Kazi Kwenzekeni ‘Ekwaziseni Abazali Bakho’?
OMUNYE ubaba wathi maqondana namadodana akhe amabili: “Lapho ngiveza imibono yami benza sengathi bayayilalela. Kazi kwenzekeni ‘Ekwaziseni abazali bakho’?” Ngokufanayo, umphathi wezenhlalakahle yomkhaya waphawula: “Kulezinsuku, abantu abasha abamane nje baphendule abazali babo, ngokuvamile bayaleyisa igunya labo.”
Noma ungomusha noma ungomdala, kungenzeka uye waqaphela ukuthi abantu abaningi abasha namuhla ababalaleli futhi ababahloniphi abazali babo. Lena yindaba okumelwe uyikhathalele, noma ungomusha noma ungomdala. Kungani?
Kungoba ukungezwani komzali nomntwana okubonayo kuyingxenye yesimo, izinhlobonhlobo zezehlakalo, eziphawula lezikhathi njengezinsuku zokugcina. NgokweBhayibheli, isikhathi esibizwa ngokuthi “izinsuku zokugcina” singaphambi kokubhujiswa kokugcina kwesimiso sezinto somhlaba wonke. (2 Thimothewu 3:1) Nokho, kuzobakhona abasindayo abazojabulela ukuphila ngaphansi kukahulumeni woqobo wasezulwini.—Daniyeli 2:44; IsAmbulo 21:1-4.
Kodwa ukungalaleli abazali kufanelana kanjani nalokho iBhayibheli elikushoyo ngesikhathi sanamuhla nesizayo? Komagazini bangaphambili beNqabayokulinda siye sahlaziya isiprofetho sikaJesu Kristu kuMathewu 24, uLuka 21 noMarku 13. UJesu wabhekisela ezehlakalweni zomhlaba ezaziyophawula “ukuphela kwezwe”: izimpi, ukuzamazama komhlaba, nokungabi namthetho, ukubala ezimbalwa. Nokho, manje, sibhekisela encazelweni ehlobene yesiprofetho salesikhathi, etholakala ku-2 Thimothewu 3:1-5. Esikhundleni sokukhuluma ngamandla angaphezulu athonya isintu, iBhayibheli lapha liqokomisa imibono yabantu abahlangabezana nalezizenzakalo ezimangalisayo. Lithi:
“Yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, . . . Labo-ke wobagwema.”
Phawula ukuthi lamazwi omphostoli uPawulu akhulumela indlela izinsuku zokugcina ezizobathinta ngayo abantu. Phawula, futhi, ukuthi ‘ukungalaleli abazali’ kwakuzovelela phakathi nesikhathi esibucayi esibizwa ngokuthi izinsuku zokugcina.
Ingabe Kugcwaliseka Osukwini Lwethu?
‘Sazi kanjani ukuthi uPawulu wayengakhulumi ngezimo zosuku lwakhe kuphela?’ abanye bangase babuze. Ngenxa yokuthi walandelisa isiprofetho sakhe ngeseluleko kumKristu othiwa uThimothewu, abanye ngokuqondakalayo bayamangala noma ngempela uPawulu wayebhala ngosuku lwethu. (2 Thimothewu 3:5, 14, 15) Phawula, nokho, ukuthi uPawulu uthi “ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima.” Kumelwe ukuba wayebhekisela kokwakuzakuvela esikhathini esizayo. UThimothewu watshelwa ukuba ‘agweme’ abantu ababonakalisa izici ezingathandeki, njengoba abanye ebandleni kakade babenza njalo. Kodwa amazwi kaPawulu abonisa ukuthi esikhathini esizayo izinsuku zokugcina zazizoba zimbi kakhulu.—Qhathanisa nabe-2 Thesalonika 2:6-12; 3:6-14.
Nokho, kungenzeka uke wezwa ukuthi abanye abacwaningi bathi abasha namuhla babambisana ngokunengqondo nabazali babo. Ngokuka-2 Thimothewu 3:1-5, ungacabangani ngezinkulumo ezinjalo? Ngaphambi kokuba ufinyelele isiphetho, make sihlole isiprofetho sikaPawulu ngokwesizinda somlando weBhayibheli.
“Yazisa Uyihlo Nonyoko”
Washo kanjalo owesihlanu kweyiShumi Imithetho. (Eksodusi 20:12) Lamazwi agxiliswa ezingqondweni zentsha engamaJuda. (Duteronomi 5:16, 6:6, 7) Ukungalaleli komuntu abazali bakhe kwakuwubuwula—icala elikhulu kwezinye izimo! (Duteronomi 21:18-21) Indlela yakudala yokuphila yasiza abazali ukuba bagcine lokhukuqondisa kothando kodwa okuqinile. Isimo somkhaya sasingesobunzalamizi. Izindima zabazali zazihlukaniswe kahle. Abantwana babebhekwa njengefa, isibusiso, futhi imisebenzi emphakathini wabo wezolimo yayibanika okuningi kokwenziwa.—Qhathanisa neHubo 127:3.
Nokho, njengoba isizwe sasichezuka ezindleleni zikaJehova, ukuphila komkhaya kwawohloka. Iminyaka ethile engama-800 ngemuva kokuba Imithetho eyiShumi inikeziwe, umprofethi uMika waphawula: “Indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina; . . . nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.” (Mika 7:6) Ngokufanayo, uHezekeli wathi ngomuzi waseJerusalema: “Bathukile kuwe uyise nonina.” (Hezekeli 22:7) Ukungahloniphi okukhulu kanjalo abazali kwakuyisibonakaliso sokonakala kokuziphatha okwandayo. Ngakho-ke, uNkulunkulu wathatha isinyathelo esinzima sokuqeqesha sonke isizwe.—Jeremiya 1:15, 16.
Ngokwalombono, kungenzeka uyavuma ukuthi okuningi ukuziphatha kwentsha yekhulu lama-20 kwakuzobonakala kushaqisa kuPawulu emuva ekhulwini lokuqala. Imibono yenkululeko yanamuhla yokukhulisa umntwana yayingaziwa ngalesosikhathi. Ingakho, sidinga ukukhumbula ukuthi izifundo ezibonisa ukuphila komkhaya okujabulisayo kwanamuhla azizinaki izimiso zikaNkulunkulu ngabantwana. (Efesu 6:1-3) Lapho imibono nokuziphatha okuvamile phakathi kwentsha yanamuhla kuqhathaniswa nezimiso zikaNkulunkulu, singaqonda ukuthi kungani iBhayibheli libiza isizukulwane sanamuhla ngokuthi ‘asilaleli.’ Kungekhona ukuthi bonke abantwana bayahlubuka. Kodwa ukungalaleli kwande kakhulu futhi kungamandla—kuphawuleka kakhulu.
Nokho ingabe ‘ukungalaleli abazali’ ngempela kusemhlabeni wonke? Ingabe bukhona ubufakazi obanele bokungezwani komzali nomntwana obubonisa ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina”?—2 Thimothewu 3:1, 2.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
‘Akubona bonke abantwana abahlubukayo. Kodwa ukungalaleli kwande kakhulu futhi kungamandla’