Umoya Wenkonzo Ephakeme YobuKristu
“Nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.”—ROMA 12:11.
1. Umuntu uzibonakalisa kanjani ukuthi uyisikhonzi?
KUKHONA indlela eyodwa kuphela umuntu angabonisa ngayo ukuthi uyisikhonzi esingumKristu—ngezenzo zakhe. Lokhu sikubona kuyo kanye incazelo yegama lesiGreki elisho isikhonzi, u-di·aʹko·nos. Omunye umlobi uthi: “U-di·aʹko·nos ukhuluma ngenceku isemsebenzini wayo . . . Leligama likhuluma ngothile ofeza imiyalo yomunye, ikakhulu leyo yenkosi.” (Studies in the Vocabulary of the Greek New Testament, nguKenneth S. Wuest) Umlobi lapha ugcizelela ukuthi ukuba yisikhonzi akusho ukuba nesikhundla sokuba namandla okwenza okuthile.
2. Yibuphi ubufakazi obabukhona bokuthi uThimothewu noPawulu babeyizikhonzi ZikaNkulunkulu ngempela?
2 Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wathi ngoThimothewu: “Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise.” (Filipi 2:22) UThimothewu wasebenza kanzima enkonzweni ephakeme. Akekho owabona ukusebenza kwakhe okungenabugovu owayengangabaza ukuthi wayeyisikhonzi esiqotho sikaNkulunkulu. UPawulu futhi wabhalela amaKristu eKorinte: “Nina niyincwadi yethu [yokusincoma], elotshwé ezinhliziyweni zenu, eyaziwa ifundwa ngabantu bonke, nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo.” (2 Korinte 3:2, 3) Ubani, owayengathi ngokubona lelibandla eliphumelelayo futhi azi ukuthi uNkulunkulu wenza ukuba libe khona ngomsebenzi kaPawulu wenkonzo, angabaze ukuthi uPawulu wayeyisikhonzi sikaNkulunkulu?
3. Chaza umoya wesikhonzi esingumKristu ngempela.
3 Khumbula, nokho, ukuthi ukuba isikhonzi akukhona ukugcina icala nje. Sidinga ukuthuthukisa umoya wenkonzo yobuKristu. UThimothewu “wakhonza” noPawulu. Umphostoli ngokwakhe wathi: “Ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!” (1 Korinte 9:16) Ngaphezu kwalokho wabhala: “Asibekeli-muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa, funa inkonzo yethu isolwe, nasosizini, nasekusweleni, nasekubandezekeni.” Yebo, uPawulu wabonakalisa ukuzinikezela, intshiseko, ukuphuthuma nokuvuma ukuba abekezelele noma yini okudingeke ayibekezelele, ngisho noku“lahlekelwa yikho konke,” ukuze afeze inkonzo yakhe njengomKristu. (2 Korinte 6:3-10; Filipi 3:8) Wonke amaKristu aqotho ayizikhonzi kufanele abe nomoya ofanayo.—Luka 9:23, 24.
4. Umuntu angaba kanjani isikhonzi uma echitha isikhathi sakhe esiningi efeza ezinye izibopho?
4 Njengasezinsukwini zabaphostoli, ezinye izikhonzi namuhla zingamadoda noma abesifazane abanemikhaya nomsebenzi wokuziphilisa. Ezinye zingabafundi besikole. Zingasho kanjani ukuthi ziyizikhonzi? Phela ziyazifeza ezinye izibopho zazo futhi zijabulele ngisho nokuphumula okulinganiselwe. Kodwa inkonzo yazo ephakeme ayibalulekile kancane kuzo kunezinye izinto. Futhi azimane nje ziyifake esikhathini sazo sokuphumula noma zichithe isikhashana kuyo inyanga ngayinye njengento yokuchitha icala. Zifuna “kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.”—Mathewu 6:33.
Ukuphayona Nenkonzo Ephakeme YobuKristu
5. Iyiphi indlela enhle yokubonakalisa umoya wenkonzo ephakeme yobuKristu?
5 Labo ababonakalisa umoya onjalo bayizikhonzi ezingamaKristu zangempela, ngisho noma benemithwalo yemfanelo yomkhaya noma imisebenzi yokuziphilisa. Kodwa abanye bayakwazi ukubonakalisa umoya wenkonzo ngendlela ezuzisayo. Kanjani? Ngokuphayona (ukuhlanganyela emsebenzini wesikhathi esigcwele wokushumayela), kungaba okwesikhashana njengephayona elisizayo noma isikhathi eside. Bangasebenza ngisho nakwelinye lamahhovisi egatsha eWatchtower Society noma bahlanganyele emsebenzini wezithunywa zevangeli noma isikhonzi esijikelezayo, bahambele futhi bakhe amabandla ahlukene.
6. Yiziphi ezinye izizathu eziqinile zokuthi kungani ngamunye ufakazi kaJehova osesimweni sokwenza njalo kufanele aphayone? (Luka 6:46-49)
6 Kungani oFakazi BakaJehova abaningi bephayona lapho, uma bebechitha isikhashana bekhonza uNkulunkulu, bebengenza ukuphila kwabo kube okunethezeke kakhulu? Kungoba bafuna ukudumisa uJehova futhi batshela abanye ngezinjongo zakhe. Futhi, bayazi ukuthi “izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.” (1 Johane 2:17) Bekholelwa yilokhu ngobuqotho nezithembiso ZikaNkulunkulu, bazimisele ukusebenzisa isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka betshela abanye izindaba ezilungileyo, ukuze kuthi labo abasabelayo nabo futhi benze intando kaNkulunkulu futhi bazuze ukuphila okuphakade. Ngaphezu kwalokho, bayazi ukuthi siphila esikhathini lapho “lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Bayakhumbula ukuthi uJesu watshela abalandeli bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.” (Mathewu 9:37, 38) Bayaqaphela ukuthi lomthandazo ufaneleke kakhulu namuhla kunangesikhathi sikaJesu. Kodwa bangawuthandaza kanjani lomthandazo ngobuqotho uma bona ngokwabo behoshekela emuva ekubeni babe nengxenye egcwele ngangokunokwenzeka enkonzweni ephakeme yobuKristu?
7. Yimuphi umbuzo ngasinye isikhonzi esingumKristu esingazibuza wona?
7 Ngempela, wonke umKristu oyisikhonzi kufanele ngomthandazo acabangele ukuthi angaphayona noma ngeke. Umbhangqwana waseNingizimu Afrika oye waphayona iminyaka eyishumi nanhlanu wathi: “Kungani siphayona? Besingazithethelela yini phambi kukaJehova uma singazange?” Abaningi abangesiwo amaphayona bangazibuza umbuzo ohlobene nalona: ‘Ingabe ngempela ngingazithethelela phambi kukaJehova ngenxa yokuthi angilona iphayona?’
Ukusebenzisa Izimiso Zethu
8. NjengoThimothewu, abantu abasha abaningi bangaba kanjani sesimweni sokuphayona?
8 UThimothewu wayenesipho esingokomoya leso akwazi ukusisebenzisa ngempumelelo enhle enkonzweni yakhe ephakeme. (2 Thimothewu 1:6) Namuhla, asamukeli izipho ezikhethekile zomoya, kodwa sinazo ezinye izipho, futhi ngokuvamile lezipho zivula indlela yokuphayona. Ngokwesibonelo, abantu abasha abaqeda isikole banezipho. Banemfundo. Futhi njengoThimothewu, banobusha. Banempilo namandla, ngokufanayo namathuba amasha avulekile. Mhlawumbe isipho esikhulu kunazo zonke abanaso, banesikhathi. Ngokuvamile, abacindezelwe imithwalo yemfanelo eminingi. Ngakho ubusha buyisikhathi esihle kakhulu sokucabangela ukuphayona.—UmShumayeli 12:1.
9. Yiziphi izipho abantu abadala nabanye abangaba nazo ezingabavumela ukuba baphayone?
9 Abantu abadala banazo izipho. Umbhangqwana onabantwana asebekhulile futhi ongasasebenzi ungaba naso isikhathi esingasetshenziselwa ukuphayona. Ngokuvamile bami kahle ngokwezimali, baye bathola okuhlangenwe nakho okunenzuzo ekuphileni futhi baye bakha umbhalo omude wenkonzo yokwethembeka. (IzAga 16:31) Konke lokhu kungasetshenziswa kahle ekuphayoneni. Nabanye bangaba nazo izipho ngokufanayo. Amanye amakhosikazi emizi anesipho sokuhlela, ukuze akwazi ukuphatha imithwalo yemfanelo yemikhaya yawo futhi aphayone. Amanye amadoda emikhaya anesipho esifanayo ayakwazi ukuphayona futhi ondle imikhaya yawo ngokomoya nangokwenyama. Ingabe unesipho sokukhuluma, sokufundisa, noma sokuzwana kahle nabantu? Cabanga nje ukuthi izipho ezinjalo zingasetshenziswa ngezinga elikhulu kangakanani enkonzweni yobuphayona.
10. (a) Kungani abanye besaba ukuphayona, kodwa omunye umbhangqwana wayisingatha kanjani lenkinga? (b) Inkonzo yobuphayona ingamzuzisa kanjani umuntu othola ukushumayela kunzima?
10 Abanye baye besaba ukuphayona bezibuza ukuthi bazokwazi yini ukuphumelela. Umbhangqwana othembisene waxoxa lendaba ndawonye. Waphetha ngalendlela, “Sanquma ukuthi kwakuwukuntula ithemba emandleni kaJehova okusilungiselela izidingo. Ngemva kokubuyekeza uMathewu 6:25-33, lapho uJesu afundisa khona ukuthi uma sifuna umbuso kuqala khona zonke izinto ziyokwenezelwa, sakwenza umgomo wethu ukuba sibe amaphayona avamile.” Ngokushesha ngemva kwalokho washada, wayeka imisebenzi eholela kahle futhi waba amaphayona. Abanye bathola umsebenzi wokushumayela ngokwawo unzima. Ingabe nawe? Uma kunjalo, ukuphayona kungasiza. Eqinisweni, indlela engcono yokukhululeka enkonzweni ephakeme yendlu ngendlu ukuchitha isikhathi esithile uphayona. Esinye isikhonzi esahlanganyela enkonzweni yamaphayona asizayo sathi: “Kwakukhona esinye isibusiso. Ngakhululeka ngokwengeziwe emsebenzini wami wendlu ngendlu. Esikhundleni sokubamba izinyawo emnyango ngamunye, ngaqala ukubheka phambili ekukhulumeni nabantu.”—Bheka abaseFilipi 4:13.
Ukuphayona—Indaba Yomkhaya
11. UThimothewu wabusiswa kanjani ekuqeqeshweni akuthola “kusukela ebuntwaneni?”
11 UThimothewu wayelungiselelwe inkonzo ephakeme ngokuthuthukayo “kusukela ebuntwaneni.” (2 Thimothewu 3:14, 15) Unina noninakhulu ngokusobala babenomoya wenkonzo ephakeme yobuKristu futhi bawufaka kuye. Lapho uPawulu efika eListra, uThimothewu, kungekho okungamvimba, wazimisela ukuhamba naye emsebenzini wokushumayela wesikhathi esigcwele.—IzEnzo 16:1-5.
