Ukuqondisisa Izindaba
INew World Translation Iyaphumelela Ekuhlolweni
Ezikhathini ezidlule, abafundi beBhayibheli benye inkolo babesola izinguqulo ezazenziwe elinye iqembu lenkolo. Ukusola okunjalo eqinisweni akufanelekile, kusho umfundisi C. Houtman encwadini yolwazi iNederlands Theologisch Tijdschrift (Umagazini wabefundisi bamaDashi). Ngemva kokuhlola lezinguqulo, umbono wakhe uwukuthi kuyethukela nje kutholwa amavesi abonisa “umbono womhumushi ongokwenkolo noma ongokwezombangazwe nongokwenhlalo” Nakuba lokhu kuyiqiniso ezikhathini eziningi, kunezigigaba ezithile lapho abahumushi beBhayibheli baye bavumela ubandlululo lwabo olungokwenkolo lwabonakala ekuhumusheni kwabo. Ngokwesibonelo, abanye abahumushi banamuhla baye balikhipha ngokuphelele igama likaNkulunkulu ezinguqulweni zabo. Abanye baye bahumusha kabi igama elithi Gehena ngokuthi “isihogo somlilo.” Nokho, uma umuntu eshintsha ngamabomu noma eshiya ingxenye yokuqukethwe iBhayibheli, usengozini. Njengoba enye incwadi yeBhayibheli ixwayisa: “Uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesiprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila.”—IsAmbulo 22:19.
Kunokukhipha igama likaNkulunkulu eBhayibhelini, iNew World Translation of the Holy Scriptures iye yaligcina—izikhathi eziyizi-7 210. Amakhophi ombhalo wolimi lokuqala lweBhayibheli anikeza isisekelo sokwenza lokhu. Ngokuthakazelisayo, uHoutman uphawula ukuthi uma sicabangela ukuthambekela komhumushi “iNew World Translation yoFakazi BakaJehova ingaphumelela ekuhlolweni okunenjongo yokusola.”
Indlala Ebangelwe Ngumuntu
Isomiso saseAfrika nendlala kuye kwaba sezihlokweni zamaphephandaba isikhathi esingaphezu konyaka. Nokho lesehlakalo esibi besingesisha kulelizwekazi. “Isomiso saseTopiya saqala ngo-1981,” kusho umcwaningi uLloyd Timberlake kumagazini iThe Middle East. “IChad iye yaba nesomiso iminyaka eyi-10, iCape Verde yaba naso cishe iminyaka eyi-15. Kodwa imizamo yokulwa nalenhlekelele iyaqalwa iphinde iyekwe, futhi ukunakekela kugxiliswe kakhulukazi emibikweni yezindaba kunasezidingweni zangempela zabantu.” UTimberlake icala elikhulu lokuswelakala kokudla akalithwesi imvelo kodwa ulithwesa abantu. Ukhomba ‘kohulumeni abangahlakaniphile nasosizweni olungelutho nasemithethweni yentuthuko’ njengezigangi ezinkulu eziye zahlukanisa abantu abasemqoka ekwenzeni izinqumo, abayizikhulu ezihlala emadolobheni, zabahlukanisa nabantu basemaphandleni, abalambayo.
Ubuhlungu bokuzilimaza kwesintu abuyona into entsha. Cishe eminyakeni eyizi-3 000 edlule, umlobi weBhayibheli iNkosi uSolomoni yaphawula ukuthi “lapho umuntu ebusa omunye kuba ngukulimala kwakhe.” (UmShumayeli 8:9) Ngaphandle kokucabangela izimiso zokwesaba uNkulunkulu, amacebo omuntu, kuhlanganise nokulungiselela ukudla okwanele ngabalambayo, ngeke neze kuphumelele ngenxa yobugovu bomuntu noma ukungazi. Yeka indlela enhle iBhayibheli eliqoqa ngayo ukuhlakanipha komuntu ngokuqhathaniswa nokukaNkulunkulu: “Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha isiluleko sikaJehova siyakuma!”—IzAga 19:21.
Ukuhlinzwa Kwenhliziyo Ezinganeni
OFakazi BakaJehova abafuni ukumpontshelwa igazi ngenxa yezizathu ezingokwenkolo. ‘Yekani igazi,’ kuyala iBhayibheli. (IzEnzo 15:20) Ingabe lesimo esingokomBhalo sidala ubunzima empilweni yabantwana babo? Cha. Ngokwesibonelo, isihloko esithi “Ukuhlinzwa kwenhliziyo ngenxa yesifo senhliziyo esiwufuzo ezinganeni zoFakazi BakaJehova” esikumagazini iThe Journal of Thoracic and Cardiovascular Surgery kaJune 1985 yaphetha: “Ukuhlinzwa kwenhliziyo nokusetshenziswa kwamapayipi ajikelezisa igazi phakathi kwenhliziyo namaphaphu kungenziwa ngokulondekile kubantwana ngaphandle kokumpontshelwa igazi.”
Lesihloko siyaphawula: “Esikhathini esingaphezu kweminyaka engama-20 esiphelela kuJune, 1983, izingane eziyi-110 zabazali benkolo yoFakazi BakaJehova, ezinezinyanga eziyi-6 kuya kwezineminyaka eyi-12 ubudala, ziye zahlinzwa ukuze zelashwe isifo senhliziyo esiwufuzo ngokusebenzisa amapayipi ajikelezisa igazi phakathi kwenhliziyo namaphaphu eMnyangweni Wokuhlinza Inhliziyo eTexas.” Nakuba lesihloko singazange sinikeze imininingwane ngalokhu, udokotela wokuhlinza waphawula ukuthi umbono wabo “wawuwukuthi izingane zoFakazi BakaJehova ngokuvamile ziphumelela ngokufanayo futhi kangcono” kunalezo ezimpontshelwe.
Ngokuthakazelisayo, ngemva kokufaka ohidini izinto amaKristu okumelwe aziyeke—kuhlanganise negazi—abaphostoli namaKristu amadala abhala: “Uma ngokunakekela nizilinda kulezizinto, niyophumelela. Niphile kahle!”—IzEnzo 15:29, NW.