Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 7/1 kk. 16-17
  • UJesu Nezazi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Nezazi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Nezazi Zezinkanyezi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ababhula Ngezinkanyezi Bavakashela UJesu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Zazingobani “Izazi Ezintathu”? Ingabe Zazilandela “Inkanyezi” YaseBethlehema?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ubani Owathumela “Inkanyezi”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 7/1 kk. 16-17

Ukuphila Nenkonzo KaJesu

UJesu Nezazi

AMADODA amaningana avela eMpumalanga. Ayizazi—abantu abathi bachaza ukuma kwezinkanyezi. Lapho besekhaya eMpumalanga, babona inkanyezi entsha futhi bayilandela amamayela angamakhulukhulu beya eJerusalema.

Lapho izazi zifika eJerusalema, ziyabuza: ‘Ukuphi umntwana ozalelwe ukuba abe yinkosi kwaJuda? Sibone inkanyezi yakhe futhi size ukuzokhuleka kuye.’

Lapho iNkosi uHerode eJerusalema izwa ngalokhu, icasuka kakhulu. Ngakho ibiza abapristi abakhulu futhi iyababuza: ‘UKristu uzakuzalelwaphi?’ Besekela impendulo yabo emiBhalweni, bayaphendula: ‘EBetlehema.’ Kulokho uHerode ubiza izazi futhi uyazitshela: ‘Hambani niyofuna umntwana, futhi lapho senimtholile, anoza kimina ukuba nami ngiye ngikhuleke kuye.’ Kodwa, enhliziyweni, uHerode ufuna ukuthola umntwana ukuze ambulale!

Sezihambile, isimangaliso siyenzeka. Inkanyezi ezayibona kwelaseMpumalanga ihamba phambi kwazo. Ngokusobala, lena akuyona inkanyezi evamile, kodwa iye yalungiselelwa ngokukhethekile ukuba ibaqondise. Izazi ziyilandela njalo kuze kube yilapho ima ngokuqonde ngqó phezu kwendlu lapho uJosefa noMariya behlala khona.

Lapho izazi zingena endlini, zithola uMariya enomntwana wakhe omncane, uJesu. Kulokho bonke bayakhuleka kuye. Futhi zakhipha emasakeni azo izipho zegolide, amakha, nenhlaka. Emva kwesikhathi, lapho sezizobuyela emuva futhi zitshele uHerode ukuthi umntwana ukuphi, zixwayiswa uNkulunkulu ngephupho ukuthi zingakwenzi lokho. Khona-ke zibuyela ezweni lakubo ngenye indlela.

Ucabanga ukuthi ubani owalungiselela inkanyezi eyayihamba esibhakabhakeni iqondisa izazi? Khumbula, inkanyezi ayizange ibaqondise ngokuqondile kuJesu eBetlehema. Kunalokho, zaholelwa eJerusalema lapho zabonana khona neNkosi uHerode, owayefuna ukubulala uJesu. Futhi wayengakwenza lokho ukuba uNkulunkulu akangenelanga futhi waxwayisa izazi ukuba zingamtsheli uHerode. Kwakuyisitha sikaNkulunkulu, uSathane uDeveli, owayefuna ukuba uJesu abulawe, futhi wasebenzisa leyonkanyezi ukuze azame ukufeza injongo yakhe. Mathewu 2:1-12: Mika 5:2.

◆ Yini ebonisa ukuthi inkanyezi izazi ezayibona kwakungeyona inkanyezi evamile?

◆ Wayekuphi uJesu lapho izazi zimfumana?

◆ Sazi kanjani ukuthi uSathane owalungiselela inkanyezi ukuba iqondise izazi?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela