INkantolo ENkulu YaseTurkey Ikhulula OFakazi BakaJehova
KWABA nenjabulo enkulu phakathi koFakazi BakaJehova abangama-23 abakhululwa ngoJune 14, 1985, ngemva kokudonsa unyaka ejele laseAnkara. Ngo-1984 babegwetshwe iminyaka ephakathi kwemine kuya kweyisithupha yiNkantolo yoMbuso Yezokulondeka eAnkara. Leyonkantolo yabathola benecala lokwephula umthetho okusigaba 163 wamacala amakhulu, ovimbela izenzo ezingokwenkolo ezihloselwe ‘ukushintsha ezenhlalo, ezomnotho, ezombangazwe, noma imithetho yokuthula yombuso.’ Inkantolo yenqaba ukubaqaphela njengenkolo.—Bheka INqabayokulinda yesiNgisi, ka-April 1, 1985.
Isinqumo salelocala sadluliselwa phambili futhi ngoMay 29, 1985 icala laba sezithebeni zeNkantolo eNkulu yaseTurkey. Ekuthethweni kwecala, kwenziwa isicelo sokuchithwa kwalesosinqumo ngenxa yesizathu sokuthi oFakazi BakaJehova ngempela bayiqembu elingokwenkolo nokuthi abukho ubufakazi becala abamangalelwa ngalo.
Umkhandlu wabameli wakhomba ukuthi kuwo wonke amacala aye athethwa ngaphambili kulelozwe oFakazi BakaJehova baye bakhululwa ekumangalelweni okufanayo, nokuthi zonke izazi ezingokomthetho eziye zahlola umsebenzi woFakazi BakaJehova eminyakeni engama-20 edlule azizange zithole noma ikuphi ukweqiwa komthetho. Abameli baveza futhi ukuthi lesosinqumo sasisekelwe obandlululweni nasekwazisweni okungamanga.
Inkantolo Iyanquma
NgoJune 19, 1985, iNkantolo eNkulu yakhipha isinqumo sayo. Yachitha isinqumo seNkantolo yoMbuso Yezokulondeka futhi yayaleza ukuba kukhululwe masinyane oFakazi abangama-23. INkantolo yagcizelela ukuthi ngaphansi komthetho waseTurkey zonke izinkolo zinelungelo elifanayo lokukhonza nelokusakaza izimfundiso zazo, kuphela nje uma zingashayisani nezindaba zombuso.
INkantolo eNkulu yaphawula ukuthi abamangalelwa baye baboshwa “ngenxa nje yokuba . . . ngoFakazi BakaJehova.” Futhi lesosinqumo sasisekelwe emibikweni “yezazi” ezimbili ezinobandlululo olungokwenkolo. Zazithe oFakazi BakaJehova “babengathandeki ngenxa yesimo sabo sobunye obungokwenkolo nokukhulekela.” Kodwa iNkantolo eNkulu yabonisa ukuthi lokhu kwakungebona neze ubufakazi bokuthi izenzo zoFakazi zephula umthetho okusigaba 163.
INkantolo yaphetha ngokuthi oFakazi BakaJehova abazange baweqe umngcele wenkululeko engokwenkolo owanikezwa ngumthetho. INkantolo yabonisa ukuthi ngakho-ke “ukwephulwa komthetho nokusetshenziswa kabi kwenkululeko ngenxa yezinjongo ezimbi akutholakalanga.”
Lesinqumo siyavumelana namaqiniso. Siyavumelana futhi nesinqumo seNkantolo eNkulu yamaJaji ngo-1980. Leyonkantolo yakubeka ngokucacile ukuthi umsebenzi woFakazi BakaJehova akuwona owokuvukela umbuso futhi awudali ngozi ezweni. Yathi futhi: “Uma ngolunye usuku izinto zingenzeka lezo abamangalelwa abazikholelwayo futhi nokubusa kukaNkulunkulu kumiswe kuwo wonke umhlaba, ukujeziswa kwabamangalelwa ngenxa yenkolelo enjalo ngeke kuzivimbele izehlakalo ezinjalo. Kodwa uma abakulindele kumane kuyiphupho futhi kuyinkolelo engelutho, inkolelo yabo ngeke noma ngayiphi indlela idale ingozi ekuhlelekeni koMbuso wethu.”
Khona-ke wonke amacala abawethweswa, kanye nokwaziswa okwanikezwa “izazi” ezimbili ezinobandlululo olungokwenkolo, aye atholakala eyiphutha. Isimo somsebenzi woFakazi BakaJehova ongewona ongokombangazwe kodwa ongokwenkolo ngempela uphinde wamiswa futhi.
Ukukhululwa Okuphelele Kuyadingeka
Nakuba isinqumo siye sakhishwa, icala liye labuyiselwa ezithebeni zeNkantolo yoMbuso Yezokulondeka ukuba lihlolwe kabusha. Kuthenjwa ukuthi manje inkantolo iyokwahlulela ngokwamaqiniso futhi iyobakhulula ngokuphelele abamangalelwa emacaleni ababekwe wona.
Abantu abathanda inkululeko kuwo wonke umhlaba bayoqhubeka bebheke umphumela walendaba. Bathanda ukubona ukuthi oFakazi BakaJehova bayoyijabulela yini inkululeko ephelele yokukhulekela. Uma lokhu kunjalo, khona-ke ngokufanelekile kungathiwa iTurkey izama ukulondoloza ukusho kwayo ukuthi iyizwe elibusa ngentando yabantu.