Onqenqemeni Lwe-Armagedoni
CISHE kungaba izinkulungwane ezine nengxenye zeminyaka, izinhlangano ezimbili ezinkulu ziye zaba sesikhathini sokungqubuzana. Umphumela wokugcina wokungqubuzana uyoholela izwe empini ebhubhisayo emlandweni. iBhayibheli liyibiza ngokuthi ‘ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ Kodwa, mhlawumbe, yaziwa kangcono ngegama elishayisa uvalo kakhulu—iArmagedoni.a—IsAmbulo 16:14, 16.
Lempi beyingaziwa ngalelogama ngaso sonke isikhathi. Kodwa lempi izohilela izinzalo ezimbili ezithintwe kuGenesise 3:15, lapho sifunda ukuthi: “[Mina Nkulunkulu] Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”
Kancane kancane, uJehova uNkulunkulu wembula ukuthi amandla oqobo ayengemva kwenyoka, leyo okungathi ayebhekiselwe kuyo lamazwi angenhla, kwakuyisidalwa somoya esingabonakali esabizwa ngokuthi “uMhlebi noSathane.” (IsAmbulo 12:9) “Inzalo” yakhe—kokubili eyasezulwini neyasemhlabeni—iyinhlangano enamandla ehambe izwe lonke ngokufa. (Johane 8:44; Efesu 6:12; Heberu 2:14) “Owesifazane” okunguyena uJehova uNkulunkulu abhekisela kuye inhlangano yakhe ethembekile yasezulwini efana nomfazi. (Galathiya 4:26) Naye, ngokufanayo, ‘unenzalo,’ noma abantwana, futhi baba yizisulu zokuzondwa inhlangano kaSathane uDeveli.
Okwenza Kudingeke Ukuba Impi Ifike
Ngokudukisa abazali bethu bokuqala ukuba bacabange ukuthi bangazibusa, uSathane waphazamisa iPharadesi elinokuthula umuntu ayehlala kulo. (Genesise 3:1-6) Wabonisa ukuthi uNkulunkulu wayengumbusi onobugovu nongafanelekile omithetho yakhe nezimiso kungadingeki futhi kuyizibopho zonya. UMbusi wendawo yonke wayengeke akubekezelela phakade ukunyundelwa kwegama lakhe nedumela. Ukwenza kwakhe kanjalo kwakuyomenza abonakale engenamandla, futhi ngokuhamba kwesikhathi umonakalo wawuyosakazeka nendawo yonke.
Ngakho-ke, ngenxa yakhe ngokwakhe uNkulunkulu kumelwe athathe isinyathelo, angavumeli igama lakhe ukuba lihlanjalazwe phakade noma ubukhosi bakhe bendawo yonke bungalwelwa. (Qhathanisa noIsaya 48:11, 12.) Ukunqoba inhlangano kaSathane eArmagedoni kuyosebenzela ukuhlanza igama likaNkulunkulu elingenakulinganiswa elithi Jehova. (IHubo 83:18) Futhi njengoba impi noSathane iyophumela futhi ekufeni okwesabekayo kwabantu, impi kaNkulunkulu iyobhubhisa inhlangano kaSathane yasemhlabeni, noma isimiso sezinto. Lokhu kuyoba “usizi olukhulu” uJesu alubikezela kuMathewu 24:21, 22 nalolo ‘abantu’ abathile abayosindiswa ngalo. Ukuzifaka komuntu engozini ngenxa yenkululeko kakade kuye kwaphumela ‘ekubhubhiseni’ umhlaba ngezimpi, ukungcola, nokufanayo. Kodwa iArmagedoni ‘iyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Ngokususa ababhubhisayo, uNkulunkulu uyovula indlela yePharadesi.
Nokho, impi kaNkulunkulu iyoba nini futhi kanjani? Abaningi bakholelwa ukuthi iyogqashuka eMpumalanga ephakathi, ikakhulu ngokubheka lokho okwenzeka lapho ngoMay 14, 1948. Ngalolosuku elakwaIsrayeli lazimemezela njengesizwe—ukubonakala kokunqoba kwabantu abaye bahlushwa ukuhlakazwa, ukushushiswa ngisho nokubhujiswa okuhleliwe amakhulu eminyaka. Futhi nakuba isisekelo salo sabonakala singaqinile okokuqala, lesizwe esincane siye sazabalaza iminyaka engaphezu kwamashumi amathathu eMpumalanga ePhakathi enezinkathazo. Ekuzalweni kwelakwaIsrayeli lanamuhla abaningi babona ukungenela kwesandla saphezulu nesibonakaliso esiqinisekile sokuthi iArmagedoni iseduze.
Yiqiniso, akuzona zonke izazi zenkolo ezinombono ofanayo. “Ngicabanga ukuthi kuwukuchitha isikhathi,” kusho omunye umfundisi waseHabe, “ukuzama ukuhlanganisa izibonakaliso nezehlakalo zanamuhla neziprofetho [zeBhayibheli] nokuzama ukuzihlanganisa nabantu abathile.” Nokho, izincwadi eziningi, nabashumayeli bamabhayisikobho nabe-TV bathuthukisa umbono owandile wokuthi iMpumalanga ePhakathi iyindawo yesikhathi esizayo yeArmagedoni.
Kodwa ingabe ngempela iArmagedoni iyokuba seMpumalanga ePhakathi? Eqinisweni, ‘lokulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ kuyokwenzeka kanjani? Yini eyoholela kukho? Umuntu angasinda kanjani eArmagedoni? Futhi yini eyolandela leyompi enkulu?
[Umbhalo waphansi]
a Igama lesiHeberu elithi “IHarmagedoni” empeleni libhekisele esimweni esingokomfanekiso sezwe lapho amabutho ebuthanele impi. Kodwa ngokuvamile, liye lasetshenziswa ekubhekiseleni empini ngokwayo.