Ukumemezela Izindaba Ezinhle Zokuthile Okungcono
“Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Siyoni.”—ISAYA 52:1.
1. (a) Amaphephandaba ezindaba zezwe aye ahluleka ngayiphi indlela? (b) Yini umthombo ohlakaniphe kakhulu wezindaba oyenza yaziwe?
LOKHU kumemezela okuzwakalayo kwezwakala ekuqaleni kwekhulu lethu lama-20 leminyaka. Futhi ngani? Ngoba isikhathi sase sifikile sokumemezela izindaba ezinhle zezinto ezingcono ngesintu. Ingabe sifunda lezindaba ezinhle kumaphephandaba ezwe? Cha, ngoba lamaphephandaba akhetha ukubika izindaba zezwe ezethusayo noma ukwembula ukwanda kokonakala nokuziphatha okubi. Nokho, akukho khambi abangakhomba kulo. Namuhla, abaningi besaba ukubhujiswa ekufeni kweningi okuvuthayo, okudedelwa ukuqhuma kwezikhali zenyukliya zosuku lokubhubha ezenziwa umuntu ngokwakhe. Kodwa othile ohlakaniphe kakhulu kunomuntu wenyama usitshela ukuthi lapho ukuphela kwezwe kufika kuyobe kuvela eMthonjeni ohluke kakhulu. Kuyoba ngokukhipha kukaNkulunkulu isahlulelo sakhe kubantu ababi nezizwe ezimbi. (IHubo 110:5, 6) LoMthombo wezindaba ukhuluma futhi ngokwakha kabusha nangokuvuselela okumangalisayo kweminyaka eyinkulungwane okuyolandela, lapho umhlaba wethu, nesintu esiphezu kwawo, kuyolethwa esimweni sokuphelela okukhazimulayo. Lezo, ngempela, izindaba ezinhle!—IsAmbulo 20:6; IHubo 72:16, 18, 19; Roma 8:21.
2. Ikuphi ukumemeza okuphuthumayo okuphumayo manje, futhi kumelwe kuphendulwe kanjani?
2 ‘Vuka, vuka!’ kumemeza uIsaya. Kungani kunalokhu kuphuthuma? Nokho, ukugcwaliseka okumangalisayo kwesiprofetho seBhayibheli kusukela ngonyaka ka-1914 kuya phambili kubonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ngoKristu Jesu, ‘umuzi kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini,’ manje uyabusa emazulwini. Abameleli beSiyoni abasemhlabeni, inhlangano kaNkulunkulu yasezulwini, kumelwe baphaphamele umsebenzi wentshiseko. Kumelwe bamemezele lezi zindaba ezinhle ngamandla uNkulunkulu awanika labo abamlalela njengombusi.—Heberu 12:22; IzEnzo 5:32.
3. UIsaya ukhuluma nobani, futhi ngasiphi isimemo?
3 UIsaya uyaqhubeka: “Uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayikungena kuwe ongasokile nongcolileyo. Zithintithe uthuli, usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo; zikhulule ezibosheni zentamo yakho wena-ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo.”—Isaya 52:1, 2.
4. Lesiprofetho siye saba kanjani nokugcwaliseka kwekhulu lama-20 leminyaka?
4 Lesisiprofetho siye saba nokugcwaliseka okuvusa amadlingozi kwekhulu lama-20 leminyaka! Phakathi neMpi eNkulu ka-1914-18, amaKristu agcotshiwe aba iziboshwa ngokomoya, futhi abanye, kuhlanganise nabaphathi beWatch Tower Society, bagqunywa emajele angokoqobo. Kodwa ngo-1919 kwafika ukukhululwa. Njengamelele iSiyoni lasezulwini, lamaKristu ngalesosikhathi agqoka “izingubo” ezinhle ngokubheka kukaNkulunkulu—ezaziwabonakalisa njengezinceku zeNkosi eNkulu yendawo yonke. Azehlukanisa nokungcola kokuziphatha nokungokomoya.—Qhathanisa 2 Korinte 6:17, lapho umphostoli uPawulu ecaphuna khona kuIsaya 52:11.
5. Abantu BakaNkulunkulu baye bakuqaphela kanjani ukumemeza kukaIsaya nesibonelo sikaJesu?
5 Kanjalo abantu bakaNkulunkulu bakhululeka ngokuphelele ezimfundisweni zamanga zenkolo nemikhuba. Belandela isibonelo uJesu asibeka lapho esemhlabeni, nabo bazimemezela ngokwabo ukuthi ‘abasibo abalelizwe,’ kuhlanganise nezombangazwe zalo ezonakele nesidlozane esandayo. (Johane 18:36; IsAmbulo 18:2, 4) Kodwa ekuvukeni esimweni sabo sokunyathelelwa phansi kuya ekumeni kokuvumeleka phambi kukaNkulunkulu, kwakufuneka ukuba balandele ezinyathelweni zeNkosi yabo ngisho nangendlela eqonde ngokwengeziwe, njengoba sizobona manje.—1 Petru 2:21.
“UNkulunkulu Wakho UyiNkosi”
6. Ezikabani “izinyawo” eziletha izindaba ezinhle manje, futhi ufikela yiphi injongo manje?
6 Lalelisisa amazwi omprofethi aqhubekayo: “Yeka ukuthi zinhle kanjani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, nomemezela ukuthula, obika izindaba ezinhle zokuthile okungcono, lowo omemezela usindiso, oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: ‘UNkulunkulu wakho uyinkosi!’” (Isaya 52:7, NW) LesiSithunywa sokuthula akuyena omunye ngaphandle kweNkosi uJesu Kristu. Lapho esemhlabeni wagcotshwa ngomoya kaNkulunkulu ukuba amemezele izindaba ezinhle kwabampofu, abacindezelweyo. Kodwa manje, ngokugcwaliseka ‘kwezikhathi zabezizwe’ ngo-1914, ‘uza ngenkazimulo yakhe nezingelosi zonke ezingcwele kanye naye,’ ukuba athathe ubukhosi bakhe futhi ukuba ahlulele izizwe nabantu bomhlaba.—Luka 4:18; 21:24; Mathewu 25:31, 32.
7. Iziphi izindaba leSithunywa esizilethayo?
7 Bona lesiSithunywa ngamehlo engqondo njengoba, ngokomfanekiso, sigxuma sisuka entabeni siya entabeni, sishisekela ukumemezela izindaba ezinhle zezinto ezingcono kulabo abafuna uNkulunkulu. Yeka ukuthi zinhle kangakanani “izinyawo” zaso! Ziyashesha ukusithwala ekuthunyweni kwaso kokuthula. Ngentshiseko, simemezela ukusindiswa kweyake yathunjwa “indodakazi yaseSiyoni,” insali ekhululiwe kaIsrayeli ongokomoya wezi-144 000, futhi ngemva kwalokhu kwesingenakubalwa ‘isixuku esikhulu esivela kuzo zonke izizwe.’—IsAmbulo 7:4, 9, 10.
8. Ikuphi ukumemezela okushukumisayo okwenziwayo manje, futhi ngani?
8 Ukumenyezelwa kokuthula nezindaba ezinhle kugxila esimemezelweni esishukumisayo: “UNkulunkulu wakho uyinkosi!” Ubani loNkulunkulu, futhi uba kanjani iNkosi? UnguNkulunkulu ogama lakhe liyadelelwa neliqabuka lithintwa phakathi kwezinkolo zeLobukholwa, iNkosi eNkulu uJEHOVA. UyiLowo omemezelayo emavesini andulelayo kaIsaya 52:5, 6: “Negama lami liyahlanjalazwa njalo usuku lonke. Ngalokho abantu bami bayakulazi igama lami.” Igama lakhe elingenakulinganiswa manje kumelwe lilwelwe ngoba ihora lakhe lokwahlulela izizwe lifikile. Lezi, nazo, kumelwe zimesabe njenge“Nkosi yezizwe.”—Jeremiya 10:7; IsAmbulo 14:7.
