Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 3/15 k. 8
  • Wasindiswa Ipheshana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wasindiswa Ipheshana
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 3/15 k. 8

Wasindiswa Ipheshana

“Ngase nginqume ukuthi namuhla ekuseni ngizozibulala,” kusho owesifazane kumngane wakhe ocingweni. Wathi wayezongena emotweni yakhe futhi ayishayele ukuba iwele ngalé kwebhuloho.

Lendaba yalandiswa umngane wakhe koFakazi BakaJehova ababili njengoba babemvakashele ngolunye usuku ekuseni. Eqhubeka, umngane wathi waqhubeka ebuza owesifazane ukuthi yini eyashintsha umqondo wakhe.

“Ngalungiselela futhi ngaphuma emnyango wami,” kuphendula owesifazane. “Kodwa njengoba ngangenza kanjalo, ngathola ipheshana elalikhuluma ngokuthi kukhona othile okhathalelayo, othile okuthandayo, libhekisela kuNkulunkulu.” Lelopheshana, lamvimba ukuba aqhubeke necebo lakhe. Kodwa lalivelaphi?

“Ipheshana lalishiywe ngomunye woFakazi BakaJehova,” kuchaza owesifazane. Lalisindise ukuphila kwakhe!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela