IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Kusho Ukuthini Ukufa KukaJesu Kithi?
NGEMVA kokuba uJesu Kristu efile, izihambi, uKleyophase nomngane wakhe babemi endleleni “benyukumele.” (Luka 24:17) Ukufa kuyisitha, khona-ke ngokwemvelo kubanga ukudabuka. Nokho lamadoda eqinisweni ayengajabula ngokuthi uJesu wayefile, nathi futhi singajabula. Uyazi ukuthi kungani?
IBhayibheli liyachaza: “UKristu wafa ngenxa yezono zethu.” “Owasifelayo ukuba, . . . siphile.” (1 Korinte 15:3; 1 Thesalonika 5:10) Yebo, uJesu wathunyelwa emhlabeni ukuba asisindise. Yena ngokwakhe wathi: “Njengalokho iNdodana yomuntu . . . [yezela] ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, [noma, umphefumulo] kube yisihlengo sabaningi.” (Mathewu 20:28) Kodwa kusho ukuthini ukuthi uJesu wanikela ukuphila kwakhe kwaba “yisihlengo”? Siyini isihlengo?
Igama elithi ‘isihlengo’ ngokuvamile lisetshenziswa lapho kukhona ukuthunjwa. Ngemva kokuba umthumbi ebambe umuntu, angase athi isisulu uyosibuyisela uma inani elithile lemali likhokhwa njengesihlengo. Ngakho-ke isihlengo okuthile okuletha inkululeko kumuntu othunjiwe. Kungokuthile okukhokhwayo ukuze umuntu angalahlekelwa ukuphila kwakhe. Ukuphila kukaJesu kobuntu okuphelele kwanikelwa ukuze kuzuzwe ukukhululeka kwesintu ebugqilini besono nokufa. (1 Petru 1:18, 19; Efesu 1:7) Kungani lokhu kukhululeka kwakudingekile?
Kwakudingekile ngoba uAdamu, ukhokho wethu, wahlubuka kuNkulunkulu. (Genesise 2:17; 3:11, 12) Ngakho-ke isenzo sakhe sokweqa umthetho samenza waba isoni, njengoba iBhayibheli lichaza ukuthi “isono singukweqa umthetho.” (1 Johane 3:4; 5:17) Ngenxa yalokho, akakufanelekelanga ukuzuza isipho sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade. (Roma 6:23) Ngakho uAdamu wazilahlekisela ukuphila kobuntu okuphelele emhlabeni oyipharadesi. Futhi lelithemba elimangalisayo walilahlekisela bonke abantwana ayeyobaveza. Ungase ubuze, ‘kodwa kungani bonke abantwana bakhe kwakumelwe bafe, ngoba uAdamu owonayo?’
Lokhu kungoba uAdamu lapho eba isoni, wadlulisela isono nokufa kubantwana bakhe, kuhlanganise bonke abantu abaphilayo manje. (Jobe 14:4; Roma 5:12) Ngakho-ke abantu bebefa ngenxa yesono abasizuza ngefa kuAdamu. Khona-ke, kwenzeka kanjani ukuba ukufa kukaJesu kukhulule bonke abantu ebugqilini besono nokufa?
Isimiso esingokomthetho emthethweni kaNkulunkulu esizweni sakwaIsrayeli sihilelekile. Sithi ‘ukuphila kumelwe kunanwe ngokuphila.’ (Eksodusi 21:23) Ngokungalaleli kwakhe, umuntu ophelele uAdamu walahlekelwa ukuphila okuphelele emhlabeni oyipharadesi, yena nabo bonke abantwana bakhe. UJesu wanikela ngokuphila kwakhe siqu okuphelele ukuze athenge lokho uAdamu akulahlayo. Njengoba iBhayibheli lichaza, uJesu ‘wazinikela abe-yinhlawulo yabo bonke.’—1 Thimothewu 2:5, 6.
Ake ucabange nje ukuthi lokhu kusho ukuthini ngathi! Kusho ukuthi uJesu wachitha igazi lakhe ekufeni ukuze sibe nethuba lokuphila phakade ngaphansi kokubusa kombuso kaNkulunkulu. Ingabe uyobonisa ukubonga ngokusebenzisa ukuphila kwakho ekukhonzeni uNkulunkulu neNdodana yakhe yasezulwini, uJesu Kristu?—2 Korinte 5:14, 15.
[Izithombe ekhasini 20]
‘Imali eyisihlengo’ ingasisiza kanjani ukuba siqonde isihlengo sikaJesu?
[Izithombe ekhasini 21]
Ukungalaleli kuka-Adamu kwaba namuphi umphumela kuyena nakuso sonke isizwe sesintu?
Njengoba UJesu ayelingana nomuntu ophelele uAdamu, lokho kusho ukuthini ngathi?