IArmagedoni—Isandulela SePharadesi!
ISRAYELI. Lelogama lithintwa njalo ezindabeni zenkolo lapho kuxoxwa ngempi enkulu kaNkulunkulu. Khona-ke, akumangalisi ukuthi amehlo abaningi abheke eMpumalanga ePhakathi! Nokho, umphostoli uPawulu, ongumHeberu wokuzalwa, wabhala: “Ngokuba asibo bonke abavela kuIsrayeli abangabakwaIsrayeli. . . . Lokhu kungukuthi akusibo abantwana benyama [amaJuda emvelo] abangabantwana bakaNkulunkulu.” Isizwe samaJuda salahlekelwa ilungelo lokuba ngu“Israyeli” kaNkulunkulu ngokunqaba uJesu Kristu njengoMesiya. (Roma 9:6-8; Mathewu 21:43) Ngenxa yalokho, umprofethi ongumHeberu uMose wayexwayise ngokuthi kwakuyoba nemiphumela esabekayo uma uIsrayeli wemvelo wayeqhubeka elandelela inkambo yokungamlaleli uJehova uNkulunkulu.—Duteronomi 28:58-68.
Khona-ke, ngubani obumba “uIsrayeli” uPawulu abhekisela kuye? Yena ngokwakhe wachaza: “UmJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo, ngomoya kungengegama.” (Roma 2:28, 29) Iziprofetho zeArmagedoni azisebenzi ngokuyinhloko endaweni ethile eseMpumalanga ephakathi, kodwa esimweni somhlaba wonke.
Indlela Eya EArmagedoni
Izimpi zezwe, ukuzamazama komhlaba, ukuntuleka kokudla, ukwanda kokungabi namthetho—uJesu wabonisa ukuthi izimo ezinjena zaziyokuba “isibonakaliso” “sokuza” kwakhe okungabonakali “nesokuphela kwezwe.” Njengoba kuye kwaboniswa kaningi ngokomBhalo kulomagazini, besilokhu siphila ezinsukwini zokugcina zalesi simiso kusukela onyakeni ongumvuthwandaba u-1914. Ubufakazi obengeziwe balokhu buwukugcwaliseka kwamazwi kaJesu osukwini lwanamuhla: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kubengubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:3-14) Amalungu “kaIsrayeli kaNkulunkulu” wangempela aye ahola kulomsebenzi wokushumayela emazweni angama-205. Khona-ke, “ukuphela,” kumelwe kube seduze kakhulu.
Nokho, “ukuphela” kufika kanjani? Umbono ophelele kahle ungahlanganiswa ngezingxenye zesiprofetho ezisakazeke kulo lonke iBhayibheli.
Ngokwesibonelo: Njengoba uDaniyeli aprofetha, “inkosi yasenyakatho” yobukhomanisi “nenkosi yaseningizimu” ephikisana nayo engebona ubuKhomanisi manje asembangweni wokubusa izwe. Yini eyolandela? UDaniyeli wabona kusengaphambili ukuthi “inkosi yasenyakatho” yobukhomanisi yayizothatha ngenkani ukuphatha phezu kwayo yonke imithombo ebalulekile yengcebo, efanekiselwa “igolide,” “isiliva” nakho “konke okuthandiweyo.”—Daniyeli 11:40-43.a
Noma kunjalo, abaholi bezwe ngandlela-thile bayofinyelela isivumelwano. Bayomemezela, “Ukuthula nokuhlala kahle!” (1 Thesalonika 5:1-3) Nokho, ukulondeka okuyoba umphumela, kuyoshabalala ngokushesha. Abaholi bezombangazwe bekhathele ukuphazamisa kwenkolo yezwe, bayohlangana ukuba bayichithe—ngokushesha, ngokuphelele. Kodwa uJehova uNkulunkulu ngokwakhe onakekela ukuba lengxenye yenhlangano kaSathane esoleka ngokukhethekile, inkolo yamanga, ibhujiswe.—IsAmbulo 17:1-18.
Nokho, “uIsrayeli” wangempela, uyosinda, nakuba kungeke kube ngokususwa emhlabeni ngokuhlwithwa, njengoba abanye abashumayeli banamuhla besho. Umprofethi uHezekeli ubonisa lokho okuyokwenzeka, okokuqala ecaphuna uSathane (lapha othiwa uGogi) ethi: “Ngiye kwabazinzileyo [abantu bakaJehova] abahlala belondekile.” Eshukunyiswa inzondo yakhe enkulu “ngowesifazane” kaNkulunkulu, uSathane uyowahlasela amaKristu eqiniso. (Hezekeli 38:2, 11, 12) Ukungqubuzana, okwaprofethwa eminyakeni engamakhulu edlule, kuyobe sekuzofinyelela umvuthwandaba wakho.
Esabela ekuhlaseleni kukaGogi, uJehova uyovikela abantu baKhe. Bayolondolozwa, ukuze kungcweliswe igama likaNkulunkulu elingcwele. Futhi lokho kuyokwenzeka ngoba uJehova ngokwakhe oyobe eletha iArmagedoni.—Hezekeli 38:18-23.
‘Endaweni Ethiwa IHarmagedoni’
Encwadini yeBhayibheli yesAmbulo kwabikezelwa ukuthi “omoya bamademoni” “babezoya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.” Eqhutshwa iwawa eliphefumlelwe uSathane, ‘lamakhosi’ ayohlanganiselwa “endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni [“Intaba yaseMegido”].”—IsAmbulo 16:13-16.
Empeleni ayikho intaba enalelogama. Yiqiniso, ngezikhathi zeBhayibheli izimpi eziningi zazilwelwa eduze nomuzi othiwa iMegido. Kodwa kwakungekho-ntaba lapho futhi namanje ayikho—kunegquma nje kuphela. Futhi amabutho omhlaba wonke ayengenakucinanisana esiGodini saseJezriyeli, ngezansi kweMegido, njengoba abanye becabanga. Nakuba igama “Harmagedoni” ngokusobala livela kwelithi Megido, umqondo walo wangempela ukulokho okushiwo yileligama, okungukuthi, “intaba yomhlangano wamabutho.” Konke lokhu kubonisa ukuthi iArmagedoni akuyona indawo, kodwa kunalokho, isimo: ukuhlangana noma ukuhlelwa kwezwe ngokumelene noJehova uNkulunkulu nabantu bakhe.
Kulelizinga, uJehova ngokwakhe uzongenela empini. Izinhlangano zezombangazwe ziyobhujiswa ‘zisezwa,’ noma zisasebenza. (IsAmbulo 19:20) Ukwesaba kuyogqashuka lapho amandla ohulumeni evithika! Abakhileyo bomhlaba ngaleso sikhathi bayoba nokwesaba okungenakuchazwa njengoba uJehova ededela inqolobane yakhe yezikhali ezinamandla angenakulinganiswa. (Hezekeli 38:18-23; Zakariya 14:12, 13) “Ngalolosuku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba baze bafike komunye.”—Jeremiya 25:33.
UJesu Kristu, “inzalo” eyinhloko “yowesifazane” kaNkulunkulu, noma inhlangano yasezulwini, uyoholela amabutho ezingelosi ezilungileyo ekunqobeni. USathane uyohlulwa futhi aphonswe “kwalasha” avinjelwe iminyaka eyinkulungwane. (IsAmbulo 20:1-3) Futhi abantu bakaJehova bayobe bebone isivikelo saphezulu nokulondolozwa empini enkulu kaNkulunkulu.—Mathewu 24:21, 22, 37-39.
Ngemva Kwalokho—IPharadesi Elinokuthula!
Okuyosala ngokushesha ngemva kweArmagedoni ngokungangabazeki kuyoba imbulunga eyonakalisiwe. Umsebenzi wokubuyisela umhlaba esimweni sePharadesi uyobonakala umkhulu kakhulu. Kodwa lokhu kuyofezwa ngaphansi kokuqondisa kukahulumeni wasezulwini kaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi umhlaba wonke uyoba nobuhle bekhaya lokuqala lomuntu, insimu yase-Edeni, futhi abantu abalungileyo “bathokoze ngokuthula okukhulu” okuyogcwala kuyo yonke lembulunga yethu.—IHubo 37:11.
Ekugcineni, umhlaba uyoba iPharadesi nesintu sijabulela izibusiso eziningi ezingokomoya nezingokwenyama. Ingani, ‘itabemakele likaNkulunkulu liyoba kubantu’! Futhi njengoba abantu belandela ukuqondisa kukahulumeni wasezulwini, uNkulunkulu ‘uyosula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona.’ (IsAmbulo 21:1-4) Isimo sokuphelela okukhazimulayo siyoba sesikhundleni sezifo, ukudabuka ngisho nokufa.
Ingabe Indawo Yokulondeka?
Ukusinda eArmagedoni nokungena kulelo Pharadesi elinokuthula, khona-ke, kumelwe kube ukukhathalela okuyinhloko kuwe. Nokho ukulondeka ngeke kutholakale, phakathi kwamahlelo ezenkolo amaningi ezwe, kuhlanganise naweLobukholwa. Awavumelani namazwi kaJesu okuthi abalandeli bakhe “abasibo abezwe.” (Johane 17:16) Futhi awalishumayeli “ivangeli lombuso.” (Mathewu 24:14) Lezo okuthiwa izinkolo zobuKristu zihlukaniswe zaba amahlelo angamakhulu futhi azibonakalisi uthando uJesu athi lwaluyophawula abalandeli bakhe beqiniso.—Johane 13:35.
Ngakho, ikuphi indawo yokulondeka? ‘IkuIsrayeli kaNkulunkulu’ weqiniso. (Galathiya 6:16) LamaKristu agcotshiwe awahlakazekile aba amahlelo amaningi eLobukholwa kodwa ayingxenye yenhlangano eyodwa enobunye. Abahlangene nabalandeli bakaJesu abagcotshiwe abangaphezu kwezi-2 000 000 abanethemba lokusinda “osizini olukhulu.” (IsAmbulo 7:9, 14) Labadumisi bakaNkulunkulu abahlelekile “babiza igama likaJehova” futhi banethemba ‘lokukhululwa.’ (Joweli 2:32) Yebo, labo ‘abanguIsrayeli’ weqiniso ababizi nje kuphela igama laphezulu kodwa futhi babizwa ngalelogama njengo-Fakazi BakaJehova. Ngenjabulo bayokusiza ukuba ufunde okwengeziwe ngokulondolozwa empini enkulu kaNkulunkulu unethemba lokuphila okuphakade ePharadesi elinokuthula.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda kaJanuary 1, 1982, amakhasi 3-8.
[Izithombe ekhasini 6]
Isimemezelo “sokuthula nokulondeka!” siyokwandulela ukuhlaselwa okuqothulayo kwenkolo!
[Isithombe ekhasini 7]
IArmagedoni ayisiyo lendawo yaseMegido, kodwa isimo esingokomfanekiso sezwe