“Ungaphumuzi Isandla Sakho”
Ngokulalela umyalo kaJesu Kristu wokushumayela “lelivangeli lombuso,” oFakazi BakaJehova bavakashela omakhelwane babo njalo. (Mathewu 24:14) Abanye bayalalela futhi basabele kahle esigijimini soMbuso. Abanye abalaleli. Nokho, umShumayeli 11:6 uyeluleka: “Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo, noma ziyakubazinhle zombili ngokufanayo.”
Kungaba nomphumela omuhle ukuhlwanyela imbewu yoMbuso njalo enkonzweni yendlu ngendlu. Ngokwesibonelo, owesifazane othile wathutha edolobhakazini laseHamilton eCanada waya eMinneapolis, Minnesota, eUnited States. Lapho wathintana noFakazi BakaJehova njengoba babenza umsebenzi wabo wokushumayela obala. Uyabhala:
Kubazalwane Nodade EHamilton:
Lena incwadi evulekele bonke abafakaza eHamilton. Eminyakeni eminingi ngiye ngabona abaningi benu enkonzweni yenu. Nahlwanyela imbewu eningi ekuphileni kwami futhi nginibonga nonke. Lapho ngithuthela eMinneapolis, esikhathini esingangonyaka esidlule, abanye oFakazi ababili beza kwami. Manje ngase ngikulungele. Sengiyazi ukuthi izinsuku zenu enkonzweni zingadumaza, futhi ngenxa yalesosizathu bengifuna ukuba nazi ukuthi nathinta okungenani inhliziyo yemvu eyodwa. Nasiza ekubekeni isisekelo abanye ababengakhela phezu kwaso. Nginesifundo seBhayibheli kabili ngesonto, kodwa kusekuningi okusamelwe ngikufunde.
Nginganitshela ukuthi ukuphila kwami manje kugcwaliswe umuzwa wenjongo owawungekho ngaphambili.
Nginibonga nonke.
Laurie M.