Ingabe Ikusasa Lakho Lingaguqulwa?
MAKE sithi ulungiselela ipikniki yomkhaya kodwa uthola ukuthi isibikezelo sezulu sibikezela isiphepho esinamandla. Ubungeke yini uwaguqule amalungiselelo akho? Akukho lutho ongalwenza lokuqondisa isimo sezulu, kodwa akumelwe unethwe. Uma izinyathelo ezihlukile zithathwa, umkhaya ungaba nesikhathi esihle kwenye indawo naphezu kwesiphepho.
Isimo siyefana ngokuphathelene nekusasa lakho nesiprofetho seBhayibheli. Eqinisweni, ikusasa lingabonwa ngesiprofetho seBhayibheli. Futhi nakuba thina bantu singeke sizishintshe izehlakalo ezingokwesiprofetho ezihlanganisa umhlaba, ngabanye singawaguqula amalungiselelo ethu, ngalokho siqinisekisa ikusasa elingcono phakathi kwalezo zehlakalo.
Ikusasa lethu lihlangene ngokungenakwehlukaniswa nesiprofetho seBhayibheli. Uma sicabangela ngokungathi sína ukwethenjelwa kwesiprofetho seBhayibheli futhi senze ngokufanele, ikusasa lethu lingashintshelwa kokungcono. Ngokwesibonelo, uJehova uNkulunkulu uthembisa umhlaba onokuthula okhululekile ebubini. Futhi ufisela ukuba ukuphila kulowomhlaba kube ikusasa lethu. IBhayibheli lithi: “Mbhekisise ongasolekiyo, . . . ngokuba [ikusasa lalowomuntu liyakuba nokuthula]. Kepha . . . [ikusasa] [l]ababi [l]iyakunqunywa.” (IHubo 37:10, 11, 37, 38, qhathanisa ne-NW.) Singencika yini ezithembisweni zikaNkulunkulu? Okokuqala, ake sithole ukuthi siyini nje isiprofetho.
Siyini Isiprofetho?
Isiprofetho sisho “isigijimi esiphefumlelwe; inkulumo enethonya laphezulu.” Ngokwe-Expository Dictionary of New Testament Words kaVine, isiprofetho seBhayibheli siwu-: “Kukhulunywa komqondo neseluleko sikaNkulunkulu,” “ukumenyezelwa kwalokho okungenakwaziwa ngezindlela zemvelo.” Okuhlanganisiwe, futhi, “ukubikezelwa kwalokho okuzofika”—umlando owalotshwa kusengaphambili. Futhi yilencazelo yokugcina—ukubikezela ikusasa—esithintayo manje. Make sibheke ngokucophelela kulesisici sesiprofetho.
Abantu baye baba nesithakazelo njalo ngekusasa. Nokho abaningi bayofulathela okuyiwona kuphela umthombo oqondile wesiprofetho—iBhayibheli. Kuzo zonke izinkathi zomlando, izigidi ziye zazama ukuhlola ikusasa ngokuya kwabahlola izinkanyezi, ezangomeni, kubaboni nakwabanye ababikezeli, futhi ziye zaba nokholo kubabikezeli abanjalo bekusasa. Kodwa kungani abaningi kangaka bethembela emithonjeni enjalo yabantu lapho bengakunaki ukuba nokwenzeka kokuthi isiprofetho seBhayibheli siphethe khona kanye ukwaziswa abakufunayo?
Ukwethenjelwa Kwesiprofetho SeBhayibheli
Umuntu untula ukuqondisa okuphelele ngezimo zekusasa futhi kumelwe asabele kuzo njengoba zivela. UNkulunkulu uhlukile. Izibikezelo zakhe zinembile ngenxa yezizathu ezimbili. Okokuqala, njengoMdali, uJehova uyabazi abantu futhi angabikezela ngokuqondile lapho icebo nesenzo sabantu siyoholela khona. (Duteronomi 31:21; Isaya 46:9, 10) Okwesibili, uNkulunkulu angaqondisa izehlakalo ngaphambi kokuba zenzeke. Kuzo zombili izindlela injongo yakhe ifezeka njalo futhi izwi lakhe lesiprofetho njalo ligcizeleleka njengeliyiqiniso.
Ngomprofethi uIsaya, uJehova wembula ikhono lakhe lokubikezela nokuqondisa ikusasa uma kuqhathaniswa nokwehluleka kwabaprofethi bamanga ukwenza kanjalo. Uyaphawula: “[NginguJehova owenza] ababhuli ukuba bahlanye, . . . ogcwalisa izwi lenceku yakhe, afeze, ukululekana kwezithunywa zakhe.”—Isaya 44:25, 26.
Ngoba uNkulunkulu ‘ugcwalisa izwi lenceku yakhe,’ imiBhalo iye yabikezela ngokuqondile ukuba khona kwemibuso yezwe, kanye nezehlakalo eziholela ekumisweni kwayo. Isibonelo esivelele salokhu sitholakala esahlukweni sesi-2 sencwadi yeBhayibheli kaDaniyeli. Lapha iNkosi uNebukadinesari yaseBabiloni iphazamiswe kakhulu iphupho engasakwazi ukulikhumbula. Ikhungathekile. Akukho noyedwa kubaprofethi bayo bamaKaledi ongalandisa iphupho, kungasakhulunywa ngencazelo yalo. Badideke ngokuphelele. UDaniyeli, njengomprofethi kaJehova, wembula kokubili iphupho nencazelo yalo njengoba inkosi ilalele ngokumangala. UDaniyeli uthi:
“Imfihlakalo eyibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola, bangebonise yona inkosi. Kepha kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba-khona ngezinsuku ezizayo.”—Daniyeli 2:27, 28.
Ngokulandelayo uDaniyeli uqokomisa ukuphakama nokuwa kwezizwe ezinamandla kwesikhathi esizayo. Isithombe esinjengendoda ephusheni lenkosi simelele ukulandelana kwemibuso yezwe, kuhlanganise nowaseBabiloni (ikhanda legolide), owamaMede namaPeresiya (isifuba nezingalo zesiliva), owamaGreki (isisu namathanga ethusi), owamaRoma (imilenze yensimbi), olandelwa uMbuso Wezwe wamaNgisi NamaMelika onezinhlangano ezidumile zendlovula phakathi kokubusa nesikhundla sawo sethonya (izinyawo zensimbi nebumba). Ekugcineni, ukubusa kwabantu kuthathelwa isikhundla ukubusa kwaphezulu njengoba isithombe esiphelele sicoliswa uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini (itshe).—Daniyeli 2:36-45; bheka futhi uDaniyeli 8:19-25.
Ukubonisa ukunemba okuningiliziwe kwesiprofetho seBhayibheli ngokwengeziwe, cabangela lesibonelo: Ake sithi umuntu odumile uyavelela kubantu namuhla futhi ubikezela izehlakalo ezingaphambili ngeminyaka engama-200, zonyaka ka-2184. Isiprofetho siqukethe:
▪ Impi enkulu yezikhali: Izizwe ezihilelekile zisazoba imibuso yezwe ephikisanayo, futhi imiphumela iyoguqula umlando.
▪ Wona kanye amasu ezempi asetshenziswayo: Isenzo esesabekayo sobunjiniyela sokuphendula inkambo yomfula omkhulu.
▪ Igama lonqobayo: Igama lakhe linikezwa kusasele iminyaka engaba ngama-200 ngaphambi kokunqoba neminyaka eyi-130 ngaphambi kokuzalwa kwakhe.
▪ Umphumela: Indawo ngokomhlaba nomphumela wokugcina wonqotshwayo.
Uma konke lokhu kubikezela kuba iqiniso, bekungeke yini okungenani kubangele abantu ukuba bacabangele ezinye izinto lomuntu aye wazisho ngekusasa?
Lokhu esisanda kukuchaza eqinisweni kwenzeka ngokwemininingwane ngokuphathelene nokugumbuqelwa kweBabiloni ngamaMede namaPeresiya. Iminyaka engama-200 ngaphambi kokuba lesisehlakalo senzeke, umprofethi weBhayibheli uIsaya wabikezela:
▪ Impi enkulu yezikhali: phakathi kweMede—Peresiya neBabiloni.—Isaya 13:17, 19.
▪ Wona kanye amasu ezempi asetshenziswayo: Ukomisa umfula oyisivikelo; ukungena edolobheni elivikelwe ngamasango avuliwe.—Isaya 44:27–45:2.
▪ Igama lonqobayo: UKoresi wasePeresiya.—Isaya 45:1.
▪ Umphumela: IBabiloni ngokuhamba kwesikhathi laliyoba incithakalo ephelele.—Isaya 13:17-22.
Njengoba zonke lezizibikezelo zagcwaliseka, ingabe uyocabangela ezinye iziprofetho zeBhayibheli ukuthi zinokwethenjelwa nazo?
Kuneziningi ezinye iziprofetho zeBhayibheli eziye zagcwaliseka ngokwemininingwane.a Ngokwesibonelo, uJesu kwakumelwe agcwalise eziningi iziprofetho ukuze afaneleke njengoMesiya—futhi wazigcwalisa. Incwadi Archaeology and Bible History, kaProfessor J. P. Free, isho lokhu ngoJesu Kristu: “Amathuba azo zonke leziziprofetho ezigcwaliseka endodeni eyodwa avelele ngokusobala kangangokuthi kuboniswe ngokumangalisayo ukuthi bezingenakuba ukuqagela okuhlakaniphile komuntu nje.” Ngokuqinisekile-ke, ngokuphathelene noJesu uMesiya, uJehova walibikezela ikusasa. Kodwa, ingabe iziprofetho zeBhayibheli zingasisiza khona manje?
Isiprofetho Nesikhathi Samanje
Ngaphandle kokusisiza ukuba siqonde isikhathi esizayo, isiprofetho seBhayibheli sisiza ukuba sibhekane nesikhathi samanje. Kanjani? Nokho, iziprofetho zeBhayibheli zesikhathi esidlule esingaqonda ngazo isikhathi samanje. Futhi ukuqonda isizathu sokuba kwezimo zezwe ngendlela ezingayo kuyisinyathelo esikhulu ekubhekaneni nazo.
Eminyakeni engamakhulu ayishumi nesishiyagalolunye edlule, iBhayibheli labikezela izehlakalo nezimo zezwe eziye zabonakala kulelikhulu leminyaka. Isizukulwane sonyaka ka-1914 besibona izehlakalo ezinjalo njengempi yembulunga, ukuzamazama komhlaba okuningi, ukuswelakala kokudla okusakazeke kabanzi, isibhadalala sezifo, ukwanda kokungabinamthetho nokwesaba okukhulu. (Luka 21:10, 11) Ngaphezu kwalokho, ukuphelelwa “uthando” nokuba khona kwalabo “abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu” kuthuthukisa ukwanda kokuziphatha okubi kobulili, izifo zokubhajwa, ukukhishwa kwezisu nokunqamuka kwemishado.—2 Thimothewu 3:1-5.
IBhayibheli alibikezeli nje kuphela lezizinto zosuku lwethu kepha futhi linikeza ikhambi.—UMbuso kaJehova.
Isiprofetho seBhayibheli, njengokukhanya okuqondisa izindiza esiqongweni, singasiholela ekusaseni elingcono uma siqaphela uphawu lwaso. Umphostoli uPetru weluleka: “Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu, enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama.” (2 Petru 1:19) Ingabe uyosihlolisisa isiprofetho seBhayibheli? OFakazi BakaJehova bazimisele ukusiza. Uma ‘uqaphela’ isiprofetho seBhayibheli, ikusasa lakho lingaba elinezinzuzo zaphakade.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwaziswa okwengeziwe bheka incwadi Ingabe IBhayibheli ngempela liyizwi likankulunkulu na? eyakhishwa iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 5]
KUSUKA KULOKHU . . . KUYA KULOKHU
“Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 46:9
[Isithombe ekhasini 6]
KUSUKA KULOKHU . . . KUYA KULOKHU
“Kepha ababi bayakunqunywa.” “Olungileyo uyakuqhakaza.”—IzAga 2:22; IHubo 72:7
[Isithombe ekhasini 7]
KUSUKA KULOKHU . . . KUYA KULOKHU
“INkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.”—Isaya 25:8.