Qeqesha Ingane Yakho Ukuba Ibe Nokuzinikela KuNkulunkulu
“Khulisa umntwana ngendlela eyakuba-ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.”—IZAGA 22:6.
1. Yini okumelwe ifinyelelwe ekuqeqesheni ingane ngokuphumelelayo, futhi ngani?
UMDLALI wasesekisini ezama ukufundisa indodana yakhe ikhono lokuzwiba entanjeni waphawula ukuthi yayinenkinga ekweqeni izihenqo. “Uma nje uphonsa inhliziyo yakho ngalé kwezihenqo,” esikisela, “umzimba wakho uzolandela.” Ngokufanayo, labo ‘abaqeqesha’ ingane yabo ukuba ibe nokuzinikela kuNkulunkulu kumelwe bashukumise inhliziyo. Lokhu kunzima ikakhulukazi phakathi neminyaka eyeve eshumini elinambili.—IzAga 4:23.
2. Kungani iminyaka yobusha inzima, futhi abazali bangasiza kanjani?
2 “Eminyakeni eminingi kwakungenzima ukuthola ukuthi kwakwenzekani ngaphakathi ekujuleni kubafana bami,” kusho ubaba ongumKristu eJalimane. “Kodwa lokho kwashintsha njengonyazi ngokushesha nje lapho bengena esikhathini sokuthomba.” Phakathi nalesikhathi sokukhulela ebudaleni, izinkanuko eziningi ezintsha nezithusayo, ezibangelwa izinguquko zomzimba nezokukhula, ziyayithinta inhliziyo yomuntu omusha. Nokho ngokuvamile iminyaka enjalo ilinyazwa amaphutha abuhlungu. Ngisho noJobe othembekile wakhala ebhekene ‘nefa lobubi bobusha bakhe.’ (Jobe 13:26) Ukucindezeleka okungokomzwelo kungadala “ukukhathazeka enhliziyweni” yomuntu omusha. IzAga 12:25 zithi lokhu kuyokwenza inhliziyo ‘ithobe, kepha izwi elihle liyayithokozisa.’ Ungayisiza kanjani ingane yakho ngokukhulumisana okuhle phakathi naleminyaka enzima?
Ukukhuluma Nenhliziyo
3, 4. (a) Zihluka kanjani izinkulumo zokweluleka zikaElihu ‘nezabangane’ abathathu bakaJobe? (b) Yini eyovimbela ukukhuluma nenhliziyo?
3 Cabangela ukuphikisana ezindleleni zokweluleka zikaElihu ‘nezabangane’ abathathu bakaJobe. Lokhu kuzokwenza kucace ukuthi yini eyothuthukisa, noma engenakuthuthukisa ukukhulumisana. UElihu wayeyisilaleli esihle. Lapho abanye bengenandaba, bengabuqapheli ubuthakathaka babo bobuntu, wathi: “Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu: Ngibunjiwe nami ngebumba.” Wakhuthaza uJobe ukuba ‘aphendule,’ asho okusenhliziyweni yakhe, futhi angesabi. (Jobe 33:5-7) Ngakolunye uhlangothi, “abangane” abathathu bazenza sengathi bazwela futhi baduduza uJobe, kodwa balalela sebenqumile kakade. “Ake nizwe ukuphetha kwami, niqaphele ukuzivikela kwezindebe zami,” kunxusa uJobe nakuba kungasizanga ngalutho. (Jobe 13:6) Yebo, indlela yabo yayidale umhosha.
4 Uma engaqapheli, umzali angadala umhosha ofanayo ngaphandle kokukuqaphela. Ngakho lalela ingane yakho ikhulume. (IzAga 18:13) Cabanga ngokucophelela ngendlela impendulo yakho ezozwakala ngayo. “Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba, kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.” (IzAga 12:18) Kuyiqiniso, ngezinye izikhathi isimo sengqondo noma amazwi omuntu omusha kungacasula. Kodwa khumbula, imbangela ‘yokubheda’ okunjalo ingase ibe inhliziyo egcwele iziyaluyalu. Ngokuhlakanipha sebenzisa ulimi lwakho ukuba luphilise.—Jobe 6:2, 3.
5. (a) Yini eyosiza umzali ukuba athole izinhloso zenhliziyo yengane? (b) Kungasiza kanjani ukuhlola ezincwadini zeNhlangano?
5 Ukulalelisisa, okuhlanganisa imibuzo yokuhlakanipha, kuyosiza ingane ukuba ikhulume futhi kwenze kube lula ngayo ukuba isho lokho okuyihluphayo. (IzAga 20:5) “Ezikhathini eziningi indodana yami yayimane iqalise ingxoxo ngesikhathi esibonakala singesingafanelekile futhi imane isho umusho noma emibili, mhlawumbe ngokwenzeke esikoleni,” kusho umama wengane eneminyaka eyi-18. “Kodwa kwakukimi ukuba ‘ngiphande’ ngomusa lokho okwakusenhliziyweni yayo ngemibuzo enjengethi, ‘Kwase kwenzekani?’ Noma, ‘Uzizwe kanjani ngakho?’ Noma, ‘Wenzeni noma utheni?’ Lokhu yilokho eyayikufuna, futhi yayisho inkinga yayo. Kodwa lokhu kwakuthatha isikhathi esiningi!” Thatha isikhathi esinjalo nengane yakho! Mhlawumbe phakathi nohambo olude noma lapho niphumule ndawonye, yazi okusengqondweni yayo. Abazali abaningi baye bathola ukuthi, ngokuhlola ukwaziswa okwanikezwa eminyakeni edlule ezincwadini zeWatch Tower Society, bayasizakala ukuba baqonde izingane zabo kangcono futhi babe nezingxoxo ezinenjongo nazo. Ngenxa yalokho, izingxoxo ezisuka enhliziyweni ziye zanda phakathi kwamalunga omkhaya. Nokho, okungaphezu kokukhulumisana okuhle kuyadingeka ukuze kube nokuzinikela kuNkulunkulu.
Thuthukisa Ukondla Okungokomoya
6, 7. Yini unina kaThimothewu ayifeza, futhi abazali bangamlingisa kanjani?
6 Unina kaThimothewu wayengesiye ongenandaba ngokuphathelene nezindaba ezingokomoya ezazisho ukuphila kwendodana yakhe. Kwalotshwa ngaye ukuthi: “Kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube-yinsindiso.” (2 Thimothewu 3:15) Ngokufanayo nanamuhla, labobazali abanezingane ezinokuzinikela kuNkulunkulu bakukhathalela kakhulu ukondliwa kwezingane zabo ngokomoya. Bazifundisa ukuba zenze isifundo somuntu siqu zisencane.
7 Ingabe uye wanakekela ukuthi ingane yakho inezincwadi zeBhayibheli zayo siqu nokuthi iyayilungiselela imihlangano yebandla? Ingabe uyikhuthaza ngokuqinile ukuba ihlele isikhathi sokumba amagugu eZwi likaNkulunkulu? (IzAga 2:1-5; 1 Johane 2:14) Lapho nisemihlanganweni, ingabe uhlala nayo ukuze uyinikeze isikhuthazo sengqondo yayo—nenhliziyo—hhayi ukuba izule ngengqondo? Ingabe iyakhuthazwa ukuba ihlanganyele? (Heberu 10:23-25) Ingabe unaso isifundo somkhaya sasikhathi sonke esinikeza ulwazi oluphathelene nazo kanye izidingo zengane yakho? Cabangela lemibuzo.—IzAga 24:5.
‘Yenza UJehova Abe Ngokoqobo’
8. UDuteronomi 11:18, 19 ubonisa ukuthi ukuzinikela kuNkulunkulu kumelwe kuqale kuphi, futhi abazali bangakusebenzisa kanjani lokhu ngengane namuhla?
8 Nokho, ukugcwalisa nje ikhanda ngamaqiniso kungase kushiye inhliziyo nonembeza kungathintekile. Ukuze ibe nonembeza omuhle, ingane yakho kumelwe ibone ukuthi uJehova ungumuntu onamandla nonesithakazelo esijulile kuyo nakulokho ekwenzayo. Kodwa okokuqala uthando ngoJehova kumelwe lugcwalise inhliziyo yakho siqu futhi lushukumisele wena ukuba ukhulume ngokunakekela kwakhe kothando nobukhulu bakhe. Kumelwe uthande futhi uphile ngeqiniso. Lapho ebuzwa ukuthi izingane zakhe, zombili ezazingabashumayeli besikhathi esigcwele, zaba kanjani nothando oluqine kangaka ngoNkulunkulu, umama waseNgilandi wachaza: “Ngokukhuluma nazo ngendlela uJehova angokoqobo ngayo. Uye wangisiza kangangokuthi ngangingenakwenza ngokunye kwakumelwe ngenze uJehova abe ngokoqobo kuzo. Yonke into isekelwe kuye.” Qeqesha ingane yakho, ngokufanayo, ukuba ikhulume noJehova “ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya.” (Efesu 6:18) Vumela ingane izwe imithandazo yakho eqotho, esuka enhliziyweni futhi uxoxe nayo ngezinto ethandaza ngazo.—Duteronomi 11:1, 2, 18, 19; IzAga 20:7.
9. Abazali bangazisebenzisa kanjani izibonelo zokuphila okungokoqobo ekuqeqesheni unembeza wengane?
9 Unembeza wobusha ungathonywa ngamandla izibonelo zokuphila okungokoqobo. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 8:10.) Ngezikhathi ezithile ungase uzwe ngabantu abahlupheka ngenxa yokwephula imithetho kaNkulunkulu. Ngendlela yokungabasoli, xoxa ngezibonelo ezinjalo nengane yakho, ngaleyondlela uyisiza ukuba yazise amazwi kaPawulu: “Awunakumkhohlisa uNkulunkulu. Noma yini oyihlwanyelayo uyoyivuna.” (Galathiya 6:7, Beck) Ngokuqondene nezibonelo eziqondile, xoxani ndawonye izindaba zeVangeli elishukumisayo lokuphila kukaJesu. Uyobe usiza ingane yakho ukuba izuze ‘umqondo kaKristu.’ (1 Korinte 2:16) Kodwa kumelwe wenze lezindaba ziphile! Khuthaza ingane ukuba ibone ngamehlo engqondo izinkundla zezenzakalo futhi icabange indlela yobungcweti uJesu ayesingatha ngayo izindaba. Khetha indaba ezincwadini ezisekelwe eBhayibheli eziningiliza ukuphila kukaJesu nezlmfanelo zakhe siqu, futhi ukuze uxube, zisebenzise ngezikhathi ezithile esifundweni somkhaya wakho.a
10. Ungayisiza kanjani ingane yakho ukuba ‘yazi uthando lukaKristu’?
10 Ingane yakho nayo kumelwe ilwele ukulingisa isibonelo sikaKristu. Kungaleso sikhathi kuphela lapho omusha eyothola ngokuhlangenwe nakho koqobo ‘ukwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke.’ (Efesu 3:19) Ngakho-ke, yikhuthaze ukuba ilingise ngokwengeziwe ukuzonda kukaJesu ukungabi-namthetho, uthando lwakhe ngabantu, intshiseko yakhe ngokukhulekela uYise, umusa wakhe nokuphana, nokuzimisela kwakhe ukubekezelela ukuhlekwa usulu. (Heberu 1:9; Marku 6:34; Johane 4:34; Luka 23:34; 1 Petru 2:23) Tusa ngokufudumele ingane yakho lapho isabela. Kumelwe ibone ukuthi, nakuba singaphelele, ngokulandela kwethu eduze indlela yeNkosi siba ngabajabula ngokwengeziwe nonembeza bethu baba ngabalungiswe kangcono. Sisondela futhi eduze kuNkulunkulu, ngoba uJesu ubonisa ubuntu bukaYise. (Johane 14:6-10) Ngaso sonke isikhathi khumbuza ingane yakho ukuba ibazise lobuhlobo. Njengoba umama ongumKristu ophumelelayo wezingane ezine asho: “Umyeni wami akavumeli nolulodwa usuku ludlule ngaphandle kokugona ngayinye futhi azitshele ukuthi uzithanda kangakanani nokuthi uyazi ukuthi uJehova kumelwe ukuba uziqhenya kangakanani ngokuziphatha kwazo. Uthi, ‘uJehova uyanithanda.’ ‘Ningamdumazi.’”—IzAga 27:11.