9. (a) Ziyini izikhundla ezihlobene ‘zeNkosi yethu’ ‘noKristu wayo’? (b) Yini bonke abadumisi bakaNkulunkulu abangase babonge ngenxa yayo?
9 LeNkosi enkulu iyileyoNkosi amazwi amakhulu ezulwini abethi ngayo ngokuphathelene nezehlakalo kusukela ngo-1914 nangemva kwalokho: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube-phakade naphakade.” Kulokhu, abanye abakhulekeli bakaNkulunkulu banezela amazwi okudumisa okuvela enhliziyweni: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathe amandla akho amakhulu, wabusa; nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho.” Kulolusuku loMbuso, uKristu Jesu ubusa njengeNkosi Ebambisene noyise, oyiNkosi uJehova, anikeza ukwahlulela kwakhe okulungileyo.—IsAmbulo 11:15, 17, 18; 12:10; Johane 5:30.
10. Ekucaphuneni uJoweli 2:32 noIsaya 52:7, uPawulu wabonisani?
10 LeNkosi eyiSithunywa ayiyodwa ekumemezeleni ukuthula. Umphostoli uPawulu uchaza isizathu, ecaphuna uJoweli 2:32 njengokulandelayo: “Bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.” Khona-ke uPawulu ubuza uchungechunge lwemibuzo futhi uyifinyelelisa kumvuthwandaba ngokubhekisela kuIsaya 52:7, ethi: “Bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na? Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na? Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”—Roma 10:13-15.
11. Abaningi namuhla baye babonisa kanjani ukuthi ‘banezinyawo ezinhle’?
11 Ngakho abanye, nabo ‘banezinyawo ezinhle.’ Laba baye baqaphela izindaba ezinhle ezimenyezelwa iSithunywa sikaNkulunkulu. Ngokulandelayo, nabo baye baba abamemezeli bezindaba ezinhle—ibutho labashumayeli boMbuso. Namuhla benza inani eliyizigidi ezimbili nengxenye, elihlanganiswe amadoda, abesifazane nabantwana abaphuma kuzo zonke izizwe zesintu! Yeka ukuthi unelungelo elingakanani uma ungomunye walaba, ushumayela “izindaba ezinhle zokuthile okungcono”! Futhi ziyigugu izinyawo zakho ezingokoqobo uma zikuthwala njalo endlini ngendlu njengoba umemezela usindiso! Ngoba ngalendlela uba nengxenye ekugcwalisekeni kweHubo 19:4, uPawulu alicaphuna kumaRoma 10:18, ethi: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, nokusho kwabo kuyé nasemikhawulweni yelakhiweyo.”—Bheka futhi iHubo 99:1-3; 148:12, 13.
Inhlangano KaNkulunkulu Emsebenzini!
12. (a) Lesi isikhathi esibaluleke kakhulu sani? (b) Imaphi amaqiniso avelele enziwa aziwa ngo-1925?
12 Yebo, “uNkulunkulu wakho uyinkosi!” Ngakho manje isikhathi esidlula zonke sokuphakamisa igama likaNkulunkulu ophilayo, uJehova, nokumphakamisa njengeNkosi eNkulu. Ngawo-1920 insali yezinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiwe yabonga kakhulu ngokuthi ukukhanya ngokuphathelene noMbuso kaNkulunkulu kwaqhubeka “kukhanyela abalungileyo.” Futhi ukukhishwa kweThe Watchtower kaMarch 1, 1925 kwaba isenzakalo esikhethekile. Isihloko sayo esiyinhloko, esasithi “Ukuzalwa Kwesizwe,” sacacisa iziprofetho sibonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu othenjisiwe wawuye wazalwa emazulwini ngo-1914, ukuthi iNkosi yobuMesiya iye yalahlela uDeveli nezingelosi zakhe phansi emhlabeni, nokuthi kumelwe kube nempi eyonqotshwa phakathi kwenhlangano kaNkulunkulu nenhlangano kaSathane.—IHubo 97:11; IsAmbulo 12:1-12.
13. (a) Iyiphi intuthuko abantu bakaNkulunkulu abayenza kwaze kwaba ngo-1938? (b) Isiphi isenzakalo sangesikhathi esenzeka ngo-1938?
13 Njengoba lempi engokomoya yayiqhubeka, labo ababekhonza nenhlangano kaJehova baqatshulwa ukukhanya okuqhubekayo kokuqondwa kweBhayibheli, futhi amanani abo akhula kwaze kwaba ngo-1938, lapho abaningi kangangezi-50 769 bebika inkonzo yoMbuso phakathi nesikhathi sokufakaza sezizwe zonke. Ukukhula okusheshayo kwabizela ukuhleleka okungcono ngokwenhlangano, futhi uJehova wayilungiselela ngesikhathi! Omagazini ababili beThe Watchtower bakaJune 1 no-15, 1938, babenesihloko esithi: “Inhlangano” njengesihloko esifundwayo. Laba balandelwa uchungechunge lwezingxenye ezine ngendaba ethi “Impi Yakhe” ngoJuly noAugust. Uhlelo olungokwasezulwini ngempela lwalethwa phakathi koFakazi BakaJehova, futhi lokhu kwabaqinisela impi engokomoya enamandla. Njengoba isiprofetho sikaIsaya, esahlukweni sama-60 amavesi-17 no-22, sasibonisile, isimo esithuthukisiwe phakathi kwabantu bakaNkulunkulu sasizoshukumisa ukusheshiswa komsebenzi kaJehova woMbuso.
14. (a) Kulesikhathi samanje yini efana nesimiso sokwakha sikaSolomoni? (b) Ngokubhekwa kwalokhu, imuphi umbuzo obuzwayo?
14 Lezizihloko zeWatchtower ezazikhulumela “Inhlangano” zabonisa ukufana phakathi kokubusa kukaSolomoni kwekhulu le-11 leminyaka B.C.E. nalokho kukaJesu obekwe esihlalweni sobukhosi, kusukela ngo-1914 C.E. USolomoni waqala isimiso sakhe sokwakha ngonyaka wesine wokubusa kwakhe. Kwathatha iminyaka eyisi-7 ukwakha ithempeli, neminyaka eqhubekayo eyi-13 ukuqeda indlu yenkosi. Ngokufanayo, iNkosi uJesu Kristu ubonakala eye waqhuba umsebenzi wokwakha ikakhulukazi ohlobene nokubuyiselwa kokukhulekela kweqiniso nokwakhiwa ‘kwendlu kaNkulunkulu’ engokomoya phakathi nesikhathi 1918-38. (1 Petru 4:17) IWatchtower yokugcina eyayikhulumela “Inhlangano” yaphetha ngalokhu kukhulumela:
“ImiBhalo iyabonisa ukuthi, ngemva kweminyaka engamashumi amabili yesimiso sokwakha sikaSolomoni njengoba kuchazwe ngenhla, wangenela isimiso sokwakha sesizwe sonke. (1 AmaKh. 9:10, 17-23; 2 IziKr. 8:1-10) Khona-ke kwafika inkosikazi yaseSheba ‘ivela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni.’ (Math. 12:42; 1 AmaKh. 10:1-10; 2 IziKr. 9:1-9, 12) Lokhu kusikisela umbuzo: Yini esesikhathini esiseduze esizayo ngabantu bakaJehova emhlabeni? Ngokuqiniseka okugcwele siyolinda, futhi siyobona.”
Nokho, yini esiyibonayo manje, eminyakeni engama-46 kamuva?
Ukwanda Okumangalisayo!
