Ingabe Ungayandisa Insimu Yakho Njengephayona?
UJESU KRISTU wake wathi: “Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba isithunyelwe lokho.” (Luka 4:43) Ngaphandle kokungabaza, uJesu wayengummemezeli woMbuso ovelele, iphayona langempela enkonzweni engcwele kaJehova.
NjengoJesu, umphostoli uPawulu wayeyisikhonzi sesikhathi esigcwele enesithakazelo esijulile emsebenzini wokushumayela. Eqinisweni, wayenesifiso esibukhali sokwandisa insimu yakhe yenkonzo.—Qhathanisa nabaseRoma 15:23, 24; 2 Korinte 10:15, 16.
Ngokungangabazeki benomoya ofanayo, oFakazi BakaJehova abaningi bosuku lwanamuhla baye bazenza batholakala ukuba bakhonze njengezithunywa zevangeli kwamanye amazwe. Ezinye izikhonzi ezingamaKristu zikhonza lapho indingeko inkulu khona. Futhi abaningi ngokwengeziwe baye bakuthola kunokwenzeka ukuba babe amaphayona, abashumayeli besikhathi esigcwele bezindaba ezinhle.
Kodwa kuthiwani ngawe? Uma ungakhonzi njengephayona manje, ingabe ungayandisa insimu yakho, mhlawumbe, ngokuba ngonjalo ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele?
Izinzuzo Zenkonzo Yobuphayona
Amaphayona ashisekayo naphumelelayo awashukunyiswa izinzuzo zobugovu kodwa uthando ngoNkulunkulu nesifiso sokusiza abanye. Izikhonzi ezinjalo zesikhathi esigcwele zisizwa ngempela isidingo sokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwazo futhi ziyajabula ngokuthi zingahlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele. Futhi kunezinzuzo ekwenzeni kanjalo.
‘Ukukhuluma nsuku zonke ngezindaba ezinhle zensindiso kaJehova’ kungenye yezinzuzo zenkonzo yobuphayona. (IHubo 96:2) Ngempela, ukukhuluma njalo ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe kuyanelisadisa, ikakhulukazi ngoba lokhu kusiza abanye beze endleleni yokuphila. “Ayikho injabulo enkulu kunaleyo yokutadisha iBhayibheli nothile nokumbona eba umkhulekeli kaJehova,” kusho udade oseneminyaka engama-46 esenkonzweni yobuphayona.
Ikhono elikhulu ekuphatheni ‘inkemba kamoya eyizwi likaNkulunkulu,’ liyinzuzo etholakala ngokusebenzisa njalo iBhayibheli enkonzweni yobuphayona. (Efesu 6:17) Isibonelo samazwi ashiwo amaphayona amaningi ilesi esilandelayo: “Ngaphandle kokwandisa isibindi sami, ubuphayona bangisiza ukuba ngijwayelane nemiBhalo eminingi yeBhayibheli ebigcinwe engqondweni, ilungele ukusetshenziswa.”
Ithonya elihle lenkonzo yobuphayona lingezwakala futhi ebandleni. Ngokuphathelene nalokhu omunye umdala wabhala: “Yeka umehluko eyawenza! Intuthuko yebandla yashintsha. Sithambekele ekwandiseni ukuhlanganyela kwethu enkonzweni kaJehova ngokwengeziwe.” Yebo, abanye bangase bashukunyiswe isibonelo sentshiseko sezikhonzi ezingamaphayona.
Ukwethembela okukhulu kuJehova kungabangelwa ukuhlanganyela enkonzweni yobuphayona. Yebo, izikhonzi zesikhathi esigcwele kumelwe zinqobe izinkinga ezithile. Kodwa omunye umbhangqwana ongamaphayona wabonisa ithemba lawo ngalamazwi: “Siyambonga uJehova, asizange sintule lutho. Njengamaphayona siye sencika kuJehova futhi siye sabona indlela anikeza ngayo usizo lapho siludinga kakhulu.”—IHubo 34:10; 37:25.
Izibusiso Zokubufinyelela
‘Ngivivinyeni ngalokhu, nibone ukuthi angiyikunivulela yini amafasitela asezulwini, nginithululele isibusiso,’ kwasho uJehova emakhulwini eminyaka edlule. (Malaki 3:10) Phakathi nonyaka wenkonzo ka-1984, isilinganiso samaphayona emhlabeni wonke sasiyizi-258 936. Futhi yeka ukuthi uJehova uye wazibusisa kanjani lezikhonzi zesikhathi esigcwele!
Ngokwesibonelo, cabangela izibusiso ezijatshulelwa amaphayona endaweni eseAmazon eBrazil. Ngokuvamile, izikebhe ziyasetshenziswa ekufinyeleleni emadolobhaneni asakazeke endaweni ebanzi ogwini lomfula. Eminye imizi isosebeni kwemifula, izindlu zamapulangwe zakhelwe ezingodweni ezigxunyekiwe ukuze zigcinwe zingaphezu kwamanzi phakathi nenkathi yezikhukhula. Lezindlu zixhunywe ngemihubhe yamapulangwe engaqinile kahle, eyingozi ngempela ngezinye izikhathi, ikakhulukazi kubantu abanesisindo. Lapho amanzi emancane, ukuhamba kunzima kodwa kungenzeka ngokudabula lapho kwene khona noma osebeni lomfula olunodaka. Ukuhamba ngezikebhe ezingenasisindo kungase kube ukuzifaka enkingeni ngempela, ngoba zigumbuqela emanzini ngezinye izikhathi. Ngaphezu kwakho konke lokhu kunezinkinga ezibangelwa umalaleveva, umkhuhlane wokushisa nokuqubuka kwamathumbu, izilwanyana eziphila emzimbeni, ukushisa okukhulu, nezinambuzane ezilumayo. Nokho, naphezu kwalobunzima, umoya kaJehova usiza abazalwane ukuba baphumelele ekumemezeleni izindaba ezinhle emasimini anjalo.—Zakariya 4:6.
Omunye udade oyiphayona okhonza eAmazon wathi: “Umsebenzi wethu wajabulisa kakhulu.” Elandisa ngokuhlangenwe nakho okuhle, waxoxa ngempindelo ayenza kumuntu othile owayamukele ezinye zezincwadi zethu esikhathini esidlule. Kwakumelwe ahambe amahora amabili ngesikebhe, kodwa lapho efika wathola lendoda ithosa ufulawa wezimpande zomuthi othile esitofini esikhulu. Yayingenakukuyeka lokho eyayikwenza ngaphandle kokuzifaka enkingeni yokushisa ufulawa. Ngakho yini udade ayengayenza? Nokho, iphayona lacela owayehamba nalo ukuba aqhubeke ephendula ufulawa ngephini elikhulu. Kanjalo indoda yaba nethuba lokulalela ngokucophelela lapho iphayona liyibonisa indlela yokutadisha incwadi eyayiyifunile.
Ngokuvamile, abafowethu abasebenza kulendawo bavuka entathakusa ukuze bafinyelele amakhaya abantu kusesekuseni. Khona-ke amaphayona aqhubeka efakaza lonke usuku. Futhi yeka ukuthi uJehova ubabusisa ngokucebe kanjani!—IzAga 10:22.
Futhi, kwenye indawo eBrazil, amaphayona ajabulela izibusiso eziningi enkonzweni kaJehova. Ngokwesibonelo, cabangela injabulo yephayona elakwazi ukusiza isiboshwa ukuba sifunde iqiniso. Lendoda, eyayesatshwa ngenxa yobudlova bayo, yayidonsa isigwebo eside ejele. Nokho, ekuthonyweni kwayo yiqiniso, ubuntu bayo baguquka kangangokuthi izikhulu zejele zahlabeka umxhwele futhi zayinikeza imvume yokushumayela etilongweni. Manje isibhapathiziwe, lendoda igwetshelwe ngaphandle futhi iqhuba izifundo eziningi zeBhayibheli zasekhaya.
Leliphayona lakwazi futhi ukusiza abanye kulelotilongo. Ngokuphathelene nalomsebenzi lithi: “Kuyisizathu senjabulo enkulu ngami, ngoba imbewu engakwazi ukuyihlwanyela isiqhumile kakade futhi yathela izithelo.” Okungenani amadoda amane asekhululiwe ejele manje ahlanganyela imihlangano yobuKristu njalo. Amane awo athatha iqiniso ngokungathi sína, futhi eyodwa yawo ilungiselela ukubhapathizwa.
Insimu Ibanzi
Ukwanda okuqhubekayo emananini abakhulekeli bakaJehova kunikeza ubufakazi obungokoqobo bokuthi uNkulunkulu usenabantu abaningi okumelwe abaqoqe ensimini esemhlabeni wonke. (Qhathanisa nezEnzo 18:9, 10.) Ungahlanganyela yini ngokwengeziwe kulomsebenzi wokwenza abafundi?
Uma ungelona iphayona kakade, kungani ungaxoxi nalabo abanempumelelo enkonzweni yesikhathi esigcwele? Nawe, futhi, ungase ukwazi ukuphumelela njengephayona. Ngemva kokuhlola izimo zakho ngomthandazo, ungase ukwazi ukwandisa insimu yakho njengephayona.
[Isithombe ekhasini 26]
Kumaphayona asendaweni yaseAmazon, izikhebhe ezincane nezinkulu ziyizinto zokuhamba ezivame kakhulu