Londoloza Ukholo KuNkulunkulu NakuKristu
Amaphuzu Avelele Avela KweyabaseKolose
UKHOLO kuJehova nakuJesu Kristu lubalulekile ukuze sisindiswe. Kodwa ukulondoloza ukholo olunjalo kuyinselele. Kwakunjalo ngamaKristu aseKolose, umuzi osempumalanga ye-Efesu eAsia Minor. Ngani? Ngoba abafundisi bamanga babecabanga ngokungeyikho ukuthi insindiso ixhomeke ekusokeni, kulokho umuntu akudlayo, kanye nasekugcineni imikhosi ethile.
Ngokuqondakalayo-ke, umphostoli uPawulu wayekhathazekile ngenhlala-kahle engokomoya yamaKristu aseKolose, futhi ngempela wayefuna ukuba alondoloze ukholo lwawo kuNkulunkulu nakuKristu. Ngakho-ke ngasekupheleni kwesikhathi sokuboshwa kokuqala kwalomphostoli eRoma (cishe ngo-60-61 C.E.), wabhalela abaseKolose incwadi eyayiklanyelwe ukulwisana nemibono ephambene futhi yakhe ukholo lwabo. Ake sibone ukuthi nathi singazuza kanjani emazwini akhe othando.
Yazisa Isikhundla SikaKristu
Ekuqaleni encwadini yakhe, uPawulu waqokomisa ukwazisa isikhundla sikaKristu. (1:1–2:12) Wancoma abaseKolose ngokholo lwabo ngokuphathelene noKristu nangothando lwabo ngabakholwa kanye nabo. UPawulu wabhekisela ebukhulwini bukaKristu njengaLowo zonke ezinye izinto ezadalwa ngaye, iNhloko yebandla, nezibulo kwabafileyo. Ukubuyisana noNkulunkulu kwenziwa ngoKristu, okufihlwe kuye onke amagugu okuhlakanipha nokwazi. Ngenxa yakho konke lokhu, amaKristu kufanele aqhubeke ehamba ngobunye noKristu futhi angavumeli muntu ukuba awathumbe ngokuhlakanipha kwabantu.
UNkulunkulu wawususa uMthetho ngoKristu. (2:13-23) Wabethelwa ngokomfanekiso esigxotsheni uJesu afela kuso. Izimfuneko zoMthetho zazimane nje ‘ziyisithunzi salokho obekuzakuza, kepha umzimba ngokaKristu.’ Ngokubambelela kuKristu, awayikuvumela muntu ukuba awephuce umvuzo wokuphila kokungafi emazulwini.
Yazisa UNkulunkulu NoKristu
Ngokulandelayo uPawulu wakhuthaza abaseKolose ukuba bembathe umuntu omusha futhi bazithobe egunyeni likaJesu Kristu. (3:1-17) Ngokuhlala becabanga ngalezinto ezingenhla, babeyoba babeka izithakazelo ezingokomoya kuqala ekuphileni. Lokhu kwakudinga ukuba balahle izimo zengqondo nenkulumo okungalungile. Yeka ukuthi babeyoba ababusiseke kanjani uma bezembathisa izimfanelo ezinjengobubele benhliziyo, ukuzithoba, nothando. Ukuthula kukaKristu kwakuyobusa ezinhliziyweni zabo uma benza konke egameni likaJesu, babonge uNkulunkulu ngaye.
Ukwazisa ngoJehova uNkulunkulu nangoJesu Kristu kufanele futhi kuthonye ubuhlobo bomKristu kanye nabanye. (3:18–4:18) Abafazi, amadoda, abantwana, izinceku, namakhosi kwakumelwe bagcwalise izibopho zabo ngokwesaba uNkulunkulu nangokuqaphela uKristu. Futhi yeka ukuthi kudingeke kanjani ukuqinisela emkhulekweni nokuhamba ngokuhlakanipha!
Incwadi kaPawulu eya kwabaseKolose ingasisiza ukuba sigweme izimfundiso zamanga ezingasephuca umvuzo wokuphila. Ukugcizelela kwalomphostoli ukuqaphela igunya likaJehova neNdodana yakhe kungaba nethonya elihle ekusebenzelaneni kwethu nabanye. Futhi siqinisekiswa ngezibusiso ezicebile uma silondoloza ukholo lwethu kuNkulunkulu noKristu.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 26]
Incwadi eya eLawodikeya: UPawulu wabhalela abaseKolose: “Nxa lencwadi isifundiwe kini, bhekani ukuba ifundwe nasebandleni naseLawodikeya; nani niyifunde leyo evela eLawodikeya.” (Kolose 4:16) ILawodikeya yayiwumuzi ocebile entshonalanga yeAsia Minor, owawuhlanganiswe imigwaqo nemizi enjengeFiladelfiya ne-Efesu. Ngokunokwenzeka, umsebenzi kaPawulu e-Efesu wafinyelela eLawodikeya, nakuba engazange akhonze lapho. Wathumela incwadi kumaKristu aseLawodikeya, nakuba izazi ezithile zikholelwa ukuthi kwakuyincwadi efana naleyo ayibhalela abase-Efesu. Incwadi yabaseLawodikeya ayitholakali eBhayibhelini, ngokunokwenzeka ngoba yayingenakho ukwaziswa esikudingayo namuhla, noma mhlawumbe yayiphinda amaphuzu ahlanganiswe ngokwanele kwezinye izincwadi ezingcwele.
[Isithombe]
Amanxiwa eLawodikeya