Balindi, Phakamisani Izwi Lenu!
“Izwi labalindi bakho, bayaliphakamisa izwi.”—ISAYA 52:8.
1, 2. (a) Ngokuphathelene noIsaya 52:8, imuphi umbuzo ophakamayo? (b) Ikuphi ukuvuma okwenziwa omunye umfundisi?
OBANI abalindi abashiwo lapha? Ingabe bangabalindi bezinkolo zeLobukholwa? Nokho, bathini abefundisi beLobukholwa namuhla ngoMbuso kaNkulunkulu? Isibonelo esilandelayo singase sisisize ukuba siphendule lowombuzo.
2 “Umfundisi onguDokotela” ohloniphekayo waseYunivesithi yaseAberdeen, eScotland, wenza ukukhononda okulandelayo:
“Phakathi neminyaka eyishumi nesithupha edlule [1963-1978] ngingakhumbula izikhathi ezimbili kuphela engiye ngezwa ngazo izintshumayelo eziphathelene nesihloko sombuso kaNkulunkulu ngokuqondile. . . . Ngithola lokhu kuthula kumangaza ngoba kwamukelwa emhlabeni wonke yizazi zeTestamente Elisha ukuthi isihloko esikhulu samavangeli nesokufundisa kukaJesu sasiwumbuso kaNkulunkulu. . . . Kungani abantu bengashumayeli ngombuso kaNkulunkulu? Ngicabanga ukuthi impendulo eyodwa esobala iwukuthi nje, ‘Ngoba asifundiswanga indlela yokukwenza.’”
3. Amazwi kaIsaya 56:10, 11 asebenza kanjani namuhla?
3 Ngokusobala, abefundisi abahluleka ukushumayela uMbuso kaNkulunkulu abazange bakuqonde ukubaluleka kwangempela kwezindaba ezinhle. Abazange basiqaphele isimemezelo sikaIsaya sokuphaphama. Abakwazi ukumemezela izindaba ezinhle zokuthile okungcono, ngoba akukho lutho abalwaziyo olungcono kunezivumo zokholo nohlelo lwenkolo yezwe. ‘Bangabalindi abayizimpumputhe,’ okunikezwe ngabo incazelo efanelekile kuIsaya 56:10, 11.
4. (a) Abalindi bakaIsaya 52:8 baqhathaniseka kanjani nabefundisi besikhathi samanje? (b) Kungani kumelwe sibonge kuMfundisi wethu oMuhle?
4 “Asifundiswanga indlela yokukwenza.” Yileso isizathu “uMfundisi onguDokotela” asinikezayo sokungashumayeli ngoMbuso kaNkulunkulu. Kepha, ngokuthokozisayo, kukhona abalindi abashumayela ngoMbuso kaNkulunkulu namuhla, futhi bayakwazi ukwenza lokhu ngokwenelisayo, ngenxa yokuthi baye bafundiswa futhi bayafundiswa. Bayilabo umprofethi kaNkulunkulu abhekisela kubo lapho ebhala: “UJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo. . . . [UMfundisi wakho oMuhle akasayikuzifihla futhi amehlo akho kumelwe abe amehlo abona uMfundisi wakho oMuhle, NW], nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: Nansi indlela; hambani ngayo, noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.”—Isaya 30:18, 20, 21.
5. (a) Imaphi amalungiselelo angokwenhlangano uJehova aye wawenzela abantu bakhe? (b) Kukusiphi isici, esiphathelene noMbuso, oFakazi BakaJehova namuhla abalingisa uJesu nabaphostoli bakhe kuso?
5 OFakazi BakaJehova bafundiswa ngoMbuso kaNkulunkulu, hhayi ezikoleni zobufundisi zenkolo zamahlelo eLobukholwa, kodwa eSikoleni Senkonzo EsingokwaseZulwini nakweminye imihlangano yamasonto onke emaHholo abo oMbuso. Baqeqeshwa ngokushumayela ngoMbuso ngokuphumelelayo endlini ngendlu nangokuqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abafundisekayo abafuna ukufunda ngoMbuso. Lemfundo ivela kuJehova ngenhlangano yakhe, akhuluma nayo, ngokuthi: “Bonke abantwana bakho bayakuba-ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba-kukhulu.” OFakazi BakaJehova bayakwazi lokho uMbuso oyikho, nokuthi uyoletha izibusiso ezingaziwa esintwini lapha emhlabeni. NjengoJesu nabaphostoli bakhe bathandazela uMbuso kaNkulunkulu ukuba uze futhi bashumayela ithemba loMbuso ngentshiseko.—Isaya 54:13; Mathewu 4:17; 6:10; 10:7; 12:21; 24:14.
