AbaseKolose—Iseluleko Esinengqondo Ngenkolelo Nokuziphatha
SIYINI isikhundla sikaJesu Kristu elungiselelweni likaNkulunkulu? Ukuze asondele kuJehova futhi azuze insindiso, ingabe amaKristu eqiniso kumelwe agcine imikhosi ekhethekile noma ahileleke emkhubeni wokuzila? Yini efuneka emadodeni esaba uNkulunkulu, abafazi, abantwana nabanye?
Imibuzo enjengalena kwadingeka iphendulelwe amaKristu ekhulu lokuqala ayehlala emzini waseKolose, eAsia Minor. Ayezungezwe abeZizwe ababenamathele olwazini lokuhlakanipha kobuhedeni oluhilela inkolelo yokuzila, nangamaJuda ayezila ukudla okuthile futhi egcina izinsuku ezikhethekile. Eqinisweni, ngezinga elithile imfundiso yamanga yayisingenile kancane ebandleni.
Lapho esekuboshweni eRoma umphostoli uPawulu, okungenzeka wayengakaze avakashele eKolose, wamukela umbiko ophathelene nayekholwa nabo lapho. (Kolose 1:7, 8; 2:1) Ngezindlela ezithile babeqhubeka kahle. Kodwa izimfundiso ezithile zamanga zabafaka engozini ngokomoya, futhi umphostoli wayethinteke ngokujulile. Ngakho-ke, ngaphansi kokuphefumlelwa kwaphezulu uPawulu wabhala incwadi eshukumisayo kwabaseKolose cishe ngo-60 kuya ku-61 C.E.a Iseluleko sayo esinengqondo ngenkolelo nangokuziphatha sabaphendulela imibuzo ebalulekile, ngisho nanjengokuba yenza kumaKristu ekhulu lama-20.
Isikhundla Esiphakeme SeNdodana
Incwadi kaPawulu yayiqondiswe kwa“bangcwele nabazalwane abathembekileyo kuKristu,” okungukuthi, kubalandeli bakaJesu abagcotshiwe baseKolose. Umphostoli wabonga uNkulunkulu ngomthandazo ngenxa yokholo lwabo, ithemba nothando. Futhi, uPawulu noThimothewu ‘abayekanga ukukhulekela ukuba bagcwaliswe ngolwazi oluqondile, ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya.’ Ngayiphi injongo? ‘Ukuze bathokozise uJehova ngokugcwele.’—Kolose 1:1-12.
Ingxenye ebalulekile yalololwazi iphathelene neNdodana kaNkulunkulu. Ngenxa yayo amaKristu anenkululeko ngesihlengo, ukuthethelelwa kwezono zawo. Iyi“zibulo lezidalwa zonke,” isiqalo semisebenzi kaJehova yokudala okwaba khona ngayo izigidi zamadodana ayizingelosi, izulu nomhlaba, nezihlahla ezikuwo nokuphila kwendalo. LeNdodana futhi iyi“zibulo kwabafileyo,” ngokuthi yavula indlela yezindlalifa ezikanye nayo ukuba zivuselwe ukuhlanganyela ukuphila okungenakufa kanye nayo ezulwini. Futhi kwezinye izinto, uJesu Kristu uyi“nhloko yomzimba, ngisho ibandla,” ungophakeme phakathi kwabalandeli bakhe abagcotshiwe.—Kolose 1:13-18.
