikisana. Ngokuvamile buphambaniswa nobuthakathaka, kodwa bunamandla amakhulu adlula awensimbi. Lobo ubumnene!

EBhayibhelini, ubumnene buhambisana nokuthobeka, isizotha. Leligama ngesiGreki lisho isizotha, ‘ukuzotha nobungane obuhle; okuphambene nonya, inhliziyo encane, ukushesha ube nolaka, nokuphahluka.’ Nokho, ubumnene buboniswa kakhulukazi ngemisebenzi kunangamazwi.

Kodwa kungani sizembathisa ubumnene? Futhi bungasisiza kanjani?

Isizathu Sokubaluleka Kwakho

AmaKristu kumelwe abonise ubumnene ngoba lokhu kuthokozisa uJehova uNkulunkulu. IBhayibheli lisiyala ukuba sihambe “ngokuthobeka konke nobumnene.” Abesifazane abangamaKristu kumelwe bembathe “ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.” (Efesu 4:1-3; 1 Petru 3:3, 4) Futhi umphostoli uPawulu unxusa ngokufanelekile akholwa nabo: “Njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubhekakade.”—Kolose 3:12.

Ukuba ngabembethe ubumnene kuwusizo ngoba lesivikelo singasivikela ekulimaleni. Ngokwembatha ubumnene lapho kuphakama isimo esingabangela ukuqhuma kwentukuthelo, singakwazi ukudambisa ulaka lomuntu ocasukile futhi sizuze ukuthula. Ngempela, “impendulo ethambileyo [“enobumnene,” NW] iyabuyisa ukufutheka.” (IzAga 15:1) Ngaphezu kwalokho, ubumnene busisiza ukuba sibhekane nezinkinga ezikhathazayo zansuku zonke, busikhulula ezimweni ezinzima emsebenzini noma esikoleni, bubangela ukuthula nobunye, futhi busenza siphile ukuphila okuzothile, okunempilo, nokujabulisayo. (IzAga 14:30) Ngakho-ke kunezizathu ezinhle zokwembatha ubumnene.

Indlela Obungenziwa Ngayo

Ukubonisa ubumnene kungase kubonakale kunzima, kodwa singayibonisa lemfanelo uma lokho kuyisifiso sethu. Ngani? Nokho, ngenxa yokuthi, uNkulunkulu wasidala ngomfanekiso wakhe. (Genesise 1:26) UJehova uyisibonelo sobumnene. Ubumnene bakhe bubonakala endleleni asebenzelana ngayo nesintu esinesono. “Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.”—IHubo 103:10.

Ubumnene buyingxenye yezithelo zomoya kaNkulunkulu ongcwele. (Galathiya 5:22, 23) Uma thina ngokwethu sidinga ubumnene, khona-ke, singathandazela umoya ongcwele oyosisiza ukuba sihlakulele futhi sibonise isimo sobumnene.—Luka 11:13.

Njengoba ubumnene buyisithelo somoya kaNkulunkulu, buyisici esibalulekile sobuntu bobuKristu. Ngenxa yalokho, bumelwe bube yingxenye yengubo esibonakalisa njengamaKristu. Yebo, singakwenza futhi kumelwe ‘sembathe ubumnene,’ isipho esivela kuNkulunkulu esiwumphumela womoya nesibusiso sakhe.

Ubumnene Buwusizo

UJesu Kristu, onokulunga okungenakunyakaziswa, nokho uyabubonisa ubumnene. Wathi abamnene babusisiwe [bayajabula]. UJesu wafundisa futhi nesimiso ‘sokuphendula esinye isihlathi,’ sokungaphindiseli lapho sicasukile. (Mathewu 5:5, 39; 21:5) Abanye bathi lokhu akunakwenzeka kulelizwe lamanje elincintisanayo. Kodwa kuyiphutha ukuphetha ngokuthi ubumnene bomKristu busho ubugwala noma ubuthakathaka bobuntu. Ubumnene obunjalo buhlangene nokholo oluqinile, uthando ngoJehova, nokwazisa ngezindlela zakhe zokulunga. Ngakho-ke, bunamandla amakhulu.

Kuwo wonke umlando weBhayibheli, amadoda nabesifazane abesaba uNkulunkulu babeka isibonelo esihle sobumnene. Ngokwesibonelo, “uMose wayemnene [ethobeke kakhulu] kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.” (Numeri 12:3) Kodwa ubani ongathi wayenobuntu obubuthakathaka noma wayeyigwala?

Uma buqhathaniswa ‘nemisebenzi yenyama,’ ubumnene buba buhle kakhulu. (Galathiya 5:19-23) Ngokwesibonelo, ubumnene buwusizo uma buqhathaniswa nolaka olungenakuvinjelwa. Imbongi engumRoma uHorace waphawula: “Ulaka luwubuhlanya besikhashana, ngakho lawula intukuthelo yakho ngaphandle kwalokho yona izolawula wena.”

Ukwenza “ngobumnene bokuhlakanipha” kusho ukuziphatha ngokuvumelana nobuntu bukaJehova, izenzo, nezindlela. (Jakobe 3:13) Ngokwesibonelo, indoda ekufanelekelayo ukufundisa ekholwa nabo idinga ukuba nomusa, ukuthula, nokuzola, ingabi nonya, ingaqhoshi, futhi ingagxili kowayo umbono. (1 Thimothewu 1:6, 7; 2 Thimothewu 2:24, 25) Kodwa ubumnene bungaba futhi usizo olukhulu kithi kwezinye izici zokuphila.

Indlela Ubumnene Obusiza Ngayo Ekuphileni Kwansuku Zonke

Ubumnene bungasisiza lapho kuphakama izinkinga nomakhelwane. Bamsiza uCathy. Ngesikhathi benze ipikiniki nabangane emzini wakhe, omunye wabantwana wagibela phezu kwenqwaba yezinkuni zikamakhelwane ezitakwe kahle. Umntwana wadiliza ingxenye yenqwaba yezinkuni lapho nje umakhelwane ethi ulunguza ngewindi. Ecasukile, waphumela ngaphandle, wathethisa umkhaya onezivakashi, umfana owenze iphutha, nabazali bakhe. Nokho, esikhundleni sokuphikisa, umkhaya onezivakashi wenza konke okusemandlem ukuba udambise ulaka olukhulu lukamakhelwane. Waphendula ngobumnene. Ngosuku olulandelayo, uCathy wabhakela umkhaya wakhe isinkwa futhi wenza ezimbili ngaphezulu enzela umakhelwane nomkakhe. Nokho, lesenzo sobuntu somusa, ngaphandie kokukhuluma ngokwakwenzekile okwasingathwa ngobumnene, sasanele ukuba sidambise intukuthelo futhi sibuyisele ubuhlobo obuhle.

Kuye kuthiwe umphathi omuhle akathandi ukuba kube nguye otuswa kakhulu futhi uthanda ukuba kube nguye othwala icala elikhulu uma izinto zihamba kabi. UDon, induna yenkontileka, ulandela lesosimiso sobumnene. Siyamsiza. Ngolunye usuku, umphathi omkhulu wenkontileka wacasulwa indlela okuthile okwakwakhiwe ngayo. Wabuza: “Ubani owenze lokhu?” Nakuba esinye isisebenzi sasingazange sikulandele okwakushiwo uDon, uDon waphendula: “Kuyiphutha lami. Angizange ngibachazele kahle ngokwanele abantu bami ukuba baqonde indlela okumelwe kwakhiwe ngayo.” Ngakolunye uhlangothi, lapho abanye betusa uDon ngomsebenzi wokwakha owenziwe kahle, uthi: “Yilabantu okufanele batuswe.” Ngenxa yesimo sikaDon sobumnene nobuntu bakhe obuhle, uyathandwa futhi uhlonishwa izikhulu zakhe nabantu bakhe abaphethe.

Lezimiso ezifanayo ziyasebenza lapho oFakazi BakaJehova bevakashela omakhelwane babo besenkonzweni yasensimini. Abanye abantu abakwazisi lokhu kuvakashela futhi bangase bacasuke. Nokho. ubumnene busiza oFakazi abavakashile ukuba bagweme ukucabangela abaninikhaya kabi noma ukubahlulela kabi. Nakuba oFakazi BakaJehova benezisusa ezinhle, ingabe ukuvakasha kuye kwaphazamisa okuthile umninikhaya abekujabulela? Ingabe kuye kwamvusa elele? Ubumnene benza kube nokwenzeka ukubhekana nezimo ezinjalo ngokucabangela.—1 Petru 3:15.

Ngokufanayo, uma umuntu ‘ethatha isinyathelo esingalungile ngaphambi kokuba asiqaphele,’ ubumnene busiza abadala abangamaKristu ukuba babe nokulinganisela lapho bemyala. Injongo yabo akukhona ukujezisa lowomuntu ‘kodwa iwukumbuyisa,’ njengodokotela obuyisela kahle ithambo eliye laphuma elungeni. Ngempela, labo abafanelekayo ngokomoya kumelwe bangakhohlwa neze ukuthi kufanele bazame ukubuyisa isoni “ngomoya wobumnene.”—Galathiya 6:1, NW.

Qhubeka Uphishekela Ubumnene

Imfanelo yobumnene ingafaniswa nenhlabathi lapho ezinye izithelo zomoya kaNkulunkulu zitshaleka futhi zinakekelwa khona kalula. Uma sinomoya wobumnene, siyokuthola kalula ukuqondisa komoya kaJehova. Futhi uma sibonisa ubumnene, uNkulunkulu uzosibusisa, ngoba uyabathanda abathobekileyo nabamnene.—Isaya 29:18-21; 61:1.

Abantu beza ngobuningi kuJesu ngoba ‘wayemnene, ethobile ngenhliziyo.’ (Mathewu 11:28, 29) Lolohlobo lokuziphatha lukhanga abantu abanhliziyo-ziqotho njengendawo esahhotela enomlilo olokozayo ekhanga izihambi ezikhathele ngobusuku obubandayo. Umuntu othobekile, omnene ngokuqinisekile ungumngane ofiselekayo. Ngakho-ke, yeka ukuthi kufaneleke kanjani, ukuba siphishekele ‘ubumnene’! (1 Thimothewu 6:11) Yebo, asembathe ubumnene.

[Isithombe ekhasini 7]

UJesu Kristu wabonisa ubumnene. Ingabe wena uyabubonisa?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela