Abantu Abanokuthula Badingeka Ngempela!
ISIHLOKO sasinikeza ithemba: “Umhlangano Wezizwe Wezazi Zokuloba—Abasunguli Bokuthula.” Wawusendaweni ebukekayo: edolobheli elidala laseCologne eJalimane, elibhekene nomfula iRhine. Isimo somhlangano sasinokuthula kwaze kwaba yilapho siphazanyiswa ukuxokozela okwabe kuphakathi kwamanxusa. Ngokwemibiko yezindaba zomhlangano ka-1982, abanye ababekhona babememeza, befuqana, futhi besunduzana—bebangisana ngisho nangokuphatha isiteji. Impikiswano yayiwukuthi imuphi uhulumeni ongumsusi wothuthuva eziphithiphithini ezikhona ezweni.
Kungakhathaliseki ukuthi inkundla yokulwa ingase ibe sendaweni ekude, emagcekeni emihlangano, noma endlini yokuhlala kamakhelwane wakho, kungani abantu abaningi bengahlalisani ngokuthula? Impendulo ilula: Ukuthula koqobo ngeke kube khona uma uNkulunkulu wokuthula, uJehova, engafakwanga ekuphileni kwabantu.—1 Thesalonika 5:23.
KwabaseGalathiya 5:22, 23, iBhayibheli liye lafaka ohlwini ukuthula njengesinye sezithelo zomoya ongcwele kaNkulunkulu. Ukuthula kweqiniso nokuhlala njalo kungaba sekuphileni kwethu kuphela uma umoya kaNkulunkulu ubangela ukukhula kwakho ezinhliziyweni zethu. Kwenziwa kanjani lokhu? Okokuqala kumelwe sazi uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe uJesu Kristu, bese siba nokholo kubo. (Johane 17:3) Khona-ke, kuyogcwaliseka kithina ukunxusa okunamandla kukamphostoli uPawulu: “UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kamoya ongcwele.” Futhi phawula ukuthi uPawulu uphetha isiyalo sakhe kulencwadi efanayo ngalokhu kunxusa okwengeziwe: “UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke.”—Roma 15:13, 33.
Ukuthula lokho umoya kaNkulunkulu ongcwele okunikezayo kwehlukile ekuthuleni izwe elikufunayo. Ngayiphi indlela?
Ukuthula Okuhlukile
Ngokwezizwe zonke, umenzi wokuthula umuntu okhuluma kahle nonenhlonipho; umuntu okuthi ngenxa yokuzivumelanisa nezimo akwazi ukwenelisa amaqembu amabili aphikisanayo ngaphandle kwemfuneko yokushintsha imibono yawo nezisusa. Khona-ke ikhomanisi lingase lihlalisane ngokuthula nosomabhizinisi ngaphandle kokuthi oyedwa wabo ashintshe izinkolelo zakhe. Nokho, ukuba nokuthula noNkulunkulu, kwehlukile. UNkulunkulu ubeka izimfuneko zokuthula. Lezi uyazichaza futhi abonise indlela ezisetshenziswa ngayo. NgoJehova uNkulunkulu akukhona ukuzivumelanisa nezimo kodwa ukudela ngokuphelele izisusa zethu, imibono, indlela yokuphila—ukuzidela okuphelele kwethu siqu.—Mathewu 22:37.
Ngakho-ke, okudingekile namuhla ukuthula okugxile ekuhlakanipheni kwaphezulu, hhayi ekuhlakanipheni kwabantu. Ngokufunda uJakobe 3:13-18, siphawula izinzuzo ukuhlakanipha kwasezulwini okuzilethayo:
“Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene nokuhlakanipha. Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso. Lokhukuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni. . . . Ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu ilezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa. Kepha isithelo sokuhmga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.”
Ukuthula okuvela ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu kwenza okungaphezulu kunokuvimbela iziphithiphithi; ngobuqotho nangentshiseko kuphishekela ubuhlobo obuhle nabanye.
Ngokwengeziwe, ukuba nokuthula ngendlela yokwesaba uNkulunkulu kusiza ekuvikeleni ukuthambekela okuyingozi, okwatshaleka enhliziyweni yomuntu kusukela ngesikhathi sokuhlubuka e-Edene, ukuze kungakhuleli ezenzweni ezibangela ukufa, ezimbi. (Genesise 8:21; Mathewu 15:19; Roma 5:12) Ebhekisela ekusebenzeni kwalesihlangu esiyisivikelo, umphostoli uPawulu waloba ukuthi “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo [izisusa] zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.”—Filipi 4:7.
Lokhu kubonisa ukuthi “ukuthula kukaNkulunkulu” kunikezwa nguye ngeNdodana. UJesu wathi: “Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami.” (Johane 14:27) Ukuthula kweqiniso akuwona umphumela wokuhlalisana, wezomnotho, wezombangazwe, noma inguquko yesimo esizungezile kodwa, kunalokho, kuwumphumela wokukhonza uJehova ngokulingisa iNdodana yakhe uJesu Kristu. Ngakho-ke, kungokufanelekile, ukuthi umphostoli uPawulu uqalisa izincwadi zakhe eziningi ngamazwi afana nathi: “Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.”—Roma 1:7; 1 Korinte 1:3; 2 Korinte 1:2.
Ingabe Ungumuntu Onokuthula?
AmaKristu anokuthula aqaphela ukuthi ngaphandle kukaJehova awanalo ikhono elihlala njalo lokwenza ukuthula. Inyama yomuntu ibuthakathaka. Idinga ukusekelwa ngomoya kaNkulunkulu ongcwele. UPawulu wakhumbuza amaKristu: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.” Khona-ke wenezela: “Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani. Kepha ngithi kini: Hambani ngomoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama. Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene nomoya, kepha umoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezizinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.”—Galathiya 5:14-17.
Lapho ephikisana nomunye, ‘isifiso senyama’ somuntu singase simkhohlise ekukholelweni ukuthi wenza okulungile, lapho eqinisweni, enza okungalungile. Izici ezimbi zokuzigqaja, umona, nokuncintisana okungathibeki akunakwa. Engqondweni yomuntu, lokhu kuthatha isimo sokususa uthuthuva nokushiseka, kuyena eziyizihluthulelo zokuba ngophumelelayo, noma onempumelelo. Yilokho okwenzeka kumaKristu athile ekhulu lokuqala esifundazweni saseGalathiya. Avumela ‘isifiso sawo senyama’ sonakalisa ubuhle bokuthula hhayi kuphela ekuphileni kwawo kodwa futhi nasebandleni. ‘Ubutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga’ konakalisa isimo esingokomoya sebandla lawo, futhi kwadingeka ukuba asuse lezozici ukuze kubuyiselwe ukuthula.—Galathiya 5:20, 22.
Namuhla, izici ezingezona ezobuKristu zingase ziqede ukuthula kwepharadesi lethu elingokomoya ukuthula kwalo. Ibhizinisi, umsebenzi, isikole, ezenhlalo, ngisho nemisebenzi yasebandleni inikeza izimo ezisivivinyayo ngokuthi sibambelele yini ngokuqinile esithelweni sokuthula noma asibambelele. Ukuze uqiniseke ukuthi ungumenzi wokuthula kunokuba umqedi wokuthula, zibuze ngokwakho lemibuzo:
◻ Ingabe ngifuna ukuqhama nokwaziwa, noma ingabe ngithobekile futhi nginesizotha?—IzAga 11:2; Mathewu 18:1-4.
◻ Ingabe nginesifiso esikhulu sokufuna izinto ezibonakalayo, noma ingabe nganeliswa ukuba nokudla nokokwembatha?—1 Thimothewu 6:4-10; Heberu 13:5.
◻ Ingabe ngibonisa umoya wokukhetha labo abadumile noma abacebe ngokwezinto ezibonakalayo ebandleni, noma ingabe ngibamukela bonke abasekukholweni?—Roma 15:7; Jakobe 2:1-4.
Esikhundleni Sokuhlakanipha Kwabantu Yiba Nokuhlakanipha Kwaphezulu
Umoya omubi oshukumisa abanomkhuba wokuqeda ukuthula uvela ezifisweni zobugovu. Phawula indlela umfundi uJakobe achaza ngayo isiqalo sesithelo esibi kuJakobe 4:1, lapho ebhala: “Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na?” Abaphazamisi bobunye bebandla abafuni ukuba nokuthula ngoba bavumela izifiso zobugovu ukuba ‘zilwe phakathi kwabo.’ Bavumela umoya wokulwa ukuba wakhele ngaphakathi emizimbeni yabo. Khona-ke, izifiso zabo zobugovu, njengempi ehlaselayo, zihamba emikhondweni yempi, zikhankasela ukwaziwa, ithonya elikhulu, amafa, nokufana nalokho, lapho zibaphuca ukuthula ebuhlotsheni babo noNkulunkulu nabakholwa kanye nabo.
Cishe zonke izinsuku sibhekana nezimo ezithile noma nothile lowo esingavumelani naye. Siyisingatha kanjani indaba? Abanye bangase baphikise ngomsindo nangentukuthelo, benethemba lokuthi lokhu kuyokwenza ukuba inkinga iyekwe futhi ishintshe. Abanye, ngokufisa ukuvikela isikhundla sabo nendlela yabo yokuphila, bangaphikisa ngentshiseko noma iziphi izindlela ezithuthukiswayo. Izenzo ezinjalo ziqeda ukuthula. Zinciphisa intuthuko nokufezwayo ekhaya, emsebenzini, noma ebandleni. Ngakolunye uhlangothi, ‘ukuhlakanipha kwaphezulu . . . kunokuthula.’ (Jakobe 3:17) Futhi ukuthula okusebenzayo kuhlanganisa abantu nabantu, nabantu noNkulunkulu. (Efesu 4:3) Kungakho ukuhlakanipha kwaphezulu kuqhubeka kuyala:
◻ “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho ealtare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe, shiya lapho umnikelo wakho phambi kwealtare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.”—Mathewu 5:23, 24
◻ “Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke.”—Roma 12:18.
◻ “Ngalokho-ke asijonge okokuthula nokokwakhana.”—Roma 14:19.
Abenzi Bokuthula Bangabavangeli
Umphostoli uPetru eqaphela ukuthi uJehova uNkulunkulu unguMniki wesigijimi sokuthula sezwe lonke wathi, “Walithumela izwi kubantwana bakwaIsrayeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu Kristu: yena iNkosi yabo bonke.” (IzEnzo 10:36) UJesu akukhona kuphela ukuthi “weza washumayela ivangeli lokuthula” yena ngokwakhe kodwa futhi waqeqesha abalandeli bakhe ukuba nabo benze kanjalo. (Efesu 2:17) Wachaza ukuthi lokhu kuyokwenziwa ngokungena indlu ngendlu ‘kufunwe abafaneleyo,’ futhi wabayala, “Nakuyiphi indlu eningena kuyo, qalani nithi: Ukuthula makube kulendlu.”—Mathewu 10:11; Luka 10:5.
Nokho, njengoba kwakunjalo ekhulwini lokuqala, kunjalo nanamuhla, akubona bonke abalazisayo “ivangeli lokuthula.” Kubona kuvusa, hhayi ukusabela kokuthula, kodwa kunalokho umoya wokulwa. UJesu wayelulindele loluhlobo lokusabela emsebenzini wobuvangeli, ngoba wathi: “Ekungeneni kwenu endlini niyibingelele. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini.” (Mathewu 10:12, 13) Abanye bayokwemukela ngentshiseko lokhu kuthula okuvela kuNkulunkulu; abanye bangakwamukeli. Kodwa, kunoma ikuphi kwalokhu, umKristu ngeke alahlekelwe ukuthula kwakhe noNkulunkulu noma nomuntu.
Abantu abenyanya ukuthula kukaNkulunkulu ngempela basempini naye. Okuhlanganisiwe esiprofethweni sikaJesu leso elinohlu lwezenzakalo eziphawula isibonakaliso sokuba khona kwakhe emandleni oMbuso wobuMesiya ilesixwayiso esingumfanekiso: “Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo. . . . ibahlukanisa abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi.” (Mathewu 25:31-33) Lendaba edala ukwahlukaniswa igxile eMbusweni kaNkulunkulu ngoKristu. Indlela abantu ngabanye abasabela ngayo “evangelini loMbuso” elilethwa kubona ‘abafowabo bakaKristu abancinyane’ yiyo ebalulekile ekwahlulelweni kwabo. (Mathewu 24:14; 25:34-46) Emsebenzini wakhe wokwahlukanisa, uKristu usebenzisa kuphela abantu abanokuthula ukuba bamemezele isigijimi sezindaba ezinhle. Ngalendlela akekho umphikisi oyoba nezizathu zokuthi: ‘Iyangicasula kakhulu angikwazanga ukuqonda “isigijimi sokuthula.”’
Ngakho-ke, ezweni eligcwaliswe iziphithiphithi zansuku zonke kokubili zomuntu siqu nezohlobo lwezizwe ngezizwe, abantu abanokuthula ngempela bayadingeka. Abantu abanjalo uyobathola ebandleni lobuKristu beqiniso. “UNkulunkulu wokuthula” makaninike umoya wakhe ongcwele. Uxolo, ukuzotha, nokuthula, ngokufanayo nokukhululeka ekuphikisaneni, ekulweni, ekungabazeni, nasekwesabeni, khona-ke kuyoba injabulo yakho enkulu. (Isaya 32:17, 18) Ngaphezu kwalokho, ngokusakaza “ivangeli lokuthula,” uyojabulela ilungelo elikhulu lokusiza abanye ukuba babe nokuthula.—Efesu 2:17; Mathewu 28:19, 20.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 15]
Ukuthula okuvela ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu kwenza okwengeziwe kunokuvimbela isiphithiphithi; ngobuqotho nangentshiseko kuphishekela ubuhlobo obuhle nabanye
[Isithombe ekhasini 13]
Ukuthula umoya ongcwele kaNkulunkulu okunikezayo kwehlukile ekuthuleni izwe elikufunayo