Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 5/1 kk. 3-6
  • ‘Omncane Uye Waba Inkulungwane’ EItaly

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Omncane Uye Waba Inkulungwane’ EItaly
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izihlokwana
  • Ukwanda Egatsheni
  • Izakhiwo Ezintsha
  • Umzamo Ohlangene
  • Ukuvulwa Nokunikezelwa
  • Ukwanda Okwengeziwe
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 5/1 kk. 3-6

‘Omncane Uye Waba Inkulungwane’ EItaly

“OMNCANE uyakuba-yinkulungwane, ophansi abe-yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”—Isaya 60:22.

OFakazi BakaJehova eItaly baye baba “yinkulungwane” ngempela eminyakeni edlule kusukela ngeMpi Yezwe II. Njengenhlangano yenkolo engeyesibili ngobukhulu namuhla eItaly lobuKatolika, inani loFakazi lapho liye laphindwaphindwa ngaphezu kwenkulungwane kulesosikhathi—kusukela kwabangama-95 ngo-1946 kuya ngaphezu kwezi-100 000 manje.

Udumo ngalokhu kwanda okumangalisayo ngokusobala luya kuJehova. Okubangela lokhu futhi imizamo yoFakazi abangamaNtaliyane abakhutheleyo, ukubekezela kwabo ngokwethembeka ezikhathini ezinzima nokuzimisela kwabo ukusebenzisa isikhathi sabo, amandla nezinto ezibonakalayo enkonzweni kaJehova. Ukuze kubhekwane nakho konke lokhu, nokulungiselela ukuqondiswa okudingekayo nokusekela, ihhovisi legatsha leWatch Tower Society eItaly liye futhi landiswa eminyakeni edlule.

Ukwanda Egatsheni

Ihhovisi lokuqala ngqá legatsha eItaly lasungulwa eMilan ngo-1946. Ngemva kweminyaka emibili lagudlulelwa endlini encane eyayithengwe yiNhlangano eRoma. Ngo-1972 inani loFakazi eItaly lakhula lafika ezi-25 000. Ngakho-ke ngalowonyaka, endaweni eyayitholakale ngasenyakatho yomncele waseRoma, iNhlangano yakha isakhiwo esaba yigatsha elisha nekhaya laseBethel.

Eminyakeni emine nje ngemva kokuthuthela kulesosakhiwo, inani labamemezeli boMbuso eItaly lakhula lafika ezi-60 000. Kwaphinda futhi kwadingeka ukuba kukhuliswe izakhiwo zegatsha. Nokho, ukuthola imvume yokwakha kwabonakala kubambelela. Ekugcineni, ngo-1978 kwaqaliswa umsebenzi wesakhiwo sepulazi futhi waphela ngo-1980. Ekwindla ka-1979, kwaqala ukwakhiwa kwesakhiwo esisha sekhaya laseBethel nendawo yokunyathelisa.

Izakhiwo Ezintsha

Isakhiwo sekhaya laseBethel siyisakhiwo esinezitezi ezine nendawo engaphansi komhlabathi. Ngaphezu kwalendawo kunendlu yokuhlala enethezekile efakwe izimabuli phansi futhi udonga luhlotshiswe ngamapulangwe omnqumo. Kukhona futhi indlu yokudlela nekhishi elinakho konke okudingekayo. Indlu yokudlela ingangena abantu abangama-200. Izindonga zayo zihlotshiswe ngezithombe ezinhle ezenziwe odongeni zokuma kwamazwe. IHholo LoMbuso elinezihlalo ezingama-350 lisesitezi sokuqala. Umtapo wezincwadi usesitezi sesibili. Endaweni engaphansi komhlabathi kuneshabhu likagesi, ishabhu lemishini nendawo ethile yokugcina izimpahla.

Isakhiwo sisonke sinamakamelo angama-70 anethezekile, ngalinye linendawo yokugezela novulanda. Sekuhlanganisa namakamelo esakhiwo esikhona, manje kunendawo yabantu abayi-170, okwamanje enabantu abahlezi ngokunethezeka abayi-158 abangamalungu omkhaya waseBethel.

Isakhiwo sefektri sikhanga ngokukhethekile futhi sishaya umoya, ngenxa yamafasitela aso amakhulu. Sithatha indawo engaphezulu nengaphansi komhlabathi, ngayinye elinganiselwa kumamitha skwele ayi-1 161. Kuye kwafakwa imishini emikhulu yokunyathelisa emithathu ethiwa ngama-M.A.N. Emibili yalena, kanye nomshini ohlanganisa izincwadi ozishintshayo, kufakwe muva.