12. Abazali abaningi babonise kanjani ukuthi banomoya wenkonzo ephakeme yobuKristu?
12 Namuhla amaKristu amaningi ayajabula ngokuthi abazali bawo baye babonisa umoya ofanayo. UAlice, isikhonzi saseGhana, wathi: “Cishe bonke oFakazi abeza ukuzohlala ekhaya babe ngabashumayeli besikhathi esigcwele. . . . Yeka ilungelo enganginalo lokukhula emkhayeni ongokwasezulwini kanjalo! Ubaba wafaka kubo bonke abantwana bakhe isifiso somsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele, ekhomba, njengezibonelo abazalwane nodade abenza umsebenzi onjalo. Kwabonakala kungokunengqondo ukuba ngemva kwesikole ngokushesha ngibhalise njengephayona elivamile.” UEd, isikhonzi esisesisha eUnited States, wathi: “Ngicabanga ukuthi okwangisiza kakhulu kwakuwukuthi bobabili abazali bami babeyizithunywa zevangeli eNingizimu Melika iminyaka eyishumi nambili futhi babephayona ngaphambi kwalokho. Ngakho ngaso sonke isikhathi babengibonisa izinjabulo namalungelo okuphayona, nezibusiso uJehova azithululela emaphayoneni. . . . Lokho okuthile bonke abazali okufanele bakwenze ngoba ngempela kwangisiza. Bangakhuthaza abasha ukuba bakhonze uJehova ngomphefumulo wonke futhi kakhulu ngangokunokwenzeka.”
13. Amaphayona asizwa kanjani ukuba anqobe izinkinga?
13 Ukuphayona kungahilela ukuzidela, kodwa izikhonzi zoqobo zizimisele ukwenza lokhu ngenxa yothando lwazo ngoJehova. Ngaphandle kwalokho, imivuzo mikhulu. UMichael noTheresa, umbhangqwana oshadile eUnited States, bakubeka ngalendlela: “Uma ufuna ukuqina ngokomoya, yilena indawo ongaba kuyo—emsebenzini wokuphayona. Uba ngothembele kakhulu kuJehova futhi uzithembe kancane. Nakuba siye saba nezinkinga zezimali lapho siphayona, ngaso sonke isikhathi uJehova uye wazanelisa izidingo zethu. Yindawo elondekile ukuba kuyo.”
14, 15. (a) Abazali bamaphayona bangakwenza kanjani ukuzidela nabo? (b) Yiziphi izibonelo zangaphambili esinazo zezikhathi zeBhayibheli? (c) Abazali bangawubonisa kanjani umoya wenkonzo ephakeme yobuKristu namuhla?
14 Abazali bamaphayona nabo bangazidela. Kungaba nzima ngabo ukubona abantwana babo “beshiya isidleke” futhi baphayone kwenye indawo, mhlawumbe kwelinye izwe. Ngezindlela ezithile abazali abanjalo bafana noHana noElkana, abathumela izibulo labo, uSamuweli ukuba akhonze uJehova endlini yakhe eShilo. (1 Samuweli 1:1-3, 24-28) Noma singabaqhathanisa noJefta, owanikela ngendodakazi yakhe ewukuphela kwayo enkonzweni kaJehova, ngaleyondlela edela noma yiliphi ithemba lokubona abazukulu bakhe besikhathi esizayo. (AbAhluleli 11:36-40) Ngempela uJehova uyabakhumbula futhi uyabavuza abazali abanjalo abangenabugovu.
15 Kungahilela ngisho ukuzidela ngokwezimali. Kwamanye amazwe abazali bathembele kubantwana babo ukuba babanakekele uma sebegugile. Nokho, abazali abanomoya wenkonzo yobuKristu ngempela abangabazi ngenxa yalokho ukukhuthaza abantwana babo ukuba baphayone. Lapho insizwa yaseGhana ethiwa uJustice ifuna ukuphayona, unina wavuma futhi wabheka kuJehova ukuba amsekele. Kamuva, watshela indodana yakhe ukuthi uJehova wamsekela ngokumangalisayo kusukela enza leso sinqumo. Lokhu, nakho, kuyindlela ‘yokufuna umbuso kaNkulunkulu kuqala,’ futhi uJehova akabashiyi labo abenza kanjalo.—Mathewu 6:33, 34.
16. Kungani labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele bengakhuthazwa ukuba baqhubeke uma izimo zisabavumela?
16 Kuyadabukisa ukuzwa, ngezikhathi ezithile ngabazali abazama ukunxenxa abantwana babo ukuba bayeke ukuphayona—kungekhona ukuthi badinga usizo lwabo, kodwa ngoba banomuzwa wokuthi abantwana babo sebenesikhathi eside besezabelweni zabo, futhi manje sekuyisikhathi sokubuyela ekhaya, babe nomkhaya futhi baphile ukuphila “okuvamile.” Kodwa lezi akuzona izikhathi ezivamile, futhi njengoba ukuphela kwalesi simiso kusondela, ukuphila kwawo wonke umuntu kancane kancane kuba okungavamile. Amaphayona, amalungu emikhaya yaseBethel, izikhonzi ezijikelezayo nezithunywa zevangeli kumelwe bakhuthazwe ukuba babekezele.—Thithu 2:12.
Ukubonakalisa UMoya Wenkonzo Ephakeme
17. (a) Umsebenzi wamaphayona nezinye izikhonzi zesikhathi esigcwele uwazuzisa kanjani amabandla? (b) Bangabonisa kanjani bonke ukuthi banomoya wenkonzo ephakeme yobuKristu? (Heberu 13:15, 16)
17 Umphostoli uPawulu wabhala: “[UNkulunkulu] wanika abanye ukuba babe-ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi, ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu.” (Efesu 4:11, 12) Namuhla, kukhona izikhonzi ezijikelezayo, amaphayona nezithunywa zevangeli abachitha isikhathi sabo esiningi ‘beshumayela,’ ngokufanayo namalungu emikhaya yaseBethel inkonzo yawo ephakeme ehlanganisa ukukhonza amabandla ngenye indlela. Laba basiza ekwakheni amabandla. (Qhathanisa nezEnzo 16:4, 5) Ngakho, zonke izikhonzi ezingamaKristu kufanele zibe nesithakazelo enkonzweni yesikhathi esigcwele. Uma zisesimweni sokuba amaphayona kufanele zenze njalo. Uma zihluleka ukuphayona ngokwazo kufanele zikhuthaze labo abangenza kanjalo.—Roma 12:11.
18. Kungani inkonzo ephakeme yobuKristu ibaluleke kangaka namuhla?
18 Kunesidingo esikhulu sofakazi bakaJehova abazinikezele abanomoya onjalo. Izinkulungwane zisasabela ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle, ngisho nasezindaweni ezithola ubufakazi njalo minyaka yonke. Ngalaba abasabelayo iqiniso lokuthi isikhonzi esingumKristu sazinika isikhathi sokubahambela futhi sabatshela ngenjongo kaNkulunkulu lavula ithuba ngabo ukuba bazuze ukuphila okuphakade. (Roma 10:13, 14; 1 Thimothewu 4:16) Bangaki abasalindele ukuzwa? Kungakhathaliseki noma singahlanganyela enkonzweni yokuphayona noma cha, masibe nomuzwa wokuphuthuma nomoya wokuzidela. Sengathi singazimisela ukusebenza kanzima enkonzweni ephakeme yobuKristu.—Galathiya 6:10.
“Kwase kusondela omunye wababhali owayebezwile bebuzana, eqonda ukuthi wayephendulé kahle, wambuza wathi: [Yi]muphi umyalo wokuqala kuyo yonke na? UJesu waphendula wathi: Owokuqala ngowokuthi: Yizwa, Israyeli: iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. Woyinthanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho. Owesibili yiló: Womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Awukho omunye umyalo omkhulu kunalé.”—Marku 12:28-31.
Ingabe ukuqonda ngokugcwele ukuthi
□ Kusho ukuthini ukuba nomoya wenkonzo yobuKristu?
□ Iyini inkonzo “yokugcina icala,” futhi yini engalungile ngayo?
□ Kungani zonke izikhonzi ezingamaKristu kufanele zibe nesithakazelo ekuphayoneni?
□ Bonke oFakazi abazinikezele bangawubonisa kanjani umoya wokuphayona?
□ Kungani inkonzo yobuKristu ibalulekile namuhla?
[Isithombe ekhasini 16]
Zonke izikhonzi eziqotho ezingamaKristu zinomoya kaPawulu noThimothewu