Imishado YobuKristu Eletha Injabulo
1, 2. Abantu abaningi basabela kanjani egameni elithi “umshado,” futhi ngani? (Mathewu 19:4-6)
UMPHOSTOLI uJohane, ufakazi wokuzibonelo, uyabika: “Kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu. NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni.” (Omalukeke ngabethu.)—Johane 2:1, 2.
2 Usabela kanjani kulawomazwi akuJohane 2:1, 2? Bekungeke kumangalise uma usabela ngomusa, ngoba igama elithi “umshado” lithintene nenjabulo. Abantu bayayijabulela imishado. Njengoba sifunda kuGenesise 2:18-24, umshado wokuqala wenzeka ePharadesi, lapho abantu babengenasono. Lowomshado wendoda ephelele nowesifazane walungiselelwa futhi wavunyelwa uMdali wethu. Wawunesimo esiphakeme futhi wabeka isandulela esijabulisayo ngemishado eyayizolandela.
3. Yimuphi umoya imiBhalo ewuhlanganisa nemishado, kepha ibuphi ubunzima obuye baphakama? (Jeremiya 7:34)
3 Ukujabulela kwakho imishado kuvumelana nalokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu. Lapho lichaza izimpelesi emshadweni wobukhosi, iHubo 45:15 lithi: “Ziyiswa ngokujabula nangokwethaba, zingena endlini yenkosi.” Ukwethaba kuyavezwa futhi ekubhekiseleni kweBhayibheli okungokomfanekiso emishadweni. (Mathewu 22:2-4; 25:1-10; IsAmbulo 19:6-9) Yebo, nakuba kungenelwa isinyathelo esingathi sína—ukungenela kombhangqwana ilungiselelo elingcwele lomshado—imishado kumelwe ikhunjulwe njengezenzakalo ezijabulisayo, ezinesithunzi. Nokho, imibiko evela emhlabeni wonke ibonisa ukuthi imishado eminingi ilahlekelwa yilolophawu, kuphumele ezinkingeni nasekudabukeni ngombhangqwana nokukhathazeka ngalabo abakhona. Lokhu kuye kwaba njalo ngisho nangeminye imishado ehilela izinceku zikaJehova. Ngani?
4. (a) Kungani imishado eminingi iyindaba yeningi? (b) UJesu wathini ngokushada esikhathini sethu?
4 Emazweni amaningi umbhangqwana ungase ushade ngokubhalisa nje ngokomthetho ugcine izimfuneko zomthetho. Uma umbhangqwana ukhethe umshado onjalo, abanye kumelwe bangawugxeki noma bacabange ukuthi kumelwe uzinyeze ngokuthile. Kungamane kube nje ukuthi ukhethe kanjalo, futhi kungase kube ngisho nanezinzuzo ezingokoqobo ngempela, ngokwesibonelo, kungonga imali yokuzihlomisela ingxenye egcwele enkonzweni kaJehova. (Luka 12:29-31) Nokho, imishado eminingi ingeyeningi, iba nabangane nezihlobo eziningi. Kanjalo isimo sombhangqwana esishintshile siqashelwa kabanzi kulowomphakathi. Uma kunenkulumo yeBhayibheli, kungenela isici esingokomoya. Futhi abanye bangahlanganyela injabulo yombhangqwana. Lezi izinzuzo ezinhle. Nokho, imishado emikhulu iphakamisa izingozi, ikakhulukazi namuhla lapho izwe lihileleke ‘ekuganeni nasekwendiseni’ kangangokuthi ‘alazi’ ukuthi isimiso esibi sezinto sizophela ngokushesha.—Mathewu 24:37-39.
5. Obani okumelwe babe nesithakazelo eselulekweni sikaNkulunkulu ngemishado?
5 Uma unombono wokuba nomshado wobuKristu ojabulisayo esikhathini esizayo, kunezinto ofanele uzicabangele. Kodwa sonke thina esingase sibe izimenywa noma sibe nengxenye emishadweni yobuKristu nathi singazuza ekucabangeleni iseluleko seBhayibheli ngalendaba.
