Siza Ingane Yakho Ibhekane Nosizi
ESITOLO sezincwadi esiphithizelayo, umama othile ocindezelekile wakhalela umdayisi wezincwadi: “Ninesitolo esigcwele izincwadi kodwa aninalutho olungasiza ingane yami!” Lo mama wayefuna isiqondiso sokusiza indodana yakhe esakhula ukuba ibhekane nokufa ngokungalindelekile kwesihlobo esiseduze.
Kwakufanele ukuba lo mama akhathazeke. Yeka ukuthi kucindezela kangakanani ngengane esakhula ukubhekana nokushonelwa! Izingane zikhula kahle lapho zinakekelwa emkhayeni, kodwa ukufa kungathatha othandekayo ingane ebisondelene kakhulu naye. Njengomzali, ungayisiza kanjani ingane yakho ukuba ilungele ukulahlekelwa okubonakala kusondela noma osekwenzekile?
Kuyiqiniso ukuthi uma ushonelwe othandekayo, kungenzeka ukuthi nawe kunzima ukubhekana nemizwa yakho; ungase uzizwe ukhathazekile futhi uhlale ucabanga ngakho. Kodwa, akufanele ukhohlwe ukuthi ingane yakho idinga ukusekelwa nguwe. Incwadi ekhishwa isikhungo esithile sabagulela ukufa eMinnesota, e-U.S.A. ithi: “Izingane zivame ukuthola indaba kancane ezingxoxweni, kodwa lapho ziyekwa ukuba zizenzele iziphetho, zivame ukuyisonta indaba noma ziyihlanekezele.” Iyanezela: “Izingane kufanele zitshelwe amaqiniso.” Ngakho-ke kungaba ukuhlakanipha ukuchazela izingane zakho amaqiniso, kuye ngezinga ezingase zikwazi ukuqonda ngalo. Lokhu kuyinselele, ngoba izingane azifani uma kuziwa ekhonweni lazo lokuqonda okwenzekayo.—1 Korinte 13:11.
Indlela Yokuchaza Ukufa
Abanye abacwaningi bathi lapho bekhuluma nengane ngokufa, abazali kufanele baqaphele indlela abasebenzisa ngayo amazwi anjengokuthi “ulele,” “usilahlekele,” noma “usishiyile.” Ukusebenzisa amagama anjalo ngaphandle kokuwachaza kungase kuyidide ingane encane. Yiqiniso, uJesu wakhuluma ngokulala njengomfanekiso echaza ukufa futhi kwakufanele. Kodwa khumbula ukuthi wayengakhulumi nezingane. Ngaphezu kwalokho, wawuchaza lowo mfanekiso. Watshela abalandeli bakhe: “ULazaru umngane wethu uye kophumula.” Abafundi, nakuba babebadala, “bacabanga ukuthi [uJesu] wayekhuluma ngokuphumula kokulala.” Ngakho uJesu wacacisa: “ULazaru ufile.” (Johane 11:11-14) Uma abantu abadala bedinga incazelo ecace ngale ndlela, kangakanani-ke ngezingane zethu!
Abalobi uMary Ann Emswiler noJames P. Emswiler bathi: “Umzali angase azame ukuthambisa ulimi uma echazela ingane yakhe ngokufa, kodwa ngokwenza kanjalo, angase atshale engqondweni yayo imicabango ebingekho ngaphambili futhi engase iyethuse noma iyilimaze.” Ngokwesibonelo, ukumane utshele ingane ukuthi othandekayo ulele nje kungase kwenze ingane yesabe ukuthi uma ilala ebusuku, ingase ingavuki. Uma itshelwa nje ukuthi othandekayo “akasekho,” ingane ingase izizwe ilahliwe.
Lapho bezama ukuchazela ingane ngokufa, abazali abaningi baye bathola ukuthi izingane ziwaqonda kalula amazwi alula angagwegwesi, kunemicabango engacacile noma izinkulumo eziyizifekethiso. (1 Korinte 14:9) Abacwaningi batusa ukuthi ukhuthaze ingane ukuba ibuze imibuzo futhi iveze ukukhathazeka kwayo. Ukuxoxa njalo kungakusiza ekucaciseni izinto ezingaqondakali futhi kungembula nezinye izindlela zokusiza ingane yakho.
Umthombo Wesiqondiso Othembekile
Phakathi nenkathi yokulila, ingane yakho iyothembela kuwe ukuze ithole isiqondiso, ukusekelwa nezimpendulo. Ungakutholaphi-ke ukwaziswa okunokwethenjelwa mayelana nokufa? Abantu abaningi baye bathola ukuthi iBhayibheli liwumthombo othembekile wenduduzo nethemba. Linikeza ukwaziswa okuyiqiniso ngomsuka wokufa, isimo sabafileyo nethemba mayelana nabo. Iqiniso elimsulwa lokuthi “abaphilayo . . . abazi lutho” kufanele lisize ingane yakho iqaphele ukuthi othandekayo oshonile akahlupheki. (UmShumayeli 9:5) Ngaphezu kwalokho, eBhayibhelini, uNkulunkulu usinika ithemba lokuthi siyophinde sibabone abathandekayo bethu emhlabeni oyipharadesi.—Johane 5:28, 29.
Ngokuhlola imiBhalo Engcwele, ungasiza ingane ukuba ifunde ukuthi iBhayibheli linikeza isiqondiso esinokwethenjelwa nenduduzo kuzo zonke izimo ezicindezelayo. Ngesikhathi esifanayo, ingane yakho nayo iyoqaphela ukuthi wena njengomzali uthembele eZwini likaNkulunkulu ukuba likuqondise ezindabeni ezibalulekile ekuphileni.—IzAga 22:6; 2 Thimothewu 3:15.
Imibuzo Yakho Iyaphendulwa
Lapho usiza ingane yakho ukuba ibhekane nokushonelwa, ungase ubhekane nezimo ezikudidayo. Yini ongayenza?a Ake sicabangele eminye yemibuzo evamile engase ivele.
• Ingabe kufanele ngiyifihlele ukuthi ngidabukile? Kungokwemvelo ukufuna ukuvikela ingane yakho. Kodwa ingabe akulungile ukuba ikubone ukuthi uyakhala? Abazali abaningi baye bakuthola kungcono kakhulu ukuveza usizi lwabo ngokwethembeka, kanjalo babonise ingane ukuthi kuyinto engokwemvelo ukukhala. Abanye baye baxoxa nezingane zabo ngezibonelo zeBhayibheli zabantu abakuveza ukudabuka kwabo. Ngokwesibonelo, uJesu wakhala lapho kushone umngane wakhe othandekayo uLazaru. Akazange ayifihle imizwa yakhe.—Johane 11:35.
• Ingabe ingane yami encane kufanele ibe khona enkonzweni yomngcwabo noma emathuneni? Uma ingane izoba khona, kungase kube ukuhlakanipha ukuyichazela kusengaphambili ukuthi yini ezokwenzeka, kuhlanganise nokuthi kungani kuqhutshwa inkonzo yomngcwabo. Kuyiqiniso ukuthi kwezinye izimo abazali bangase banqume ukuthi kunezizathu ezinhle zokuthi kungani izingane zabo kungafanele zibe khona kuzo zonke noma kwezinye izinto ezizokwenziwa. Izingane eziba khona emingcwabeni eqhutshwa oFakazi BakaJehova zingase zizuze enkulumweni esekelwe eBhayibhelini enikezwayo. Ngaphezu kwalokho, uthando olubonakala phakathi kwalabo abakhona lungenza lesi senzakalo sizuzise futhi siduduze, ngisho nasenganeni.—Roma 12:10, 15; Johane 13:34, 35.
• Ingabe kufanele ngixoxe nengane ngothandekayo oshonile? Abanye abacwaningi bathi uma uyigwema ngokuphelele le ndaba, ngephutha ingane ingase iphethe ngokuthi kukhona okufihlayo ngomufi noma uzama ukumkhohlwa ngokuphelele. Umlobi uJulia Rathkey uthi: “Kubalulekile ukusiza izingane ukuba zifunde ukuphila nenkumbulo futhi zingesabi.” Ukukhuluma ngokukhululekile ngomufi, kuhlanganise nezinto ezinhle ngobuntu nokuphila kwakhe, kungase kusize phakathi nenkathi yokulila. Abazali abangoFakazi baduduza izingane zabo ngethemba leBhayibheli lokuthi abantu bayovuselwa emhlabeni oyipharadesi, lapho ukugula nokufa kuyobe kungasekho khona.—IsAmbulo 21:4.
• Ngingayisiza kanjani ingane yami njengoba isalila? Phakathi nenkathi yokulila, ingane ingase ibe nezimpawu ezithile ezibonakalayo, mhlawumbe igule. Ingase ithukuthele noma ikhathazeke ngoba izizwa ingenandlela yokuzisiza futhi ikhungathekile. Ungamangali uma izizwa inecala, inamathela kuwe, noma yesaba uma wephuza ukufika noma ugula. Ungenzenjani ngalolu sizi ingane yakho enalo? Ingane akufanele neze ibe nomuzwa wokuthi awuboni ukuthi kukhona okonakele. Ngakho yiba oqondayo futhi uqaphelisise okwenzekayo. Ungazami ukululaza indlela ukufa okuyithinta ngayo ingane. Yiqinisekise njalo, uyikhuthaze ukuba ibuze imibuzo futhi ikhulume ngokukhululekile. Ungaliqinisa ithemba layo—nelakho—‘ngenduduzo evela emiBhalweni.’—Roma 15:4.
• Kufanele ngisheshe kangakanani ukubuyela esimisweni esivamile somkhaya nakwezinye izinto? Ochwepheshe bathi zama ngangokunokwenzeka ukulondoloza isimiso sokwenza izinto. Ukulondoloza isimiso sezinto eziwusizo kuthiwa kuyithuluzi eliphumelelayo ekubhekaneni nale nkathi yosizi. Phakathi koFakazi BakaJehova, abazali abaningi baye bathola ukuthi ukulondoloza isimiso esihle esingokomoya, esihlanganisa ukuba nesifundo seBhayibheli somkhaya nokuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu kungawuqinisa umkhaya.—Duteronomi 6:4-9; Hebheru 10:24, 25.
Kuze kube yilapho uJehova uNkulunkulu eqeda ukugula nokufa, izingane ziyobhekana nosizi lokufa ngezikhathi ezithile. (Isaya 25:8) Kodwa uma ziqinisekiswa futhi zisekelwa ngendlela efanele, izingane zingasizwa ukuba zibhekane ngokuphumelelayo nokushona kothandekayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukwaziswa okwethulwa kulesi sihloko akuhloselwe ukushaya umthetho. Kufanele kuphawulwe ukuthi izimo namasiko kuyahlukahluka kuye ngamazwe nemiphakathi.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]
Khuthaza ingane yakho ukuba ibuze imibuzo futhi iveze ukukhathazeka kwayo
[Isithombe ekhasini 20]
Londoloza isimiso sezinto ezithile, kuhlanganise nesifundo seBhayibheli somkhaya wakho