Linamandla Ngokwanele Ukuba Lishintshe Ukuphila
Izwi elinyathelisiwe lingaba nawo ngempela lawomandla; ikakhulukazi isigijimi esiseBhayibhelini siye sashintsha ukuphila kwabaningi. Khona-ke, yeka ukuthi ibaluleke kangakanani incwadi eyenza isigijimi seBhayibheli siqondakale kubo bonke! Incwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni yenza khona lokho, njengoba izincwadi enjengalena elandelayo ziphawula:
“Ngisho nangaphezu kokubekwa kwayo okuthandekayo nemifanekiso eminingi ngithanda nje ukusetshenziswa okunamandla kwemibhalo nemibuzo nendlela yayo ethinta umuntu siqu—okwenza umfundi abone zonke izinto maqondana nobuhlobo bakhe noJehova uNkulunkulu. Umehluko okhanya bhá ilungelo lokusiza abantu ukuba babone isidingo sokwenza izinqumo, yebo, ushintsho ezinkolelweni zabo, ukuziphatha, imibono nenkolo. Ngiyabonga ngencwadi entsha emangalisa kanjena.”
Kakade, esikhathini esingaphezu konyaka kancane, kwanyatheliswa lencwadi entsha ngezigidi ezingaphezu kweziyi-12 ngezilimi ezingaphezu kwama-30. Zitholele eyakho futhi uyobona ukuthi kungani ithandeka kangaka.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi angama-256 ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngifaka u-R3.