15. (a) Iyiphi “inkosikazi yaseSheba” yosuku lwanamuhla eye yavela? (b) Imaphi amalungiselelo angokwenhlangano aye akhonza lesigaba, futhi kanjani?
15 ‘Sivela emikhawulweni yomhlaba’ isigaba ‘senkosikazi yaseSheba’ sosuku lwanamuhla, “ezinye izimvu” zeNkosi, beziza ngezihlwele zazo ukuzolalela ukuhlakanipha kweNkosi ebekwe esihlalweni, uJesu Kristu. Ngempela “okukhulu kunoSolomoni.” ‘Ngenceku ethembekileyo neqondayo’—leloqembu lamaKristu agcotshiwe iNkosi eye yalihlela futhi yalithumela lapha emhlabeni—ubekhipha idili lokudla okucebile okungokomoya. (Mathewu 12:42; 24:45-47) Futhi ngisho nalapho iMpi Yezwe II yayidlanga kakhulu, ‘lenceku’ yaqhubeka nokumemezela izindaba ezinhle kabanzi ngokwengeziwe. Ngo-1943 iSikole SeBhayibheli saseGilead seWatchtower savula iminyango yaso eNingizimu Lansing, eNew York, U.S.A. Izikhonzi ezifanelekayo zaqeqeshelwa ukuba zibe izithunywa zevangeli, futhi njalo ngemva kwezinyanga eziyisithupha abayikhulu abaqede izifundo zabo babethunyelwa emikhawulweni yomhlaba.
16. (a) Yini eboniswa ishadi elisekhasini 11 ngokwanda kusukela ngo-1943? (b) Iziphi izenzakalo eziye zenzeka eminyakeni eyishumi edlule?
16 Ingabe uJehova uye wawuchumisa umsebenzi ohleliwe wofakazi bakhe? Ishadi elisekhasini le-11, elibonisa isilinganiso senani labamemezeli boMbuso bebika inkonzo kuJehova ngezikhawu zeminyaka eyishumi kusukela ngo-1943, linikeza impendulo. Intuthuko yesikhathi samuva kakhulu seminyaka eyishumi ithakazelisa ngokukhethekile kithina manje. Lena bekuyiminyaka yovivinyo neyokuhlunga, njengoba izihlubuki ezithile ezikhonondayo zishiye inhlangano. Kodwa futhi iye yaba iminyaka emangalisayo yokwakha emhlabeni kabanzi neyokuhlela kabusha, neyokuqinisela abazalwane umsebenzi ongaphambili. Ngoba akukho kungabaza ngokuthi kumelwe kube nokubuthwa okuqhubekayo ‘kwezimvu’ ngaphambi kokuba “kuchithwe imizi.”—Isaya 6:11; qhathanisa noLuka 22:31, 32; Mathewu 25:31-33.
17. Kungani oFakazi bakaJehova emhlabeni wonke benesizathu senjabulo?
17 Phakathi no-1983 umsebenzi woMbuso uye waqhubeka ngamandla amangalisayo. Emhlabeni wonke, izwe ngemva kwelinye aqala ukubika amanani amasha aphakeme abamemezeli ensimini. Bekunokukhula okwesabekayo phakathi nezinyanga zasentwasahlobo nezasehlobo, kangangokuthi insimu yomhlaba manje iye yafinyelela inani eliphakeme kunawo wonke elivusa amadlingozi labamemezeli abayizi-2 652 323—ukwanda kwezi-174 715 ngaphezu kwenani eliphakeme lika-1982—emazweni angama-205 ahlukene. Sidumisa uJehova ngalesisibusiso!—Malaki 3:10; Duteronomi 28:12, 13.
