Umi Kuphi Empikiswaneni YoMbuso?
IGAMA elithi “impikiswano” lapha lisho ukuthini? Lisho iphuzu abantu ababili noma abathathu noma amaqembu aphikisana ngalo futhi elidinga ukuxazululwa isinqumo esithile segunya noma incazelo ethile eyanelisayo. Impikiswano manje ingeyomhlaba wonke. Iphathelene noMbuso kaNkulunkulu ngombusi wakhe omisiwe, uJesu Kristu. Kusukela ngonyaka ongemva kwempi ka-1919, eminyakeni engama-63 edlule, isiprofetho esashiwo ilowombusi omisiwe siye sagcwaliswa oFakazi BakaJehova emazweni angama-205, okungukuthi: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.”—Mathewu 24:14.
Uye waba yini umphumela? Yilokhu: Yonke imibuso yomhlaba iye yaphoqeleleka ukuba ibhekane nempikiswano ithanda noma ingathandi. Manje kukhanya ngokusobala ukuthi ayithandi. Manje siphila, njengokungathi, enkathini yokuhlwelwa kwemibuso yomhlaba. Njengomphumela wezimpi zezwe ezimbili, imibuso eminingi yomhlaba iye yagumbuqelwa futhi esikhundleni sayo kwangena ezinye izinhlobo zemibuso—imibuso yokuzimela noma imibuso yobushiqela yobuSoshelisi noma ezinye izinhlobo zohulumeni bozwi lakhe. Namuhla cishe kunemibuso yamakhosi eyi-15 esebenzayo, njengeUnited Kingdom yaseGreat Britain neNorthern Ireland, umbuso waseJordan, umbuso waseNepal eAsia, umbuso waseTonga eSouth Pacific nombuso waseSwazini eAfrika.
Ukususwa Kwemibuso Yabantu
Isigayegaye sobumnyama sibhekene nayo yonke imibuso yamakhosi yabantu hhayi nje ngoba imibuso yamakhosi njengohlobo lohulumeni iyingcosana kodwa ngoba zonke izinhlobo zohulumeni babantu zibhekene nokususwa ukuze ziqhelele uhulumeni womhlaba wonke ongakhiwe ngabantu. Yilokho okushiwo isiprofetho sikaDaniyeli 2:44 esingaphezu kweminyaka engama-2 580 ubudala: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.” IMpi Yezwe I eyaqala ngo-1914 yayingasho ukugcwaliseka kwalesosiprofetho esikhuthazayo sikaDaniyeli, kodwa yabonisa ukuthi uNkulunkulu wasezulwini uye wamisa iNkosi yakhe ekhethiwe esihlalweni sobukhosi sasezulwini inamandla okugcwalisa ngokushesha lesosiprofetho.
Namuhla bonke ohulumeni basemhlabeni babhekene nembubhiso ngisho nokuzibhubhisa ngokwabo ngezindlela zesayensi ezithuthukiswe kakhulu zempi. Abahlaziyi abanolwazi bezindaba zezwe basixwayisa sonke ngokusongela okunokwenzeka ekugcineni. Bayabona ukuthi siphila kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘isikhathi sokugcina,’ noma ‘izinsuku zokugcina.’ (Daniyeli 12:4; 2 Thimothewu 3:1) Izizwe zingabaza kakhulu ngokuqalisa impi yezwe yesithathu, ngenxa yomphumela engaba nawo kubo bonke—imbubhiso nhlangothi zombili. Bangathanda ukwenza izindaba zibe sesimweni abangasho ngaso ngokuzethemba ukuthi, “ukuthula nokuhlala kahle!” (1 Thesalonika 5:3) Lapho, ngokushesha nje, bememezela kanjalo kubantu bonke, akuyikusho ukuthula noNkulunkulu wezulu. Qha, ngoba kusukela ngo-1914 izizwe zilwa naye. Zenza ngokuphambene nenjongo yakhe enhle ngesintu. Ngemvume kaNkulunkulu ziye zabonisa kuwo wonke umlando womuntu ukuthi azikwazi ukubusa umhlaba ngokwenzuzo ehlala njalo yesintu, kungasaphathwa-ke ngokwenkazimulo kuNkulunkulu.
UMninimandla onke uNkulunkulu unesikhathi sakhe esimisiwe sokuqeda phakade lesi simiso sezinto esingenelisi. Ngokuqonde ncimishi ngesikhathi sakhe siqu uyochitha lesi simiso sezinto. OFakazi BakaJehova baye bazazisa izizwe ngalokhu. Azinazaba.
Ukubusa Komuntu Noma Ukubusa KukaNkulunkulu?
Izizwe, okungukuthi, imibuso yazo ebusayo, iye yabonisa ngokukhanyayo lapho imi khona empikiswaneni yoMbuso kaNkulunkulu ngoKristu. Ziye zaziveza ukuthi zisekela ukubusa okuqhubekayo komuntu futhi zimelene nokubusa kukaNkulunkulu. Ukuma eziye zaphikelela zikuthatha kuwukuma okumelene nohulumeni kaJehova uNkulunkulu noKristu wakhe. Kuwukusekela uSathane uDeveli, ongabonakaliyo “umbusi wezwe,” ngokwamazwi kaJesu kubaphostoli bakhe: “Ngokuba uyeza umbusi wezwe, kepha akanalutho kimi.”—Johane 14:30; bheka futhi uMathewu 4:8-11; 2 Korinte 4:4.
Njengoba izizwe ziye zenza isinqumo sazo futhi zanamathela kuso, umuntu ngamunye kumelwe aziphendulele lombuzo onqumayo, Ngimi kuphi empikiswaneni yoMbuso? Ngeke sikubalekele ukwenza isinqumo ngokuqondene nalempikiswano evelele yezwe. Ukungayinaki akunakukhulula noyedwa wethu ekutholeni imiphumela. Akukho ukungathathi hlangothi. Sibophekile ukuba sibe ngaseMbusweni kaNkulunkulu noma simelane nawo.
Iningi labantu abaphilayo namuhla lalingakazalwa lapho kusuka impi ngonyaka ka-1914; ngakho alikwazi ukukhumbula zonke izehlakalo eziphawulekayo eziye zenzeka kusukela lapho, ngokuhlangenwe nakho koqobo nangokuzibonela. Ngokufanayo, “isibonakaliso” esiphawula “isiphelo sesimiso sezinto” njengoba sabikezelwa uJesu Kristu siye sabonakala futhi sisabonakala kuzo zonke izizwe nabantu. Bonke bayayizwa imiphumela yaleso“sibonakaliso.” Kuphela nje singafunda lokho uJesu akubikezela, ngokombhalo okuMathewu izahluko 24, no-25; Marku isahluko 13 noLuka isahluko 21, ukuze sifunde ukuthi wabikezela izimpi, indlala, izifo, ukuzamazama komhlaba, ukushushiswa kwabalandeli bakhe, usizi oluqhubekayo lwezizwe ngezinkinga nokushunyayelwa ngesibindi kwe“vangeli lombuso” “kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe” kuze kube sekupheleni kwalesi simiso sezinto esibanga umunyu.
Yebo, phakathi nekhulu lokuqala leSikhathi sethu Esivamile amaKristu eqiniso azishumayela kabanzi izindaba ezinhle zombuso ozayo eAsia, eAfrika naseYurophu. Lokhu kwakukudala kakhulu ngaphambi kokuba abaseYurophu bathole amazwekazi iNyakatho neNingizumu Melika kanye neAustralia neziningi iziqhingi zezilwandle iAtlantic nePacific, kusukela ngekhulu le-15 kuye phambili. Izithunywa zevangeli zenkolo zathunyelwa ezindaweni ezazisanda kutholakala. Ezikhathini zamuva nje izinhlangano zamaBhayibheli ziye zamiswa futhi ziye zasakaza amaBhayibheli yonke indawo ngezilimi eziningi. Kodwa isigijimi sombuso sasingashunyayelwa izithunywa zevangeli nabefundisi beLobukholwa, hhayi ngendlela umbuso kaJehova uNkulunkulu ngoJesu Kristu owawuyokwenziwa ngayo ube impikiswano yezwe lonke. Kwakungelona uhlobo lokushumayela olwaluyokwenza ukumenyezelwa koMbuso kube yingxenye “yesibonakaliso” esasiyophawula ‘isiphelo sesimiso sezinto.’