Thola Injabulo Elinganiselwe Emadilini Omshado
1, 2. (a) Kungani kumelwe siqaphele amadili emishado namuhla? (b) Adingeke kangakanani amadili?
CISHE uye wabona ubufakazi obanele bokugcwaliseka kwesiprofetho sokuthi “ezinsukwini zokugcina” abantu ‘bathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.’ (2 Thimothewu 3:1-4) Ubufakazi balokhu bungabonakala kalula ngendlela abaningi ababheka ngayo amadili emishado noma imigidi nangendlela abaziphatha ngayo kuyona.a Kumelwe ube yini umbono wethu ngayo? Ingabe amaKristu kumelwe akugweme ukwenza amadili noma ukuya emadilini emishado? Noma ingabe iphuzu liwukuthi ukuze sibe ‘abathanda uNkulunkulu’ sidinga ukugwema izihibe ezithile?
2 Kungakhathaliseki ukuthi kuvame kangakanani endaweni ukwenza umgidingo wokuzijabulisa ngemva nje komshado wombhangqwana, amaKristu ngokuqinisekile awabophekile nakancane ngokomBhalo ukwenza kanjalo. Kunalokho, eminye imibhangqwana ikhetha ukuhlangana nje nezihlobo eziseduze noma abangane abambalwa abaseduze kakhulu, mhlawumbe bajabulele ukudla kwangasese nabo. Kodwa ukuba nedili lomshado noma ukuya kulo ngeke ngokwakho kulinganiswe nokuba ‘ngabathanda injabulo,’ ngoba uJesu nabafundi bakhe baya emkhosini onjalo eKhana.
3. Ayevame kangakanani amadili emishado ngezikhathi zeBhayibheli?
3 Umshado uyisikhathi senjabulo ngabashadayo, izihlobo zabo nabangane. Amadili emishado ajabulisayo aye aba imvama kusukela kudala. (Genesise 29:21, 22; AbAhluleli 14:3, 10, 17) Ngenxa yokuthi amaJuda ayejwayelene namadili emishado, uJesu wayengawasebenzisa emifanekisweni emithathu. (Mathewu 22:2-14; 25:1-13; Luka 14:7-11) Ngisho nencwadi yokugcina yeBhayibheli ithi: “Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.”—IsAmbulo 19:9.
4. Amadili amaningi emishado aye aba njani?
4 Izinceku zikaNkulunkulu esikhathini esidlule—kuhlanganise noJesu nabafundi bakhe—zathola injabulo elinganiselwe emadilini emishado. Izinkulungwane zamaKristu esikhathini sethu nazo ziye zakwenza lokho. Isihlobo esingakholwa esaya komunye eNingizimu Afrika sathi: “Bengingazi ukuthi oFakazi banemishado emihle kanje. Sesikhathele yikho konke lokhu kuphuza nomculo onomsindo oqhubeka emishadweni kulezinsuku.” Imigidi eminingi yamaKristu ibingakufanelekela ukutuswa okufanayo.
5. Izinkinga zaluhlobo luni eziye zaphakama?
5 Nokho, ukucindezela kwezwe kokuba ‘ngabathanda injabulo’ kunamandla. Kanjalo abanye abadala abangamaKristu bayabika:
“Abaningi babamba ithuba [ledili lomshado] ukuba bakhululeke. Bakubheka ngokuthi awekho amathuba amaningi anjalo, ngakho bafuna ukulisebenzisa ngokugcwele ukuba bazikhulule, ukuba bazitike ngokuphelele ezifisweni ezibanjwa sikhathi sonke. Akumangalisi ukuthi isimo siyaxokozela.”—EYurophu.
“Kubonakala sengathi umkhosi womshado uhlanganisa inkulumo, ukwesula umlomo bese kuba umdanso kuze kube sentathakusa. Abanye banomuzwa wokuthi emigidini bangaphuza ngaphezu kokuvamile, futhi ngokuvamile baphuza kakhulu.”—ELatin America.
“Idili lomshado lingase lihlanganise ‘ukudansa kuze kuse.’ Eminye yalemigidi ingokwezwe ngempela—iyaxokozela, inokuphuza kakhulu nomdanso wezwe. Abaningi bazama ukubukisa ngezingubo ezibizayo namakesi amaningi kabhiya.”—EAfrika.
Ukulinganisela Kuyadingeka
6. Yini esingayifunda ngedili lamaJuda ngokuphawula okwenziwa eKhana?
6 Abantu abaningi bayazi ukuthi edilini lomshado eKhana, uJesu waphendula amanzi aba yiwayini. Nokho, khumbula nanti iphuzu: “Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, . . . wabiza umyeni, wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapho sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo.” (Johane 2:9, 10) Akashongo ukuthi kulelidili izimenywa ‘zaphuza kakhulu.’b Eqinisweni, akunakwenzeka ukuthi uJesu wayengavumela ubudakwa futhi anezele kubo ngokwenza iwayini elengeziwe. Nokho, lendoda yayazi ukuthi ukuphuza ngokweqile kwakuvamile emadilini omshado wamaJuda.
7. Yini umKristu okumelwe ayicabangele ngokunika abantu uphuzo oludakayo?
7 Kweminye imigidi abaniniyo abazange banikeze abantu uphuzo oludakayo ngenxa yokuthi ukuzitika kwakuvame kakhulu endaweni, kanjalo ukuze bagweme ukulinga noma isiphi isimenywa esasinenkinga yokuphuza. Abanye abazalwane abaNsundu baze bathi ukungabi nophuzo oludakayo kwenza “umshado wobuKristu omsulwa.” Futhi kuyiqiniso ukuthi ukungabi nophuzo oludakayo kungase kube okutusekayo lapho umbono womphakathi umelene kakhulu nokuphuza kwamaKristu utshwala. (Roma 14:20, 21) Nakuba kunjalo, ukucabangela indaba ngokulinganiselwe kuyadingeka. Zibuze, Ingabe idili uJesu aya kulo ‘lalingcolile’ ngenxa yokuthi kwakukhona iwayini? IBhayibheli lilahla ubudakwa, hhayi ukuphuza okulinganiselwe kophuzo oludakayo.—IzAga 23:20, 21; 1 Petru 4:3.
8, 9. (a) Uma kunophuzo oludakayo, ukulinganisela kungalondolozwa kanjani? (b) Omunye umdala wathini ngalenkinga?
8 Uma umbhangqwana ufisela ukuba nophuzo oludakayo edilini lawo, kuwukuhlakanipha nokucabangela ngawo ukukhathalela ngokufanele ukulinganisela. (1 Thimothewu 3:2; Mathewu 23:25) Ngokwesibonelo, edilini eKhana, izimenywa zazikhonzwa kanjani? Ngokusobala ‘yizinceku.’ (Johane 2:5, 9) Ngakho umbhangqwana ungase wabele abantu ukuba banikeze (futhi mhlawumbe balinganisele ubungako) bophuzo. Yebo, kunoma imuphi umgidi wamaKristu, kumelwe kube neziphuzo ezingadaki zalabo okumelwe bazithole, noma abangase bakhethe zona.
9 Umdala eCentral America waphawula: “Inkinga iye yaba ukuthi imigidi mikhulu kakhulu, ngakho akukho ndlela yokulawula bonke ababa khona. Ngezinye izikhathi abantu bezwe baye bonakalisa lamadili, ngokuza namabhodlela otshwala futhi babangele ihlazo.” Ngakho ubani oyolawula noma oyoqondisa? Bangaki abayoba khona? Yini eyokwenzeka emadilini anjalo?
Ukuqondisa Kuvela Kubani?
10. Kungokulandela siphi isibonelo esingokweBhayibheli okungase kusize ekulawuleni okungcono emigidini?
10 Edilini eKhana, ‘kwakunomphathi wokudla.’ (Johane 2:9) Ngokufanayo, emigidini namuhla umzalwane onekhono, onomthwalo wemfanelo angase agunyazwe ukuba angamele imininingwane. Njengoba ejwayelene nezifiso zabashadayo, anganikeza ukuqondisa kwabaculayo, oweta nabanye, noma angabuza kwabashadayo abese enza lokho. Lokho kungase kuhlanganise ukwengamela abalindi. Ndawonye bayokwazi ukusiza izimenywa futhi baphathe noma yibaphi ‘abagxambukela edilini bengamenyiwe.’ Ngendaba yokulawula, phawula emfanekisweni kaJesu okwenzeka ngesimenywa esabonisa indelelo esobala edilini lomshado.—Mathewu 22:11-13.
11. Yini okumelwe icatshangelwe ekukhetheni othile wokusiza umbhangqwana ekuqondiseni izinto?
11 Emigidini eminingi yezwe umphathi wehholo noma umholi webhendi usebenza njengomphathi wohlelo. Angase azi imidanti evamile futhi ngokunokwenzeka unenkulumo ethile ayijwayele noma amahlaya angemahle. Kodwa uma ufuna umgidi ovumelana nezimiso zobuKristu, ubungavumela umuntu wezwe—ongeyena umfowenu ongokomoya noma ilungu lomkhaya wakini—ukuba akhulume nezimenywa zakho noma kubukwe yena? Ingabe lokho bekungafanelana yini neseluleko sokuba “senze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa”?—Galathiya 6:10.
12. Isiphi isibonelo iBhayibheli elisinikezayo ngokuthi ubani ngokuyinhloko onomthwalo wemfanelo walokho okuqhubekayo emgidini?
12 Ngezinye izikhathi abazali bakamakoti noma bomkhwenyana basiza umbhangqwana ngokukhokhela idili lomshado. Kanjalo abazali bangase babe nomuzwa wokuthi kumelwe babe nezwi ngokuthi ubani oyomenywa, ngohlobo lokudla nophuzo okuyoba khona noma ngalokho isimiso esiyoba yikho. IBhayibheli alisho ukuthi ubani owakhokhela idili eKhana, kepha liyasitshela ukuthi lapho kuvela indaba ebalulekile “umphathi wokudla wabiza umyeni.” (Johane 2:9) Edilini lomshado umkhwenyana uyinhloko engokomBhalo yalomkhaya osanda kwakhiwa. (Efesu 5:22, 23) Ngakho-ke, nakuba ngothando kumelwe acabangele izifiso zikamakoti wakhe ngalolusuku olukhethekile, nezifiso zemikhaya yabo, ngokuyisisekelo udinga ukwamukela umthwalo wemfanelo ngalokho okuyokwenziwa nokungayikwenziwa.
Obani Abayoba Lapho
13. Ayemakhulu kangakanani amadili emishado ngezikhathi zeBhayibheli?
13 Asazi ukuthi ayemakhulu kangakanani amadili omshado ngezikhathi zeBhayibheli. ElikaSamsoni lahlanganisa abazali bakhe, abantu abajwayelene nomakoti wakhe abangama-30 cishe nabanye abangane noma izihlobo. (AbAhluleli 14:5, 10, 11, 18) Izimenywa emishadweni yamaJuda kwakungabakhulekeli abakanye nawo abavela edolobheni kanye nezivakashi. UJesu nabafundi bakhe, bevela kwenye indawo eGalile, baya edilini eKhana. Ubuningi bewayini elenziwa busikisela iqembu elikhulu.—Johane 2:1, 2, 6.
14, 15. Abanye baye bayihlela kanjani imigidi “kawonk’ uwonke,” kepha yiziphi izinkinga ezingavela?
14 Namuhla, imikhuba nokukhetha kuyahluka ngohlobo nobungako bemigidi. Kwezinye izindawo kuwumkhuba ukuba nedili likawonk’ uwonke; wonke amaKristu angabangane babashadayo ayamukelwa. Bangase banikezwe ukudla okulula, injongo kungabi ukusuthisa wonke umuntu kodwa ukubanika ithuba lokudlulisela izifiso ezinhle futhi bajabulele ukuhlangana okufudumele. Kwenye indawo emibuthanweni evulekele bonke abangane, abantu abaningi beza nokudla okuthile—ukudla okuphekiwe, iziphuzo noma ukudlana okugcinwa ngakho. Bonke abathanda kanjalo banenjabulo yokunikela, futhi bonke bangajabulela ukudla okuhlukahlukene ngaphandle komthwalo onzima phezu kombhangqwana noma phezu kwanoma ubani omunye.—IzEnzo 20:35.
15 Ngalokho esikufunda emifanekisweni kaJesu, kubonakala sengathi ngokuvamile emishadweni yamaJuda kwakulungiselelwa ukudla okuningi. (Mathewu 22:2; Luka 14:8) Yebo, ukuba nokudla okuvamile ngazo zonke izimenywa edilini kufuna ukuhlela okukhulu. Umama othile eNyakatho Melika ulandisa lokhu okuhlangenwe nakho okudabukisayo:
‘Lapho kwaziwa ukuthi kwakunomshado, abantu abasha ababevela endaweni ekude bezela ukudla kwamahhala nomdanso. Lapho abamenyiwe beseseHholo LoMbuso, abanye baya ehholo lomgidi futhi bahlala kuwo wonke amatafula ayekhona. Lapho ngifika kwathi mangikhale, ngoba kwakungekho ndawo. Kwangiphatha kabi kakhulu lokhu kuntuleka kothando okwaboniswa ngokugxambukela emshadweni nokudla ukudla umninimgidi ayekubekele abangane abaseduze nezihlobo.’
16. Yini esingayifunda eBhayibhelini ngezimenywa zomshado?
16 UMariya, uJesu nabafundi bakhe abazange bagxambukele edilini eKhana; “babemenyiwe.” (Johane 2:1, 2) UJesu wathi, “Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni, . . .” (Luka 14:8, 9, 16, 17) Emfanekisweni womshado wendodana yenkosi, uJesu wakhuluma futhi ‘ngabamenyiweyo.’ (Mathewu 22:3, 9, 10) Ngaphezu kwalokho, lapho indoda emenyiwe ibonisa indelelo, izikhonzi zayalwa ukuba ziyikhiphele phandle. Komunye umfanekiso, izintombi eziyisihlanu ezazifuna ukuhlanganyela edilini lomshado eqinisweni zavinjelwa ukungena emnyango. (Mathewu 22:11-13; 25:10-12) Ngakho akumelwe kubonakale kumangaza uma idili lilinganiselwe kwabamenyiwe kuphela nokuthi kumelwe bagqoke ngokufanelekile. Futhi kuyaqondakala ukuthi ukuphana komninimcimbi akudingekile ukuba kwanelise abantu abakukhathalela kwabo okuyinhloko kuwukudla nenjabulo.—Filipi 3:18, 19; UmShumayeli 5:11.
17. Ibuphi ubunzima obuye baphakama ngobungako bamadili omshado?
17 Uma umbhangqwana noma izihlobo zawo zifisa ukulungiselela ukudla okugcwele ngezimenywa eziningi, lokho kungahilela izindleko ezinkulu. (Qhathanisa uMarku 6:35-37.) EPacific kuvela lombiko:
“Kunokuthambekela kokweqisa imigidi. Abanye bangena ezikweletini ukuze benze idili elikhulu, kanjalo baqalise ukuphila komshado ngezikweletu. Ngokuvamile kubonakala kunesifiso sokugwema ukulahlekelwa isithunzi, ngakho benza umgidi ongaphezu kwamandla abo.”
Yeka ukuthi kudabukisa kanjani uma umbhangqwana omusha uqalisa ukuphila komshado usindwa izikweletu ezingabeka ubunzima ebuhlotsheni bawo. Noma ungazizwa kanjani uma wazi ukuthi abazali bawo babhekene nenkinga ekukhokheni izindleko ezinkulu zomgidi omkhulu? Yebo, abantu bezwe bangase benze isikweletu somshado esethusayo ngenxa yesifiso sokuzidla sokubukisa kwabanye noma sokuvikela isithunzi emphakathini. (IzAga 15:25; Galathiya 6:3) Kodwa ingabe lokho kumelwe kube njalo ngamaKristu, ngombono walokho esikufunda kuLuka 12:29-31?
18, 19. (a) Kungani abanye beye banquma ukuba nemigidi emikhulu? (b) Kumelwe sisabele kanjani uma singamenywanga emgidini womngane? (Luka 14:12)
18 Okuyimbangela yamanye amadili amakhulu kuye kwaba yisifiso sokufana noma sokudlula abanye. Abadala eNtshonalanga Afrika baphawula:
“Abanye bangena ezindlekweni ezinkulu ngokudla okulula. Owenza idili lomshado elibiza kakhulu kunawo wonke uyena osusa indaba. Lokho kuye kwabangela izinkinga ngalabo abangenaso isibindi ngokwanele sokuba bahluke. Ukuzigabisa ngalokho umuntu anakho kungase kukhubekise abanye futhi ukuzama ‘ukufana nabakwasibanibani’ akudingekile.—Bheka u-1 Johane 2:15-17.
19 Abanye baye bazizwa bephoqeleke ukwenza umgidi omkhulukazi ngenxa yokwesaba ukukhubekisa abanye. Bacabanga ukuthi uma abathile ababaziyo bengamenywa, bayokhubeka. Ngakho-ke, kumenywa abaningi kunokufanele. Nokho, ubani ngempela kithi ongafuna ukuba abangane bethu besabe ukungasimemi kangangokuba bathwale isikweletu futhi mhlawumbe balahlekelwe inkonzo yesikhathi esigcwele? Uma singamenywanga, yeka ukuthi kungcono kanjani ukwethemba ukuthi baye balinganisa zonke izici ngokuvuthiwe, kuhlanganise nezindleko. Ukungasimemi kwabo kungase ngisho kubonise ukusethemba kwabo ukuthi sivuthiwe futhi ngeke sisheshe sikhubeke. (UmShumayeli 7:9; 1 Korinte 13:4-7) Sisenokuhlanganyela injabulo yabo ngokuya enkulumweni yomshado esekelwe eBhayibhelini, okuyingxenye ebaluleke kakhulu. Uma lokho sikubukela phansi, ingabe mhlawumbe siba “abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu”?—2 Thimothewu 3:4.
20. Ukulinganisa ubungako bedili lomuntu kungase kugweme luhlobo luni lwemikhuba?
20 Ukuba ngolinganiselayo ngobungako nezindleko zemigidi kusiza futhi ukugwema imikhuba engafiseleki. Ngokwesibonelo, isifiso semali siye sashukumisela abambalwa ukuba bathenge indwangu ekhethekile yezingubo zomshado, bese beyithengisela abashadayo ngenani eliphakeme. Izimenywa kweminye imigidi kwafuneka ukuba “zithenge” izingcezu zekhekhe noma “zithenge” ukudansa nomakoti omusha, zixhome imali engutsheni yakhe. Ukugcizelela okunjalo emalini kungase futhi kube yisisekelo sokugabisa kwezimenywa ngemali yazo ngokuphonsa imali kubaculi noma ukuletha izipho ezinkulu ukuze zithole izihlalo ezikhethekile eduze nabashadayo.—Luka 14:8-11.
Siza Bonke Ukuba Bathole Injabulo
21. Iyiphi indima efezwa umculo emadilini omshado?
21 Ngenkathi yezimpi zikaMaccabees udwendwe lomshado lwaluhlangatshezwa iqembu “elinezigubhu nabahlabeleli.” (1 Maccabees 9:39, The Oxford Annotated Bible; qhathanisa neHubo 45:8.) Nanamuhla, umculo ngokuvamile uyahlanganiswa emigidini yomshado. Unganezela enjabulweni yobuKristu yomkhosi—noma uyiqede injabulo. Kungani kungenzeka iphele? Ezimweni eziningi umculo uye waba ngonomsindo kakhulu nongalinganiselwe. Abanye abaculi bathanda uhlobo lomculo wedisco noma bangase bazitike ekubukiseni kobuhlanya ngamakhono abo. Kodwa umgidi wobuKristu awuyona indawo yanoma ikuphi kwalokhu. Ingabe izimenywa, abasha noma asebekhulile, bangakujabulela ukuhlangana kobuKristu uma umculo unomsindo kakhulu kangangokuthi bangakwazi ukuxoxa etafuleni?
22. Izinkinga zomculo zingancishiswa kanjani?
22 Ngokusobala, umculo edilini lomshado udinga ukuhlelwa ngokucophelela nokwengamela, ikakhulukazi uma kunabantu abaculayo. Kutuswa ukuba kungafakwa abaculi bezwe. Uma kunabaculi abaqashiwe, umkhwenyana noma umzalwane okhethiwe kumelwe abachazele ngokuqinile labobaculi ukuthi imuphi umculo ongase udlalwe, nokuthi imuphi ongenakudlalwa. (Eksodusi 32:6, 17, 18) Kumelwe kushiwo ukuthi akukho maculo akhethekile acelwa abamenyiwe angase adlalwe ngaphandle kwemvume kamkhwenyana noma “umphathi” womgidi. Ngenxa yezinkinga ezivamile ngohlobo lomculo nomsindo wabaculi, imibhangqwana eminingi iye yakhetha ukusebenzisa amarekhodi noma amatape anohlobo oluqondile elufunayo. Iye yenza ukuba lawa adlalwe umuntu omdala ongenakuthonywa kalula yilokho okuthandwa yintsha engavuthiwe.—1 Korinte 13:11; Heberu 5:14.
23-25. Yiziphi ezinye izinyathelo eziwusizo ezingathathwa abashadayo ukuze baqiniseke ngokuba nombuthano wobuKristu ojabulisayo?
23 AmaKristu ashadayo afuna ukuba izimenywa zawo zikwazi ukukhumbula idili ngenjabulo. Ngakho uma kunomculo kanye/noma umdanso, kumelwe kuvumelane nezimiso zobuKristu. Uma abantu abathile becelwa ukuba basho amazwi ambalwa, labo abakhethiwe nalokho abakushoyo kumelwe kufanele umbuthano wobuKristu ohloniphekile.
24 Emfanekisweni wezintombi eziyishumi idili laqala “phakathi kobusuku” ngoba iqembu lomshado lalilibele. (Mathewu 25:5, 6) Kwesinye isimo, lokho uJesu akusho ngenkosi elungiselela idili nezinceku ezimema abantu emgwaqweni kubonisa ukuthi idili lalisemini. (Mathewu 22:4, 9) Ezikhathini zanamuhla eminye imigidi iye yaqhubeka kwaze kwaba sebusuku kakhulu, yaba engalawuleki ngokwengeziwe njengoba amaKristu avuthiwe ehamba ukuze ayolala ngesikhathi. Ukuze ivimbele lokhu imibhangqwana eminingi elinganiselayo iye yahlela isikhathi sokuqalisa nesikhathi sokuphela kwemigidi yayo. Ngaleyondlela bonke bangenza amalungiselelo abo, kuhlanganise amalungiselelo emisebenzi yobuKristu efanelekile yosuku olulandela umgidi ojabulisayo.
25 Idili lomshado lingaba ithuba elihle kakhulu lenjabulo yobuKristu efanelekile nelinganiselwe. Kodwa iyini indima yalo ngokuhlobene nokulandelayo—ukuphila komshado njengamaKristu eqiniso?
[Imibhalo yaphansi]
a Kwamanye amazwe, ngemva kwenkulumo yomshado, zonke izimenywa zingase ziye emgidini lapho kulungiselelwe iziphuzo ezilula noma ikhofi namakhekhe. Kamuva abasanda kushada, umkhaya wakubo nabanye abangane bahlanganyela ukudla komshado ekhaya noma erestaurant. Kwenye indawo umgidi uwumbuthano wangemva komshado—kungaba ukudla okulula noma idili.
b Kusuka egameni lesiGreki elithi methusko, elisho “ukudakwa, ukuphuza kakhulu.” Abanye abahlaziyi baphikisa ngokuthi leligama libhekisela ekuphuzeni ngokwanele ukuba kuthuntubezeke ukunambitha noma kuveze ukwenama. Amanye amavesi awawusekeli lombono.—Mathewu 24:49; Luka 12:45; IzEnzo 2:15; Efesu 5:18; 1 Thesalonika 5:7.
Kulokhu Okwandulelayo, Ingabe Uyakhumbula?
□ Kungani amaKristu kumelwe athinteke ngemigidi?
□ Yini etuswayo ngeziphuzo ezidakayo emadilini emishado?
□ Ubani onomthwalo wemfanelo ngokwenziwa emigidini?
[Isithombe ekhasini 29]
Umqondisi wedili wathintana nomkhwenyana ngewayini
Amanye amaphuzu alendaba azocatshangelwa kumagazini olandelayo ngaphansi kwesihloko esithi, “Ukubheka Ngalé Kosuku Lomshado.”