Balindi, Memezani!
6. (a) Obani abenza isigaba somlindi namuhla, futhi iyiphi inkonzo abayenzayo? (b) Isiphi isixwayiso umlindi asizwakalisayo, esebenzisa liphi ithuluzi?
6 Emibhalweni eminingi, abaprofethi bakaNkulunkulu bakhuluma ngabalindi. Ezikhathini zasendulo laba babeqapha ngokunganqamuki, belungele ukuzwakalisa isixwayiso ngokuphathelene nanoma ikuphi ukungena kwesitha. KuIsaya 21:8 omunye walaba uyabika: “Nkosi yami, ngimi njalo emini embhoshongweni wami, ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.” Namuhla isigaba somlindi, “inceku ethembekileyo neqondayo” egcotshiwe emelele iNkosi uJesu Kristu lapha emhlabeni, yenza umsebenzi onjalo. Lomlindi uqaphela indlela izehlakalo ezenzeka ngayo emhlabeni ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli, azwakalise isixwayiso soluseduze “usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe” futhi amemezele “izindaba ezinhle zokuthile okugcono.” INqabayokulinda, esakazwa ngezi-10 200 000 isikhathi ngasinye ephuma ngaso, ingenye yamathuluzi umlindi awasebenzisayo ekumemezeleni lezindaba ezinhle.—Mathewu 24:14, 21, 45-47; Isaya 52:7.
7. Obani abakhonza ekusekeleni “abalindi,” futhi kungani usizo lwabo ludingeka?
7 Isigaba somlindi ‘esiyinceku’ sinokusekelwa okuningi kokwethembeka ekumemezeleni izindaba ezinhle. Njengoba isihloko esandulelayo sibonisile, ekubikeni ngababekhona eSikhumbuzweni ngo-1983, abasasele emhlabeni ‘benceku egcotshiwe’ manje bayinani elingaphezulu kancane nje kwezi-9 000. Badinga usizo ekufezeni umsebenzi wokushumayela ngokuphumelelayo. Futhi lolusizo luye lwatholakala! Izigidi zabangani zithutheleka ngasohlangothini lwabo, futhi laba, nabo, baphakamisa amazwi abo kanye ‘nabalindi’ abachazwe kuIsaya 52:8. Ngomqondo ongokoqobo, labo bahlanganisa amazwi abo nalawo “abalindi” ekumemezeleni izindaba ezinhle.
8. (a) Ishadi elisemakhasini 16 no-17 libonisani ngokwanda koMbuso? (b) Siyini isimo ezindaweni lapho umsebenzi woMbuso uvinjelwe khona?
8 Vula emakhasini 16 no-17 alomagazini futhi uzobona ukuthi, ngesilinganiso sembulunga yonke, uJehova ubusisa labalindi kanye nabangane babo abathembekile. Baye ‘baliphakamisa izwi’ kangangokuthi kujatshulelwa ukwanda okuhle kubamemezeli yonke indawo. Lokhu kumelwe kulindelwe manje njengoba uKristu ebusa eMbusweni kaYise, ngoba uIsaya 9:6, 7 akasho yini ‘ngaleNkosi yokuthula’ ukuthi: “Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela”? Njengoba ishadi libonisa, kunezingxenye zomhlaba, kuhlanganise nezithile ezinenani labantu elikhulu ngempela, lapho ukuvinjelwa komsebenzi woMbuso kunamandla. OFakazi kulezindawo benza abangakwenza ngosizo lomoya kaJehova. (Zakariya 4:6) Izikhulu zikahulumeni eziphikisayo, nemiphakathi esekela lokho, iyothwala icala legazi elikhulu lapho usizi olukhulu lushaya.—Qhathanisa noHezekeli 3:17-19.
