Ukubuka Okwezwe
UTruman Ukhuluma Ngesiprofetho
Ngokombiko weNew York Times, owayekade ewumongameli waseU.S. uHarry S. Truman wathi “izwe lingase liphele ngokushesha ngembubhiso yezikhali zenyukliya.” UTruman, owavumela ukusetshenziswa kwebhomu yeathomu eMpini Yezwe II, wabhala embikweni ka-1958 osanda kwembulwa: “Manje sibhekene nembubhiso eqothulayo. Abaprofethi bakudala bamaHeberu baveza umqondo wokubhujiswa kwezwe ngomlilo ngemva kokuba khona kwembhubhiso yabo yamanzi. Nokho, imbhubhiso isondela ngokushesha ngaphandle kokuba abaholi abakhulu bezwe bayivimbele.”
Kodwa imbubhiso eshiwo eBhayibhelini kowe-2 Petru 3:5-13 nakusAmbulo 16:14, 16 iyimpi kaNkulunkulu, ‘usuku lukaJehova’ lokuhlanza umhlaba ebubini. Kunokuvumela umuntu aphindisele ‘ngembubhiso eqothulayo yezikhali zenyukliya,’ uyo“bhubhisa ababhubhisa umhlaba,” lapho elondoloza labo abasekela umbuso waKhe. Awukho umbuso ongavimbela lokhu ukuba kwenzeke.—IsAmbulo 11:18; 21:5.