Inkinga Ngokuboleka
“Inkinga ngokuboleka imali iwukuthi ngokushesba lapho umuntu eseyitholile, ngokungenakuvinjelwa uqala ukuyicabangela njengeyakhe siqu. Uyayijwayela, ayiphathe njengomkhaya futhi angase aze acasulwe noma alahlekelwe iqiniso lokuthi ngelinye ilanga kumelwe imshiye idlulele komunye. Kulula ukuboleka. Ukukhokha yikho okulimazayo.” Kwaphawula kanjalo iParade, umagazini wephephandaba langeSonto, ngokuphathelene nenkinga engokwengqondo ngokuboleka imali.
Nokho, kunokwengeziwe kukho kunesici esingokwengqondo. Kukhona futhi isici esingokwesimilo—isibopho sokukhokha lokho okubolekiwe. Ngakho-ke, senza kahle, ukukhumbula umbono kaJehova ngalowo ongabuyiseli lokho akubolekile. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Omubi uyatsheleka, angabuyiseli.”—IHubo 37:21.