18. Umbiko wobhapathizo kumelwe usishukumisele ukuba senzeni?
18 Yeka indlela obekujabulisa ngayo futhi, ukubona amanani andayo ebonisa ukuzinikezela kwawo ku Jehova ngobhapathizo lwamanzi! EMihlanganweni Yesigodi “Yobunye BoMbuso” ka-1983, kanjalo abaningi abasha baye balethwa ebunyeni bobuKristu enhlanganweni kaNkulunkulu. Ingqikithi yabantu abayizi-161 896 baye babhapathizwa phakathi no-1983, ukwanda kwamaphesenti ayi-17 ngaphezu konyaka owandulelayo. Kwangathi uJehova angasinikeza ‘ukudoba nokuzingela’ okuhle futhi phakathi no-1984! (Jeremiya 16:16) Futhi njengoba sithola abafanele, asibondle ngokusebenzisa ngekhono iZwi likaNkulunkulu, kanye nalezo zincwadi ezimbili ezinhle Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni nethi Ubunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso.—Mathewu 10:7, 10.
19. Umbiko weSikhumbuzo ka-1983 ubonisani?
19 Okuvusa amadlingozi kakhulu kunakho konke umbiko weSikhumbuzo, esaqhutshwa ngokuhlwa kukaMarch 29, 1983, emabandleni ayizi-46 235 emhlabeni wonke. Abantu abayizi-9 292 kuphela ababonisa ithemba labo lasezulwini ngokuhlanganyela ezifanekiselweni, okubonisa ukuthi “ezinye izimvu” zahlanganisa inani elikhulu lababekhona abayizi-6 767 707—ukwanda kwezi-514 920 ngaphezu kwenani lango-1982. Yeka iviyo elikhulu labantu abathobekile ababonisa isithakazelo ezinjongweni zoMbuso kaJehova!
20. Ikuphi ukunaka manje okumelwe sikunikeze abasanda kuhlanganyela, kanye nabantu abapholile, futhi ngani?
20 Ngaphansi kokuphefumlelwa umoya kaNkulunkulu, iNkosi uDavide yamemezela: “Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” (IHubo 37:11; bheka futhi kuMathewu 5:5.) OFakazi BakaJehova mabakhuthale yonke indawo ekwakheni abathobekile abazohlanganyela nabo, njengalabo abeza eSikhumbuzweni, futhi banikeze usizo lothando olungokomoya kulabo abebehlanganyela nabo ngaphambili okungenzeka baye baphola. Ukuphila kwabo kuyigugu kuJehova. (Mathewu 18:14) Ukuze bathole ukusindiswa osizini olukhulu, laba kumelwe ‘bahlanze izingubo zabo, bazenze zibe-mhlophe egazini leWundlu’ manje, futhi bazigcine zimhlophe. Kwangathi “isixuku esikhulu” singaqhubeka sikhula ngamanani njengoba abaningi babathobekile bephaphama ukuba bazibonakalise ngokwabo njengezinceku ezizinikezele zikaJehova futhi ukuba bahlanganyele ngenjabulo nabantu bakhe ‘ekumemezeleni izindaba ezinhle zokuthile okungcono.’—IsAmbulo 7:9, 14.
Ubungaphendula kanjani?
◻ UIsaya 52:1, 2 uye waba nakuphi ukugcwaliseka okumangalisayo kosuku lwanamuhla?
◻ UIsaya 52:5-7 usebenza kanjani kubamemezeli boMbuso?
◻ UJehova uye wabalungiselela kanjani abantu bakhe ukwanda kwesikhathi esizayo?
◻ Ibuphi ubufakazi obukhona besibusiso sikaJehova emashumini eminyaka, futhi ikakhulukazi phakathi no-1983?
[Igrafu esekhasini 11]
(Ukuze ubone ukuthi kumi kanjani, bheka encwadini)
Ukwanda KoMbuso Ngezikhawu ZemiNyaka Eyishumi
Isilinganiso Senani Labamemezeli Ababikayo
1943 109 794
1953 468 106 Ukwanda: 358 312
1963 956 648 Ukwanda: 488 542
1973 956 648 Ukwanda: 488 542
1983 2 501 722 Ukwanda: 845 049