Abamemezeli Bezindaba Ezinhle Abangamaphayona
9. (a) Ngokubhekisela eshadini, ikuphi ukukhulumela onakho ngokwanda kwamaphayona? (b) Imiphi imibiko ejabulisayo amagatsha eWatch Tower aye ayithumela?
9 Ishadi lembulunga yonke linikeza nokwanda kwamaphayona kuwo wonke umhlaba phakathi no-1983. Lokhu kuhle ngempela! Njengoba kuboniswa imibiko eyisibonelo ngezansi, amagatsha eWatch Tower emhlabeni wonke ayajabula ngamanani azinikelela ukuhlanganyela enkonzweni yamaphayona asizayo, avamile futhi neyamaphayona akhethekile (lapho kudingeka khona):
EBarbados: Inani lamaphayona asizayo ngoApril lalingama-292 ngo-1981, 529 ngo-1982 nama-740 ngo-1983.
EBelgium: Izicelo zamaphayona avamile zanda ngamaphesenti angama-30 ngo-1983.
EChile: Isilinganiso senani lamaphayona asizayo sasingama-987—ukwanda ngamaphesenti angama-40.
EIvory Coast: Inani lamaphayona avamile lakhuphuka ngamaphesenti ayi-15 ngaphezu kwelangonyaka odlule.
EPortugal: Okwakujabulisa ngempela kwakuyinani eliphakeme ngoApril lamaphayona asizayo ayizi-3 064, ukwanda ngamaphesenti ayi-140 ngaphezu kwenani eliphakeme langaphambili.
ESweden: Kwabikwa inani elingaphezu kwawo wonke lamaphayona avamile angama-796.
EThailand: NgoApril, amaphesenti angama-23 abamemezeli bethu abangama-821 abika njengamaphayona.
EVenezuela: Abangaphezu kwama-200 baqala umsebenzi wobuphayona ngo-1983.
10. Yini ebonisa ukuthi ushushiso ngeke lubathulise abalindi?
10 Amazwe lapho umsebenzi woMbuso uvinjelwe kakhulu nawo abika ukwanda kwabamemezeli namaphayona. Izwe elithile laseAfrika lapho ushushiso lwalunamandla kakhulu khona eminyakeni eyi-15 edlule lafinyelela inani eliphakeme lamaphayona avamile angama-616 nelasizayo angama-207 phakathi nonyaka wenkonzo ka-1983. Futhi kulelizwekazi elifanayo, ezweni lapho abazalwane abangama-75 beboshwe khona, inani labamemezeli landa ngamaphesenti angama-35 ngaphezu kwesilinganiso sonyaka owandulelayo, kanti amaphayona asizayo aba inani elingamaphesenti ayi-151 ngaphezu kwenani eliphakeme elandulelayo. “Abalindi” nabangane babo bayaphikelela ekuphakamiseni izwi labo!
11. Umsebenzi wobuphayona ulizuzisa kanjani ibandla, kanye nensimu yomhlaba wonke?
11 Wonke lomsebenzi wentshiseko wamaphayona ushukumisa umsebenzi woMbuso ngokumangalisayo. Ngokwesibonelo, uphumela ekuhlanganisweni okuhle kwensimu nasemahoreni amaningi ngokwengeziwe asetshenziselwa ukumemezela izindaba ezinhle. Ngo-1983 ingqikithi yesikhathi esisetshenziselwe ukumemezela ngoMbuso emhlabeni wonke safinyelela amahora ayizi-436 720 991, ukwanda okuphawulekayo kwamaphesenti ayizi-13,5! Izifundo ezengeziwe ziyaqaliswa—eziningi zazo ngamaphayona asizayo—futhi abantu abathakazelayo abengeziwe baholelwa ekuhlanganyeleni nenhlangano kaNkulunkulu.
12. Iziphi izinzuzo zomuntu siqu ezilethwa ukuphayona?
12 Ubuphayona futhi buletha izinzuzo zomuntu siqu. Phakathi nenyanga yobuphayona obusizayo, ummemezeli uba ngophumelela kakhulu ngokwengeziwe noshelelayo ekukhulumeni ngesigijimi soMbuso kwabanye! Kunenjabulo enkulu, futhi, ukuhlanganyela nabanye kulenkonzo nasekuboneni omagazini abahanjiswayo, izimpindelo nezifundo kwanda. Abaningi baye bazijabulela lezinyanga zamathuba obuphayona obusizayo kakhulu kangangokuthi baye benza ukuhlela okudingekile ukuba babe amaphayona avamile. Abanye baba amaphayona asizayo njalo nje.
13. Isiphi isikhuthazo esingasithola kokuhlangenwe nakho okubili okuvela ePakistan?
13 Insimu yamaSulumane yasePakistani kubikwa ukuthi kunzima ukuyisebenza. Kodwa nokho kulelozwe kuvela lombiko:
Omunye umzalwane ngemva kokuba yiphayona elisizayo izinyanga ezingama-30 ezidlule wathi: “Manje ubuphayona obu-imdadi (igama lesiUrdu elisho obusizayo) bubonakala bunamathiselwe kimi ngokuqinile, futhi nginomuzwa wokuthi ngiyokuba nobunzima obukhulu uma kungenzeka ngifuna ukubuyeka. Kuye kwaba ingxenye yokuphila nomsebenzi wansuku zonke ukusebenza okungenani amahora amabili ekufakazeni kwabanye.”
“Okungenani amahora amabili” nsuku zonke enkonzweni yoMbuso—yilokho kuphela okufunwa ubuphayona obusizayo. Ingabe wena ungakwenza lokho? Kungase kukwenze uphile kangcono futhi ujabule kakhudlwana, njengoba okunye okuhlangenwe nakho kwasePakistani kusikisela:
Omunye umzalwane owayeka umsebenzi wokuziphilisa eneminyaka engama-58 ubudala futhi kusukela lapho oye wangena ezinhlwini zamaphayona asizayo unalokhu akushoyo: “Ngiye ngaba uFakazi iminyaka engama-28 edlule, kodwa angizange ngaphambili ngikujabulele futhi ngikwazise ukuba kwami uFakazi njengaphakathi nezinyanga eziyisishiyagalombili zokugcina zokuba kwami iphayona elisizayo elivamile. Ekuphenduleni umbuzo wengangisebenza nabo ngaphambili ngesizathu sokubukeka kwami sihatmand (ngiphile kangcono, isiUrdu) futhi ngi-khush (ngijabulile, isiUrdu) ngemva komhlalaphansi wami, ngibatshela ukuthi kuwukukhonza uNkulunkulu weqiniso, uJehova, ngokugcwele ngokwengeziwe okunginikeza injabulo nokweneliseka futhi kungenze ngibukeke sihatmand futhi ngi-khush.”
Ubungeke uthande yini ukuba sihatmand futhi u-khush, nawe? Khona-ke wasebenzise ngokugcwele amathuba akho ebuphayoneni obusizayo!
Ukufinyelela Izibusiso Zobuphayona
14. Ngokubhekisela eshadini elisemakhasini 20-23, iyiphi intuthuko yabamemezeli namaphayona ephawulekayo, futhi emazweni amangaki?
14 Asivule uMbiko Wonyaka Wenkonzo Ka-1983 WoFakazi BakaJehova Womhlaba Wonke njengoba ubonakala emakhasini 20-23 alomagazini. Lamakhasi amane asibonisa okwengeziwe kunezibalo nje. Afakazela umzamo obabazekayo abamemezeli boMbuso abaye bawenza emazweni noma emasimini angama-205 ukuba bashumayele izindaba ezinhle. Hambisa umunwe wakho wehle nohlu olunesihloko “Isilinganiso Samaphayona” futhi ubone ukunikela okuhle amazwe amaningi kangaka aye akwenza kulenkonzo. Futhi amaphayona aye athola ukusekelwa okuthembekile, nawo, kubamemezeli bebandla, abaye bangena emoyeni ofanayo wenkonzo yentshiseko, ngisho nakuba ukunikela kwabanye kungase kuqhathaniswe ‘namafadingi omfelokazi.’—Marku 12:41-44.
15. Imikhaya ingase ibusiswe kanjani lapho inikela emzamweni wobuphayona?
15 Imikhaya eyakhela ukuphila kwayo enkonzweni yobuphayona ngempela ibusisiwe. Eminye imikhaya iye yakwenza umgomo ukuba umkhaya wamaphayona futhi iye yawufinyelela lowomgomo, yahlanganyela njengomkhaya emsebenzini wamatoho wokuba ‘ikati lingalali eziko.’ Eminye imikhaya iyahlangana ukuze isekele elilodwa ilungu lomkhaya emsebenzini wamaphayona avamile, futhi umoya wobuphayona ongeniswa kanjalo emkhayeni uzuzisa bonke.
16. (a) Abazali bangase basibonise kanjani isithakazelo entuthukweni engokomoya yabantababo? (b) Ngokubukeza impilo kaJesu yobusha, isiphi isibonelo esihle esisitholayo?
16 Bonke ababekhona eMhlanganweni Wesigodi “Wobunye BoMbuso” wamuva nje bayizwa inkulumo enhle ngokubeka imigomo. Ngenxa yokuba nezithakazelo ezingcono kakhulu zabantababo enhliziyweni, abazali bangaqeqesha intsha ukuba ibe nemigomo ebalulekile ekuphileni. (IzAga 22:6) Omunye walena ungaba inkonzo yobuphayona. Khumbula ukuqeqeshwa uJesu ngokwakhe akwamukela eminyakeni yobusha bakhe. Ebudaleni beminyaka eyi-12 wayesefundiswe imiBhalo kahle kangangokuthi wayengazindla nabafundisi ethempelini. (Luka 2:46, 47) Akazange athathe umsebenzi wobungcweti wasemhlabeni, njengobumeli noma ubudokotela. Kunalokho wafunda ukusebenza ngezandla zakhe njengombazi, ngaso sonke isikhathi ezihlomisa ngokomoya ngenxa yomsebenzi owawumlindele. (Marku 6:3; Johane 7:46) Lapho besesesikoleni, abantwana boFakazi BakaJehova namuhla ngokufanayo bangasebenzela emigomweni elusizo. Abazali bangakhuthaza kulokhu.
17. Ngokuphambene nabasha bezwe, isiphi isiqiniseko amaphayona angabasha azidelayo angase abe naso?
17 Kubikwa ukuthi abaningi abaneziqu zasekolishi namuhla abanamisebenzi. Kodwa kaningi abasha abangamaKristu abaqeqeshwe kahle abasuka ngokuqondile esikoleni esiphakeme bangene enkonzweni yobuphayona bathola ukuthi umsebenzi wetoho ofanelekile uvela lapho nje udingeka. UJehova uyakwazi ukubusisa nokulungiselela labo abancika kuye lapho beqhubeka ‘befuna kuqala umbuso’ ngomoya wokuzidela.—Mathewu 6:19-21, 31-33; IzAga 3:5, 6; Malaki 3:10.
18. Ingxoxo yenkonzo yobuphayona yalizuzisa kanjani ibandla laseFilipino?
18 Abanye ebandleni bangase bathi, ‘Kungani kukhulunywa kangaka ngobuphayona? Ngempela abaningi bethu abanakubufinyelela.’ Kodwa yeka ukuthi amaphayona athokozayo angenza ukunikela okuhle kanjani emoyeni webandla nasekwandeni komsebenzi kuleyondawo! INqabayokulinda kaJune 1, 1983, yayinesihloko esifundwayo esithi “Umoya Wenkonzo Ephakeme YobuKristu.” Umbuzo esigabeni sesi-7 wawuthi: “Yimuphi umbuzo ngasinye isikhonzi esingumKristu esingazibuza wona?” Lokhu kwaqondisa ukunakekela embuzweni othi: “Ingabe ngempela ngingazithethelela phambi kukaJehova ngenxa yokuthi angilona iphayona?” Bekhulumela lesisigaba esiFundweni seNqabayokulinda ePhilippines, abathathu kwababekhona, bobudala obuhlukahlukene, baphawula, ngokulandelana, ukuthi ukuzindla ngalombuzo kwakuye kwabashukumisela ekubeni amaphayona. Bahalaliselwa kakhulu yibandla.
19. Labo abangenakukwazi ukuphayona bangakwenza kanjani ukunikela okuhle ebandleni?
19 Iqiniso, kunoFakazi abazinikezele, labo, phambi kukaJehova, abangekho esimweni sokuphayona. Iningi emabandleni ethu lingase libe abanjalo. Ngisho kunjalo, laba banganikela kakhulu emoyeni wobuphayona ebandleni. Abadala nezinhloko zemikhaya bangakhuthaza abasha ukuba benze ubuphayona umgomo wabo. Ibandla lonke linganikeza ukusekela kwenhliziyo yonke kulabo asebengamaphayona kakade. Ngamathuba afanelekile, njengesikhathi seSikhumbuzo, ngokuhambela kombonisi wesifunda noma phakathi namaholide esikole, kunabaningi abangenza umzamo wokuhlanganyela ebuphayoneni obusizayo. Yiba nokholo lokuthi uJehova uyokuqinisa njengoba wenza umzamo. “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.” (Mathewu 9:29) Kodwa uma impilo ebuthaka, imithwalo yemfanelo noma ezinye izinto ziphazamisa ngisho nokuba ube yiphayona elisizayo, yiba nombono oqondile. Nikela isikhathi ongasinikela ekumemezeleni “izindaba ezinhle zokuthile okungcono,” usekele futhi ukhuthaze labo abaphayonayo.
20. (a) Isiphi isimo sezwe okumelwe sisiphaphamele ngokunganqamukiyo? (b) Khona-ke, simelwe sibe yini isimo sethu ngasemsebenzini wokusindiswa?
20 Namuhla siphila ezweni elinesidlozane nelinokuziphatha okubi. Sekuseduze ukuba uJehova akhiphe isahlulelo, njengoba enza ezikhathini zasendulo. (Genesise 6:11; 18:20; Luka 17:26-30) Lezi ngempela ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5, 13) Asihlanganyele, njengoba siba nethuba, emsebenzini omuhle wokumemezela ukusindiswa kulabo okungenzeka basazophuma esimisweni esidala ukuba bathathe ukuma kwabo ngasohlangothini loMbuso kaJehova. Siyabonga ukuthi uJehova uye wabusisa umsebenzi wakhe ngokucebe kangaka phakathi nalonyaka odlule. Phakathi no-1984, sengathi singahlanganyela futhi nabalindi boMbuso yonke indawo ekuphakamiseni amazwi ethu ekudunyisweni kukaJehova.—Isaya 62:6.
Imibuzo Ethile Yokubukeza:
□ Iziphi izindaba ezinhle abefundisi abaye bahluleka ukuzishumayela, futhi ngani?
□ Ishadi elisemakhasini 16 no-17 libonisani ngomsebenzi wabalindi beSiyoni?
□ Iziphi izinzuzo ezilethwa ubuphayona kumuntu nasebandleni?
□ Abamemezeli ebandleni banganikela kanjani bonke emoyeni omuhle wobuphayona?
[Ishadi ekhasini 16, 17]
Ukwanda KoMbuso Unyaka Wenkonzo Ka-1983
“Izwi labo liphumele emhlabeni wonke.”—Roma 10:18; IzEnzo 1:8.
Lelishadi libonisa ukwanda ngesilinganiso samanani enyanga ngayinye emhlabeni wonke
ENyakatho Melika
Abamemezeli: 690 979; ukwanda: 6%
Amaphayona: 58 381; ukwanda: 16%
EYurophu
Abamemezeli: 601 918; ukwanda: 5%
Amaphayona: 38 978; ukwanda: 17%
ELatin America
(Kuhlanganise NeziQhingi ZaseCaribbean)
Abamemezeli: 472 816; ukwanda: 11%
Amaphayona: 35 450; ukwanda: 23%
EAsia
Abamemezeli: 122 726; ukwanda: 12%
Amaphayona: 34 586; ukwanda: 24%
IziQhingi ZasePacific
Abamemezeli: 117 816; ukwanda: 8%
Amaphayona: 11 386; ukwanda: 24%
EAfrika
Abamemezeli: 266 375; ukwanda: 6%
Amaphayona: 21 690; ukwanda: 17%
Amazwe Avinjelwe
Abamemezeli: 229 092; ukwanda: 4%
Amaphayona: 5 627; ukwanda: 20%
[Ishadi ekhasini 20-23]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-1983 WOFAKAZI
BAKAJEHOVA WOMHLABA WONKE
(See bound volume)