Isidingo Sokuyala Ngothando
11. Kungani zonke izingane zidinga iseluleko?
11 Nakuba ayefundiswe uNkulunkulu “kwasebusheni [bakhe],” uDavide wanxusa, “ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami.” (IHubo 71:5, 17; 25:7) Yebo, umntwana ngamunye ‘unobuwula obuboshelwe enhliziyweni yakhe.’ Kodwa “induku yokulaya iyabudedisela kude naye.” (IzAga 22:15) ‘Lenduku’ yegunya lobuzali ngokuvamile ingase ibe izwi lokuyala noma umngcele oqinile. Ngakho lapho inhliziyo ekhohlisayo yengane yakho ifuna ukwenza okuthile okulimazayo, kunesidingo sokwenqaba ngokuqinile!—Jeremiya 17:9; IzAga 29:17, 19, 21.
12, 13. Ungasenza kanjani iseluleko sibe ngesiphumelelayo?
12 Ekuyaleni, ikakhulukazi lapho ujezisa, landela isibonelo sikaJehova ‘ohlakahlisa ngendlela eyiyo.’ UIsaya 28:26-29 ubonisa ukuthi unjengomlimi osebenzisa ukuqonda ekuboneni ukuthi iliphi ithuluzi angalisebenzisa ukuze abhule ngokuphumelelayo izinhlobo ezihlukahlukene zokusanhlamvu nokuthi kumelwe kubhulwe isikhathi esingakanani, hhayi ukuba ‘kubhulwe njalo.’ Ngakho zibuze: Ingabe umngcele unengqondo ngokubhekwa kweminyaka yengane yami nokuqhubekela ekuvuthweni? Ingabe isijeziso siyafanelana nokungathi sína kwesenzo sobubi, futhi sifanelekile asibangelwa nje isimo sami engikuso? Futhi ingabe ingane iyazi ngempela ukuthi kungani ijeziswa?—Jobe 6:24.
13 Imingcele engenangqondo noma iseluleko esingafanelekile siyoyicasula noma siyithukuthelise ingane.b (Efesu 6:4; Kolose 3:21) Nokho ukugcizelela kothando kuyovikela ingane yakho ezimweni ezingalimaza zonke izimfundiso ezinhle oye wazigcina enhliziyweni yayo. Lokhu kubalulekile ikakhulukazi ngokuphathelene nabangane bayo. (IzAga 13:20; 28:7) Kodwa kuthiwani uma ngemva kwawo wonke umzamo wakho ingane yakho ingena enkingeni yangempela?
Lapho Kuphakama Inkinga
14. Kungani umzali kungamelwe adube ngokushesha lapho ingane ihileleka enkingeni engathi sína?
14 Ukudumazeka okubuhlungu kuye kwabangela abazali abathile ukuba bayidube ngokushesha ingane eyenze iphutha. Nakuba uJehova anikeza isijeziso nokusola okufanelekile, wayengasheshi ‘ukusiduba’ isizwe sakwaIsrayeli sasendulo leso esake saba ‘njengendodana’ kuye. (Hoseya 11:1; 2 IziKronike 36:15, 16; IHubo 78:37, 38; Nehemiya 9:16, 17) Njengoba nje abaqeqeshi basendulo babekwazi ukubopha amanxeba nokubuyisela amathambo aphukile lapho umgijimi elimele, abazali kumelwe manje balwele ‘ukuqinisa izandla ezibuthakathaka . . . ukuba okuqhugayo kungaphinyazeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.’—Heberu 12:12, 13.
15. Umzali angabasebenzisa kanjani abaseGalathiya 6:1 ekubuyiseni ingane eyenze iphutha?
15 Ukwelula ingane ‘eqhugayo’ ngokomoya nokuvimbela isimo sayo ekubeni esibi kakhulu kudinga ukulungisa ukucabanga kwengane. “Uma umuntu [noma ingane] ehlelwa isiphambeko,” kweluleka uPawulu “nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene.” (Galathiya 6:1) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “mbuyiseni” kwakuyigama lezokwelapha elalisetshenziswa ngesikhathi sikaPawulu ‘ekubuyiseleni amathambo.’ Ngokuqinisekile lenqubo ebuhlungu yayidinga ikhono elikhulu ukuvimbela ithambo eliphukile ekubeni likhubazeke phakade. Lona leligama eliyisisekelo lihunyushwe ngokuthi ‘ukulungisa’ (amanetha) nangokuthi ‘ukuphelelisa.’ (Marku 1:19; 1 Thesalonika 3:10) ‘Ukuze ulungise’ inhliziyo yomuntu omusha, zama ukumfinyelela ‘ngekhono lokufundisa.’ Kunokulwa ngamazwi, landela ukusikisela kweBhayibheli okubalulekile: ‘Yiba-mnene . . . ubekezele, ubalaye ngomoya omnene abamelene nawe kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka.’—2 Thimothewu 2:24-26; 3:16; 4:2.
16. (a) Iluphi ushintsho okungase kudingeke ukuba lwenziwe ukuze kuzuzwe ingane eyenze iphutha? (b) Yini okumelwe icaciselwe ingane?
16 Ukubuyisa ukucabanga okuyiphutha kwengane kudinga ukuba umzali aqinise imizamo yakhe yokuqeqesha. Umzali kungase kudingeke ukuba enze ushintsho endleleni yakhe yokuphila ukuze anikeze ukunakekela okudingekile. Emfanekisweni obonisa umzamo ofanele ukuze uzuze “isoni esisodwa,” uJesu uchaza owesifazane owayeka yonke into ngokuphelele ukuze athole uhlamvu lwakhe lwesiliva olwalulahlekile. (Luka 15:7-10) Ingane eqeqeshwe ngokwaphezulu ingase ihlaselwe imizwa yokungabaluleki neyecala lapho isono sayo sivela obala, ngakho umzali kungase kudingeke ukuba aqinisekise uthando lwakhe ngengane. Siza ingane ukuba ibone ukuthi ukuziphatha kwayo okungathandeki, hhayi yona, nokuthi lokhu kuziphatha kungalungiseka.—Juda 23.
17, 18. (a) Omunye ubaba wayibuyisa kanjani indodana yakhe? (b) Yini ngokuvamile eletha impumelelo?
17 Omunye ubaba, ondodana yakhe yelulekwa ibandla ngokuziphatha okubi, waqalisa ukuhamba amabanga amade nendodana yakhe izikhathi eziningana ngesonto, baxoxe izingxoxo ezinde, bengajahile. Wakhetha nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezikhuluma ngazo kanye izidingo zendodana yakhe. Ubaba wazitadisha kanye nayo, ngaphezu kokwenza insizwa ihlanganyele esifundweni ubaba ayeziqhuba nomkhaya wonke. Umzali washintsha imisebenzi yakhe njengomdala webandla ukuze anikeze indodana yakhe ukunakekela okugcwele okungokomzwelo nokokuziphatha eyayikudinga. Umfana wasizakala.
18 Nokho, ngezinye izikhathi indodana noma indodakazi ingase ihlubuke ngokuphelele, ize ngisho ‘idelele.’c (IzAga 30:17) Ngokujabulisayo, izimo ezinjalo azivamile phakathi kwabantu bakaJehova. Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ukwazi ukuthi, ezimweni eziningi kakhulu, lapho abazali—uma bengakuyekeleli ukuziphatha okubi—bengasheshi ukuduba ingane kodwa ngokubekezela bezama ukuyifundisa, imiphumela mihle!
Umsebenzi Onzima—Kodwa Owufanele Umzamo!
19. Ungasilingisa kanjani isibonelo sikaMariya ekunakekeleni umkhaya wakho?
19 Ukukhulisa izingane, ikakhulukazi ‘kulezinsuku zokugcina,’ kuwumsebenzi owesabekayo. Abazali abathatha umthwalo wemfanelo onjalo ngokungathi sína kumelwe batuswe! Qaphelani njalo ukuthi yini eniyibeka kuqala. Ningavumeli ukukhathalela ukunikeza abathandekayo benu ‘izinto eziningi’ ezibonakalayo kunivimbele ekufinyeleleni amathuba angokomoya kanye nabo. Khumbulani, uJesu watshela uMarta ukuthi “kodwa inye into edingekile” kuphela. Yebo, ukudla okuvamile nje kwakwanele. Yibani njengoMariya, owajabulela isikhathi esihle esingokomoya noJesu. Khethelani umkhaya wenu “isabelo esihle” ngokuhlanganyela emisebenzini engokomoya njengomkhaya.—Luka 10:38-42.
20. Imiphi imivuzo elindele abazali abangamaKristu abaphumelelayo?
20 Eminyakeni ethile ngemva kokusiza ngokuphumelelayo izingane zakhe eziyisithupha ukuba zithande uJehova, umzali wathola ikhadi livela kwenye yazo. Ngokwengxenye lalifundeka kanje: “Mama, ngikuthanda kakhulu, ngaphezu kwalokho oyoke ukwazi. Ngiyakubonga ngokunginikeza isiqondiso . . . Wanginikeza ithemba elingcono kakhulu emhlabeni nalelo liyiqiniso. Ngiyakubonga ngokusindisa ukuphila kwami.” Yeka ukuthi lomama wathokoza kanjani! Njengoba izAga 23:24, 25 zisho: “Ungaziqhenya ngendodana [noma indodakazi] ehlakaniphileyo. Uyihlo nonyoko mabaziqhenye ngawe; nikeza unyoko leyonjabulo.” (Today’s English Version) Ngosizo lukaJehova, kwangathi injabulo enjalo ingaba eyakho!
[Imibhalo yaphansi]
a Ngendaba efushanisiwe yokuphila kukaJesu kwasemhlabeni, bheka isihloko esithi “Bambisisa Ukuphila Okuyikho,” kuNqabayokulinda kaMay 15, 1973. Isihloko esithi ‘Yibani Abeqiniso Abafundi BakaKristu,” kuNqabayokulinda kaJanuary 1, 1978, sicabangela izimfanelo zakhe siqu eziningi, njengoba kwenza iAid to Bible Understanding (eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.), amakhasi 927-32.
b Ukucwaninga okwakuhilela abantu abasha abangama-417 okwakhishwa kumagazini iAdolescence kwaphetha: “Ikhaya elinemingcele kakhulu liholela ekukhungathekeni bese kuba sebudloveni kanti ikhaya eliyekelela kakhulu liholela ekukhungathekeni, ekungazini ukuthi ikuphi okulindelwe abazali, okuholela ebudloveni, ekufuneni imithetho.”
c Bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuWatchtower kaMay 1, 1960, amakhasi 287-8.
Uthini?
◻ Umzali angakuthuthukisa kanjani ukukhuluma nenhliziyo yengane?
◻ Yini eyosiza ingane ukuba ibe nonembeza omuhle?
◻ Yini eyokwenza iseluleko sibe ngesiphumelelayo?
◻ Ingabuyiswa kanjani ingane eyenze iphutha?
[Isithombe ekhasini 23]
Ukulalela ngokucophelela, ngisho nalapho kungelula, kuyokhuthaza ukukhulumisana okusuka enhliziyweni
[Isithombe ekhasini 25]
Kuyinselele yangempela ukuqinisekisa ingane ngothando lwakho nokufinyelela inhliziyo yayo lapho yenze iphutha elingathi sína