Kungani Kunokuzibulala Okuningi Kangaka?
UYISE kaBruce uye waba ngusomabhizinisi ophumelelayo kukho konke ukuphila kwakhe. Ngaphambili, umshado wakhe nonina kaBruce wawuye wahlukana futhi washada owesifazane osemusha. Kepha wayesabonisa isithakazelo ezinganeni zakhe, ngesinye isikhathi ezama ukuqalisa ibhizinisi nazo. Kwathi, lapho eseminyakeni yakhe yama-50, ukuphila kwakhe kwashintsha ngokumangalisayo. Enye yamabhizinisi akhe yahluleka, futhi ngokushesha wayesezikweletini ngokujulile. Waya esibhedlela izinsuku ezimbalwa kodwa akatshelanga muntu isizathu. Khona-ke, umkakhe osemusha wamshiya. Futhi wazibulala.
UBruce uyaphawula: “Ngifisa ngempela ukuthi ngabe ngenza okwengeziwe ukumsiza. Ukusimama nokuqalisa futhi ngokwezimali eminyakeni yakhe yamuva yobudala obuphakathi kumelwe ukuba kwabonakala nje kungaphezulu kakhulu. Nomcabango wokuguga, eyedwa futhi eqala ukuphila ngezinhlungu—wayengenakubona noma iyiphi inzuzo kukho konke.”
Ngokudabukisayo, lolusizi aluyona into engavamile namuhla. EUnited States kuphela, ukubala kwembula ukuthi ngonyaka owodwa nje abayizi-27 294 amadoda, abesifazane nabantwana bazibulala ngamabomu. Ngaphandle kwalokhu, abanye bathi ngomunye nomunye umzamo wokuzibulala ophumelelayo, okungenani abantu abayishumi bazama ukuzibulala futhi bahluleke.
Kodwa kulo lonke izwe, ngaphansi kwezimo ezicindezela kakhulu, abantu balwa kanzima ngokumelene nokufa. Abaphethwe yizifo ezibuhlungu, iziboshwa ezinezigwebo ezinde, abaphila ngobumpofu obunzima—ngokwengxenye enkulu bonke bashikashikela ukuhlala bephila. Kungani-ke, ukuthi, abanye abangase bangabi sesimweni esibi kanjalo ngokomzimba bezama ukuzibulala?
Lombuzo uba nzima ngokwengeziwe ukuwuphendula emazweni lapho abantu bezisholo ukuba amaKristu. IBhayibheli lifundisa ukuthi ukuphila kungcwele, isipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu. (IHubo 36:9) Ukufa kuyisitha, futhi uJehova uNkulunkulu, ngomzamo omkhulu nokuzidela, uye wasivulela ithuba lokuzuza ukuphila okuphakade. (Johane 3:16) Kodwa futhi nasemazweni abizwa ngokuthi awobuKristu inani labantu elandayo liyazibulala, noma lizama ukuzibulala. Ngani? Uhlobo olunjani lokucindezela olungenza impahla eyigugu kakhulu yomuntu—ukuphila kwakhe—ibe esinda kangangokuthi afune ukuyilahla?
Imizwa Ebulalayo
“Ukuzilahla amathambo . . . ukuphelelwa yithemba . . . ubuhlungu . . . ngangiqedwe amandla yikho konke.” Owesifazane owathatha ngamawala isilinganiso eseqile semilaliso uchaza kanjalo okwamqhubela ekuzameni ukuzibulala. Udokotela oye welapha iziguli zokuzibulala uyenezela: “Kaningi bazizwa bengenamvuzo, bengenalusizo noma bengenathemba. Futhi bangase babe nemizwa enamandla yecala.”
Ngakho-ke ezimweni eziningi abantu baqhutshelwa ekuzibulaleni imizwelo ephambene, ebulalayo engalawuleki. Kaningi isihluthulelo kulenkinga ukungabi-nathemba. Umuntu ozozibulala akakwazi ukubona noma yini ngaphambili. Akubonakali kunanoma yisiphi isizathu sokuqhubeka.
Yini ebangela ukuphelelwa yithemba okunje? Akungabazeki ukuthi abantu abaningi baqedwa amandla yizimo zabo, njengoba ayenjalo ubaba kaBruce. Elinye iqembu enanini labantu elibonakala linokulinyazwa yilokhu abagugile. UDr. Nathan S. Kline, umpetha olwazini lokucindezeleka, uyaphawula: “Ukuguga kubangela uhlobo olukhethekile lwesizungu, futhi izinga lokuzibulala likhuphuka ngokuqhubekayo nobudala.” (From Sad to Glad, nguNathan S. Kline) Kodwa kungase kube nezinye izimbangela.
Ukuphelelwa Yithemba, Umuzwa Wecala Nokucindezeleka
Ngokwesibonelo, icala lingaba umzwelo onzima ukuphila nawo. Lapho umuntu enze into ethile ephambene ngokungathi sína unembeza wakhe ungamhlupha, ikakhulukazi uma isono sakhe siye salimaza omunye. INkosi uDavide yesizwe sasendulo sakwaIsrayeli yachaza ukuthi umuzwa wecala wayithinta kanjani: “Akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami. Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda.”—IHubo 38:3, 4.
Imizwa yecala ngenxa kanembeza omubi iye yaholela abanye ukuba babe nomuzwa wokuthi abanalo ikusasa, ngakho-ke, banqume ukuzibulala. Kanjalo enye insizwa yahlobonga futhi yase izidubula. Yachaza encwadini yokuzibulala ukuthi yayingafuni ukuletha esinye isihlamba kwabanye.
Abanye bazizwa bengenathemba ngenxa yokuthi banovalo ngokomzwelo. Bangase bathintwe ngokwesikhathi sonke okuhlangenwe nakho okubi abangeke bakususe ngokuphelele ezingqondweni zabo. Omunye umuntu onjalo kwakungowesifazane omusha owoniwa uyise ngokobulili lapho eseyintombazane. Nakuba manje ayesemdala imizwa yakhe yecala nokungabi nakuhlonipheka okwakulethwa yilokhu okuhlangenwe nakho kwakunamandla kangangokuba wazama ukuzibulala.
Abanye bangazizwa bengenathemba ngenxa yokuphathwa ukucindezeleka okukhulu futhi abakwazi ukukholelwa ukuthi bazobangcono. Kunzima kulabo abangazange bahlangane nokucindezeleka okungathi sína ukuqaphela nje ukuthi kungokuchitha kangakanani. Akusona nje ‘isikhathi sokuba phansi.’ Lokho sonke sikuthola sikhathi sonke. Kunalokho, kuwusizi okujulile olungokomzwelo olulenga phezu kolumphethe ngokuqhubekayo noma enzani futhi noma eyaphi. Kulokho kubonakala kungekho kuphunyuka.
Akukhona okungavamile ngalabo abaphethwe yilokho kucindezeleka ukucabanga ngokuzibulala. Omunye owesifazane owaba nokuhlangenwe nakho kokucindezeleka okuchithayo wathi, ngalesosikhathi, kwakumelwe aqaphele. Lapho ayesabhava, umcabango wawufika kuye: “Kuyoshesha ukushutheka ikhanda lami ngaphansi kwalamanzi futhi kuyobe kuphele konke.” Noma kungenzeka ehamba emgwaqweni, abone imoto iza kuye futhi acabange: “Wo, bekungaba lula nje!”
Abantu abaphethwe ukucindezeleka nabo bangase babe nemizwa enamandla yecala. Ngani? Omunye owesifazane ongumKristu owayephethwe ukucindezeleka okukhulu wazizwa enecala ngenxa yokungasakwazi ukunakekela umkhaya wakhe njengoba ake enza futhi wacabanga ukuthi wayebanqabela ukwenza izinto ababefuna ukuzenza. Futhi waba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayethathe umoya wakhe kuye ngoba wayengenakho ukuthula kwengqondo noma injabulo. (Filipi 4:7; Galathiya 5:22) Kwakungomzamo omkhulu kuphela ukuthi wayekwazi ukukhuluma ngoJehova uNkulunkulu kanye. Abaningi banokuhlangenwe nakho okufanayo abanye baze bacabange ukuthi benze isono esingenakuthethelelwa.
Mhlawumbe akunzima ukuzwisisa ukuthi kungani abanye abanemizwa ephambene kanjalo bengazi noma kufanele yini baqhubeke bephila. Nokho, lezi akuzona kuphela izinto eziqhubela abantu ekuzameni ukuzibulala.
Ezinye Izizathu Zokuzibulala
Izazi zengqondo ezithile zikholelwa ukuthi eminye imizamo yokuzibulala iyimizamo yokuthola ukunakwa. Lowo ozozibulala ukhalela usizo, njengokungathi kunjalo kungenzeka ukuthi uzama ukujezisa othile—uhlobo olufanayo lokucabanga lolo abantwana abalubonisayo lapho bethi: “Uyozisola lapho sengifile!”
Ngezinye izikhathi, futhi, kunomuzwa wokuthi umuntu ozibulalalayo uzama ukuthonya labo abamzungezile. Ngokwesibonelo, intombazane eshiywa isoka layo ingase yenze umzamo wokuzibulala ongaqinisekile, inethemba lokuliphoqelela ukuba libuyele kuyo. Noma umzali osekhulile angase azame ukuzibulala ukuze azame ukuphoqelela abantwana bakhe asebekhulile ukuyeka ukungamnaki, futhi ukuba bachithe isikhathi esiningi naye.
Izibonelo ezinjalo zinikeza umqondo wohlobo lokucindezeleka okungase kuhileleke. Isimo senziwa sibe nzima ngokwengeziwe iqiniso lokuthi ogulayo ngokuvamile ugcina izinkinga zakhe kuye. Angase abonise ukubonakala okuzolile ngaphandle, kepha ngaphakathi eyaluza ngezimbandezeko. Ngaphansi kokucindezela okunjalo kuthatha kuphela isenzo esincane, ingcuphe, ukubangela umzamo wokuzibulala.
Kanjalo indoda ingase izame ukuzibulala emva kokulahlekelwa umsebenzi wayo. Noma oseve eshumini elinambili angase enze kanjalo emva kokubona imiphumela edabukisayo yokuhlolwa, ukufa kwesilwanyana esifuywayo, ukulahlekelwa isoka noma intombi, noma emva kokuzwa ukuthi uthisha othandekayo uyahamba. Zimane nje “ziwukukhathazeka okuncane,” okukhubazayo ukudumazeka okuqedelelayo ochungechungeni olude lokucindezeleka.
Owesifazane ondodakazi yakhe yazama ukuzibulala wayeshaqeke ngokuphelele lapho kwenzeka. Kodwa kamuva wafunda ngokucindezeleka okucashile okungaphatha abeve eshumini elinambili. Uthi: “Manje ngiyazi ukuthi okungakanani ukukhungatheka intombazane esentsha engaba nakho. Izinto zaziziningi kakhulu ukuba angazisingatha futhi ngangimatasa kakhulu ngezinye izinto ukuba ngimsize. Manje ngizama ukumazi kangcono, ukukhuluma naye ngokwengeziwe, ukuba seduze naye. Futhi kuyaphumelela. Indodakazi yami manje ihleka futhi yenze amahlaya nami njengoba nje yayenza ngaphambi kokuba kwenzeke konke.”
Indlela Yokuphunyuka
Ukuzibullala akulungile neze. Kodwa kulabo abagulayo ngokomzwelo, ngezinye izikhathi kungase kubonakale kulinga, njengendlela esheshayo yokuphelisa ubuhlungu. Nokho, uJehova, lowo oZwi lakhe lisitshela ukuthi ukuphila kungcwele, unikeza usizo kulabo abangaphansi kokucindezela okunjalo. IBhayibheli liyathembisa: ‘Akayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu.’ Lowombhalo ukhuluma ngokuyenga ‘kokubi,’ njengokukhonza izithombe nokungcola. (1 Korinte 10:6, 13) Akukho lutho, nokho, olubi ukwedlula ukuzibulala. Ngakho-ke, ikhona futhi indlela yokuphunyuka ngalabo abalingwa yikho. uJehova uye walungiselela usizo kokubili ngeZwi lakhe iBhayibheli, nangebandla lobuKristu.
[Ibhokisi ekhasini 5]
Ingabe Omunye Uzibulele?
Khona-ke abaseleyo badinga ukusekelwa okukhulu. Ngokunokwenzeka besangene, benecala, futhi bayomangala ngokuthi yini abebemelwe ukuyenza ukuvimbela lolosizi. Badinga ukusizwa ukuba baqaphele ukuthi ngokunokwenzeka akukho lutho obelungenziwa uma isisulu kade sizimisele ngempela ukuqhubeka nokuqeda ukuphila kwaso.
Ngokufanayo, akunanzuzo ukucabanga ngekusasa umuntu ozibulele analo. NguJehova kuphela kanye nomaHluleli wakhe omisiwe, uJesu Kristu, abangasho ukuthi yini eyayisenhliziyweni yomuntu ozibulele. Into ebalulekile ukukhohlwa lolosizi futhi ushiyele lowo ofile kuJehova, “uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke.”—2 Korinte 1:3.