Indlela Ukholo Lweqiniso Olungakusiza Ngayo
“INGABE amasonto aphenduka ize?” Wabuza kanjalo umbhali ozisebenzelayo uPaul Fromm ephuma eMhlanganweni wesiThupha Womkhandlu Wezwe Wamasonto owawungo-1983 eVancouver, eCanada. Sasiyini isizathu sombuzo wakhe? Iqiniso lokuthi lomkhandlu wagxila cishe ngokuphelele kwezombangazwe. UFromm wathi: “Amasonto obuprothestani ayinhloko . . . aye afaka esikhundleni seVangeli likaJesu ivangeli lesimanje elisekelwe ezimfundisweni zamaqembu ezombangazwe aphikisayo.”
Ukugxambukela kwezinkolo kwezombangazwe kubonakala kungumzamo onzima kakhulu wokuvuselela kabusha isithakazelo esimfimfayo ezinkolweni ezinesikhathi eside zamiswa. Imibiko evela kuwo wonke umhlaba ibonisa ukuthi ukholo enkolweni ehleliwe luye lwehla kakhulu eminyakeni embalwa edlule.
Nokho, lokhu, akubamangalisi abafundi beBhayibheli. UJesu waprofetha ukuthi “ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.” (Mathewu 24:12) Ngenxa yalokhu ‘kuphola,’ bancane kakhulu abavumela inkolo ukuba ibe nethonya elikhulu ekuphileni kwabo, ngisho noma ngezinye izikhathi beya esontweni beyela umshado noma umngcwabo.—Qhathanisa noLuka 18:8.
Kodwa njengoba ukholo ezinkolweni eziningi ezihleliwe luholela ekudumazekeni, uJesu waphawula: “Yilowo nalowomuthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle. Yilowo nalowomuthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni. Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.” (Mathewu 7:17-20) Phawula ukuthi njengoba nje kunohlobo lokukhulekela oluthela ‘izithelo ezimbi,’ kunendlela engokwenkolo yokuphila ethela “izithelo ezinhle.” Okuphawulwe kamuva kuletha izinzuzo zangempela kumuntu okholwayo. Olunjani ukholo olunjalo, futhi iziphi ezinye zezinzuzo zalo?
Isisekelo Sokholo
Ezigidini zabantu, ‘ukholo’ lomuntu luyinto umuntu azalelwa kuyo. Kodwa ngamaKristu eqiniso, ukholo yinto ezuzwayo nehlakulelwayo. Kuwo ukholo aluyona “inkolelo eqinile yokuthile okungenasiqinisekiso,” njengokusho kwesinye isichazamazwi esichaza ukholo. Kunalokho, umvangeli wakuqala ongumKristu uPawulu wabhala: “Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.” (Heberu 11:1) Lokhu kusho ukuthi ukholo lwethu lusekelwe entweni engokoqobo.
Ngokwesibonelo, lowo oza kuNkulunkulu “umelwe ukukholwa ukuthi ukhona.” (Heberu 11:6) Abaningi bawuhleka usulu umbono wokuthi kukhona uNkulunkulu. Bathi, ‘Kungani ukholelwa kuNkulunkulu ongeke umbone?’ Nokho abantu abafanayo abanankinga yokukholelwa emazeni omoya ethelevishini lawo ngokufanayo angabonakali. Yebo, bangavulela amathelevishini abo futhi babone okwenziwa ilamaza omoya angabonakali! Ngokufanayo nangamaKristu eqiniso, ukholo lwethu kuNkulunkulu akulona nje ukholo lokuthatheka noma ukholo olungaboni. UPawulu uyachaza ngoNkulunkulu: “Okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi-nakuzilandulela.” (Roma 1:20) Nakuba uNkulunkulu engabonakali, kuyo yonke indawo esizungezile kunobufakazi obuningi obubonakalayo boMklami oMkhulu, isihlakaniphi esingaphezu komuntu, uMdali onamandla angefaniswe nalutho.
Nokho, ukholo lwethu, kumelwe lube ngaphezu kokukholelwa nje kuNkulunkulu ukuze lusizuzise ngempela. (Jakobe 2:19) Kumelwe futhi sibe nokholo eBhayibhelini Elingcwele njengeZwi likaNkulunkulu. (Johane 17:17) Lolukholo akumelwe nje lusekelwe ekuthathekeni noma enkolweni yokuqala owaqeqeshwa ngayo, kodwa olwazini lwezici eziningi zemiBhalo ekhomba kumlobi waphezulu. IBhayibheli ngokwalo likhuthaza abafundi balo ukuba ‘bavivinye konke, babambisise okuhle.’—1 Thesalonika 5:21.
Ungakwenza kanjani lokhu ngemiBhalo Engcwele? Ungase okokuqala ucabangele iqiniso lokuthi iBhayibheli liwuchungechunge lwezincwadi ezalotshwa izinceku zikaNkulunkulu ezihlukahlukene ezingaba ngama-40. Nakuba bazibhala isikhathi esingaphezu kweminyaka eyi-1 600, abalobi balandela isihloko esisodwa—uMbuso kaNkulunkulu. Abazange baphambane. Ingabe lokhu akubonisi ukubhalwa kwaphezulu? Futhi, iBhayibheli libonisa ukushaya emhloleni okumangalisayo ekuchazeni izinto ezifana nohlelo lokuba khona kwezinto eziphilayo emhlabeni, iqiniso elisekelwa isayensi yanamuhla. (Genesise isahluko 1) Okumangalisa ngisho nangokwengeziwe ukuthi eBhayibhelini kulotshwe izenzakalo zesikhathi esizayo! Abanye abalobi bayakuvuma ngokwabo ukuthi babengakuqondi lokho ababekubhala; kodwa abakubhala kwakuyiqiniso, ngoba babhala ngaphansi kokuphefumlelwa kwaphezulu!—Daniyeli 12:8; 2 Petru 1:20, 21.
Nokho, ngabaningi, isizathu esiyinhloko esiyisisusa sokuba bakholelwe eBhayibhelini siwukuthi iseluleko salo siyasebenza! Njengoba ulitadisha futhi ulisebenzisa, iBhayibheli liyokunikeza amandla amakhulu akushukumisela kokuhle ekuphileni kwakho. Lokhu kungakusiza ukuba wenze ushintsho olungase lumangalise abangane nojwayelene nabo. Akumangalisi ukuthi uPawulu wathi “izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla”! (Heberu 4:12) Ngakho-ke, ukholo lweqiniso, lunesisekelo esiqine njengedwala. Nokho, ungaluhlakulela kanjani lolokholo?
Ukukhula Okholweni
Umlimi utshala imbewu yakhe lapho inkathi nesimo sezulu kukahle. Ngokushesha okutshaliwe kuyaqala ukuhluma. Ngokunakekelwa okuhle kuyakhula kuqine futhi kudlondlobale, kuqhakaze futhi kuthele izithelo. Kungokufanayo nangokholo. Uma inhliziyo yomuntu iyinhle futhi nembewu yokholo itshalwa, lolokholo kumelwe lunakekelwe ukuze lukhule. Yiziphi ezinye izindlela lokhu okungenziwa ngazo?
IBhayibheli lichaza ukuthi ukholo lungesinye sezithelo eziyisishiyagalolunye zomoya ongcwele. (Galathiya 5:22, 23) Futhi umuntu uwuzuza kanjani umoya kaNkulunkulu? UJesu wathi ezilalelini ngosuku lwakhe: “Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye umoya ongcwele!” (Luka 11:13) Ngakho-ke cela kuNkulunkulu umoya wakhe ngomthandazo! Ukholo luyokhula njengomphumela ongokwemvelo wokuba nomoya kaNkulunkulu.
Kubalulekile futhi ukuhlakulela ubuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu. Lokho kusho ukutadisha ngokunakekela iZwi lakhe nokuzama ukulilandela. Umhubi wahlakulela isifiso esinjalo ngeZwi likaNkulunkulu futhi wathi: “Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.” (IHubo 119:97) Uma uzikhathaza ngempela ngokulandela iZwi likaNkulunkulu, uqala ukuthatha izimfanelo zoMdali. Umoya kaNkulunkulu uqala ukuthela izithelo ekuphileni kwakho. Ngeke usayengekela ekwenzeni okubi, kodwa umoya kaNkulunkulu nesifiso sokulondoloza ubuhlobo obujabulisayo noNkulunkulu siyokwenza uyibalekele ‘imisebenzi yenyama’ emibi.—Galathiya 5:16, 19-21; IHubo 15:1, 2.
Njengoba ukwazisa kwakho uNkulunkulu neqiniso kukhula, ushukunyiselwa phambili ekuhlanganyeleni ukholo lwakho nabanye. Ngenxa yokuthi “ukukholwa akusikho okwabo bonke,” lokhu kuhlanganyela iqiniso likaNkulunkulu kungadala ukuba uhlaselwe noma uhlekwe usulu. (2 Thesalonika 3:2; 2 Petru 3:3, 4) Futhi, ngokuqiniseka okukhulu oyoba nakho ngesisekelo sokholo lwakho uyokwazi ukusho, njengoba uPawulu asho: “Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube-yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.” (Roma 1:16) Yeka injabulo okuyiyo uma othile esabela kulesigijimi futhi kuqala phansi umjikelezo wokukhula! UNkulunkulu wenza ukukhula okunjalo kube nokwenzeka.—1 Korinte 3:5-9.
Izinzuzo Zokholo
Nokho, ukholo lumsiza kanjani umuntu? UJesu Kristu wakhomba enzuzweni ehlala njalo kuJohane 3:16: “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.” Lokhu kukodwa kuwumvuzo omangalisayo wokuba nokholo. Ukholo esithembisweni sikaNkulunkulu sokuvuza izinceku zakhe ngokuphila okuphakade lukunikeza umbono oqabulayo ngokuphila. Ushushiso nezinkinga zokuphila azibe zisabonakala zibaluleke kakhulu noma zimangalisa kakhulu. Uyakhululeka enkolelweni yokuthi “masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa” ebusa lelizwe elithanda kakhulu injabulo. (1 Korinte 15:32) Ngisho nokufa akube kusabonakala kusabisa kakhulu uma unokholo oluqinile ovukweni.—Heberu 2:15; Luka 12:4, 5.
Ukholo luyamsiza futhi umuntu ukuba abhekane nokucindezela kwezomnotho. “Sizodlani?” futhi “sizophuzani?” izinto ngempela ezikhathalelwa ngabaningi namuhla. Nokho, uJesu wayala abafundi bakhe ukuba babe nokholo emandleni kaNkulunkulu okuphana. Uma unokholo olunjalo, ‘ngeke ukhathazeke’ ngezinto ezinjalo. (Mathewu 6:25-34) Ukholo olunjalo lukusindisa ezinhlungwini lezo ukuphishekela umcebo ngempela okuzilethayo.—1 Thimothewu 6:10.
Kodwa kuthiwani uma umuntu enenkinga engathi sína futhi edinga ukuqondiswa? Abantu bachitha izigidi zamarandi ezincwadini zokuzitholela usizo naseselulekweni sobungcweti. Lapho iseluleko esingatholakala ngezinye izikhathi singasiza, ukholo lomKristu lumholela emthonjeni ongcono kakhulu wosizo. UJakobe uthi: “Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa. Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.” (Jakobe 1:5, 6) Ukholo lomKristu luyisiqinisekiso sokuthi usizo olunjalo lwaphezulu luyonikezwa. Akangabazi ngokuya kuNkulunkulu ngalendlela, ngoba ‘unesibindi sokungena ngokwethemba, ngokukholwa [kuKristu].”—Efesu 3:12.
Kuyiqiniso, isiqondiso uNkulunkulu asinikeza sona ngezinye izikhathi singabonakala sinzima—mhlawumbe kungabi nakwenzeka—ukusisebenzisa. Ngokwesibonelo, uAbrahama wathola isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi yena nomkakhe babezothola indodana. Ngokucabangela iqiniso lokuthi amandla abo okuzala ‘ayesefile,’ ukuzama ukuthola lomntwana kwabonakala kuyize. Nokho, uPawulu uthi: “Engabangabuthakathaka [uAbrahama] ekukholweni wabona umzimba wakhe obusufa, eneminyaka engaba-ngeyikhulu, nesizalo sikaSara sifile; akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza.” (Roma 4:19-21) Waba yini umvuzo wokholo olunjalo? Isibusiso sokuba nendodana eyayiyokwandisa uhlu oluholela kuMesiya!
Nakuba uNkulunkulu kulesikhathi samanje engazenzi izimangaliso ezinjalo ngokuqondile, amaKristu namuhla athola ukuthi uma ‘engangabazi ngokukholwa,’ nawo, angajabulela impumelelo uma esebenzisa isiqondiso sikaNkulunkulu. UJesu wathi: “Konke kungenzeka kokholwayo.”—Marku 9:23.
Londoloza Ukholo Lwakho
Ngakhoke ukholo luyisihluthulelo ekubekezeleleni lezikhathi ezivivinyayo. Kodwa kumelwe sikhathalele ukululondoloza. Uma sivumela ukholo lwethu lube buthakathaka, singazithola singenaso isiqondiso ekuphileni. Singaba izisulu zokukhathazeka nezezinkinga ezikhungethe isintu sonke. Khona-ke njengabafundi bakaJesu, masiqhubeke sicela ukholo olwengeziwe. (Luka 17:5) Asitadishe njalo iZwi likaNkulunkulu futhi sizihlanganise nabantu esikholwa nabo. (Roma 10:17) Futhi masihlanganyele ngentshiseko emsebenzini uJesu awabela abalandeli bakhe ukuba bawenze, ukushumayela “ivangeli lombuso.”—Mathewu 24:14.
Iqiniso lokuthi lomsebenzi usuqhutshwa emazweni angama-203, kumelwe lona ngokwalo, lakhe ukholo lwethu, ngoba leliqiniso libonisa ukuthi “ukuphela” okwaprofethwa ngakho kuseduze! Phakathi kwalabashumayeli abashisekayo, oFakazi BakaJehova—sithola abantu ababonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu. Baphuma phambili ngokholo, kodwa futhi nangothando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nobumnene, nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) Bawubufakazi obuqand’ ikhanda benzuzo yokuba nokholo, ngoba luye lwacebisa ukuphila kwabo, ubuhlobo bemikhaya, futhi ngaphezu kwakho konke, ubuhlobo babo noJehova uNkulunkulu.
Ngakho ekuphenduleni umbuzo kaJesu, “Nxa ifika iNdodana yomuntu, imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?” singasho ngesibindi sithi, Ngempela iyokufumana! (Luka 18:8) Kwangathi singazibonakalisa siphakathi kwalabo abaningi ababonisa nsuku zonke inzuzo yokholo lwangempela!
[Isithombe ekhasini 23]
Amaza omoya ethelevishini nawomsakazo awabonakali. Kodwa okwenziwa yiwo kufakazela ubukhona bawo
[Isithombe ekhasini 24]
Umthandazo ungesinye isici esinamandla sokwakha ukholo