Futhi, ‘uNkulunkulu wakubona kukuhle ukuba ukugcwala konke kuhlale eNdodaneni yakhe.’ Iwukubonakaliswa kwezimfanelo zaphezulu, kuhlanganisa ukuhlakanipha—eqinisweni, yonke into amaKristu ayidingayo ekwelulekweni kwawo nokuqondiswa. Izimfundiso zakhe, ezivumelana nayo yonke imiBhalo, azintuli lutho. Ngaye zonke ezinye izinto ezulwini nasemhlabeni ziyobuyisana noNkulunkulu, futhi ngenxa yomhlatshelo kaKristu ‘imfihlakalo engcwele,’ ebifihlakele isikhathi eside, ehlanganisa ithemba labeZizwe lokuhlanganyela enkazimulweni yasezulwini kanye naye, iye yembulwa. Kodwa lokho kubuyisana kuxhomeke ekunamatheleni komKristu ngokugxilile nokungasunduzwa ethembeni lezindaba ezinhle. UPawulu wayekhandleka njengesikhonzi sezindaba ezinhle ezigxile kuKristu, ongophakeme elungiselelweni likaNkulunkulu.—Kolose 1:19-29.
Izimfundiso Zamanga Ziyaphikiswa
Ukuze ajabulele ilungelo elikhazimulayo lokuhlanganyela noJesu ekuphileni kwasezulwini, amaKristu aseKolose kwadingeka akhumbule ukuthi ‘afihlwe kuKristu wonke amagugu okuhlakanipha nolwazi.’ Ngakho-ke, kwakumelwe axwaye noma ubani owayengase ‘awathumbe ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwamasiko abantu, njengezimfundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.’ Kwakumelwe enqabe imiqondo engasekelwe emibhalweni yamaGreki nezimfundiso zamaJuda ezingekho ngokweBhayibheli. Ukwenqatshwa okufanayo kwezimfundiso zamanga nokumela iqiniso ngokuqinile kubalulekile koFakazi BakaJehova namuhla.—Kolose 2:1-12.
Ngokulandelayo, uPawulu waqinisa abaseKolose ngokumelene nabenkolo yobuJuda. Waveza ukuthi uNkulunkulu wayesewususile uMthetho kaMose, ewubethelela esigxotsheni sikaJesu sokuhlushwa. Ngakho-ke, kwakungamelwe bavumele noma ubani ahlulele ukholo lwabo nokulunga maqondana nokudla, ukuphuza nokugcina imikhosi ethile. Ngani? Ngoba izinto ezinjalo zaziyisithunzi sezinto ezizayo, “kepha umzimba ngokaKristu.”—Kolose 2:13-17.
Ukuze alwe neminye imibono eyayiyiphutha, uPawulu waxwayisa labo ababejabuliswa ukuzithoba okungeqotho kokuzenzisa ‘nohlobo lokukhulekela izingelosi.’ Ngokusobala, abanye eKolose kunokwenzeka babecabanga ukuthi babeqhuba uhlobo lokukhulekela olwalwenziwa izingelosi noma babekhonza zona ngokuqondile. Kodwa lokhu nezinto ezinjalo ‘njengokuzenza othobile’ nokuzila, noma “ukuhlupha umzimba,” kwaboniswa ukuthi “akusizi-lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.” Ngokufanayo namuhla, izinto ezinjalo njengokuzila nokuzithoba kokuzenzisa akuyikusenza sibe nesimo esingokomoya esiphakeme.—Kolose 2:18-23.
Ukuze balondoloze isimo esingokomoya sobuqotho futhi balwisane nezifiso ezingalungile zenyama, abafundi bakaJesu abagcotshiwe kumelwe ‘bagcine izingqondo zabo zinake okwaphezulu, zinganaki okusemhlabeni.’ Ngokwenza kanjalo kuphela bangathemba ukubonakaliswa noKristu enkazimulweni yasezulwini. Ngokufanayo, amaKristu anamathemba asemhlabeni adinga ukuba nothando ngezinto ezingokomoya.—Kolose 3:1-4; Mathewu 6:19-21.
Iseluleko Esinengqondo Ngokuziphatha
Yini ngempela eyosisiza ukuba sisondele kuJehova futhi sibe abangokomoya ngokwengeziwe? ‘Bulala umzimba wakho ngokuqondene nobufebe, ukungcola, ukukhanuka, izifiso eziyingozi nesangabe,’ kwasho uPawulu. Ukusebenzisa kabi umlomo ngezinto ezinjengolaka, inkulumo eyichilo nokuqamba amanga kumelwe kugwenywe. Njengoba umphostoli atshela abaseKolose, kumelwe ‘sikhumule ubuntu obudala futhi sembathe obusha.’ Kumelwe sizembathise ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubhekakade nothando—“oluyisibopho sokuphelela.” Konke lokhu akuyikunezela nje kuphela ekuthuleni kwethu siqu kodwa futhi nokwebandla lonke.—Kolose 3:5-17.
NjengamaKristu aseKolose, ofakazi bakaJehova banamuhla bangazuza eselulekweni sikaPawulu ngokuqondene nezibopho zomkhaya neminye imithwalo yemfanelo. Abafazi bayalwa ukuba bathobele amadoda abo. Amadoda kumelwe athande omkawo ‘angabacasukeli.’ Abantwana kufanele balalele abazali babo, futhi oyise bangabathukuthelisi abantwana babo “ukuba bangadangali.”—Kolose 3:18-21.
Izigqila ezingamaKristu zazimelwe ukuba zilalele, futhi zaziyophathwa ngokulunga futhi kahle abanini bazo abakholwayo. UFilemoni nesigqila sakhe uOnesimu babehlala eKolose, futhi ngokungangabazeki bobabili bamukela lesiseluleko ngokwazisa okujulile. Izimiso ezifanayo kumelwe zisetshenziswe amaKristu anamuhla ebuhlotsheni phakathi komqashi nesisebenzi. Eqinisweni, noma yini esiyenzayo, kumelwe ‘siyenze ngenhliziyo yonke kungathi yenzelwa iNkosi.’—Kolose 3:18–4:1.
UPawulu wanxusa akholwa nabo ukuba baphikelele emthandazweni, ngokubonga. Futhi, kwakumelwe acele kuNkulunkulu ukuba avule izwi likaPawulu nabangane bakhe ukuba “bakhulume imfihlakalo kaKristu.” Yeka ukuthi lokhu kumelwe kusishukumise kanjani ukuba sibonge uJehova futhi sithandazele ukuba achumise umsebenzi wokushumayela ngoMbuso! Futhi njengoba uPawulu eluleka, kwangathi ukukhuluma kwethu siqu ngaso sonke isikhathi kungaba nomusa, “kuyoliswe ngosawoti.” Esikushoyo kumelwe kunambitheke kamnandi, kuhlabe umxhwele kwabasizwayo, futhi kumelwe kuthambekele ekulondolozeni ukuphila kwalabo abalalela amazwi ethu.—Kolose 4:2-6.
Imikhonzo yakhe siqu neseluleko kwaletha lencwadi ewusizo kakhulu esiphethweni. UThikhiku no-Onesimu (ngokusobala abayihambisa) babezonikeza abaseKolose imininingwane ngoPawulu. UEphafra, okungenzeka wayeye wasiza ekumisweni kwebandla laseKolose, kuthiwa ‘wayebalwela njalo emikhulekweni.’ UPawulu ngokwakhe waphetha ngomkhonzo wakhe siqu futhi wathandazela ukuba bajabulele umusa ongafanelwe.—Kolose 4:7-18.
Iseluleko sikaPawulu kumaKristu aseKolose sisiza ukuba siqonde isikhundla esiphakeme sikaJesu Kristu elungiselelweni likaNkulunkulu. Lencwadi isibonisa lokho okumelwe sikwenze—nalokho okumelwe sikugweme—ukuze sisondele eduze kuJehova futhi sizuze usindiso. Ibonisa izimfuneko zikaNkulunkulu emadodeni, abafazi, abantwana nabanye abafisa umusa waphezulu. Ngempela, incwadi kaPawulu kwabaseKolose inikeza iseluleko esinengqondo ngenkolelo nokuziphatha.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka futhi iAid to Bible Understanding. amakhasi 365, 366; “All Scripture Is Inspired of God and Beneficial,” amakhasi 224-227. Zombili lezincwadi zanyatheliswa iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.