Ithemba Ngabadumele
“KONKE okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe-nethemba.” (Roma 15:4) Lamazwi omphostoli uPawulu afika engqondweni lapho sizwa ukuthi inkinga enkulu yabantu abazibulalayo ukudumala, ukuntula ithemba. Ingabe ‘induduzo yemiBhalo’ ayikususi yini lokho kudumala? Ezimweni ezingenakubalwa, yebo. Ngokwesibonelo, cabangela:
Omunye owesifazane osemusha eqinisweni wayesevulele igesi ukuze azibulale lapho omunye woFakazi BakaJehova engqongqoza emnyango wakhe futhi wamnikeza ithemba elisha leBhayibheli.
Enye intombazane, amathemba ayo ngekusasa aphela lapho ixhwala engozini yemoto, yenza imizamo eminingana yokuzibulala. Khona-ke oFakazi bakaJehova bayisiza ukuba ithole induduzo yemiBhalo, futhi yakwazi ukwethemba futhi.
Futhi, umfazi wendoda ethile owayesekhulile wafa ngaphambi nje kosuku lokukhunjulwa komnyaka wama-50 womshado wabo. Lendoda yayicindezeleke kakhulu futhi eqinisweni yayilungiselela ushevu eyayihlela ukuwudla lapho oFakazi bakaJehova befika ekhaya layo futhi bayibonisa indlela isigijimi seBhayibheli esingayinikeza ngayo injongo entsha ekuphileni.
Lababantu bafunda ‘ukulindela uJehova, [ukuba] baqine.’ (IHubo 27:14) Bafunda ukuncika kuye ukuze bathole amandla, ‘ukuphonsa phezu kukaJehova imithwalo yabo ozakubaphasa.’ (IHubo 55:22) Bafunda futhi ngezinjongo zikaJehova zekusasa, futhi njengoba lowomfanekiso omangalisayo wembuleka phambi kwabo, isimo sabo samanje sabonakala singabalulekanga, singathonyi. Yebo, kubona, ‘induduzo yemiBhalo’ yayingokwangempela okusindisa ukuphila.
Nokho, kuthiwani uma othile ephethwe imizwa enamandla yecala, noma entula injabulo, futhi ephetha ngokuthi “uNkulunkulu wethemba” kumelwe ukuba umlahlile? (Roma 15:13) Ingabe ikhona yini induduzo yemiBhalo ngomuntu onjalo? Yebo. “UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.” (IHubo 34:18) Ngokuqinisekile, akabashiyi.
Imizwa Yecala
Ngokwesibonelo, kuyezwakala uma othile owenze isono esingathi sína engake athi ukungabaza ngokuthi uNkulunkulu usayomxolela yini. Uma ukushaqeka kokuqaphela lokho okwenzekile kuzika, angase azizwe enjengomuntu omubi nongenamvuzo kakhulu emhlabeni. Kodwa nakuba uJehova esizonda isono unomusa ezonini ezidabuka ngeqiniso futhi ziyeke inkambo yazo embi. Abantu abanjalo uyabathethelela “kube-kukhulu.”—Isaya 55:7.
INkosi yasendulo uDavide yakwazi lokhu. Yabhala: “Ngokuba wena-Nkosi umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.” (IHubo 86:5) UDavide waphila impilo ende yokwethembeka, kodwa phakathi kwayo wenza izono ezithile ezingathi sína ngempela. Nokho, esimweni ngasinye, lapho evuleka umqondo futhi eqaphela ayekwenzile, waphenduka ngobuqotho futhi wasondela kuNkulunkulu ngomthandazo, eqiniseka ukuthi uNkulunkulu wayezomxolela.—IHubo 51:9-12.
Nakuba singeke sithande ukulingisa izono zeNkosi uDavide, uma senza isono, singalingisa ukuphenduka kwakhe, okujulile nokuqotho, sivume ngokukhululekile ukuthi esikwenzile bekungalungile, futhi sibe nokholo ekuzithandeleni kukaJehova ukusixolela.—1 Johane 2:1, 2.
Nokho, ingabe akubona yini ubufakazi bokuhoxiswa komoya kaNkulunkulu uma umKristu engenawo umuzwa wenjabulo noma wokuthula kwengqondo ngenxa yesizathu esithile? Hhayi ngokuyinhloko. Nakuba amaKristu engabantu abajabulayo, asengabuzwa ubuhlungu ngezinye izikhathi. Ngisho noJesu wabuzwa, njengasensimini yaseGetsemane ngaphambi nje kokuba afe. Umbhalo ogciniwe weBhayibheli uthi: “Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba-njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.” (Luka 22:44) Uke uzizwe yini unecala ngenxa yokuthi ngezinye izikhathi uzwa ubuhlungu benhliziyo ngenxa yezilingo ezihlukahlukene omelwe ubhekane nazo? Uma kunjalo, kumelwe ufune induduzo kuJehova, njengoba nje uJesu enza.
