UJehova Usenzele Izinto Ezinkulu
IMINYAKA eyisikhombisa kahulumeni wobushiqela bangempela. Impi eNingizimu Atlantic. Ukwehla kwamandla emali cishe ngamaphesenti angama-500 ngonyaka. IArgentina iye yahlangabezana nakho konke lokhu phakathi neminyaka eyishumi edlule.
Namuhla, izinkinga zemali zisekhona. Kodwa umbuso weriphabuliki obusayo, futhi akukho-mpi. Ngakho abantu abahlala kulelizwe abayizigidi ezingama-30 babheke ikusasa ngethemba elikhulu. Ikakhulukazi abanye bagcwele injabulo enkulu. Ngani? Ngenxa yezinto ezinkulu uJehova abezenza.
Ngesibusiso saphezulu, cishe oFakazi BakaJehova abayizi-55 000 manje basakaza izindaba ezinhle zentokozo enkulu kulelizwe laseNingizimu-Melika. Yilokhu okuye kwaletha injabulo ekuphileni kwabantu abaningi baseArgentina.
Imbewu Yokuqala Iyahlwanyelwa
Umsebenzi wokushumayela ngoMbuso kulelizwe waqala ngo-1924, ngesikhathi uJ. F. Rutherford (owayengumongameli weWatch Tower Society ngalesosikhathi) ethumela uJuan Muñiz lapha ukuba anakekele izithakazelo zoMbuso. Cishe ngemva konyaka, uCarlos Ott wafika futhi waqala ukusakaza izindaba ezinhle phakathi kwabantu abakhuluma isiJalimane. Kanjalo imbewu yokuqala yeqiniso loMbuso yahlwanyelwa eArgentina.
Ngo-1945 kwakunabamemezeli boMbuso abangama-363 eArgentina. Ngonyaka olandelayo kwafika izithunywa zevangeli, abafundi abathole iziqu eSikoleni seBhayibheli saseGiliyadi seWatchtower. UMzalwan’ uGwaenydd Hughes noDade uOfelia Estrada, abangabaseArgentina, babengabokuqala ohidini olude lwabafundi abaneziqu zaseGiliyadi ukuba bakhonze kulelizwe. Phakathi kwabo kunoCharles noLorene Eisenhower, kanye noHelen Wilson, bonke bafika ngo-1948. Ngemva kweminyaka engaba ngama-36, basashiseka enkonzweni kaJehova lapha. UHelen Nichols, naye owafika ngo-1948, waphetha inkambo yakhe yasemhlabeni esabelweni sakhe sezithunywa zevangeli eTucumán ngo-1974.
Izinkinga Zokuqala Ziyaphakama
Njengoba amanani ethu ayenyuka, oFakazi abaningi abasha ababeseminyakeni yokuya empini bathatha ukuma kwabo bengamaKristu angathathi-hlangothi. (Isaya 2:2-4; Johane 15:19) Lokhu kwaletha ukuphikiswa. Nokho, ngo-1950 iWatch Tower Society yaqashelwa ngokomthetho kodwa okwesikhashana nje. Kamuva kulowonyaka, lokhu kuqashelwa kwahoxiswa, futhi eminyakeni engama-33 eyalandela oFakazi BakaJehova bakhuthazela ngaphandle kwakho.
Nokho, ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima kanjalo, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso waqhubeka wanda. Ngo-1974, iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yanquma ukuthi omagazini bethu INqabayokulinda nePhaphama! kumelwe banyatheliswe kulendawo. Khona-ke kwenziwa amalungiselelo okufaka umshini wokunyathelisa irotary offset press owawungakaze usetshenziswe iNhlangano. Umshini ngokwawo wavela eFrance, ingxenye yomshini esika amaphepha yavela eJalimane, nengxenye ehlanganisa amaphepha yavela eUnited States. Konke lokhu kwakuyizipho ezazivela emagatsheni ahlukahlukene eNhlangano. Izinkinga eziningi kwakumelwe zinqotshwe ngaphambi kokuba sikhiphe omagazini bethu bokuqala eArgentina, kodwa yeka injabulo esaba nayo lapho INqabayokulinda ka-April 15, 1975, iphuma emshinini!
Iminyaka Yokuvinjelwa
Ngo-1976 umbuso omusha wobushiqela wavala amaHholo ethu oMbuso. Abantwana bethu baxoshwa esikoleni, futhi kulo lonke izwe oFakazi BakaJehova babeboshwa ngenxa yokushumayela izindaba ezinhle. Kwaba nzima ikakhulukazi ngoSeptember 7, 1976, lapho umsebenzi weNhlangano wokunyathelisa namahhovisi evalwa. Izindawo zokuhlala zomkhaya waseBethel kuphela ezingavalwanga. Konke lokhu kwaba umphumela womthetho ‘owawunqabela ngokuphelele umsebenzi woFakazi BakaJehova nokusakazwa kanye nokusetshenziswa obala kwezimfundiso zabo kuyo yonke indawo yesizwe.’
Khona-ke iminyaka yobunzima yaqala. Nokho, lesi futhi kwakuyisikhathi sokuqiniswa nokucetshiswa ngokomoya. Asikaze ngaphambili sisakazwe kangaka emaphepheni. Izihloko zamaphephandaba ngokwazo ziyasiza ukusho indaba yalokho okwenzeka eminyakeni ethile: “Iziboshwa ezingoFakazi ngenxa yokwenqaba izifanekiselo zokushisekela izwe”; “Ukuxoshwa kwabantwana ezikoleni zesifunda zabaqalayo”; “Ukwamukelwa kabusha komfundi onguFakazi KaJehova”; “Umsebenzi woFakazi BakaJjehova uvunyelwe.”
NgoMarch 1979, iNkantolo Enkulu yamaJaji yakhipha isinqumo esijabulisayo ecaleni elaliphakathi kukaJuan Carlos Barros neNational Council of Education. Amadodana amabili kaMzalwan’ uBarros, uPaul noHugh (abaneminyaka yobudala eyisikhombisa neyisishiyagalombili ngokwahlukana), ayexoshiwe esikoleni ngenxa yokwenqaba ukuhlanganyela emkhosini wokuphakanyiswa kwefulege. (Qhathanisa noEksodusi 20:4-6; Daniyeli 8:1, 16-18; 1 Johane 5:21.) Ingxenye yesinqumo senkantolo yayithi: “Izenzo [zabo], zokungenzi lutho kulokhu, . . . azinakuthathwa njengezibonisa ukuntuleka kwangempela kokubonisa inhlonipho ngezifanekiselo zokushisekela izwe, kodwa kunalokho zibonisa ukuhlonipha igunya labazali.” Khona-ke kwaqashelwa ukuthi ukuma okungokwenkolo lokho abantwana abangoFakazi abakuthatha akuzange neze kuhilele ukuntula inhlonipho ngezifanekiselo zesizwe zaseArgentina.
Amalungelo abantwana bethu anikezwa futhi ecaleni elaliphakathi kukaAurelio Francisco D’Aversa nethe National Government. UMkhandlu woThisha wawunqume ukuxosha umntwana wakwaD’Aversa kuzo zonke izikole ezikulelozwe, kodwa lapho icala lifika ezithebeni zeNkantolo Yamazwe Yamacala Adlulisiwe, isinqumo esijabulisayo sakhishwa. Yanikeza amalungelo athakazelisayo. Ngemva kophawula ukuthi izakhamuzi eziningi zalelizwe zihlanganyela ngokuzithandela ekuboniseni imizwa yazo ezifanekiselweni zesizwe, iJaji uTonelli lathi: “Ngakolunye uhlangothi, kungathwesa icala unembeza wabaningi abaye bamisa ngokuqinile izinkolelo zokushisekela izwe ukubona othile, ngokuphambene nezinkolelo zakhe zangaphakathi, ephoqelelwa ukuba abonise imizwa efanayo ngokungasuki enhliziyweni.” IJaji uBarletta laqaphela “ukuntuleka kwamaqiniso abonisa indelelo, ukungahloniphi noma ukuboniswa kwento enjalo emphakathini okwenziwa ingane yakwaD’Aversa.” INkantolo Enkulu kamuva yasiqinisa lesinqumo.
Ukuvinjelwa komsebenzi wethu ngo-1976 eqinisweni kwadala ukuncipha kwenani labadumisi bakaJehova kusukela kwabayizi-33 503 ngalowonyaka kuya kwabayizi-31 846 ngo-1977. Kodwa ngesikhathi abazalwane bejwayelana nezimo ezintsha, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso wazuza amandla futhi.
Ngokuhamba kwesikhathi, saqalisa ngisho nokuba nemihlangano emincane, okokuqala saba nabadala nawomkabo futhi kamuva saba nawo wonke amalungu ebandla. Lemihlangano yayiba sezindaweni ezingenakucabangeka—ezindaweni ezingazodwa emaphandleni, emashede okwakugundelwa kuwo izimvu, ngisho nasemahhokweni ezinkukhu. Yeka izinsuku ezijabulisayo esasiba nazo ndawonye sijabulela imfundo engokomoya!
Okubaluleke ngisho nangokwengeziwe, asizange neze silahlekelwe umagazini INqabayokulinda osetshenziswa ezifundweni zethu zamasonto onke. Labomagazini babenyatheliswa emishinini emincane ezindaweni ezihlukahlukene. Konke lokhu kwakudinga umsebenzi omkhulu futhi ngokuvamile kwakubeka inkululeko yabazalwane bethu engozini. Ngalesosikhathi iphephandaba labika izinkulungwane zabantu ababenyamalele, kodwa akukho noyedwa woFakazi BakaJehova owanyamalala. Naphezu kwazo zonke lezinkinga okwahlangatshezwana nazo, kusukela ngo-1977 kuya ku-1984 abantu bakaNkulunkulu baba nokwanda kwamaphesenti angama-57 njengoba abamemezeli boMbuso abangaphezu kwezi-18 000 babajoyina.
Inkululeko Egcwele Iyanikezwa
Eqinisweni, inkululeko yethu yatholakala ezikhathini ezimbili ezihlukene. Okokuqala, ngoDecember 12, 1980, umbuso wobushiqela bangempela waphelisa ukuvinjelwa komsebenzi wethu. Ngalesosikhathi, umsebenzi wethu wawungasavinjelwe, nakuba wawungakaqashelwa ngokomthetho. Ekugcineni, uhulumeni okhona manje waqaphela iNhlangano yoFakazi BakaJehova. Lesinyathelo sathathwa ngoMarch 9, 1984, nguDr. María T. de Morini, iPhini likanobhala wokuKhulekela.
Khona-ke ngemva kwethu kwakuneminyaka eminingi yokulwela ukuqashelwa ngokomthetho. Kwakuzobe kuqala ngqá ukuba amaHholo ethu oMbuso aboniswe ngezimpawu. Phela, isimemezelo sokuvunyelwa kwethu ngokomthetho sasenza sazizwa sifana ‘nalabo ababephupha, futhi izindebe zethu zakhamuluka ngenjabulo’! Ngempela, ‘uJehova wayesenzele izinto ezinkulu.’—Qhathanisa neHubo 126:1, 2.
Ukujabulela Ukwanda KoMbuso
Ngokuqashelwa ngokomthetho kwaba nokwanda koMbuso okukhulu. Ngenxa yalokhu, amaplani esakhiwo enziwa ukuze kwakhiwe iHholo loMhlangano lokuqala. Lalizokwakhiwa eduze kweMoreno, engamakhilomitha angama-40 ukusuka eBuenos Aires. Lelihholo liyohlala abantu abayizi-2 200. Endaweni efanayo kukhona futhi ipulazi elikhiqiza ingxenye enkulu yokudla okudingwa amalungu angama-78 omkhaya waseBethel.
Unyaka wenkonzo ka-1985 waqala ngenani eliphakeme labamemezeli boMbuso, elalifinyelela kwabayizi-51 962 ngoDecember. Inani lamabandla lakhula laba ngama-730. Yeka injabulo esaba nayo ngo-1985 lapho abayizi-135 379 behlangene ukugubha uMkhosi wokufa kukaKristu! Futhi ngoJanuary 1985 saphetha uchungechunge lweMihlangano yethu Yesigodi eyisishiyagalolunye “Yokwanda KoMbuso,” ngengqikithi yabantu ababekhona abayizi-97 167—abayizi-17 000 ngaphezulu kunenani lanyakenye.
Lokhu kwanda kwenza izakhiwo zethu zegatsha zangazanela izidingo zethu. Sakwazi ukuthenga isakhiwo esikhulu, ukuze kuso kube nefektri namahhovisi. Eduze naso, sihlela ukuba sakhe isakhiwo esinezitezi eziyishumi ukuba kuhlale khona umkhaya waseBethel.
Sithemba ukuthi izakhiwo ezintsha ziyokwenza ukuba sikwazi ukunakekela kahle izithakazelo zoMbuso eArgentina. Futhi sibheke ikusasa ngethemba, sibonga ngempela, ngezinto ezinkulu uJehova azenzela abamthandayo.
[Isithombe ekhasini 29]
Izihloko zamaphephandaba zichaza izinkinga ngaphansi kokuvinjelwa futhi ekugcineni ukubuyiselwa kwenkululeko engokwenkolo