Inkinga Yokweqisa
6. Imishado emikhulu ingaveza luhlobo luni lwezinkinga?
6 Kubantu abaningi bezwe, umshado omkhulu ungaba uphawu lwesithunzi ubufakazi obubonakalayo bokuvelela ngokwezimali noma emphakathini. Ngokudabukisayo ngisho namaKristu angase ahileleke ekuzameni ukuhlaba abanye umxhwele ngengubo ebizayo noma amalungiselelo anemicikilisho eminingi. (Galathiya 5:26) Abanye abadala abangamaKristu eNtshonalanga Afrika muva nje basola “ukuthambekela okunamandla ‘kokulingisa’ izwe ngamasiko, ukubukisa nokuzijabulisa okweqisile” emishadweni. Lokhu kususa isithunzi nenjabulo efanelekile ekuphileni kwalabo ‘abangasahambi ngezinkanuko zenyama, benze intando yenyama.’ (Efesu 2:3) Kunokuba kube yinjabulo nezinkumbulo ezinhle, imishado enjalo ngokuvamile iveza ‘amanyala, nobutha, nomona, nokubanga, nomhawu, nokuxokozela’—imisebenzi yenyama.—Galathiya 5:19-21.
7. Yini engashukumisela abanye abantu ukuba bafune imishado ebizayo?
7 Umlando usitshela ukuthi lapho uPtolemy VI Philometor endisela indodakazi yakhe kuAlexander Balas waseSiriya, ‘bagubha umshado wayo ePtolemais ngobucwazicwazi obukhulu, njengoba kwenza amakhosi.’ (1 Maccabees 10:58, The Oxford Annotated Bible) Namuhla, abaningi abanezimali ezilinganiselwe banomuzwa wokuthi nabo (noma abantababo) kumelwe bashade “ngobucwazicwazi obukhulu, njengoba kwenza amakhosi.” Kungenzeka baye bathonyelwa kulomqondo ezokukhangisa. Osomabhizinisi abanesithakazelo esikhulu emishadweni emikhulu enobukhazikhazi bakhuthaza umbono kamakoti “oyindlovukazi yosuku,” njengokungathi uhlobo oluthile lwezimemo ezinyathelisiwe, izithombe, izimbali noma izindandatho zikuqinisekisa ngomshado ophelele. Bafuna ukuba ube nomuzwa wokuthi, ‘Kulokhu kanye nje ngifanelwe okungcono kakhulu,’—kungakhathaliseki ukuthi ungaphumelela noma cha. Lokhu “kuzigabisa ngalokhukuphila” kungokwezwe elidlulayo. (1 Johane 2:15-17) Abanye abadala abangamaKristu bathi: “Kuye kwaphawuleka umoya wokuncintisana. [Ngokwesibonelo,] othonywa amasiko ezwe, umakoti nezimpelesi zakhe bangase bashintshe ngezingubo ezibizayo kane noma kahlanu.”
8. (a) Yini esingayifunda emavesini eBhayibheli ngokuphathelene nezingubo zomshado? (b) Kungani amanye amaKristu aye akhetha uhlobo oluthile lwengubo yomshado?
8 IBhayibheli alisikiseli ukuthi imishado idinga ukuba kungavunulwa. Ngokwesibonelo, sifunda “ngomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezivunulo zakhe.” (Isaya 61:10; IHubo 45:13, 14; Isaya 49:18; Jeremiya 2:32; Hezekeli 16:9-13; IsAmbulo 21:2) Umakoti ongokomfanekiso kaKristu uchazwa ‘njengombethe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo.’ Ngakho-ke, kuyafaneleka ngomakoti nomkhwenyana (nezimpelesi zabo) ukuba bagqoke izingubo ezihlanzekileyo, ezikhangayo, kepha abadingi ingubo edala ubunzima obungokwezimali. Eminye imibhangqwana iye yakhetha ngamabomu izingubo ezibiza ngaphansi kakhulu kunalokho ebingase ikwazi ukukukhokhela. Ngani? Ukuze igweme izingubo ezikhanga ngokweqile, ezingase zenze izimenywa zingakhululeki noma ezingasusa isizotha, injabulo nobumoya bomshado.—IsAmbulo 19:8; IzAga 11:2; 1 Thimothewu 2:9.
9. Kumelwe sizizwe kanjani ngemikhuba yemishado noma amasiko?
9 Enye imbangela yokweqisa emishadweni ukugcizelela okungafanele emicikilishweni—imikhutshana eminingi “ompetha” bemidanti abathi kumelwe ilandelwe. Lokhu akusho ukuthi izinceku zikaNkulunkulu zenqaba ngamabomu yonke into eyisiko lendawo ngokuphathelene nemishado.a IBhayibheli lilandisa ukuthi ngokuphathelene nokushada, “uSamsoni wenza idili khona, ngoba zazenze njalo izinsizwa.” (AbAhluleli 14:10) Nokho, ukulingisa kobugqila imikhuba yomphakathi kungawonakalisa umshado, kufiphaze ukubaluleka koqobo komcimbi futhi kuphuce bonke injabulo okumelwe ibe khona.
Ukushada Ngokomthetho—Ezikhathini ZeBhayibheli Nanamuhla
10. Yayinjani imishado ngezikhathi zeBhayibheli?
10 Singazuza kulokho iBhayibheli elikushoyo ngemishado, ngisho nakuba imikhuba yehluka esikhathini sethu nasendaweni. Ngesikhathi seBhayibheli kwakungekho micikilisho ekhethekile engokomthetho noma engokwenkolo eyayidingeka. Umkhwenyana wayeya kubo kangoduso yakhe futhi ahambe nayo obala aye kubo. Lokhu kwakwenziwa ngenjabulo embhangqwaneni, izihlobo zawo eziseduze nezibukeli ezazibonisa isithakazelo sokujabula kulesosenzakalo esithokozisayo. Ngokuvamile umakoti nomkhwenyana babegqoka izingubo ezinhle, futhi kubo kamkhwenyana babeba nedili lomshado nezihambeli ezimenyiwe.—Genesise 24:65-67; Mathewu 1:24; 25:1-10; qhathanisa neka-1 Maccabees 9:37, 39.
11. Sasiyini isimo ngezincwadi zemishado ezazidingeka ngezikhathi zasendulo?
11 Izizwe ezazizungeze amaHeberu zazinemithetho efuna izivumelwano zemishado ezibhaliwe. Nakuba iBhayibheli lingakhulumi ngezincwadi ezinjalo, liyakhuluma ngomshado ngokuthi “isivumelwano.” (Malaki 2:14) Izinhlu zezizukulwane eziningiliziwe eBhayibhelini zisikisela ukuthi imishado yayibhalwa ngendlela ethile, futhi ngokuthakazelisayo, uJosefa noMariya bahambisana nohlobo oluthile lokubhalisa ngokomthetho. (Luka 2:1-5; 3:23-38) Amapapyrus ekhulu lesihlanu leminyaka B.C.E. avela emzini ongaphansi kwamaJuda e-Elephantine (eGibithe) aqukethe izivumelwano zemishado, esinye sifundeka kanje:
‘ . . . Ngize endlini yakho ukuba ungendisele indodakazi yakho uMiphtahiah. Ungumkami futhi ngingumyeni wakhe kusukela kulolusuku kuze kube phakade. Ngiye ngakunikeza njengelobolo lendodakazi yakho uMiphtahiah (isamba) samashekeli ama-5. . . .’
12. (a) OFakazi BakaJehova bazizwa kanjani ngemishado engokomthetho? (b) Yini etusekayo uma kunemicikilisho engokomthetho nenkulumo engokwenkolo?
12 OFakazi BakaJehova bayaqonda ukuthi umshado kumelwe uvumelane nomthetho wendawo, kanjalo ‘unikeza uKesari okukaKesari.’ (Marku 12:17; Roma 13:1, 7) Umthetho ungase ufune ukuba umbhangqwana uhlolwe igazi, uthole ilayisense futhi wenze izifungo phambi kwenxusa eligunyaziwe lokushadisa. Kwamanye amazwe, izikhulu zombuso kuphela, njengomphathi-dolobha noma umahluleli, ezingase zishadise. Nokho, amalungu amasonto eLobukholwa ngokuvamile azizwa engashadile ngempela uma engakashadi esontweni. AmaKristu eqiniso ayaqaphela ukuthi umshado ongokomthetho ulungile, kodwa amanye asakhetha (noma umbono wendawo ungase utuse) ukuba ukubhalisa ngokomthetho kulandelwe inkulumo engokomBhalo. Uma kuzokwenziwa lokho, kuhle kakhulu ukuba lesisici silandelwe ngokushesha ngemva komshado ongokomthetho.b
13. Uma umdala ongumKristu ezongamela, cishe yini eyokwenzeka ngaphambi komshado?
13 Amanye amazwe agunyaza izikhonzi ezingoFakazi BakaJehova ukuba zishadise ngokomthetho. Ngokuvamile lokhu kwenziwa ngabadala bebandla, amadoda anokuhlangenwe nakho, anokuqonda, anokuvuthwa nolwazi lweZwi likaNkulunkulu. Umdala ocelwe ukuba angamele cishe uyobonana nomakoti nomkhwenyana ngaphambili. Ngokulindelekile, bayofuna ukumqinisekisa ukuthi azikho izithiyo ezingokokuziphatha noma ezingokomthetho ekushadeni kwabo. Angase anikeze isiqondiso esinengqondo esingokomBhalo neseluleko sobuzali. Futhi cishe uyoxoxa nabo ngamalungiselelo omcimbi nanganoma imuphi umbuthano wokuzijabulisa oyolandela, ngoba uyothanda ukuba nonembeza omsulwa ngalesisenzakalo acelwa ukuba afeze indima enkulu kuso.—IzAga 1:1-4; 2:1; 3:1; 5:15-21; amaHeberu 13:17, 18.
14. Luhlobo luni lwezinkulumo zomshado olufanelekile?
14 Kungakhathaliseki noma ilandela imicikilisho engokomthetho noma cha, inkulumo yomshado enikezwa isikhonzi soFakazi BakaJehova ingasiza ekugcizeleleni ukuthi kusukela ekuqaleni kwawo umshado kumelwe ube nesici esingokomoya. Izinkulumo ezinjalo azizinde kakhulu, njengokungathi ziqukethe konke iBhayibheli elikushoyo ngomshado, akumelwe futhi zibe namahlaya amaningi noma zidumise kakhulu abashadayo. Amaphuzu angokomBhalo anokulinganisela najabulisayo alezizinkulumo angazuzisa abashadayo, kanye nabo bonke abanye abakhona.c—2 Thimothewu 3:16.
15. Izifungo ezisetshenziswa oFakazi BakaJehoa zihluka kanjani kwezinye izifungo ezisetshenziswa namuhla?
15 Izifungo ziyingxenye yemishado eminingi. Lezo ezisetshenziswa kweminye imishado yezwe “yesimanje” zithathwa ezinkondlweni ezingajwayelekile, noma zizwakalisa imibono engavamile yokuphila. Indaba kamagazini iTime ekhulumela “Izingozi Zezifungo Zokuzenzelwa” yakhuluma ngomfundisi othile owabuza: “Gina, uyavuma yini ukuthanda uPeter ngaphezu kukashokolethi?” Wayesebuza uPeter: “Uyavuma yini ukuthanda uGina ngaphezu kwephephandaba lasekuseni?” Nokho, lesisihloko sagcizelela ukuthi “umshado uyinto yeningi” futhi kumelwe unikeze isithunzi esinyathelweni sokuhlalisana esibalulekile esithathwayo. Emishadweni yoFakazi BakaJehova izifungo ziyovumelana nezimfuneko zomthetho wendawo. Lapho kuvunyelwe khona, lezizifungo ezidumisa uNkulunkulu, uMsunguli womshado, ziyasetshenziswa:
“Mina —— ngiyakuthatha —— ukuba ube umkami womshado, ngizokuthanda futhi ngikulondoloze ngokuvumelana nomthetho waphezulu njengoba ubekelwe amadoda angamaKristu emiBhalweni eNgcwele, uma nje sobabili sisaphila ndawonye emhlabeni ngokwelungiselelo likaNkulunkulu lomshado.”
“Mina —— ngiyakuthatha —— ukuba ube umyeni wami womshado, ngizokuthanda, ngikulondoloze futhi ngikuhloniphe ngokujulile, ngokuvumelana nomthetho waphezulu njengoba ubekelwe abafazi abangamaKristu emiBhalweni eNgcwele, uma nje sobabili sisaphila ndawonye emhlabeni ngokwelungiselelo likaNkulunkulu lomshado.”
Lezizifungo akumelwe ziguqulwe noma kusetshenziswe ezinye esikhundleni sazo ukuze zifanelane nokuthatheka okuthile kombhangqwana.d
Imishado EHholo LoMbuso
16, 17. (a) Indikimba yabadala ihileleka kanjani emishadweni eqhutshelwa eHholo LoMbuso? (Jakobe 3:17) (b) Kungani ukuhileleka okunjalo kutuseka?
16 AmaKristu atshelwa ukuba ashade ‘kuphela eNkosini.’ (1 Korinte 7:39) Uma amaKristu amabili asesimweni esihle ebandleni efisa ukuba umshado wawo (noma, inkulumo yomshado) ibe seHholo LoMbuso, kumelwe afune imvume endikimbeni yabadala.e Lamadoda awanakubeka okuthandwa yiwo siqu ngamalungiselelo omshado, kepha ayobuza ngamalungiselelo ombhangqwana ukuze kungabikho okwenzeka eHholo okungase kuphazamise ibandla.—Qhathanisa nabo-1 Korinte 14:26-33.
17 Ngokwesibonelo, izinto eziphazamisayo ziye zabikwa ngemishado eyayingekho eHholo LoMbuso. Ngaphambi kokuqalisa komunye, kwadlalwa umculo onomsindo, futhi umakoti, umkhwenyana neqembu labo bangena bedansa ehholo eliqashiwe. Izimenywa zahlanganyela ekudanseni kwaze kwaba yilapho usihlalo engenela ukuze, ngemva komthandazo, inkulumo yomshado iqale. Ngokucacile, lowo kwakungewona umoya ofanelekile womshado wobuKristu. Nokho, kubonisa ukuthi kungani abadala beqaphela imishado eyenziwa eHholo LoMbuso. EHholo, umculo ovuselelayo kuphela, onjengalowo otholakala encwadini yamaculo yoFakazi BakaJehova, osetshenziswayo. Noma iziphi izimbali nokuhlobisa okufanayo kumelwe kube nesizotha futhi kufaneleke, njengoba kumelwe kube njalo nangendlela iqembu lomshado elingena ngayo eHholo nendlela izithombe ezithathwa ngayo.—Filipi 4:5.
18. Obani abangaba nomakoti nomkhwenyana emshadweni? (1 Korinte 5:13; Jakobe 2:1-4)
18 Ngezikhathi zeBhayibheli, ngokuvamile ‘kwakunomhlobo womyeni’ nezimpelesi zesifazane zikamakoti. (Johane 3:29; IHubo 45:14) Lokhu ngokuvamile kuba njalo emishadweni yaseHholo LoMbuso. Nokho, kudingeka ukulinganisela, ngokuqondene nenani lezimpelesi ezikhona, ngokufanayo nangendlela ezigqoka futhi ziziphathe ngayo. Bekungaba okungafanelekile ukuba nabantu abasusiwe ekuhlanganyeleni kuleloqembu lomshado noma abamikhuba yabo yokuphila ingqubuzana ngokungathi sína nezimiso zeBhayibheli. (2 Korinte 6:14-16) Kunokukhetha abantu abavelele noma abangase banikeze isipho esibizayo, imibhangqwana eminingi engamaKristu (nezikhulumi) ikhetha ukuba nalabo abaseduze nayo ekukhonzeni uJehova eqenjini lomshado.
19. Kuwukunakekela ziphi ezinye izici okuyokwenza umshado waseHholo LoMbuso ube yinjabulo?
19 Uma kuyosetshenziswa iHholo LoMbuso, isaziso esifushane singenziwa ngokuphathelene nesikhathi somshado. Ngaleyondlela ibandla liyokwazi ukuthi iHholo liyobe lisetshenziswa futhi lingaba khona uma lithanda. Njengoba iHholo LoMbuso ngokuyinhloko lingelemihlangano yobuKristu, umshado uyoba ngesikhathi esingenakungqubuzana nayo. Noma isiphi isikhathi esimiswayo, kubonisa uthando nokucabangela ngabo bonke ukufika ngesikhathi. Emfanekisweni owanikezwa uJesu owawuhilela umshado, ‘umyeni walibala,’ okwaphumela ezinkingeni ezinkulu ngabanye.—Mathewu 25:1-12.
20. Yisiphi esinye isici semishado esifanele sisinakekele?
20 Umprofethi uIsaya wabhala “ngokuthokoza komyeni ngomakoti.” (Isaya 62:5) Nomakoti uyajabula ngosuku lwakhe lomshado. Nabaningi abafisela okuhle, ‘bathokoza nokuthokoza’ ngemishado yobuKristu. (Johane 3:29) Ngokuvamile leyonjabulo iboniswa futhi yandiswe umbuthano wokuzijabulisa olandela umshado, umgidi, noma idili lomshado. Isiphi iseluleko uJehova asinikeza eZwini lakhe esiyoveza injabulo kunezinkinga emibuthanweni enjalo? Ake sibone.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngengxoxo yamasiko emishado, bheka INqabayokulinda kaDecember 1, 1975, amakhasi 532 no-533.
b Uma kudlula isikhathi eside, abantu emphakathini bangase bakhutshekiswe inkambo yombhangqwana ngokuthi uye wahlala njengendoda nomfazi noma uye wakugwema ukwenza kanjalo.—2 Korinte 6:3.
c Ingxoxo engokomBhalo okungasekelwa kuyo izinkulumo ezinjalo ingatholakala kuNqabayokulinda kaSeptember 15, 1969, amakhasi 422-427; ekaNovember 1, 1974, amakhasi 500-504; ekaSeptember 15, 1977, amakhasi 415-429.
d Uma umshado uye wabhaliswa ngokomthetho yisisebenzi sikahulumeni futhi ulandelwa inkulumo yomshado yobuKristu, isikhulumi singase siphawule ukuthi isinyathelo esingokomthetho sesithathiwe kakade. Eminye imibhangqwana ikhetha ukuphinda lezizifungo phambi kukaNkulunkulu nebandla.
e Ngesikhathi esithile abantu ababili abakhonza uNkulunkulu futhi abalindele umhlangano ukuba babhapathizwe baye bashadiselwa eHholo LoMbuso.
Uyalikhumbula Leliphuzu?
□ AmaKristu adinga ukuqaphela ziphi izingozi ngokuphathelene nemishado ebizayo?
□ Isiphi isimo oFakazi BakaJehova abasithathayo ngemikhosi yemishado engokomthetho noma engokwenkolo?
□ Izinqumo zombhangqwana ngomkhosi wawo womshado zingayikhulisa kanjani injabulo yobuKristu yalesosenzakalo?
□ Luhlobo luni lwemishado engaqhutshelwa eHholo LoMbuso?
[Isithombe ekhasini 23]
Umkhwenyana ongumHeberu wayeletha umakoti wakhe ekhaya ngenjabulo nesithunzi