Kodwa akusikho yini ukukhohlakala ngomKristu ukufuna ukufa? Nokho, uyakhumbula yini ukuthi uJobe wazizwa kanjani lapho ayecindezelekile? Waphathwa isifo esibuhlungu, wayehlushwa abangane bakhe bamanga futhi wakholelwa ukuthi uJehova wayemlahlile. Ngakho-ke wabubula ngezwi elikhulu: “Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami.” (Jobe 10:1; 14:13) KuJobe, ukufa kwabonakala kuyintuba yokuphumula ezinhlungwini zakhe, kunokuba isitha okuyiso ngokweqiniso.—1 Korinte 15:26.
Ukuba uJobe waqhubekela phambili futhi wazama ekuhluphekeni kwakhe, ukuzibulala, lokho kwakuyoba isono esikhulu. Kodwa lapho umuntu edabuke kakhulu noma ephazamisekile ngokomzwelo, akakwazi njalo ukuvimba yonke imicabango efika engqondweni yakhe. Nokho, uma sizithola sizindla ngemicabango yokufa noma ngokuqhubekayo sifisa sengathi ngabe sifile, simelwe sikubheke lokhu njengesixwayiso. Isikhathi sokwenza okuthile ngokushesha. Yini?
‘Funa Usizo’
Owesifazene osemusha wabhekana nezinkinga zezimali nezomshado. Phakathi nobunye ubunzima, waphuza isilinganiso eseqile semilaliso, ngokujabulisayo asinda kuso. Ecabanga isizathu sokukwenza kwakhe, manje uthi: “Ngicabanga ukuthi inkinga iwukuthi angizange ngazise muntu indlela engangizizwa ngayo. Angiwuhlelanga lomzamo. Izinto zamane zakheka nje ngaphakathi kwaze kwaba yilapho ngenza lento ngamawala.” Sithini iseluleko sakhe? “Iya kwabanye uthole usizo ngaphambi kokufinyelela leloqophelo.”
Lesi iseluleko esihle. Ngezinye izikhathi lapho singaphansi kokucindezeleka okungokomzwelo imithwalo yethu ingase ibonakale isinda kakhulu ukuyithwala. Icala lethu, ukudabuka noma ukungabi nathemba kungase kusinde kakhulu. Kepha asilindelekile ukuthwala imithwalo yethu sisodwa. Ngokomphostoli uPawulu, uJehova uNkulunkulu uyayala: “Thwalisanani imithwalo yenu.” (Galathiya 6:2) Abanye bafuna ukusiza. Bangase babe nesibopho sokusiza. Kodwa kaningi abanakwazi ukuthi uludinga kangakanani usizo ngaphandle kokuthi ubatshele.
Intombazane esentsha, ebangane bayo abathathu bazibulala, yabuza idabukile: “Besingazi kanjani? . . . Besingaba kanjani lapho lapho besidinga uma singazange sazi indlela abebezizwa ngayo?” Kungase kube nzima ngokudabukisayo ukukhuluma nabanye ngezinkinga zakho. Kepha ungamangala indlela amazwi aphuma ngayo kalula emva kokuba isiqalo sesenziwe. Futhi qiniseka ukuthi abanye bayafuna ukusiza. Ake sibone ukuthi bangobani abanye balaba.
[Ibhokisi ekhasini 8]
Cabanga Ngabanye
Intombazane esentsha eyacabangela ukuzibulala yachaza okwayivimba ekuqhubekeni nakho: “Ubuhlungu, ukudabuka nomuzwa wecala yilokho abazibulalayo abakushiya ngemuva—okuchitha ngokwengeziwe nokuhlalayo kunezinkinga ezazibonakala zingenakubekezelelwa kubona.”—Mathewu 7:12.
[Ibhokisi ekhasini 8]
Izinto Zizoba Ngcono
“Akukho lutho kulelizwe oluhlala phakade . . . Siyazi ukuthi ukukhululeka kuseduze.” Lomcabango waholela othile ekunqabeni umqondo wokuzibulala.
[Ibhokisi ekhasini 9]
Ukushintsha Ingqondo
UDr. Herbert Hendin uthi eminyakeni eminingi edlule wazi abantu abane abagxuma ezakhiweni ezinde futhi basinda. Ababili babo bathi ngesikhathi bethi nje ukugxuma bafuna ukushintsha umqondo wabo.—Suicide in America, nguHerbert Hendin, M.D.