Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 4/15 k. 32
  • Iwusizo Ekuthuthukeni Ngokomoya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iwusizo Ekuthuthukeni Ngokomoya
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 4/15 k. 32

Iwusizo Ekuthuthukeni Ngokomoya

Kwakwenziwa imizamo yokusiza owesifazane ongumShayina ohlala eNgilandi, kodwa osazi kancane isiNgisi, ukuba afunde izimfundiso zeBhayibheli. “Ngangingayitholi intuthuko,” kubika owayemfundisa. “Khona-ke umngane walentokazi eAustralia wayithumelela inguqulo yesiShayina yeNcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Owesifazane manje ulangazelela ukuba khona emihlanganweni yethu nokutadisha ngokwengeziwe. Futhi uziqonda kangcono izinto ngenxa yamaqiniso abekwe ngendlela elula kulencwadi. Ngijabula kakhulu! Ngalencwadi kwenzeka isinyathelo esikhulu sokuthuthuka ngaphandle komzamo wami.”

INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli inezindaba zeBhayibheli eziyi-116 ezinikeza umfundi umqondo walokho iBhayibheli elikhuluma ngakho. Inyatheliswa ngezilimi ezingaphezu kwama-50. Ungazitholela lencwadi ebalulekile enamakhasi angama-256 ngokugcwalisa nokuthumela ikhuphoni elingezansi.

Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, engithumela u-R3 wayo. Uma ufuna incwadi ngolimi olwaziwa kabanzi ngaphandle kwesiNgisi, siza ulubhale lapha ‐‐‐‐‐‐.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela