Abamemezeli BoMbuso Bayabika
UJehova Ubusisa Abanentshiseko Yokwesaba UNkulunkulu
UJESU wayenentshiseko yokwesaba uNkulunkulu. Bebona intshiseko yakhe yokwesaba uNkulunkulu, abafundi bakhe bakhumbula isiprofetho ngaye: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.” (Johane 2:17) Lentshiseko yayibonakala enkonzweni yakhe: “Wayesedlula, wahamba imizi ngemizi nemizana ngemizana, efundisa,” futhi watshela abafundi bakhe ukuba ‘baphikelele.’ (Luka 13:22-24) UJehova wabusisa intshiseko yokwesaba uNkulunkulu yabafundi bakaJesu ngalesosikhathi futhi wenza kanjalo nanamuhla, njengoba okuhlangenwe nakho okuvela eUruguay kubonisa.
◻ Abesifazane ababili ababengoFakazi BakaJehova babehlala cishe amakhilomitha angama-70 ukusuka ebandleni eliseduze. Njengoba babeqhele kakhulu kangaka, banquma ukuqhuba imihlangano yabo yamaviki onke ekhaya labo, lapho babezomemela khona abathakazelayo. Babenentshiseko enkulu naphezu kokuba ngabodwa kwabo. Omunye wayeqhuba izifundo zeBhayibheli eziyisithupha, nomunye eziyisikhombisa. Lapho umbonisi wesifunda ebahambela, abantu abadala abangama-36 babakhona enkulumweni yakhe. Omunye walabodade wakhulisela eqinisweni abantwana abahlanu, futhi namuhla bonke basebenza ngentshiseko enhlanganweni kaJehova. Ngokuqinisekile. uJehova wabusisa intshiseko yokwesaba uNkulunkulu yalabodade ababili.
◻ Omunye udade wabonisa intshiseko yokwesaba uNkulunkulu ngokuhamba njalo nabantwana bakhe amakhilomitha ayi-11 ukuya emihlanganweni yebandla, ngokuvamile efika kusasele ihora ngaphambili. Akazange neze abe nomuzwa wokuthi njengoba isifundo sencwadi sasimane nje singesehora elilodwa, akuzukuba nanzuzo ukuhamba lonke lelobanga elide lapho ayengazifundela nje incwadi ekhaya. Namuhla ubala izibusiso zakhe. Isibonelo sakhe esihle sokuzidela, ukubekezela, nokuzimisela kwakhe njengenkosikazi nomama kuye kwaba nomphumela onamandla kubantwana bakhe. Bonke abantwana bakhe abayisithupha baseqinisweni. Enye indodana eyiphayona ibonisa intshiseko efanayo ngokuhamba ngebhayisikili layo amakhilomitha angama-58 ukuba iyonakekela iqembu elingalodwa. Ukuze ikwenze lokhu kudingeka ukuba iwele umfula ngebhayisikili layo. UJehova ubusisa intshiseko yakhe yokwesaba uNkulunkulu futhi.
◻ Ngo-1982 elinye iqembu labazalwane lasebenza insimu ethile engabelwe futhi lahambisa izincwadi eziningi. Ngonyaka olandelayo babuyela ukuba basebenze insimu efanayo. Komunye umuzi bahlangabezana nokuphikiswa okungavamile. Ngemva kokuzwa isigijimi sabo seBhayibheli. Umninikhaya wabonisa ukuthi wayengafuni ukushintsha inkolo yakhe njengoba wayenomuzwa wokuthi kakade wayeselitholile iqiniso. Wathi: “Niyabona, ngingomunye woFakazi BakaJehova.” Wajabula kakhulu lapho ethola ukuthi ababemvakashele, nabo futhi babengoFakazi BakaJehova.
Wachaza ukuthi wayengekho ekhaya lapho abazalwane ‘besebenza insimu, kodwa umkhaya wakhe wazamukela izincwadi. Wazifunda, wazibona ukuthi zifundisa iqiniso elivela eBhayibhelini, futhi waqala ukutshela omakhelwane bakhe ngalokho ayekufundile. Abazalwane benza amalungiselelo okuba basize “lemvu” entsha iqhubekele ekuvuthweni futhi ngempela ibe ngomunye wofakazi bakaJehova.
Yebo, uJehova ubusisa abanentshiseko yokwesaba uNkulunkulu ngokukhulekela kweqiniso. Siyajabula ngokuba yingxenye yenhlangano kaJehova yabazalwane emhlabeni kabanzi, futhi sifuna ukubonisa lentshiseko yokwesaba uNkulunkulu enkonzweni. Ukuba ngabakhululiwe esimisweni sikaSathane esibi nokuhlanzwa ngeqiniso leBhayibheli kumelwe kusishukumisele ukuba “sishisekele imisebenzi emihle.”—Thithu 2:14.