Inyanga ngayinye lendawo yokunyathelisa ikhipha omagazini INqabayokulinda nePhaphama! abayizi-2 300 000. Lokhu ngempela kuyintuthuko, uma sicabangela ukuthi ngo-1946 abamemezeli boMbuso abayi-95 basakaza nje labomagazini abangama-268 eItaly. Lesisakhiwo futhi sikwazi ukukhiqiza izincwadi eziyizi-60 000 ngesonto.

Isakhiwo sepulazi siseduze komgwaqo onamathunzi ongamamitha angamakhulu ambalwa ukusuka ezakhiweni ezintsha. Selilonke ipulazi liyindawo engamahektare angama-50 futhi likhiqiza inyama, amaqanda, ubisi, imifino nezithelo okusetshenziswa umkhaya waseBethel. Ngalendlela ukudla okwakhayo kulungiselelwa ngezindleko eziphansi kakhulu. Zonke izakhiwo zifakwe izinto ezithile ophahleni zokushisisa amanzi ngemisebe yelanga.

Umzamo Ohlangene

Umsebenzi wokwakha uvamile kulezinsuku. Kodwa yini eyayihlukile ngokwakhiwa kwalelikhaya elisha leBethel nendawo yokunyathelisa? Wonke umsebenzi wawenziwa cishe oFakazi abayinkulungwane ababezinikele. Ababazayo, abadwebi, izisebenzi, omeselandi, abasebenza ngogesi, omapendane, abasebenza ngamapayipi nabanye babevela kulo lonke elaseItaly, kuhlanganise iSicily neSardinia. Izazi zomsebenzi nabaqondisi beza futhi benza umsebenzi wezandla onzima. Ababazi abathathu—uyise namadodana akhe amabili—babeza futhi basebenze izikhathi eziningana, ngisho nakuba babelahlekelwe kakhulu muva nje ngokwezimali ngenxa yokusha kweshabhu labo. Omunye umzalwane osebenza endaweni yokwakha wayehamba amakhilomitha acishe abe yikhulu impela-sonto ngayinye izinyanga eziningana ukuze abe nesikhathi esithile nomkhaya wakhe.

Abazalwane abaningi bashiya amakhaya abo nomsebenzi, noma bathatha iholide labo lonyaka ukuze bazosebenza isikhathi esijana. Udumo olukhulu kumelwe luye emikhayeni eyasala ngenxa yokuzinikela eyakwenza ukuze yenze elinye ilungu lomkhaya lizosebenza kulomsebenzi okhethekile.

Ngenxa yokuthi abazalwane abaningi babengahlala isikhathi esilinganiselwe kuphela kwakwenza ukuba iqembu lezisebenzi lishintshe cishe isonto ngalinye. Lokhu kwakuyinselele ngempela kubazalwane abaqondisa umsebenzi. Kodwa wonke umuntu wayekulungele ukuzivumelanisa nokulandela iziyalezo ezinikezwayo. Ukuzimisela kwabo ukubambisana ngempela kwakuwukubonakaliswa ‘kwezithelo zomoya.’—Galathiya 5:22, 23.

Abazalwane abaningi banikela ngokwenza ukuba amabhizinisi abo amancane asetshenziselwe injongo yeNhlangano. Ngokwesibonelo, enye ifemu yabazalwane yenza iminyango engama-300 yesakhiwo sekhaya leBethel elisha. Labo ababengenakukwazi ukuzosebenza banikela ngemali, izinto ezibonakalayo namathuluzi. Ngisho nabantwana babezimisele ukusiza. Umntwana othile osemncane wanikela ngemali yakhe ayeyilondoloze iminyaka emihlanu—yonke imali yakhe esebhokisini.

Ecabanga ngomoya omuhle wezisebenzi zokuzithandela, omunye umphathi womsebenzi wathi: “Kwakukhuthaza futhi kuthinta inhliziyo lapho sekuyisikhathi sokuthi hambani kahle kulabazalwane. Basibonga ngelungelo lokunikela emsebenzini wabo ekuthuthukiseni ukukhulekela okumsulwa.” Maqondana nalokhu, umqondisi weKomiti Yegatsha wathi: “Lesisakhiwo asimiswanga umzamo womuntu oyedwa noma iqembu labantu. Siye sakhiwa ngenxa yomzamo obumbene wabo bonke abantu bakaNkulunkulu eItaly. Siwubufakazi besibusiso sikaJehova.”

Ukuvulwa Nokunikezelwa

Ukuphela kwezakhiwo zegatsha elisha kwaletha injabulo enkulu kubazalwane. Yeka ukuthi lokhu kwaboniswa kahle kanjani emkhosini okhethekile—wokuvulwa nokunikezelwa kwezakhiwo ezintsha kuJehova! Lokhu kwenziwa ngoApril 24, 1982. Kodwa inani elikhudlwana loFakazi BakaJehova lalingahlanganyela kanjani kulenjabulo yalesisenzakalo esikhuthazayo? Ukuze lokhu kube nokwenzeka, isimiso esikhethekile eHholo LoMbuso esakhiweni esisha sadluliselwa ngocingo ezindaweni zokuhlangana eRoma, eNovara, eAscoli Piceno, eNaples, eSyracuse naseCagliari.

Usuku olwalumisiwe lwaba nomoya, kubanda futhi lina. Naphezu kwalokhu futhi nakuba amaqembu amaningi ahlanganyela ezinkundleni zemidlalo ezivulekile, isixuku esinentshiseko sabayizi-27 372 sajabulela lesisimiso. Maqondana nalabo ababehlangene eNovara, iCorriere della Sera yabika:

“Layithela imvula emigwaqweni ebandayo neshanelwe umoya. Abantu abaningi babevaleleke emakhaya abo noma emabhaleni, ngaphandle kwabo [oFakazi BakaJehova]. Babesuka eTrieste, eGorizia, eVerona naseAlessandria ngesitimela, ngamabhasi nangezimoto ezincane. Abantwana babesongwe ngezinto zokusetshenziswa eqhweni, izalukazi zazizigqishe ngezinofonofo kuhle kukamatilasi, imibhangqwana esikhulile izisithe ngezingubo njengoba yayihlezi emphemeni omncane wezibukeli enkundleni. . . . Kwakungekho noluncane uphawu lwesiphithiphithi, ukukhononda noma ukungabekezeli.”

Isiteshi sethelevishini yezakhamuzi zalelizwe sahlanganisa lesisenzakalo ezindabeni zakusihlwa. Sahlanganisa izingxenye ezithile zomhlangano futhi sabonisa izakhiwo ezintsha zegatsha.

Owayekhona emhlanganweni egatsheni ngokwalo kwakungu-M. G. Henschel, isikhulumi esiqavile nelungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Ababekhona futhi kwakuyizithunywa zevangeli ezase zikhonze eItaly iminyaka engaphezu kwama-30. Kwakukhona futhi namalungu omkhaya waseBethel, amanye ayesekhonze egatsheni iminyaka engaphezu kwama-35.

Ekuvuleni inkulumo yakhe yokunikezela, uMzalwane uHenschel wacaphuna lamazwi: “Omncane uyakuba-yinkulungwane.” Lamazwi abuyisa izinkumbulo ezikhethekile kwabadala enhlanganweni. Kodwa futhi avusa kubo bonke ababekhona ukubonga okuqotho kuJehova uNkulunkulu, ngempela oye, ‘wakusheshisa ngesikhathi sakho.’—Isaya 60:22.

Ukwanda Okwengeziwe

Nakuba “omncane” eItaly kakade eye waba “yinkulungwane,” kusobala ukuthi kusenomsebenzi omningi oFakazi BakaJehova okumelwe bawenze lapho. Ngalezizakhiwo zegatsha ezintsha nezandisiwe, bazizwa bewuhlomele kangcono umsebenzi ongaphambili. Babheke ngokuqinisekile kuJehova ukuba abanikeze ukwanda.

Ngempela, uJehova uye waqhubeka andisa. NgoMarch odlule abantu abayizi-233 042—abangaphezu kwenani labamemezeli boMbuso ngokuphindwe kabili eItaly—baba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu Kristu. Abazalwane bayajabula ngokuthi banelungelo lokusiza labantu abathakazelayo ukuba bathuthuke ngokomoya. Abaningi babo baye basabela ngokujabulisayo. NgoMay 1983 inani elisha eliphakeme labantu abayizi-105 463 bahlanganyela ekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso ensimini yaseItaly.

OFakazi BakaJehova eItaly banomuzwa wokuthi uNkulunkulu ngempela uye wenza ukuba “umusa [wakhe] wonke uvame” kubo. Naphezu kokwanda ngokwamanani, baye bajabulela inala yezibusiso ezingokomoya. Bayabonga ngokuphana kukaJehova, futhi kuyisinqumo sabo ukuqhubeka betshala ngamandla engeziwe eminyakeni ezayo.—2 Korinte 9:8-10.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela