Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 11/15 kk. 3-5
  • Kungani Sithandazela UMbuso KaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Sithandazela UMbuso KaNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinkinga
  • Izikhali Zenyukliye
  • Ubumpofu Bomhlaba
  • Umoya Ongcolisiwe
  • Amanzi Angcolisiwe
  • Kungani Kunezinkinga?
  • Sidinga UMbuso
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Isihluthulelo Sezwe Elinenjabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • UMbuso “Ongasoze Wachithwa”
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
  • Ababusi Endaweni Yomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 11/15 kk. 3-5

Kungani Sithandazela UMbuso KaNkulunkulu?

“BABA wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.

Cishe eminyakeni engama-2 000, amaKristu athembekile aye asebenzisa lamazwi njengesibonelo semithandazo yabo kuNkulunkulu. Washiwo okokuqala nguJesu Kristu, waziwa ngokuthi UMthandazo WeNkosi, noma uBaba Wethu.

Nokho, namuhla, abaningi abasawuthandazi uMthandazo WeNkosi. Kunokubheka eMbusweni kaNkulunkulu, babheka kohulumeni babantu, ezimisweni zezomnotho, kwezesayensi, noma eZizweni Ezihlangene ukuba bathole ithemba ngekusasa. Ingabe nawe wenza kanjalo? Uma kunjalo, ingabe unesiqinisekiso salokho?

Izinkinga

Abaningi babheka impucuko yanamuhla njengenhle kakhulu emlandwini? Kodwa isesimweni esibucayi. Kunezinto eziningi ezisongela ikusasa lempucuko, ngisho nekusasa lokuphila ngokwakho emhlabeni. Cabangela nje ezinye zalezizinto ezisongelayo.

Izikhali Zenyukliye

Ingqikithi yamandla ezikhali ezikhona manje ilingana namathani kadalimede [TNT] angaphezu kwamathathu ngendoda ngayinye, umfazi, nomntwana osemhlabeni. Esihlokweni esithi “Ibhomu—Ingabe Ayinakulawulwa?” intatheli yaseCanada uDavid Lancashire waphawula ukuthi “ngolwazi olukhulayo lwezikhali kuye kwaba nethuba elikhulayo lezimpi ezingahlosiwe ezidalwa iphutha lamacomputer.” Futhi wacaphuna ukuhlola kweZizwe Ezihlangene ngalendlela: “Umlando ubonisa ukuthi uma nje uhlobo oluthile lwesikhali luye lwenziwa lwaze lwaphumelela ekuhlolweni, luyosetshenziswa yonke indawo. Lokhu akubanga njalo ngezikhali zenyukliye, ngaphandle kwasezindaweni ezimbili [eHiroshima naseNagasaki, kodwa asikho isiqinisekiso sokuthi kuyohlala kunjalo.”

Ubumpofu Bomhlaba

Lapho ezinye izizwe namuhla zithuthuke kakhulu, ezinye zimpofu kakhulu. Umlobi kamagazini iNew Scientific waba nomuzwa wokuthi uma ukungalingani kwanamuhla kuqhubeka, “ngokungenakuvinjelwa kuyoholela ohlotsheni oluthile lwesiphithiphithi.” Kodwa ngisho nakuba kungaholeli esiphithiphithini, lokhu kungalingani kungase kulethe inhlekelele. Kanjani?

Amazwe ampofu anezikweleti ezinkulu. Ngo-1981 intatheli uJohn Madeley wachaza: “Lokhu kuye kwabeka umsebenzi wamabhange amazwe nezomnotho onqenqemeni lwewa kunalokho amazwe awosozimali aye akuvuma ngaphambili. Ngaphandle kokuthi kube noshintsho olusheshayo nolungokoqobo emnothweni womhlaba wonke lokuba kunikezwe amazwe ampofu ithuba lokuthola imali ethe xaxa, [kungase kube khona] ngisho namaphutha amakhulu nokuhlelwa kabusha, okungabhedisa lonke uhlelo.” (World Press Review) Emazweni ahlukahlukene, ezezimali zilokhu zisesimweni esibucayi.

Umoya Ongcolisiwe

Sekunesikhathi eside, isintu ngokunganaki singcolisa umoya. Manje, ngokweChicago Tribune, “inani elikhulayo lososayensi lesaba ukuthi, njengebhaluni elifuthwe laze laba sezingeni lokuqhuma, isembozo somoya okhona emhlabeni siye sacindezelwa kwaze kwaba sezingeni lapho inhlekelele yoshintsho ingase yenzeke noma nini. . . . Ezinye izinhlekelele sezisikhungethe kakade futhi ezinye ziza ngokushesha kunokulindelekile.”

Amanzi Angcolisiwe

Isintu siye sangcolisa amanzi omhlaba ezindaweni ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, eUnited States kuyabikwa: “EBiscayne Bay, izinhlanzi zifa ziphenduke izinto nje ezinkulu ezesabekayo. ENew Orleans, lapho izinhlobo eziyi-12 zamakhemikhali ziye zafunyanwa emanzini aphuzwayo, izinga labantu ababulawa ikhensa liye lenyuka. Kusukela komunye umkhawulo kuya komunye, abantu nezilwane ngokufanayo bavuna isivuno esesabekayo ngenxa yokonakaliswa okuqhubekayo kwamanzi ethu ahlanzekile, amanzi ethu olwandle, ngisho namanzi ethu esiwaphuzayo.”—New Times.

Lezi kumane nje kuyizinkinga ezimbalwa ezifaka engozini ikusasa lethu. Ezinye zihlanganisa ukuncipha kwemithombo yamandla, ubuningi babantu abakhileyo, ukuqedwa kwamahlathi, ukwanda kwezingwadule, nokuntuleka okukhulayo kwamanzi ahlanzekile. Kungenzeka ukuthi okunye kwalokhu kuye kwaba ihaba. Kodwa ingabe ngobuqotho uyakholelwa ukuthi konke kuye kwaba ihaba? Futhi uma ucabangela zonke izinkinga, ingabe ucabanga ukuthi umuntu angakwazi ukuzixazulula? Nokho uma zingaxazululiwe, liyini ikusasa lomkhaya wesintu? Futhi kungani sikhungethwe izinkinga eziningi kangaka okubonakala zingenakuxazululeka?

Kungani Kunezinkinga?

Nokho, lezinkinga zibonisa iqiniso eliyisisekelo: Umuntu ngempela akasoze azibusa ngokuphumelelayo. Akekho umbusi ongumuntu oye waba nokuhlakanipha, isisa, noma amandla okubusa ngokwanelisayo kubo bonke abantu. IBhayibheli liyasitshela: “Indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Umuntu akadalelwanga ukuba azibuse.

Kunesinye futhi isici, abaningi abathola kunzima ukusivuma kulesikhathi esiphila kuso. Ukubusa kwesintu akuhileli kuphela abantu. Lapho uJesu esemhlabeni, isidalwa esingaphezu komuntu, uSathane, wamnikeza ukubusa kwayo yonke imibuso esemhlabeni. Futhi kamuva umlandeli kaJesu uPawulu wabiza uSathane ngokuthi “unkulunkulu walelizwe.” (2 Korinte 4:4; Mathewu 4:8, 9) USathane angaba kanjani umbusi walelizwe, lapho abaningi kangaka bengasamkholelwa? Ngoba abantu abaningi—ngisho noma ngokungazi—abakwamukeli ukubusa kukaNkulunkulu futhi ngaleyondlela baqhubela phambili amacebo kaSathane.—Mathewu 12:30.

Isimo sikaSathane siye saba sibi kakhulu kusukela osukwini lukaJesu. iBhayibheli lembula ukuthi namuhla uSathane ‘unolaka olukhulu, uyazi ukuthi unesikhathi esifushane!’ (IsAmbulo 12:12) NjengoHitler ekupheleni kwempi yezwe yesibili, uSathane manje uzimisele kakhulu “ukubusa noma ukonakalisa.” Njengoba ukubusa kwakhe okunesikhathi eside kungaphumelelanga, uSathane uDeveli manje usephendukele ngokusobala ekonakaliseni umkhaya wesintu. Akududuzi yini ukwazi ukuthi kukhona amandla anjalo amakhulu kakhulu, amabi? Lokhu kunjalo ikakhulukazi uma sikhumbula ukuthi zonke lezozikhali zenyukliye eziyinqwaba zibonakala “zingaphezu kokulawula [komuntu]”! Kodwa konke lokhu kusho ukuthini ngoMbuso kaNkulunkulu?

Sidinga UMbuso

Njengoba izinkinga zethu zibangelwa ukungakwazi komuntu ukuzibusa, nangenxa yethonya elonakalisayo lamandla angaphezu kwawomuntu, ikhambi lazo ngeke neze litholakale esintwini. Kungakho siwudinga kangaka uMbuso kaNkulunkulu. LoMbuso unguhulumeni ongokoqobo. Kodwa ungaphezu komuntu, ungokwasezulwini, futhi unamandla okunqoba uSathane. NjengoMbuso kaNkulunkulu, kuwo kukhona futhi ukuhlakanipha, isisa, negunya lokwenza izinqumo eziqondile nokubusa ngokuphumelelayo.

Khona-ke, singajabula ukuthi iBhayibheli liyasitshela: “Ezinsukwini zalawomakhosi [ababusi banamuhla] uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.” (Daniyeli 2:44) INkosi yalowoMbuso uJesu Kristu, lowo okwathiwa ngaye ngokwesiprofetho: “Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga. Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube-selwandle, kusukela emfuleni kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 72:7, 8.

Yebo, uMbuso kaNkulunkulu uyozixazulula izinkinga zesintu. Khona-ke kungani ungahloli iBhayibheli ukuze uthole ukuthi loMbuso uyini nokuthi ungaba kanjani isikhonzi sawo kwamanje. Wena, nabo bonke abanye abantu, uwudinga ngempela loMbuso. OFakazi BakaJehova bakulungele ukukusiza ukuba ufunde ngawo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]

U.S. National Archives

[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]

WHO photo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela