Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g88 9/8 k. 24-k. 26 isig. 10
  • Ukuphela Kwezikhali Zenuzi Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphela Kwezikhali Zenuzi Kanjani?
  • I-Phaphama!—1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimbangela Namakhambi
  • Uhulumeni Womhlaba—Into Engokoqobo!
  • Ikusasa Elilondekile Ekugcineni!
    I-Phaphama!—1999
  • Lithini IBhayibheli Ngempi YeNuzi?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ubani Ongaletha Ukuthula Okuhlala Njalo?
    I-Phaphama!—1996
  • Usongo Lwenuzi Alukapheli
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1988
g88 9/8 k. 24-k. 26 isig. 10

Ukuphela Kwezikhali Zenuzi Kanjani?

INKATHI yethu ingeyokukhathazeka. Ukuhlangana kwesayensi nempi kuye kwakhiqiza izinkulungwane zezikhali ezinamandla okubhubhisa ngendlela engakholeki, ababulali abangakhethi abanamandla okuqothula isintu.

Ukuthi umuntu uzimisele kangakanani ukubulala umuntu akanye naye kuyethusa. Nokho ukuthambekela komuntu ekubulaleni kwabonakala kusukela ekuqaleni. IBhayibheli liyabika: “Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo uAbela, wambulala.” (Genesise 4:8) Umuntu ubebulala umuntu kusukela lapho. Futhi nakuba kuyiqiniso ukuthi kusukela ngo-1945 umuntu uye wangazisebenzisa izikhali zenuzi empini, ikhulu lethu leminyaka lisabhekwa njengeligcwele ukubulala emlandweni. Ngokusobala, inkinga akuzona izikhali ngokwazo.

Izimbangela Namakhambi

Ezinye izazi zinomuzwa wokuthi njengoba kungabantu abalwa izimpi, izimbangela kumelwe zitholakale esimweni somuntu ngokwakhe. Ngokwalombono, abantu balwa izimpi ngenxa yobugovu, ubulima, nokuthatheka okuqondiswe kabi kokufuna ukulwa. Okushiwoyo kuyahlukahluka, kodwa abaningi banomuzwa wokuthi ukuthula kungeza kuphela ngokushintsha umbono nokuziphatha komuntu ngokwakhe.

Abanye bathi njengoba izimpi zilwiwa phakathi kwezizwe, izimbangela zisekuhlelweni kwesimiso sezombangazwe somhlaba wonke. Ngenxa yokuthi izwe elizimele ngalinye lenza njengokwemigomo nezifiso zalo, ngokungenakuvinjelwa ukungezwani kuyaqala. Njengoba ingekho indlela enokwethenjelwa, nehlala njalo yokuxazulula ukungezwani, impi iyagqashuka.

Ekuhloleni kwaso izimbangela zempi, isazi uKenneth Waltz sithi “uhulumeni womhlaba uyikhambi lempi yomhlaba.” Kodwa siyanezela: “Ikhambi, nakuba lingase libe yinto engangabazeki engqondweni, ngeke lize lisetshenziswe.” Abanye bayavuma. Umlobi uBen Bova kumagazini iOmni wathi: “Izizwe kumelwe zihlangane ngaphansi kukahulumeni owodwa ongaqondisa izikhali futhi uvimbele impi.” Nokho uphinde athi: “Abantu abaningi babheka uhulumeni onjalo womhlaba njengento engenakwenzeka, iphupho eliqanjiwe lesayensi elingasoze lafezeka.” Ukwehluleka kweZizwe Ezihlangene kugcizelela lesiphetho esibuhlungu. Izizwe bezingafuni ukunikela ngobukhosi bazo kuleyonhlangano nakunoma iyiphi enye!

Uhulumeni Womhlaba—Into Engokoqobo!

Nokho, iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu ngokwakhe uhlose uhulumeni ongokoqobo womhlaba. Izigidi ngokungaqondi ziye zawuthandazela lohulumeni lapho zisho uMthandazo WeNkosi: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) INhloko yalowohulumeni woMbuso yiNkosi Yokuthula, uJesu Kristu. Ngokuqondene nalowohulumeni iBhayibheli liyathembisa: “Uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso,” noma ohulumeni babantu.—Daniyeli 2:44.

Lohulumeni womhlaba uyoletha ukuthula kweqiniso nokulondeka, hhayi ngokuvimbela izikhali zenuzi noma ngohlelo oluyinkimbinkimbi lwezikhali zokuzivikela zobuchwepheshe obuphakeme noma izivumelwano zezombangazwe ezintengantengayo. IHubo 46:9 liprofetha ukuthi uJehova uNkulunkulu “uphelisa ukulwa kuze kubesemikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.” Lokhu kusho ukubhujiswa kwazo zonke izikhali, kuhlanganise nemiklamo yenuzi.

Kodwa kuthiwani ngesimo sobumpi somuntu ngokwakhe? Ngaphansi kukahulumeni kaNkulunkulu wasezulwini, izakhamuzi zomhlaba ‘ziyakukhanda izinkemba zazo zibengamakhuba, nemikhonto yazo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.’ (Isaya 2:4) Abantu abayizigidi ezintathu namuhla kakade baphila ngokuvumelana nalombhalo weBhayibheli. BangoFakazi BakaJehova.

LaboFakazi bahlala emazweni angaphezu kwama-200. futhi bavela ezinhlangeni ezihlukahlukene. Ngaphambi kokuba babe amaKristu eqiniso, abanye babo babenobumpi, mhlawumbe ngisho nobudlova. Kodwa njengomphumela wokungenisa ulwazi ngoNkulunkulu, manje bayenqaba ukuthathelana izikhali noma nanoma ubani omunye. Ukungathathi hlangothi kwabo naphezu kwezimpi zezombangazwe kuyingqopha-mlando. Ukuma kokuthula oFakazi BakaJehova abaye bakuthatha emhlabeni wonke kufakazela iqiniso lokuthi umhlaba okhululekile empini nasezikhalini zenuzi ungaba khona.

Izigidi zabantu eziphila namuhla zazalwa ngenkathi yenuzi futhi zilindele ukufa kuyo—uma zingafi ngenxa yayo. OFakazi bakaJehova abawuhlanganyeli lowombono olufifi. Ithemba labo libekwe ngokufanelekile eMbusweni nakuNkulunkulu wabo, uJehova, kuye ‘okungekho lutho olungenzeke.’—Luka 1:37.

[Isithombe ekhasini 25]

IBhayibheli liprofetha ukuthi uNkulunkulu oyophelisa izikhali zempi

[Isithombe ekhasini 26]

Ngaphansi kukahulumeni kaNkulunkulu wasezulwini, umhlaba uyokhululeka ezimpini nasezikhalini ezibhubhisayo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela